Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Uphambi KweSanhedrin, Kamuva Uyiswa KuPilatu
SEKUYASA. UPetru usemphike okwesithathu uJesu, futhi amalungu eSanhedrin aseqedile ukuthetha icala-mbumbulu lawo futhi asehlakazekile. Nokho, ayahlangana futhi ngoLwesihlanu ekuseni ngokushesha nje lapho kuqala ukukhanya, kulokhu eHholo lawo leSanhedrin. Mhlawumbe injongo yawo iwukunikeza isimo esithile esingokomthetho ekuthethweni kwecala kwasebusuku. Lapho uJesu elethwa phambi kwawo, njengoba eshilo ebusuku, athi: “Uma unguKristu, sitshele.”
UJesu uyaphendula: “Uma nginitshela, anisoze nakholwa. Noma ngibuza, anisoze naphendula.” Nokho, uJesu ukhomba ngesibindi kulowo anguye, ethi: “Kusukela manje iNdodana yomuntu izakuhlala ngakwesokunene samandla kaNkulunkulu.”
“Kanti uyiNdodana kaNkulunkulu na?” bonke befuna ukwazi.
“Nisho khona, ngokuba ngiyiyo,” kuphendula uJesu.
Kulamadoda azimisele ngokubulala, lempendulo yanele. Ayithatha njengokuhlambalaza. “Pho, sisaswele-bufakazi na?” ebuza. “Ngokuba sesizwile uqobo lwethu ngomlomo wakhe.” Ngakho ayambopha uJesu, amuke naye, amnikele kumbusi wamaRoma uPontiyu Pilatu.
UJuda, umkhapheli kaJesu, ubekuqaphele obekwenzeka. Lapho ebona ukuthi uJesu ulahliwe, uyazisola. Ngakho uya kubapristi abakhulu nakumalunga ukuze abuyisele izinhlamvu ezingu-30 zesiliva, echaza: “Ngonile ukuba ngikhaphele igazi elingenacala.”
“Kuyini lokho kithi na? Zibonele wena,” bephendula ngokhahlo. Ngakho uJuda uphonsa izinhlamvu zesiliva ethempelini futhi ahambe ayozama ukuziphanyeka. Nokho, igatsha uJuda abophela kulo intambo ngokusobala liyaphuka, futhi umzimba wakhe uwela emadwaleni phansi, lapho uqhuma khona phakathi.
Abapristi abakhulu abaqiniseki ukuthi yini okumelwe bayenze ngezinhlamvu zesiliva. “Akuvunyelwe ukuzifaka emnikelweni,” bephetha, “ngokuba kuyimali yegazi.” Ngakho, ngemva kokucebisana, bathenga ngayo insimu yombumbi ukuze kungcwatshwe khona abafokazi. Ngaleyondlela insimu ibizwa ngokuthi “iNsimu Yegazi.”
Kusesekuseni lapho uJesu eyiswa esigodlweni sombusi. Kodwa amaJuda abehamba naye ayenqaba ukungena ngoba akholelwa ukuthi ukusondelana okunjalo nabeZizwe kuzowangcolisa. Ngakho ukuze awasize, uPilatu uyaphuma. “Nimthwesa-cala lini lomuntu na?” ebuza.
“Uma lona ebengesiye owenza okubi, nga singamlethanga kuwe,” bephendula.
Efuna ukugwema ukuzihilela, uPilatu uyaphendula: “Mthatheni nina, nimahlulele ngomthetho wakini.”
Embula inhloso yawo yokubulala, amaJuda athi: “Asivunyelwe ukubulala umuntu.” Ngempela, uma ebulala uJesu phakathi noMkhosi wePhasika, ngokunokwenzeka kungabangela isiphithiphithi emphakathini, njengoba abaningi bemthanda uJesu. Kodwa uma bengenza ukuba amaRoma amlahle ngecala elingokwezombangazwe, lokhu kuyosimze kuwakhulule ecaleni phambi kwabantu.
Ngakho abaholi benkolo, bengasayiphathi eyokuqula kwabo icala ngaphambidlana abalahle kulo uJesu ngokuhlambalaza, manje baqamba amacala ahlukene. Bambeka icala elihlukene kathathu: “Simfumene lo [1] edukisa isizwe sakithi, [2] enqaba ukuba kuthelwe imali kuKesari, [3] ethi nguye onguKristu inkosi.”
Icala lokuthi uJesu uthi uyinkosi elikhathaza uPilatu. Ngakho-ke, ungena esigodlweni futhi, ubiza uJesu, bese ebuza, “Wena uyinkosi yabaJuda na?” Ngamanye amazwi, ingabe uphule umthetho ngokuzibeka inkosi ngokuphikisana noKesari?
UJesu ufuna ukwazi ukuthi kungakanani uPilatu asekuzwile kakade ngaye, ngakho uyabuza: “Uzisholo lokhu wena, noma kusho abanye kuwe ngami na?”
UPilatu uzenza ongazi lutho ngaye nofuna ukuthola amaqiniso. “Kanti ngingumJuda yini mina na?” uyaphendula. “Isizwe sakini nabapristi abakhulu bakunikezele kimi; wenzeni na?”
UJesu akazami nganoma iyiphi indlela ukuyibalekela lendaba, okungeyobukhosi. Impendulo uJesu ayinikezayo manje ngokungangabazeki iyammangalisa uPilatu. Luka 22:66–23:3; Mathewu 27:1-11; Marku 15:1; Johane 18:28-35; IzEnzo 1:16-20.
◆ Kungayiphi injongo iSanhedrin iphinde ihlangana futhi ekuseni?
◆ UJuda ufa kanjani, futhi kwenziwani ngezinhlamvu ezingu-30 zesiliva?
◆ Kungani amaJuda efuna amaRoma abulale uJesu, kunokuba ambulale wona njengoba ayeke azama ezikhathini ezingaphambili?
◆ Imaphi amacala amaJuda ambeka wona uJesu?