Ingabe Ukupha Kwakho Kuwukuzidela?
Umbono Olinganiselwe Ngeminikelo
NGEMVA kokufundisa abantu izinto eziningi ethempelini, uJesu “wayesehlala phansi maqondana nomphongolo womnikelo, wabuka isixuku sibeka umnikelo emphongolweni.” (Marku 12:41) Okwalandela kwaba ukulandisa okwaziwa kakhulu kwefadingi lomfelokazi. Kodwa kungani uJesu ahlala lapho futhi wabuka abantu benza umnikelo wabo? Akazange yini atshele abafundi bakhe ukuthi babengafanele bavumele isandla sabo sobunxele sazi lokho isandla sokunene esikwenzayo lapho benikela izipho zabo zomusa?—Mathewu 6:3.
Ekuqaleni, uJesu wayesole ngokuqinile abaholi benkolo ngokusebenzisa izindlela ezingenazimiso ukuze badle “izindlu zabafelokazi.” Wathi laba baholi benkolo “bayakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.” (Marku 12:40) Ukuze afundise isifundo, khona-ke wabhekisa ukunakekela kwakhe kulokho abantu ababekwenza emiphongolweni yomnikelo. Namuhla, lapho sizwa okuningi ngesamba semali ehileleke ezinhlanganweni zamasonto, ukusetshenziswa kabi kwaleyomali, nangemikhuba yokuphila ngokusaphaza yalabo abangabaphathi, siyoba senza kahle uma silalelisisa lokho uJesu akusho.—Siza ufunde uMarku 12:41-44.
Imiphongolo Yeminikelo
Indaba ilandisa ukuthi uJesu “wayesehlala phansi maqondana nomphongolo womnikelo.” Lokhu ngokusobala kwakuseGcekeni labesifazane, lapho imiphongolo eminingi, noma amabhokisi, yayibekwe ngasodongeni ukuze abantu bafake iminikelo yabo. Isiko lamaJuda lisitshela ukuthi kwakunamabhokisi ayi-13 esewonke. NgesiHeberu ayebizwa ngokuthi amacilongo, ngoba ayenembobo encane ngaphezulu enesimo sensimbi yecilongo. Kuthiwa ‘akekho owayengena ethempelini ngaphandle kokufaka okuthile phakathi.’
Uprofesa ongumFulentshi uEdmond Stapfer, encwadini yakhe ethi Palestine in the Time of Christ (ka-1885), wanikeza incazelo eningiliziwe ngalemiphongolo yeminikelo. Ukulandisa kwakhe kusinikeza ukuqonda ngempilo engokwenkolo yabantu bangalesosikhathi, ikakhulukazi ngokuphathelene neminikelo yabo eyenzelwa izinkonzo zasethempelini.
“Umphongolo ngamunye wawungowenjongo ehlukile, eboniswe ngombhalo oqoshwe ngolimi lwesiHeberu. Owokuqala wawuqoshwe ukuthi: Amashekeli amasha; okungukuthi, amashekeli ayebekelwe eceleni ezindleko zonyaka osuqaliwe. Owesibili: Amashekeli amadala; okungukuthi, amashekeli ayenikezelwe ezindlekweni zonyaka odlule. Owesithathu: Amahobhe namaphuphu amajuba; imali eyayifakwa kulomphongolo yayiyinani okwakumelwe likhokhwe yilabo okwakudingeka banikele ngamahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, elinye njengomnikelo wokushiswa, nelinye njengomnikelo wesono. Phezu komphongolo wesine kwakulotshwe ukuthi: Iminikelo yokushiswa; lemali yayihlanganisa izindleko zeminye iminikelo yokushiswa. Owesihlanu wawunombhalo othi: Izinkuni, futhi wawuphatha iminikelo yabathembekile yokuthenga izinkuni zealtare. Owesithupha: Impepho (imali yokuthenga impepho). Owesikhombisa: Iminikelo yethempeli (imali yesihlalo somusa). Imiphongolo eyisithupha esele yayinalombhalo: Iminikelo yokuzithandela.”
Uphawu olwalusemiphongolweni emibili yokuqala lwalubhekisele engxenyeni yeshekeli (amadrachma amabili ngemali yesiGreki) intela yekhanda owesilisa ngamunye omdala umthetho owawulindele ukuba ayikhokhe ukuze ithempeli ligcinwe lisesimweni esihle, izinkonzo ezazenziwa lapho, nemihlatshelo yansuku zonke eyayinikelwa ngenxa yaso sonke isizwe. Lentela ngokuvamile yayiqoqwa kuzakhamuzi zendawo bese ilethwa ethempelini.—Mathewu 17:24.
Abantu futhi babelindelwe uMthetho ukuba bazenzele imihlatshelo ehlukahlukene. Eminye yayingeyezono ababezenzile, eminye yayingeyemikhosi, futhi eminye yayivela ekuzinikeleni kwabo nokubonga. Amabhokisi ayenophawu oluthi “Amahobhe namaphuphu amajuba” noluthi “Iminikelo yokushiswa” ayezoba awalezozinjongo. “Ecilongweni III,” kusho incwadi ethi The Temple, Its Ministry and Services, “abesifazane labo okwakumelwe balethe amahobhe omnikelo wokushiswa nowesono babefaka imali elingene intengo yawo, eyayikhishwa nsuku zonke bese kunikelwa ngenani lamajuba elilingana nayo. Ngokufanelekile lokhu yilokho abazali bomntwana uJesu abakwenza.—Bheka uLuka 2:22-24; Levitikusi 12:6-8.
Kwakuneminikelo futhi yezinkuni neyempepho eyayisetshenziswa ealtare naseminikelweni yokuzithandela. Futhi, ngokukaProfesa Stapfer, “uma othile ekhipha imali yezinkuni noma yempepho, kwakunenani elinqunyiwe, futhi kwakungenikelwe ngokungaphansi kwalo. Kwakudingekile ukunikela okungenani inani lempepho eligcwala isandla, noma izingodo ezimbili zezinkuni ezingangengalo ubude nezinkulu ngesilinganiso.
Sifundani kukho konke lokhu? Kusobala ukuthi amaIsrayeli ayenemithwalo yemfanelo eminingi yokugcina itabernakele lisesimweni esihle futhi kamuva ithempeli laseJerusalema, isikhungo sokukhulekela kweqiniso. Imihlatshelo neminikelo yayiyingxenye ebalulekile yokukhulekela kwawo. Eqinisweni, uMthetho wayala ukuba “bangabonakali phambi kukaJehehova bengenalutho.” (Duteronomi 16:16) Kodwa wawuyini umbono wawo ngalezibopho?
Imibono Ehlukene
Umlando weBhayibheli ubonisa ukuthi abantu babephana kakhulu futhi benomusa esikhathini sikaMose noDavide futhi kamuva phakathi nokubusa kukaJowashi noJosiya. (Eksodusi 36:3-7; 1 IziKronike 29:1-9; 2 IziKronike 24:4-14; 34:9, 10) Babejabula ngokuba nengxenye ekwakheni indlu kaJehova nasekuyigcineni isesimweni esihle nokuthuthukisa ukukhulekela kweqiniso. Umuzwa wabo wavezwa kahle ngamazwi kaDavide lapho ethi: “Ngajabula lapho bethi kimi: Masiye endlini kaJehova.”—IHubo 122:1.
Nokho, lomoya wokupha, wawungahlanganyelwa neze yibo bonke. Ngokwesibonelo, sifunda ukuthi ezinsukwini zikaMalaki, abapristi babenikela kuJehova “ngokuthathwe ngobudlova, nokuqhugayo, nokugulayo.” Kunokuba bajabulele ilungelo labo lenkonzo, bathi: “Bheka ukuhlupheka!”—Malaki 1:13.
Ngokufanayo, esikhathini sikaJesu abanye basizakala ngesimo ukuze bathuthukise izithakazelo zabo. Ngokwesibonelo, abashintshi bemali ethempelini abanedumela elibi, babengayelanga ukuyoshintsha imali kuphela. Kunalokho, babezuza ngeqiniso lokuthi amashekeli esiHeberu kuphela ayemukelekile njengeminikelo, bonke ababenemali yaseRoma noma yaseGrisi kwakumelwe bayishintshe. NgokukaAlfred Edersheim, isazi somlando wamaJuda, “abamabhange babevunyelwe ukubiza imeah yesiliva noma ingxenye yesine kadenariyu [iholo lesisebenzi losuku] kuleyo naleyongxenye yeshekeli.” Uma lokhu kuyiqiniso, akunzima ukubona indlela lokhu okumelwe ukuthi kwaba ibhizinisi elizuzisa ngayo nokuthi kungani abaholi benkolo bathukuthela kangaka lapho uJesu exosha abashintshi bemali.
“Ebumpofini Bakhe”
Konke lokhu kugcizelela umfanekiso kaJesu ngomnikelo omncane womfelokazi, lowo ngokungabazeki awufaka kwelinye lamabhokisi anophawu oluthi “iminikelo yokuzithandela.” Njengomfelokazi, wayengalindelekile ukuba anikele intela yekhanda, futhi enemali encane, mhlawumbe wayengakwazi ukuhlangabezana nezidingo ezimisiwe zeminikelo yokushiswa noma izinkuni noma iminikelo yempepho. Nokho, wafuna ukwenza okuthile ukuze abonise uthando lwakhe ngoJehova. Wayengafuni ukukhishelwa ngaphandle noma ukukushiyela kulabo ababekwazi ‘ukukwenza.’ UJesu wathi: “Yena ebumpofini bakhe ubeké konke anakho, konke abephila ngakho.”—Marku 12:44.
Kunezifundo eziningi eziwusizo esingazifunda kulendaba. Esivelele kakhulu, mhlawumbe, siwukuthi nakuba sonke sinelungelo lokusekela ekukhulekeleni kweqiniso ngezinto zethu ezibonakalayo, okuyigugu ngempela ebusweni bukaNkulunkulu akukhona ukunikela kwethu ngalokho esingaphila ngaphandle kwakho, kodwa ukunikela ngalokho okubalulekile kithi. Ngamanye amazwi, ingabe sinikela ngokuthile okungeke kusilahlekisele ngalutho? Noma ingabe ukunikela kwethu kuwukuzidela kwangempela?
Ukuthuthukisa Ukukhulekela Kweqiniso Namuhla
Namuhla, oFakazi BakaJehova bathuthukisa ukukhulekela kweqiniso ngokushumayela ngentshiseko “lelivangeli lombuso . . . ezweni lonke. (Mathewu 24:14) Ukufeza lomsebenzi wembulunga yonke akuhileli kuphela umzamo wokuzinikezela, isikhathi, namandla kodwa futhi nezindleko ezinkulu. IYearbook of Jehovah’s Witnesses ka-1987 ibika ukuthi “phakathi no-1986, ingqikithi yamaRandi ayizi-52 324 003,56 yasetshenziselwa ekusekeleni ngokwezimali . . . izithunywa zevangeli eziyizi-2 762, amaphayona akhethekile ayizi-13 351, nababonisi nomkabo bezifunda nezigodi ezisemhlabeni wonke eziyizi-3 353.” Lokhu kwenezela “ezindlekweni eziningi zokuthenga, ukwakha, nokuvuselela izakhiwo, ukufaka impahla emafektri nasemahhovisi asendlunkulu nasemagatsheni eNhlangano angama-93; nasekulungiseleleni izidingo zezinto ezibonakalayo zezisebenzi zokuzithandela ezingu-8 920 ezikhonza emikhayeni yaseBethel.”
‘Zivelaphi izimali ezinjalo?’ umbuzo obuzwa ngokuvamile. Ngokungafani namasonto eLobukholwa, oFakazi BakaJehova abenzi izinkongozelo noma bathumele izimvilophu zokucela iminikelo. Kunalokho, amabhokisi eminikelo—afana nemiphongolo yomnikelo yezikhathi zeBhayibheli—abekwa emaHholo abo oMbuso. Ngezinye izikhathi, amanye amabhokisi angase abekelwe izinjongo ezikhethekile, njengokwakha amaHholo oMbuso noma amaHholo oMhlangano noma ukusiza abayizithunywa zevangeli ukuba baye emihlanganweni esemazweni akubo. Iminikelo ingase futhi ithunyelwe ngokuqondile eWatch Tower Society eku-25 Columbia Heights, Brooklyn, New York 11201, noma ehhovisi legatsha leNhlangano elisezweni lakini, ukuze kuthuthukiswe umsebenzi wokushumayela emhlabeni wonke.
Uzibheka kanjani lezindlela eziningi nezihlukahlukene okwenziwa ngazo iminikelo? Ingabe nawe, njengabathile bosuku lukaMalaki, uyibheka njengomthwalo okhathazayo, mhlawumbe ngenhliziyo uthi: “Bheka ukuhlupheka!”? Noma ingabe, ‘njengomfelokazi ompofu,’ uyibheka njengamathuba okubonisa intshiseko nokukhathalela kwakho ukukhulekela kweqiniso nesifiso sakho sokudumisa uJehova ngezinto zakho eziyigugu? Ungakhohlwa umbuzo ohambisana nalokhu: Ingabe ukunikela kwakho kuwukuzidela?
“Ningivivinye ngalokhu, usho uJehova-Sebawoti, uma ngingayikunivulela amafasitela asezulwini, nginithululele isibusiso kunokwaneleyo.” (Malaki 3:10) Ukuchuma okungokomoya nokwanda emhlabeni wonke phakathi kwabantu bakaJehova kufakazela ukuthi uJehova usenza lokho kakade. Sengathi singaqhubeka sinikela kuJehova umnikelo wokuzidela ngempela.
[Ibhokisi ekhasini 30
INDLELA ABANYE ABANIKELELA NGAYO UMSEBENZI WOMBUSO
◻ IZIPHO: Iminikelo yokuzithandela yemali ingathunyelwa ngokuqondile kuyiWatch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania, 25 Columbia Heights, Brooklyn, New York 11201, noma ehhovisi legatsha leNhlangano lendawo. Impahla enjengezindlu nemihlabathi, kuhlanganise nama(juweli) noma ezinye izinto eziyigugu, kunganikelwa nangakho. Incwadi emfushane ebonisa ukuthi umnikelo onjalo uqondile kumelwe uhambisane naleminikelo.
◻ ILUNGISELELO LOMNIKELO ONEMIBANDELA: imali inganikwa iWatch Tower Society ngendlela yokuyigcinela umniniyo, ngelungiselelo lokuthi uma kwenzeka kuba nesidingo somuntu siqu, iyobuyiselwa kumniniyo.
◻ UMSHUWALENSE: IWatch Tower Society ingabhaliswa njengendlalifa yomshuwalense kungaba owokuphila noma owomhlala-phansi/wokuguga. INhlangano kumelwe yaziswe nganoma yimaphi alamalungiselelo.
◻ IZINCWADI ZEFA: Indawo noma imali inganikelwa iWatch Tower Society njengefa ngokusebenzisa incwadi yefa ebhalwe ngokomthetho. Ikhophi kumelwe ithunyelwe eNhlanganweni.
Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe neseluleko ngokuphathelene nezindaba ezinjalo, bhalela iHhovisi Lomphathi-sikhwama weWatch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania, 25 Columbia Heights, Brooklyn, New York 11201, noma ihhovisi legatsha leNhlangano elisendaweni yakini.