Imibuzo Evela Kubafundi
◼ UmKristu angakwehlukanisa kanjani ukufumbathisa (okulahlwayo eBhayibhelini) “nokugwaza” noma ukunika “isipho” ngenkonzo eyenziwayo?
Kudingeka siqaphele ukuthi imikhuba eyenziwayo ihlukana ngezindawo. Izindlela ezamukelekayo emazweni athile zingaba ezingalungile noma ezingafanele kwamanye. Ngokwesibonelo, abantu bakwelinye izwe bangase bakhothame phambi kwesiphathimandla kodwa kwelinye izwe lokhu kungabhekwa njengokukhulekela isithombe.a Ngokufanayo, umkhuba “wokugwaza” owamukelekayo kwelinye izwe ungase ube oshaqisayo noma ongekho emthethweni kwelinye. Ekhumbula umahluko onjalo, wonke amaKristu kumelwe asebenzise iseluleko sikaNkulunkulu ngokufumbathisa.
Kuyini ukufumbathisa, futhi yini iBhayibheli eliyishoyo ngakho? IThe World Book Encyclopedia iyachaza: “Ukufumbathisa kusho ukupha noma ukunikeza umuntu esesikhundleni esiphakeme into ethile eyigugu, okuzothi yena enze okuphambene nomsebenzi wakhe noma umthetho omisiwe ukuze azuzise lowo omuphe isipho.” Ngakho kuwukufumbathisa ukunikeza ijaji imali (noma isipho) ukuze uthonye isinqumo salo futhi uphendukezele ukwahlulela ngokulunga. Kuwukufumbathisa futhi ukukhokha imali ukuze uphambe umthetho, njengokucela umhloli wezokwakha noma wezimoto ukuba athalalise ukwephulwa komthetho.
UNkulunkulu uyakulahla ukufumbathisa, etshela abahluleli bakwa-Israyeli: “Awuyikuphendukezela isahlulelo, ungakhethi ubuso bamuntu, ungafunjathiswa isipho ngokuba isipho siphuphuthekisa amehlo ohlakaniphileyo, siphendukezela amazwi olungileyo.” (Duteronomi 16:19; qhathanisa nezAga 17:23; Isaya 1:23; 5:23; 1 Samuweli 8:3-5.) UJehova ngokwakhe ubeka indinganiso, ngoba kuye “ukungalungi akukho, nokukhetha ubuso nokwamukela umvuzo.” (2 IziKronike 19:7; Duteronomi 10:17) AmaKristu afuna ukuvunyelwa uNkulunkulu ayakwenqaba ukuphendukela ekufumbathiseni.—Qhathanisa nezEnzo 24:26.
Nakuba emhlabeni wonke abantu bekugxeka futhi benemithetho emelene nokufumbathisa, abantu abaningi babhekana nenkinga eboniswe embuzweni ongenhla. Bayazi ukuthi kudingeka “isipho” noma ukuba “bagwaze” ukuze benze izisebenzi zikahulumeni ezivamile emazweni akubo zenze imisebenzi yazo noma ukuze ziyenze kahle. Ngokwesibonelo, iThe Wall Street Journal yathi ngezwe elihlaselwe ukwehla kwamandla emali: “Ukuze zithole imali eyengeziwe edingekayo ukuze ziphile, izisebenzi zikahulumeni ziphendukela ekukhwabaniseni izimali ezincane. ‘Kumelwe uzikhokhele ukuze zikunike noma iluphi uhlobo lwefomu,’ kusho umphathi oyinxusa likahulumeni. Ngesikhathi esifanayo esikhumulweni sezindiza sezizwe zonke abaqondisi abagunyaza ukungena kwabantu bakwamanye amazwe baphoqelela izihambi ezibuka amazwe ezididekile ukuba zikhokhe [u-R50,00] bese zigxotshelwa isitembu ezincwadini zazo zokuvakasha ukuze zingashiywa yizindiza zazo.”
Muva nje, iU.S. News & World Report ike yakhuluma ngokulibala kwamanxusa kahulumeni okubangela ukufunjathiswa okuvame emhlabeni wonke. Ngokwesibonelo, yathi: “Kulezinsuku umNdiya kumelwe anikeze umphathi imali ngasese ukuze abhalise umntwana wakhe esikoleni, ukuze emukelwe esibhedlela, ngisho nokubekisa indawo esitimeleni.” Ezinye izibonelo zalokhu zihlanganisa:
—Umthengisi udinga imvume ngaphambi kokuba angathengisa. Ukhokha imali egunyaziwe ehhovisi likahulumeni, nokho wonke umuntu uyazi ukuthi ngaphandle “kwesipho” amaphepha akhe azogcinwa engaphansi enqwabeni. Nakuba engaceli ukuba abekwe ngaphambi kwabanye, uma enza isenzo esivamile “sokugwaza,” amaphepha akhe ayosingathwa ngendlela efanele.
—Ezweni elithile, abantu bakhona bayazi ukuthi amaphoyisa omgwaqo athola iholo eliphansi futhi alindeleke ukuba alinezele “ngemali yeziphuzo ayiphiwayo.” Iphoyisa lomgwaqo limisa umshayeli futhi lithi wephule umthetho, ngakho lendoda kumelwe ikhokhe inhlawulo. Lapho umshayeli ephika ukuthi wephule umthetho, iphoyisa lomgwaqo lisixwayisa ngokuthi uma indaba iya enkantolo, liyophinda libeke lendoda icala lokusongela iphoyisa lomgwaqo. Ngaleyondlela, abaningi bamane bakhokhe “inhlawulo,” beyibheka njengentela engagunyaziwe.
—Umasipala kumelwe alungisele ukuthuthwa kukadoti. Kodwa kungokuvamile ngomninikhaya ukuba anike indoda ethutha udoti “isipho.” Uma othile engakwenzi lokho, udoti wakhe “uyakhohlwa,” futhi kungenzeka ukuba ahlawuliswe ngenxa yokungcola.
Izinkinga ezinjalo zibonisa ukuthi abaningi abanegunya basebenzisa izikhundla zabo kuhulumeni ukuze bathole inzuzo engafanele. (UmShumayeli 8:9) AmaKristu alangazelela isimiso esisha sokulunga sikaNkulunkulu, kodwa kuze kube ngalesosikhathi kumelwe abhekane nesimiso samanje. (2 Petru 3:13) Lokhu kungase kusho ukuqonda izimo zendawo lapho izikhonzi zomphakathi zilindela ukuphiwa izipho ngokwenza umsebenzi wazo. Ngisho nasemazweni lapho lokhu kungokuvamile, oFakazi BakaJehova abaningi abasebenzelana nabahloli nabaqondisi abemukela intela yezinto ezivela kwamanye amazwe baye bakwenqaba “ukugwaza” ukuze bathole lokho umthetho ogunyaza ukuba bakuthole. Ngenxa yokuthi bayaziwa ngalokuma kwabo, baphathwa ngendlela abantu abaningi abayithola ngokuyikhokhela kuphela. (IzAga 10:9) Nokho, umKristu ngamunye kumelwe aqondiswe unembeza wakhe oqeqeshwe ngokweBhayibheli ngokuqondene nezimo zendawo.
Uthando ngomakhelwane luyisici sokucatshangelwa. (Mathewu 22:39) Kuyoba ukuntula uthando ukusebenzisa “isipho” ukuze aphathwe ngendlela oyithandayo, njengokumiswa phambili emgqeni, udlule labo abebelindile. UJesu waseluleka ukuba siphathe abanye ngendlela esingathanda ukuphathwa ngayo. (Mathewu 7:12) AmaKristu athile angase abe nomuzwa wokuthi njengoba ithuba lawo lifika, angabambisana nomkhuba wendawo wokunikeza “isipho” ukuze umphathi enze okudingekayo emsebenzini wakhe. Yebo, emazweni lapho “izipho” ezinjalo zingezona ezivamile noma zingezishaqisayo engqondweni yomphakathi, umKristu onothando uyokwenza ngendlela engeke ikhubekise abanye.—1 Korinte 10:31-33.
Esinye isici siwukulalela umthetho. UJesu wanxusa: “Nikani uKesari okukaKesari noNkulunkulu okukaNkulunkulu.”b (Marku 12:17; bheka noMathewu 17:24-27.) Kungenye into uma umKristu engazange aphule umthetho elindeleke ukuba “agwaze” esisebenzini sikahulumeni noma komunye umphathi. Kodwa kuthiwani uma eqinisweni umKristu eye waphula umthetho? Kulokho, angakwenza kanjani ngonembeza omuhle ukuba afumbathise inxusa likahulumeni ukuze lithalalise ukwephulwa komthetho? Umphostoli uPawulu wabhala ukuthi kumelwe sesabe iziphathimandla eziphakeme zikahulumeni, ezigunyazwe ukuba ‘abaphindiseli bakwehlisela ulaka kowenza okubi.’ (Roma 13:3, 4) Isimo sikaPawulu ngokwakhe sasiwukuthi: Uma ayenza okubi, wayeyokwamukela isijeziso esifanele. (IzEnzo 25:10, 11) Ngaleyondlela, umKristu owephule umthetho womgwaqo kungase kudingeke ukuba akhokhe inhlawulo noma imali enqunyiwe, njengokuqondisa kwenxusa lomthetho noma ijaji.
UPawulu wathi futhi ohulumeni ‘bayizikhonzi, kube kuhle kuwe.’ Naphezu kokuhaha kwabaphathi abathile, ohulumeni banikeza izinkonzo ezingokwenzuzo yomphakathi. Ngokwesibonelo, abahloli bahlola ukuthi izimoto zikufanele yini ukuhamba emgwaqweni, futhi bahlola ukuthi izakhiwo ziyavumelana yini nemithetho yomlilo. Ngakho-ke, uma umKristu wayenomuzwa wokuthi, ngokusemthethweni, “wayengagwaza” kumphathi obelindele “imali ngenkonzo ayenzile,” kusobala ukuthi lokhu kuhluke kakhulu ekufumbathiseni umhloli ukuze athalalise ukwephulwa komthetho.
Kungakhathaliseki izwe ahlala kulona, amaKristu kumelwe asebenzise ukuhlakanipha okusebenzayo ekusebenzelaneni nezimo zendawo. Izinceku zikaNkulunkulu kumelwe zikhumbule ukuthi labo ‘abayohlala etendeni likaNkulunkulu bakhe entabeni yakhe engcwele’ ngeke baphendukele ekufumbathiseni. (IHubo 15:1, 5) Ngokuqondene “nokugwaza” ukuze athole izinkonzo okufanele azenzelwe noma ukuze agweme ukuphathwa kabi abaphathi, umKristu kumelwe anqume lokho unembeza wakhe omvumela ukuba akwenze futhi amelele noma iziphi izinkinga ezingavela ngenxa yalokho. Ngokuqinisekile kumelwe alandele inkambo emshiya enonembeza omuhle ngokomuntu siqu futhi angangcolisi igama elihle lobuKristu noma akhubekise abanye—2 Korinte 6:3.
[Imibhalo yaphansi]
a “Imibuzo Evela Kubafundi,” INqabayokulinda yesiNgisi kaJune 1, 1968.
b Abadala ebandleni lobuKristu banomthwalo wemfanelo wokusingatha ukwephulwa komthetho waphezulu, njengokweba, ukubulala, nokuziphatha okubi. Kodwa uNkulunkulu akazange adinge ukuba abadala bebandla baphoqelele imithetho kaKesari. Ngakho-ke, uPawulu akazange azizwe ephoqelelekile ukuba anikele kuziphathimandla zaseRoma uOnesimu, owayengumbaleki ngaphansi komthetho wamaRoma. (Filemoni 10, 15) Yebo. uma othile ephula umthetho wezwe ngamabomu, ezizuzela udumo lokuba isephula mthetho, akanakuba isibonelo esihle futhi angase ngisho akhishwe nasekuhlanganyeleni. (1 Thimothewu 3:2, 7, 10) Uma ukwephula umthetho kwakuhilela ukufa komunye, kungaphumela ecaleni legazi elingadinga ukuphenywa yibandla.