IBhayibheli Nekusasa Lakho
KUNGANI uMlobi weBhayibheli, uJehova uNkulunkulu, engabikezela ikusasa ngokushaya emhloleni kuyilapho umuntu engenakukwazi? Kunezizathu ezimbili zalokhu. UJehova ungaphezu kwakho konke. Futhi uyisazi sakho konke. Umuntu akanjalo.
UJehova wathi kuAbrama (uAbrahama) cishe eminyakeni eyizi-4000 edlule.a “NginguNkulunkulu uSomandla; hamba phambi kwami ungenacala. Ngiyakwenza isivumelwano sami phakathi kwami nawe, ngikwandise kakhulu.” Lapho uAbrahama eneminyaka engama-99 futhi umkakhe oyinyumba emncane kuye ngeminyaka eyi-10, uJehova wabikezela ukuthi uAbrahama wayezoba uyise “wezizwe eziningi.” (Genesise 17:1-4) Njengoba engumninimandla onke—engaphezu kwakho konke—uJehova wasebenzisa amandla akhe ukuba anqobe noma isiphi isihibe esasingavimba ukugcwaliseka kwesithembiso sakhe kuAbrahama, evumela ukuba leyonzalamizi ibe uyise kaIsaka. Ngesikhathi esifanele, ngempela uAbrahama waba ukhokho wamaIsrayeli nabanye.—Genesise 21:1-3; 25:1-4.
UJehova futhi wazi konke, uhlakaniphe kakhulu—uyisazi sakho konke. Noma yini athanda ukuyibona kusengaphambili angayibona. Kuthiwa ngaye: “Akukho-nto edaliweyo engabonakali phambi kwakhe, kepha konke kwambuliwe kusobala emehlweni akhe esiyakuzilanda kuye.”—Heberu 4:13.
Ukuba kukaNkulunkulu ngophezu kwakho konke nokuba kwakhe yisazi sakho konke kwenza kungabi nakwenzeka ngaye ukwehluleka. Ngaso sonke isikhathi ulibikezela ngokushaya emhloleni ikusasa. Ngakho-ke, wayengathi: “Impela njengokulinganisa kwami kuyakuba-njalo, nanjengokunquma kwami kuyakuma kanjalo.” (Isaya 14:24) Ake sihlole iziprofetho zeBhayibheli ezimbalwa kweziningi eziye zagcwaliseka.
Iziprofetho Ezagcwaliseka Esikhathini Esidlule
IBabiloni lake labuswa uMbuso waseAsiriya. Nokho, ngekhulu lesikhombisa B.C.E., ngokusobala lomuzi wawusuyikomkhulu elalibonakala lingenakuhlaselwa loMbuso waseBabiloni. Kodwa yini eyayizokwenzeka kuwo? “IBabele . . . liyakuba-njengokuchitha kukaNkulunkulu iSodoma neGomora. Alisoze labuye lakhiwa, akusayikuhlalwa kulo ezizukulwaneni ngezizukulwane.” Laprofetha kanjalo iZwi likaNkulunkulu cishe eminyakeni eyi-100 ngaphambi kokuba iBabiloni libe umbuso wezwe onamandla futhi cishe eminyakeni engama-200 ngaphambi kokuwela kwalo kumaMede namaPheresiya. Akukho muntu namuhla ongakuphika ukugcwaliseka kwalawomazwi. Sekungamakhulu amaningi eminyaka umuzi waseBabiloni uyizinqwaba zamatshe. iBabiloni alisekho.—Isaya 13:19, 20.
IJerusalema lekhulu lokuqala C.E. laliyindawo yethempeli elikhazimulayo elalakhelwe ukukhulekela uJehova. Nokho, iBhayibheli ligcine lamazwi kaJesu Kristu ngokuqondene neJerusalema nesizukulwane esilalela amazwi akhe: “Uyakufikelwa yizinsuku, lapho izitha ziyakukukaka ngodonga lwempi, zikuhaqe, zikuvimbezele nxazonke, zikuwise phansi. wena nabantwana abakuwe, zingashiyi itshe phezu kwetshe.” (Luka 19:43, 44) Lokho uJesu wakusho ngo-33 C.E., kodwa amabutho amaRoma aze alihlasela ngo-66 C.E. iJerusalema. Nakuba ayebonakala eseseduze nokunqoba, ngokumangalisayo amaRoma ahlehla. Nokho, ngo-70 C.E., ibutho lamaRoma laphinda lahlasela umuzi, ngalesosikhathi owawugcwele ababegubha iPhasika, futhi awubiyela ngezigxobo. Cishe ezinyangeni eziyisihlanu kamuva, iJerusalema labhujiswa, laba nezakhamuzi ezilinganiselwa kweziyizi-1 100 000 ezafa.
Iziprofetho Ezigcwaliseka Manje
Ubungakhetha izibonelo zosuku lwanamuhla zezibikezelo zeBhayibheli ezagcwaliseka? Nokho, uJesu wabikezela izenzakalo ezaziyophawula isikhathi esaziwa ngokuthi ‘izinsuku zokugcina.’ (2 Thimothewu 3:1) Leziprofetho zenza “isibonakaliso” esiyinhlanganisela—isibonakaliso sezinsuku zokugcina zesimiso sezinto esibi samanje. (Mathewu 24:3) Kusukela ngo-1914 ubufakazi bokugcwaliseka kwesiprofetho sikaJesu bebulokhu budlondlobala. Eqinisweni, uye wazibonela ngokwakho ukugcwaliseka. Okulandelayo kuyizici ezimbalwa ezivelele ‘zesibonakaliso.’
Ikusasa Lomhlaba—Ingabe Uyoba Khona Kulo?
Yini engaphambili? IBhayibheli liqukethe ezinye iziprofetho ezisazogcwaliseka. Phakathi kwazo kukhona lezo eziqondene nokuhlanzwa kobubi emhlabeni futhi ushiywe ukhazimula ukulunga. Ingabe lelikusasa liyakukhanga? Ingabe uyakholelwa ukuthi uJehova unokuhlakanipha namandla okulungisa izinto kulonozungezilanga? Uma kunjalo, uyofuna ukucabangela lokho iBhayibheli elikubikezelayo ngekusasa lomhlaba.
Yenza Lokhu Kube Ikusasa Lakho
Ukuze lokhu kube ikusasa lakho, kumelwe uthathe isinyathelo manje. Ngokushesha, ngaphambi kokuba leziprofetho ezingenhla zigcwaliseke ngokugcwele, uJehova ‘uyobhubhisa ababhubhisa umhlaba.’ (IsAmbulo 11:18) IBhayibheli liyaxwayisa kuZefaniya 2:3: “Funani uJehova nina nonke-bathobekileyo bomhlaba enisebenzile ukwahlulela kwakhe; funani ukulunga; funani ukuthobeka: mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova.” Ngakho-ke, sebenzisa isikhathi sakho ngokuhlakanipha manje ekuzuzeni ulwazi oluqondile lweBhayibheli neziprofetho zalo ukuze uthathe isinyathelo esinenzuzo kuwe nakwabathandekayo bakho. OFakazi BakaJehova bakulungele ukukusiza ukuba uzuze ulwazi olwengeziwe ngekusasa njengoba lwembulwe eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli.
[Imibhalo yaphansi]
a EmiBhalweni yesiHeberu, uJehova kubhekiselwa kuye ngokuthi “uSomandla” (Shad·daiʹ) izikhathi ezingama-48, kuhlanganise nezikhathi eziyi-7 ngokuthi “uNkulunkulu uSomandla” (’El Shad·daiʹ), futhi emiBhalweni yesiGreki izikhathi eziyi-10 ngokuthi “uMninimandla onke” (Pan·to·kraʹtor).
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 5]
“Isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso.” (Mathewu 24:7) IMpi Yezwe I yaqala ngo-1914 futhi ekugcineni yahilela izakhamuzi zomhlaba ezilinganiselwa kumaphesenti angama-93. Namuhla, amabutho ezempi ayizi-106 000 000, noma yisosha elilodwa ngabantu abangama-43. Omunye umbiko wathi: “Akukho lutho emlandweni wesikhathi esidlule olufana nokwakhiwa kwanamuhla kwamandla okubhubhisa emhlabeni, nolufana nosongo alulethayo esintwini.”—World Military and Social Expenditures 1985.
[Umthombo]
U.S. Army photo
“Kube-khona indlala . . . izindawo ngezindawo.” (Mathewu 24:7) Ngokuqondene nendlala, umbiko ka-1985 weNxusa Elizimele Lezindaba labantu Zezizwe Zonke uthi: “Ngesikhathi sendlala enkulu yokugcina eAfrika ekuqaleni kwawo-1970. kwakucatshangwa ukuthi indlala ehlala njalo nokuntuleka kokudla okunomsoco kwakuyisimo esivamile kubantu baseAfrika abayizigidi ezingamashumi ayisishiyagalombili. Lesosibalo manje sesiyizigidi eziyi-100.”
[Umthombo]
FAO photo/B. Imevbore
“Kuyakuba-khona ukuzamazama okukhulu komhlaba.” (Luka 21:11) Lokhu ngempela kuye kwaba njalo kusukela ngo-1914. Ngokwesibonelo, ngo-1923 ukuzamazama komhlaba kwaseKanto eJapane kwabulala abantu abayizi-142 800. Kwaba nezisulu zokuzamazama komhlaba cishe eziyizi-60 000 eQuetta, ePakistan, ngo-1935. Ngo-1970 baba yizi-66 700 abafa ekuzamazameni komhlaba eNyakatho Peru. Futhi ngo-1976 kwaba nezisulu zokuzamazama komhlaba cishe eziyizi-800 000 eTangshan, eChina.
“Izindaba ezinhle kumelwe zishunyayelwe kuzo zonke izizwe kuqala.” (Marku 13:10, NW) Ngo-1985, oFakazi BakaJehova bafinyelela amahora angaphezu kwayizi-590 000 000 beshumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu emazweni angama-205 naseziqhingini. Baqhuba izifundo zeBhayibheli zasemakhaya eziyizi-2 379 000 futhi bashiya amaBhayibheli nezincwadi ezichaza iBhayibheli eziyizi-350 000 000 kubantu abathakazelayo.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 6]
“Bayakukhanda izinkemba zabo zibe-ngamakhuba, nemikhonto yabo ibe-ngocelemba: isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.” (Isaya 2:4) UMbuso kaNkulunkulu wasezulwini uyoletha isisekelo sokuqedwa kwezikhali ngokuphelele emhlabeni. Kuyobusa ukuthula!
“UJehova-Sebawoti uyakwenzela abantu bonke idili lokukhulupheleyo kulentaba, idili lewayini elinenhlese, okukhulupheleyo oku nomnkantsha.” (Isaya 25:6) Ngaphansi kokuqondisa nesibusiso sikaNkulunkulu, umhlaba uyokhiqiza inala ecebile. Indlala ngeke isaba khona!
“Uyakugwinya ukufa kuze kube phakade: iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke.” “Abakhé khona abayikusho ukuthi: Ngiyagula.” (Isaya 25:8; 33:24) Asikho isifo noma inkinga yempilo eyokwehlula ukwelapha kukaNkulunkulu. Uhlose ngisho nokugeqa zonke izisulu zamathuna. Yeka indlela okuyojabulisa ngayo ukwamukela abathandekayo abavusiwe!