Bamthola UMesiya!
“Simtholile uMesiya.”—JOH. 1:41.
1. Yini eyaholela kula mazwi: “Simtholile uMesiya”?
UJOHANE UMBHAPATHIZI umi nabafundi bakhe ababili. Njengoba uJesu esondela, uJohane uthi: “Bhekani, iWundlu likaNkulunkulu!” U-Andreya nalona omunye umfundi balandela uJesu ngaso leso sikhathi futhi bachitha usuku lonke benaye. Kamuva, u-Andreya uthola umfowabo, uSimoni Petru futhi aye naye kuJesu ngemva kokusho lesi simemezelo esivusa amadlingozi: “Simtholile uMesiya.”—Joh. 1:35-41.
2. Siyozuza kanjani ngokuhlola ezinye iziprofetho eziphathelene noMesiya?
2 Ngokuhamba kwesikhathi, u-Andreya, uPetru nabanye babeyoba nethuba elanele lokuhlola imiBhalo futhi basho ngaphandle kokungabaza ukuthi uJesu waseNazaretha unguMesiya othenjisiwe. Ukholo lwethu eZwini likaNkulunkulu nakoGcotshiweyo wakhe luzoqiniswa njengoba manje siqhubeka nokuhlola iziprofetho eziphathelene noMesiya.
‘Bheka! Inkosi Yakho Iyeza’
3. Iziphi iziprofetho ezagcwaliseka lapho uJesu engena eJerusalema ngokunqoba?
3 UMesiya wayeyongena eJerusalema ngokunqoba. Isiprofetho sikaZakariya sathi: “Jabula kakhulu ndodakazi yaseZiyoni. Memeza ngokunqoba ndodakazi yaseJerusalema. Bheka! Inkosi yakho iza kuwe. Ilungile, yebo, isindisiwe; ithobekile, igibele imbongolo, yebo iphezu kwesilwane esikhule ngokugcwele ithole lembongolokazi.” (Zak. 9:9) Umhubi wabhala: “Ubusisiwe Ozayo egameni likaJehova.” (IHu. 118:26) Akunakwenzeka ukuthi izenzo zalesi sixuku zazigqugquzelwe uJesu. Nokho, leso sixuku sazikhamulukela ngokwaso sichichima injabulo ekugcwalisekeni kwaleso siprofetho. Njengoba ufunda lokhu kulandisa, sibone ngeso lengqondo leso senzakalo, uzwe namazwi enjabulo esixuku.—Funda uMathewu 21:4-9.
4. Chaza okwenzeka ekugcwalisekeni kweHubo 118:22, 23.
4 UJesu uyigugu kuNkulunkulu nakuba bebaningi ababeyomenqaba yize kwakunobufakazi obuqinisekisa ukuba kwakhe uMesiya. Njengoba kwabikezelwa, uJesu ‘wadelelwa futhi wabhekwa njengongento yalutho’ abantu ababenqaba ukukholelwa ubufakazi bokuba kwakhe uMesiya. (Isaya 53:3; Marku 9:12) Nokho, uNkulunkulu wayephefumulele umhubi ukuba athi: “Itshe elaliwa abakhi seliyé laba yinhloko yegumbi. Livelé kuJehova ngokwakhe.” (IHu. 118:22, 23) UJesu wadonsela ukunaka kwabaphikisi bakhe abangokwenkolo kule ndinyana, futhi uPetru wathi yayigcwaliseke kuKristu. (Marku 12:10, 11; IzE. 4:8-11) UJesu waba “itshe legumbi lesisekelo” lebandla lobuKristu. Uyitshe elenqatshwa abantu abangamazi uNkulunkulu, kodwa “elikhethiwe, eliyigugu, kuNkulunkulu.”—1 Pet. 2:4-6.
Wakhashelwa Futhi Washiywa!
5, 6. Yini eyabikezelwa futhi yagcwaliseka ngokuphathelene nokukhashelwa kukaMesiya?
5 Kwabikezelwa ukuthi uMesiya wayeyokhashelwa umngane ongathembekile. UDavide waprofetha: “[Umuntu] obenokuthula nami, ebengithembele kuye, obedla isinkwa sami, ungiphakamiselé isithende sakhe.” (IHu. 41:9) Umuntu owayedla isinkwa nothile wayebhekwa njengomngane wakhe. (Gen. 31:54) Ngakho, ukukhashelwa kukaJesu uJuda Iskariyothe kwakuyisenzo sokungathembeki esibi kunazo zonke. UJesu waqaphelisa abaphostoli bakhe ukugcwaliseka kwala mazwi kaDavide ayisiprofetho lapho ewabhekisela kumkhapheli wakhe: “Angikhulumi ngani nonke; ngiyabazi engibakhethile. Kodwa kungenjongo yokuba lo mBhalo ugcwaliseke, ‘Lowo obevame ukudla isinkwa sami ungiphakamisele isithende.’”—Joh. 13:18.
6 Umkhapheli kaMesiya wayeyonikezwa izinhlamvu zesiliva ezingu-30—inani lesigqila! Ecaphuna uZakariya 11:12, 13, uMathewu wabonisa ukuthi uJesu wakhashelwa ngalelo nani eliwubala. Kodwa kungani uMathewu athi lokhu kwabikezelwa “ngoJeremiya umprofethi”? Kungenzeka ukuthi ngosuku lukaMathewu, incwadi kaJeremiya yayibekwe ekuqaleni eqoqweni lezincwadi zeBhayibheli ezazihlanganisa nencwadi kaZakariya. (Qhathanisa noLuka 24:44.) UJuda akazange ayisebenzise leyo mali yakhe ayeyithole ngendlela embi, ngoba wayiphonsa ethempelini wahamba wayozibulala.—Math. 26:14-16; 27:3-10.
7. UZakariya 13:7 wagcwaliseka kanjani?
7 Ngisho nabafundi bakaMesiya babeyohlakazeka. UZakariya wabhala: “Shaya umalusi, ezomhlambi zihlakazeke.” (Zak. 13:7) NgoNisani 14, 33 C.E., uJesu watshela abafundi bakhe: “Nonke nizokhubeka ngami kulobu busuku, ngoba kulotshiwe ukuthi, ‘Ngizoshaya umalusi, izimvu zomhlambi zihlakazeke.’” Yilokho kanye okwenzeka, ngoba uMathewu wabika ukuthi “bonke abafundi bamshiya [uJesu] babaleka.”—Math. 26:31, 56.
Wamangalelwa Futhi Washaywa
8. U-Isaya 53:8 wagcwaliseka ngaphansi kwaziphi izimo?
8 UMesiya wayeyoquliswa futhi alahlwe ngecala. (Funda u-Isaya 53:8.) Ekuntweleni kokusa ngoNisani 14, yonke iSanhedrini yahlangana, yabopha uJesu futhi yamnikela kuMbusi ongumRoma uPontiyu Pilatu. Waphenya uJesu ngemibuzo futhi wamthola engenalo nhlobo icala. Nokho, lapho uPilatu ethi uzomkhulula uJesu, isixuku samemeza: “Mbethele!” sabe sesicela ukuba kukhululwe uBharabha owayeyiselelesi. Efuna ukwanelisa isixuku, uPilatu wakhulula uBharabha, wayala ukuba uJesu ashaywe ngesiswebhu futhi wamnikela ukuba abethelwe.—Marku 15:1-15.
9. Yini eyenzeka ngesikhathi sikaJesu, ngokuvumelana nalokho okwakubikezelwe kumaHubo 35:11?
9 Ofakazi bamanga babeyonikeza ubufakazi obulahla uMesiya. Umhubi uDavide wathi: “Kuvela ofakazi abanobudlova; bangibuza engingazange ngikwazi.” (IHu. 35:11) Njengoba nje isiprofetho sasho, “abapristi abakhulu nayo yonke iSanhedrini babefuna ubufakazi obungamanga ngoJesu ukuze bambulale.” (Math. 26:59) Eqinisweni, “abaningi babenikeza ubufakazi obungamanga ngaye, kodwa ubufakazi babo babungavumelani.” (Marku 14:56) Ukunikeza ubufakazi obungamanga kwakuyinto engelutho ezitheni zikaJesu ezigcwele inzondo, ezazifuna ukuba afe.
10. Chaza indlela u-Isaya 53:7 agcwaliseka ngayo.
10 UMesiya wayeyothula phambi kwabamangaleli bakhe. U-Isaya waprofetha: “Wayecindezelwe kanzima, futhi wayevuma ukuba ahlushwe; nokho wayengawuvuli umlomo wakhe. Wayelethwa ngokungathi yimvu ekuhlatshweni; futhi njengemvukazi eye yaba yisimungulu phambi kwabagundi bayo, naye wayengawuvuli umlomo wakhe.” (Isaya 53:7) Ngesikhathi “abapristi abakhulu namadoda amadala bembeka icala, [uJesu] akaphendulanga.” UPilatu wambuza: “Awuzwa yini ukuthi ziningi kangakanani izinto abazifakazayo ngawe?” Noma kunjalo, uJesu “akazange amphendule, ngisho nangezwi elilodwa, kangangokuthi umbusi wamangala kakhulu.” (Math. 27:12-14) UJesu akazange abathuke abamangaleli bakhe.—Roma 12:17-21; 1 Pet. 2:23.
11. Yini eyenzeka ekugcwalisekeni kuka-Isaya 50:6 noMika 5:1?
11 U-Isaya waprofetha ukuthi uMesiya wayeyoshaywa. Lo mprofethi wabhala: “Umhlane wami ngawunika abashayayo, nezihlathi zami labo abahluthula izinwele. Ubuso bami angizange ngibufihlele izinto ezilulazayo namathe.” (Isaya 50:6) UMika wabikezela: “Bayoshaya umahluleli ka-Israyeli ngenduku esihlathini.” (Mika 5:1) Eqinisekisa ukugcwaliseka kwalezi ziprofetho, umlobi weVangeli uMarku wathi: “Abanye baqala ukumkhafulela [uJesu] bamboza bonke ubuso bakhe bamshaya nangezibhakela bethi kuye: ‘Profetha!’ Izikhonzi zasenkantolo zamthatha, zimshaya ngezimpama.” UMarku uthi amabutho ‘amshaya ekhanda ngomhlanga, amkhafulela, futhi aguqa ngamadolo [ngobuzenzisi], amkhothamela.’ (Marku 14:65; 15:19) Yebo, uJesu wayengenzanga lutho olwenza ukuba aphathwe kabi ngaleyo ndlela.
Wathembeka Kwaze Kwaba Sekufeni
12. Isiprofetho esikumaHubo 22:16 nesiku-Isaya 53:12 zagcwaliseka kanjani kuJesu?
12 Izinto ezenzeka lapho uMesiya ebethelwa zazibikezelwe. Umhubi uDavide wathi: “Inhlangano yabenzi bokubi ingihaqile. Njengengonyama, basezandleni nasezinyaweni zami.” (IHu. 22:16) Elandisa ngesenzakalo esaziwa kakhulu abafundi beBhayibheli, uMarku, umlobi weVangeli, uthi: “Manje kwase kuyihora lesithathu [cishe ngo-9 ekuseni], ambethela.” (Marku 15:25) Kwakubikezelwe nokuthi uMesiya wayeyobalwa nezoni. U-Isaya wabhala: “Umphefumulo wakhe wawuthululela ekufeni uqobo, futhi wabalwa kanye nezeqamthetho.” (Isaya 53:12) Njengoba kwakubikezelwe, “abaphangi ababili babethelwa [noJesu], omunye ngakwesokunene sakhe omunye ngakwesobunxele sakhe.”—Math. 27:38.
13. IHubo 22:7, 8 lagcwaliseka kanjani kuJesu?
13 UDavide waprofetha ukuthi uMesiya wayeyothukwa. (Funda amaHubo 22:7, 8.) UJesu wathukwa ngesikhathi ehlushwa esigxotsheni sokuhlushwa, ngoba uMathewu uyabika: “Abantu abadlulayo bamhlambalaza, benikina amakhanda bethi: ‘O wena owawuzoba umdilizi wethempeli nomakhi walo ngezinsuku ezintathu, zisindise! Uma uyindodana kaNkulunkulu, yehla esigxotsheni sokuhlushwa!’” Ngendlela efanayo, abapristi abakhulu, ababhali namadoda amadala benza inhlekisa ngaye bathi: “Abanye wabasindisa; yena ngokwakhe akakwazi ukuzisindisa! UyiNkosi yakwa-Israyeli; makehle manje esigxotsheni sokuhlushwa sizomkholwa. Ubeké ithemba lakhe kuNkulunkulu; makamsindise manje uma Yena emfuna, ngoba wathi, ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu.’” (Math. 27:39-43) Noma kunjalo, uJesu wakubekezelela konke lokhu ngaphandle kokuziphuca isithunzi. Yeka isibonelo esihle asishiyela sona!
14, 15. Bonisa indlela iziprofetho ezithile ezagcwaliseka ngayo ngokuqondene nezembatho zikaMesiya nokunikwa kwakhe uviniga.
14 Kwakuzokwenziwa inkatho ngesembatho sikaMesiya. Umhubi wabhala: “Bahlukaniselana izingubo zami, futhi benza inkatho ngezembatho zami.” (IHu. 22:18) Yilokho okwenzeka, ngoba “lapho [amasosha amaRoma] esembethele [uJesu,] aba izingubo zakhe zangaphandle ngenkatho.”—Math. 27:35; funda uJohane 19:23, 24.
15 UMesiya wayeyonikwa uviniga nenyongo. Umhubi wathi: “Bangidlisa isitshalo esinoshevu, futhi bazama ukungiphuzisa uviniga ukuze ngiqede ukoma kwami.” (IHu. 69:21) UMathewu uyasitshela: “Amnika [uJesu] iwayini elixutshwe nenyongo ukuba aphuze; kodwa, ngemva kokulinambitha, wenqaba ukuphuza.” Kamuva, “omunye kubo wagijima wathatha isiponji wasimanzisa ngewayini elimuncu wasihloma emhlangeni wayesemphuzisa.”—Math. 27:34, 48.
16. Chaza indlela amazwi ayisiprofetho akumaHubo 22:1 agcwaliseka ngayo.
16 Kwakuyobonakala sengathi uNkulunkulu umshiyile uMesiya. (Funda iHubo 22:1.) Ngokuvumelana nalesi siprofetho, “ngehora lesishiyagalolunye [cishe ngo-3 ntambama] uJesu wamemeza ngezwi elikhulu wathi: ‘Eli, Eli, lama sabakthani?’ okusho ukuthi, uma kuhunyushwa, ‘Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?’” (Marku 15:34) UJesu wayengaphelelwanga ukholo kuYise osezulwini. UNkulunkulu wamshiya uJesu emseni wezitha zakhe ngokususa isivikelo sakhe ukuze ubuqotho bukaKristu buvivinywe ngokugcwele. Ngokumemeza asho la mazwi, uJesu wagcwalisa iHubo 22:1.
17. Isiprofetho esikuZakariya 12:10 nesikumaHubo 34:20 zagcwaliseka kanjani?
17 UMesiya wayeyohlatshwa, kodwa amathambo akhe ayengeke ephulwe. Abakhileyo eJerusalema ‘babeyombheka Lowo abamgwaza.’ (Zak. 12:10) IHubo 34:20 lithi: “Wonke amathambo akhe [uNkulunkulu] uyawaqapha; akukho nelilodwa lawo eliphuliwe.” Eqinisekisa la maphuzu, umphostoli uJohane wabhala: “Elinye lamasosha lamgwaza [uJesu] ohlangothini ngomkhonto, masinyane kwaphuma igazi namanzi. Lowo okubonile lokhu [uJohane] ufakazile, futhi ubufakazi bakhe buyiqiniso . . . Lezi zinto zenzeka ukuze kugcwaliseke lo mbhalo: ‘Akukho thambo lakhe eliyochotshozwa.’ Omunye umbhalo ubuye uthi: ‘Bayombheka Lowo abamhlaba.’”—Joh. 19:33-37.
18. Kwenzeka kanjani ukuba uJesu angcwatshwe nezicebi?
18 UMesiya wayeyongcwatshwa nezicebi. (Funda u-Isaya 53:5, 8, 9.) Ntambama kakhulu ngoNisani 14, “umuntu othile ocebile wase-Arimatheya, ogama lakhe linguJosefa,” wacela isidumbu sikaJesu kuPilatu, futhi wanikwa sona. Ukulandisa kukaMathewu kuyanezela: “UJosefa wasithatha isidumbu, wasisonga ngelineni elicolekile elihlanzekile, wasibeka ethuneni lakhe elisha, ayeliqophe edwaleni. Ngemva kokugingqela itshe elikhulu emnyango wethuna, wahamba.”—Math. 27:57-60.
Dumisani INkosi EnguMesiya!
19. Yini eyenzeka ekugcwalisekeni kwamazwi ayisiprofetho akumaHubo 16:10?
19 UMesiya wayeyovuswa. UDavide wabhala: “[Wena Jehova] ngeke uwushiye umphefumulo wami eShiyoli.” (IHu. 16:10) Cabanga ukumangala ababa nakho abesifazane abeza ethuneni isidumbu sikaJesu esasilaliswe kulo. Bathola lapho ingelosi eyayembethe umzimba womuntu eyabatshela: “Musani ukushaqeka. Nifuna uJesu umNazaretha, obebethelwe. Uvusiwe, akekho lapha. Bhekani! Indawo abebembeke kuyo.” (Marku 16:6) Umphostoli uPetru wamemezela esixukwini esasiseJerusalema ngosuku lwePhentekoste lika-33 C.E.: “[UDavide] wabona kusengaphambili futhi wakhuluma ngokuphathelene nokuvuka kukaKristu, ukuthi akashiywanga eHayidesi futhi inyama yakhe ayikubonanga ukonakala.” (IzE. 2:29-31) UNkulunkulu akazange avume ukuba umzimba wenyama weNdodana yakhe ayithandayo ubole. Ngaphezu kwalokho, uJesu wavuswa ngokuyisimangaliso ukuba aphile njengesidalwa somoya!—1 Pet. 3:18.
20. Ukubusa kukaMesiya okwabikezelwa kwagcwaliseka kanjani?
20 Njengoba kwabikezelwa, uNkulunkulu wamemezela ukuthi uJesu uyiNdodana yakhe. (Funda amaHubo 2:7; Mathewu 3:17.) Izixuku nazo zamdumisa uJesu noMbuso ozayo, nathi sikhuluma ngenjabulo ngaye nangokubusa kwakhe okunezibusiso. (Marku 11:7-10) Maduze uKristu uzobhubhisa izitha zakhe njengoba ‘egibele ngenjongo yeqiniso nokuthobeka nokulunga.’ (IHu. 2:8, 9; 45:1-6) Ubukhosi bakhe buyobe sebuletha ukuthula nokuchuma emhlabeni wonke. (IHu. 72:1, 3, 12, 16; Isaya 9:6, 7) Yeka ukuthi kuyilungelo elingakanani ukumemezela la maqiniso njengoFakazi BakaJehova, oNdodana yakhe ayithandayo isiyabusa kakade ezulwini njengeNkosi enguMesiya!
Ungaphendula Kanjani?
• UJesu wakhashelwa futhi washiywa kanjani?
• Iziphi ezinye zezinto ezazibikezelwe ezenzeka lapho uJesu Kristu ebethelwa?
• Kungani uqiniseka ukuthi uJesu unguMesiya othenjisiwe?
[Isithombe ekhasini 13]
Ukungena kukaJesu eJerusalema ngokunqoba kwagcwalisa ziphi iziprofetho?
[Izithombe ekhasini 15]
UJesu wafela izono zethu, kodwa manje useyabusa njengeNkosi enguMesiya