Ingabe Bewazi?
Abaholi benkolo abangamaJuda bosuku lukaJesu babebabheka kanjani abantu abavamile?
▪ Ekhulwini lokuqala C.E., izikhulu zenkolo nezicukuthwane zakwa-Israyeli zazibabukela phansi abantu abangafundile kangako noma abangafundile nhlobo. AbaFarisi bacashunwa bethi: “Lesi sixuku esingawazi uMthetho singabantu abaqalekisiwe.”—Johane 7:49.
Ezinye izincwadi, ngaphandle kweBhayibheli, zibonisa ukuthi izifundiswa zazibedelela abantu abangafundile zibabiza ngama-ʽam ha·ʼaʹret, noma “abantu bezwe.” Ekuqaleni, leli gama laliyisihlonipho futhi lalisho izakhamuzi zendawo ethile. Lalihlanganisa nalabo abasezikhundleni eziphezulu, hhayi abantu abahluphekayo nabaphansi kuphela.—Genesise 23:7; 2 AmaKhosi 23:35; Hezekeli 22:29.
Nokho, ngosuku lukaJesu leli gama lase lisetshenziselwa ukwedelela abantu ababebhekwa njengabangawazi uMthetho KaMose noma labo ababengayigcini imicikilisho namasiko orabi. IMishnah (iqoqo lezincwadi ezihlaziya iBhayibheli okwasekelwa kulo iTalmud) ixwayisa ngokuhlala emizini yama-ʽam ha·ʼaʹret. Ngokwe-Encyclopedia of Talmudic Sages, isazi seBhayibheli sekhulu lesibili, uRabi Meir, safundisa: “Uma umnumzane eganiselana nomuntu ongum-am ha’aret kufana nokuthi ubopha indodakazi yakhe, ayibeke phambi kwebhubesi elizoyidovadova ngezidladla zalo bese liyishwabadela.” ITalmud icaphuna omunye urabi ethi “abantu abangafundile ngeke bavuswe kwabafileyo.”
Lisho ukuthini igama elisetshenziswe eBhayibhelini elithi Khesari?
▪ Igama elithi Khesari laliyisibongo somndeni kaGaius Julius Caesar ongumRoma, owamiswa njengombusi waseRoma ngo-46 B.C.E. Ababusi abaningi baseRoma abalandela bakhetha ukusisebenzisa njengesiqu lesi sibongo, kuhlanganise nabathathu abagagulwa ngamagama eBhayibhelini—u-Awugustu, uTiberiyu noKlawudiyu.—Luka 2:1; 3:1; IzEnzo 11:28.
Ngo-14 C.E., uTiberiyu waba umbusi futhi wabusa phakathi naso sonke isikhathi senkonzo kaJesu. Ngakho, nguye owayebusa ngesikhathi uJesu ephendula umbuzo ophathelene nokukhokhwa kwezintela. Kulowo mbuzo, uJesu waphendula: “Buyiselani okukaKhesari kuKhesari, kodwa okukaNkulunkulu kuNkulunkulu.” (Marku 12:17) Kusobala ukuthi impendulo kaJesu yayingabhekiseli nje kuphela kuTiberiyu, kunalokho elithi “Khesari,” lalimelela isikhundla sokubusa.
Cishe ngo-58 C.E. ngesikhathi ebhekene nokwahlulelwa okungenabo ubulungisa, umphostoli uPawulu wadlulisela icala kuKhesari, esebenzisa ilungelo lakhe njengesakhamuzi saseRoma. (IzEnzo 25:8-11) Ngokwenza kanjalo, wayecela ukuba ahlulelwe, hhayi nje nguNero owayebusa ngaleso sikhathi, kodwa yinkantolo ephakeme yombuso.
Isiqu esithi Khesari saqala ukuhlotshaniswa nobukhosi kangangokuthi ngisho nangemva kokuba ukubusa komndeni wakwaKhesari sekuphelile, saqhubeka sisetshenziswa amakhosi.
[Isithombe ekhasini 29]
Udenariyu wesiliva onesithombe sikaTiberiyu