Izihluthulelo Eziyisithupha Zempumelelo Yomuntu
IMPUMELELO yeqiniso ifinyeleleka ngendlela yokuphila engcono kakhulu, etholakala ngokusebenzisa izindinganiso zikaNkulunkulu futhi evumelana nenjongo yakhe ngathi. IBhayibheli lithi umuntu ophila kanjalo “uyoba njengomuthi otshalwe ngasemifudlaneni yamanzi, othela isithelo sawo ngenkathi yaso nomahlamvu awo angabuni, futhi konke akwenzayo kuyophumelela.”—IHubo 1:3.
Yebo, nakuba singaphelele futhi senza amaphutha, ukuphila kwethu konke kungaba impumelelo enkulu! Ingabe uyakukhanga lowo mbono? Uma kunjalo, izimiso zeBhayibheli ezilandelayo eziyisithupha zingakusiza ukuba ufinyelele lowo mgomo, kanjalo zikunikeze ubufakazi obusobala bokuthi izimfundiso eziseBhayibhelini ziwukuhlakanipha kukaNkulunkulu ngempela.—Jakobe 3:17.
1 Gcina Imali Endaweni Yayo
“Uthando lwemali luyimpande yazo zonke izinhlobo zezinto ezilimazayo, futhi ngokuzama ukufinyelela lolu thando abanye baye . . . bazigwaza yonke indawo ngeminjunju eminingi.” (1 Thimothewu 6:10) Phawula ukuthi inkinga akuyona imali ngokwayo—sonke esiyidingayo ukuze sizinakekele thina nemikhaya yethu—kodwa uthando lwemali. Empeleni, lolo thando lwenza imali ibe inkosi, noma unkulunkulu kumuntu.
Njengoba sibonile esihlokweni sokuqala kulolu chungechunge, abantu abaphishekela ingcebo njengesihluthulelo sempumelelo, empeleni bajaha utalagu. Ngaphandle kokuzibangela ukudumala, bazibangela ubuhlungu obukhulu. Ngokwesibonelo, lapho bephishekela ingcebo, abantu bavame ukudela ubuhlobo bomkhaya nabangane. Abanye badela ubuthongo ababudingayo—ngenxa yokukhathazeka, uma kungengenxa yomsebenzi. UmShumayeli 5:12 uthi: “Ubuthongo bomuntu osebenzayo bumnandi, kungakhathaliseki ukuthi udla okuncane noma okuningi; kodwa ubuningi bengcebo ngeke bumvumele ukuba alale.”—Hebrew Names Version.
Imali ayiyona nje inkosi enonya kodwa ibuye ibe inkosi ekhohlisayo. UJesu Kristu wakhuluma ‘ngamandla engcebo okukhohlisa.’ (Marku 4:19) Ngamanye amazwi, ingcebo ithembisa injabulo, kodwa ayiyilethi. Imane ibangele isifiso sokuthola eyengeziwe. UmShumayeli 5:10 uthi: “Umuntu othanda imali ngeke abe neyanele.”—The New English Bible.
Ngamafuphi, ukuthanda imali kuwuzigwaza ngowakho futhi ekugcineni kuholela ekudumazekeni, ekukhungathekeni ngisho nasebugebengwini. (IzAga 28:20) Okuhlobene eduze nenjabulo nempumelelo ukupha, ukuthethelela, ukuziphatha okumsulwa, uthando nengokomoya.
2 Hlakulela Umoya Wokupha
“Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) Nakuba ukupha okwenziwa ngokwethukela kungaletha injabulo, ukuba nomoya wokupha kungenza umuntu ahlale ejabula. Kuyiqiniso ukuthi umoya wokupha ungaboniswa ngezindlela eziningi. Enye yezindlela ezingcono kakhulu, neyaziswa kakhulu kunazo zonke, ukuphana ngawe siqu.
Ngemva kokubukeza ucwaningo oluningana oluphathelene nokuzidela, injabulo nengcebo, umcwaningi uStephen G. Post waphetha ngokuthi ukuzidela nokusiza abanye kuhlobene nokuphila isikhathi eside, inhlalakahle engcono nempilo engcono ngokomzimba nangokwengqondo, kuhlanganise nokuncipha kokucindezeleka.
Ngaphezu kwalokho, labo abapha ngesandla esivulekile ngokwamandla abo abalahlekelwa yilutho ngenxa yakho. IzAga 11:25 zithi: “Umuntu ophanayo uyochuma; lowo owenza abanye baqabuleke naye uyoqabuleka.” (New International Version) Ngokuvumelana nalawo mazwi, abantu abapha ngokusuka enhliziyweni—abangaphi ngoba befuna imbuyiselo—bayaziswa futhi bayathandwa, ikakhulukazi nguNkulunkulu.—Hebheru 13:16.
3 Thethelela Ngokukhululekile
“Qhubekani . . . nithethelelana ngokukhululekile uma umuntu enesizathu sokukhononda ngomunye. Njengoba nje uJehova anithethelela ngokukhululekile, yenzani kanjalo nani.” (Kolose 3:13) Kulezi zinsuku, ukuthethelela kuvame ukubekelwa eceleni; abantu bakhetha ukuziphindiselela esikhundleni sokubonisa isihe. Uba yini umphumela? Abantu abathukwayo nabo baphindisela ngenhlamba nabaphathwa ngobudlovu baphindisela ngobudlova.
Umonakalo ungase ungagcini lapho. Umbiko we-Gazette yaseMontreal, eCanada, uthi ‘ocwaningweni olwenziwa kubantu abangaphezu kuka-4 600 abaneminyaka engu-18 kuya kwengu-30 ubudala, abacwaningi ‘bathola ukuthi uma umuntu enobuntu obunonya, ekhungathekile futhi engenamusa,’ uba namaphaphu abuthakathaka. Eqinisweni, eminye yemiphumela eyingozi yayimibi kakhulu kuneyabantu ababhemayo! Ngempela, isimo sengqondo sokuthethelela asenzi nje ukuphila kube mnandi kuphela kodwa futhi singumuthi omuhle!
Ungakuhlakulela kanjani ukuthethelela abanye? Qala ngokuzihlola. Ingabe awubacasuli abanye ngezikhathi ezithile? Awujabuli yini lapho bekuthethelela? Pho kungani nawe ungabi nesihe kwabanye? (Mathewu 18:21-35) Kulesi sici kubalulekile nokuhlakulela ukuzithiba. “Bala uze ufike eshumini” noma uzinike ithuba lokwehlisa umoya. Bheka ukuzithiba njengamandla. IzAga 16:32 zithi: “Owephuza ukuthukuthela ungcono kunendoda enamandla.” Amazwi athi “ungcono kunendoda enamandla” asikisela impumelelo, akunjalo?
4 Vumelana Nezindinganiso ZikaNkulunkulu
“Umyalo kaJehova uhlanzekile, ukhanyisa amehlo.” (IHubo 19:8) Ngamanye amazwi, izindinganiso zikaNkulunkulu zisilungele—ngokomzimba, ngokwengqondo nangokomzwelo. Phakathi kokunye, zisivikela emikhubeni eyingozi njengokudla izidakamizwa, ukudakwa, ukuziphatha okubi kobulili nokubukela izithombe ezingcolile. (2 Korinte 7:1; Kolose 3:5) Umonakalo ongadalwa yilezi zinto kungaba ubugebengu, ubumpofu, ukungathembani, ukuwohloka komkhaya, izinkinga zengqondo nezingokomzwelo, izifo, ngisho nokufa ngaphambi kwesikhathi.
Okuhle ukuthi labo abavumelana nezindinganiso zikaNkulunkulu bakhuthaza ubuhlobo obuhle nobuqinile nabanye kanye nokuzihlonipha nokuthula kwangaphakathi. Ku-Isaya 48:17, 18 uNkulunkulu uthi ‘uyiLowo okufundisayo ukuze uzuze, Lowo okubangela ukuba unyathele endleleni okufanele uhambe ngayo.’ Uyanezela: “O ukube ubuyoyilalela nokuyilalela imiyalo yami! Khona-ke ukuthula kwakho bekuyoba njengomfula, nokulunga kwakho kube njengamagagasi olwandle.” Yebo, uMdali wethu usifunela okungcono kakhulu. Ufuna ‘sinyathele endleleni’ eletha impumelelo yangempela.
5 Bonisa Uthando Olungenabugovu
“Uthando luyakha.” (1 Korinte 8:1) Ungacabanga ukuthi bekuyoba njani ukuphila ngaphandle kothando? Yeka ukuthi bekuyoba ukuphila okuyize nokungajabulisi kangakanani! Umphostoli uPawulu ongumKristu wabhala ngaphansi kokuphefumulelwa kwaphezulu: “Uma . . . ngingenalo uthando [ngabanye], angilutho. . . . Angizuzi lutho nhlobo.”—1 Korinte 13:2, 3.
Uhlobo lothando olushiwo lapha akulona olungokobulili, nalo olunayo indawo yalo. Kunalokho, uthando olucebile, oluhlala njalo olulawulwa yizimiso zokuhlonipha uNkulunkulu.a (Mathewu 22:37-39) Ngaphezu kwalokho, aluzitheli ngabandayo, ngomqondo wokuthi luyamukelwa nje, kodwa lunemisebenzi oluyibonisayo. UPawulu waqhubeka ebonisa ukuthi lolu thando luyabekezela futhi lunomusa. Alunamhawu, aluziphakamisi noma luqhoshe. Lukhathalela inhlalakahle yabanye ngokuzidela, futhi alucasuki kalula kodwa luyathethelela. Uthando olunjalo luyakha. Ngaphezu kwalokho, lusisiza ukuba siphumelele ebuhlotsheni bethu nabanye, ikakhulukazi amalungu omkhaya.—1 Korinte 13:4-8.
Kubazali, uthando lusho ukubonisa imfudumalo ezinganeni zabo nokuzibekela imingcele ecacile yokuziphatha neminye esekelwe eBhayibhelini. Izingane ezikhuliselwa kuleso simo zizizwa zilondekile futhi zinokuphila komkhaya okuzinzile, zizizwa zithandwa ngempela futhi zaziswa.—Efesu 5:33–6:4; Kolose 3:20.
UJack, insizwa ehlala e-United States, yakhuliswa emkhayeni osebenzisa izimiso zeBhayibheli. Ngemva kokuhamba ekhaya, uJack wabhalela abazali bakhe. Phakathi kokunye akusho, wathi: “Into ebengilokhu ngizama njalo ukuyenza ukulandela umyalo [weBhayibheli] othi: ‘Hlonipha uyihlo nonyoko . . . futhi kuyokuhambela kahle.’ (Duteronomi 5:16) Izinto ziye zangihambela kahle. Manje kunanini ngaphambili, ngiyaqonda ukuthi lokhu kwakungenxa yemizamo yenu yothando oluqotho njengabazali. Ngiyabonga ngakho konke ukuzikhandla kwenu nokungisekela lapho ningikhulisa.” Uma ungumzali, ubungazizwa kanjani uma uthola incwadi enjalo? Ibingeke yini iyenze ithokoze inhliziyo yakho?
Uthando olunezimiso ‘lujabulela neqiniso’—iqiniso elingokomoya elitholakala eBhayibhelini. (1 Korinte 13:6; Johane 17:17) Ngokwesibonelo: Umbhangqwana onezinkinga emshadweni unquma ukufunda ndawonye amazwi kaJesu atholakala kuMarku 10:9: “Lokho uNkulunkulu akuhlanganisile [emshadweni] makungahlukaniswa muntu.” Manje kufanele uhlole izinhliziyo zawo. Ingabe ‘uyalijabulela ngempela iqiniso leBhayibheli’? Ingabe uyobheka futhi uphathe umshado njengongcwele, njengoba kwenza uNkulunkulu? Ingabe uzimisele ukwenza umzamo wokuxazulula izinkinga zawo ngomoya wothando? Uma kunjalo, umshado wawo ungaba impumelelo, futhi uyokwazi ukujabulela imiphumela.
6 Qaphela Isidingo Sakho Esingokomoya
“Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.” (Mathewu 5:3) Ngokungafani nezilwane, abantu banekhono lokwazisa izinto ezingokomoya. Ngenxa yalokho, sibuza imibuzo enjengethi, Iyini injongo yokuphila? Ingabe uMdali ukhona? Kwenzekani kithi uma sifa? Lisiphatheleni ikusasa?
Emhlabeni wonke, izigidi zabantu abaqotho ziye zathola ukuthi iBhayibheli liyayiphendula leyo mibuzo. Ngokwesibonelo, umbuzo wokugcina uhlobene nenjongo kaNkulunkulu ngesintu. Iyini leyo njongo? Iwukuba umhlaba ube ipharadesi abantu abathanda uNkulunkulu nezindinganiso zakhe abayohlala kulo phakade. IHubo 37:29 lithi: “Abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.”
Ngokusobala, uMdali wethu usifunela okungaphezu kwempumelelo yesikhashana yeminyaka nje engu-70 noma engu-80. Ufuna ukuba siphumelele phakade! Ngakho manje isikhathi sokuba ufunde ngoMdali wakho. UJesu wathi: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Njengoba uzuza lolo lwazi futhi ulusebenzisa ekuphileni kwakho, uyothola ukuthi “isibusiso sikaJehova—yiso esicebisayo, futhi akenezeli ubuhlungu kanye naso.”—IzAga 10:22.
[Umbhalo waphansi]
a Cishe kuzo zonke izindawo elivela kuzo emiBhalweni YamaKristu YesiGreki, noma “eTestamenteni Elisha,” igama elithi “uthando” lihunyushwe lisuselwa kwelesiGreki elithi a·gaʹpe. I-a·gaʹpe uthando olunezimiso zokuziphatha okufanele olusekelwe ekuthandeni komuntu oshukunyiswa yizimiso, isibopho nendinganiso yokufanele. Nokho, akukhona ukuthi i-a·gaʹpe ingaboniswa ngaphandle komzwelo kodwa ingaba nemfudumalo kanye namandla.—1 Petru 1:22.
[Ibhokisi ekhasini 7]
EZINYE IZIMISO EZITHUTHUKISA IMPUMELELO
◼ Mesabe ngendlela enempilo uNkulunkulu. “Ukwesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha.”—IzAga 9:10.
◼ Khetha abangane ngokuhlakanipha. “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha, kodwa osebenzelana neziphukuphuku kuyomhambela kabi.”—IzAga 13:20.
◼ Gwema ukweqisa. “Isidakwa nesiminzi bayoba mpofu.”—IzAga 23:21.
◼ Ungafuni ukuziphindiselela. “Ningabuyiseli muntu okubi ngokubi.”—Roma 12:17.
◼ Zikhandle. “Uma umuntu engafuni ukusebenza, makangadli.”—2 Thesalonika 3:10.
◼ Sebenzisa uMthetho Wegolide. “Zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.”—Mathewu 7:12.
◼ Lawula ulimi lwakho. “Lowo othanda ukuphila futhi abone izinsuku ezinhle, makabambe ulimi lwakhe kokubi.”—1 Petru 3:10.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 8]
UTHANDO LUNGUMUTHI OMUHLE
UDean Ornish, ongudokotela wezokwelapha nomlobi, uyabhala: “Uthando nokusondelana kuwumnyombo walokho okusenza sigule nalokho okusenza siphile, okusenza sidumale nalokho okusenza sijabule, okusenza sihlupheke nalokho okuholela ekululameni. Ukube ubukhona umuthi omusha onale miphumela, cishe bonke odokotela ezweni bebeyowunikeza iziguli zabo. Bekuyoba into embi ukungawunikezi abantu.”
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 9]
UKUSUKA EKUPHELELWENI ITHEMBA KUYA EMPUMELELWENI
Lapho kugqashuka impi ezweni lakubo, uMilanko wakwelinye lamazwe aseBalkan, wajoyina impi. Ngenxa yesibindi sakhe empini, bamqamba igama eliyisidlaliso elithi Rambo, umlingiswa webhayisikobho onobudlova. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi impi yamdumaza uMilanko ngenxa yenkohlakalo nobuzenzisi abubona. Uyabhala: “Lokho kwaholela ezintweni eziningi ezimbi—utshwala, ukubhema, izidakamizwa, ukugembula nokuziphatha okuxekethile. Ngangingene shí enkingeni futhi kungenandlela yokuphunyula.”
Ngaleso sikhathi esibucayi ekuphileni kwakhe, uMilanko waqala ukufunda iBhayibheli. Kamuva, lapho evakashele isihlobo, wabona umagazini INqabayokulinda, onyatheliswa oFakazi BakaJehova. Wakuthanda akufunda futhi ngokushesha waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi. Iqiniso leBhayibheli lamsiza wathola indlela eya ekuphileni nasenjabulweni yangempela. Uthi: “Langinika amandla amasha. Ngaziyeka zonke izinto ezimbi, ngaba umuntu omusha, futhi ngabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova. Abantu ababengazi ngaphambili abasangibizi ngoRambo, kodwa ngoBunny—igama lami eliyisidlaliso lasebuntwaneni—ngenxa yobuntu bami obumnene.”