Ingabe ‘Ucebile KuNkulunkulu’?
“Kunjalo ngomuntu oziqongelelela umcebo kodwa engacebile kuNkulunkulu.”—LUKA 12:21.
1, 2. (a) Abantu bebelokhu bezimisele ukuzidela kakhulu ngenxa yani? (b) Iyiphi inselele nengozi amaKristu okumelwe abhekane nayo?
KUWO wonke umlando, abantu basemazweni amaningi baye bashikashikeka futhi bazikhandla befuna ingcebo. Ngokwesibonelo, isibhudubhudu sangekhulu le-19 leminyaka sokuyofuna igolide e-Australia, eNingizimu Afrika, eCanada naseMelika sadonsa abantu abavela kude ababezimisele ukushiya amakhaya nabathandekayo babo ukuze bayofuna ingcebo emazweni abangawazi, aba nanezimo ezingagculisi ngezinye izikhathi. Yebo, abantu abaningi bazimisele ukuzifaka ezingozini ezinkulu futhi bazidele kakhulu ukuze bathole ingcebo efiswa izinhliziyo zabo.
2 Nakuba abantu abaningi namuhla bengaphumi umkhankaso wokufuna ingcebo, kuyadingeka ukuba basebenze kanzima ukuze baphile. Ukuziphilisa kulesi simiso sezinto kungaba yinselele, kukhandle futhi kube nzima. Kulula ukukhathazeka kakhulu ngokudla, izembatho nangendawo yokuhlala kangangokuba izinto ezibaluleke ngokwengeziwe zidebeselelwe noma zilitshalwe nokulitshalwa. (Roma 14:17) UJesu wenza umfanekiso noma umzekeliso okuchaza ngokunembile lokhu kuthambekela kwabantu. Utholakala kuLuka 12:16-21.
3. Landisa kafushane umfanekiso kaJesu okuLuka 12:16-21.
3 UJesu wenza lo mfanekiso ngemva nje kokukhuluma ngesidingo sokuqapha ukuhaha, esisidingide esihlokweni esandulelayo. Ngemva kokuxwayisa ngokuhaha, uJesu wakhuluma ngomuntu ocebile onganeliswa izinqolobane asenazo kakade ezigcwele izinto ezinhle, kodwa ozidilizayo akhe ezinkulu ukuze aqongelele ezinye izinto ezinhle. Lapho nje esecabanga ukuthi usekulungele ukuhlala akhululeke, aphile kamnandi, uNkulunkulu umtshela ukuthi ukuphila kwakhe kuzophela futhi zonke izinto ezinhle aziqongelele zizotholwa omunye umuntu. UJesu ube esenezela ngala mazwi okuphetha: “Kunjalo ngomuntu oziqongelelela umcebo kodwa engacebile kuNkulunkulu.” (Luka 12:21) Isiphi isifundo esingasifunda kulo mzekeliso? Singasisebenzisa kanjani ekuphileni kwethu siqu?
Umuntu Owayenenkinga
4. Singathi umuntu uJesu akhuluma ngaye emzekelisweni wakhe, wayeluhlobo luni?
4 Umfanekiso kaJesu ujwayelekile. Siyaqaphela ukuthi uJesu waqala le ndaba ngokumane athi: “Izwe lomuntu othile ocebile lakhiqiza kahle.” UJesu akazange athi lo muntu wathola ingcebo yakhe ngezindlela ezithile zobuqili noma ezingemthetho. Ngamanye amazwi lo muntu akazange achazwe njengomuntu omubi. Empeleni, kulokho okwashiwo uJesu, kunengqondo ukuphetha ngokuthi umuntu okulo mzekeliso wayesebenze kanzima. Okungenani kungaqondakala ukuthi wayengumuntu owayehlela, abekelele ikusasa, mhlawumbe ecabanga ngenhlalakahle yomkhaya wakhe. Ngakho, ngokombono wezwe angathathwa njengomelela umuntu ozikhandlayo ozithatha ngokungathí sina izibopho zakhe.
5. Umuntu osemzekelisweni kaJesu ubhekana nayiphi inkinga?
5 Kunoma ikuphi, uJesu wathi lo muntu okulo mzekeliso wayecebile, okusho ukuthi kakade wayesenensada yezinto ezibonakalayo. Nokho, njengoba uJesu achaza, lo muntu owayecebile wayenenkinga. Izwe lakhe lalikhiqize ngaphezu kwalokho ayekulindele, okukudlula kude le lokho ayekudinga noma ayeyokwazi ukukunakekela. Kwakufanele enzenjani?
6. Yikuphi ukukhetha izinceku zikaNkulunkulu eziningi ezibhekana nakho namuhla?
6 Eziningi zezinceku zikaJehova namuhla zibhekana nezimo ezicishe zifane nezalo muntu ocebile. AmaKristu eqiniso alwela ukuba izisebenzi ezithembekile, ezikhuthele nezingakhekhelezi. (Kolose 3:22, 23) Kungakhathaliseki ukuthi aqashiwe noma anamabhizinisi awo, ngokuvamile enza kahle kakhulu kunoma yini ayenzayo. Lapho kufika izikhathi zokukhushulwa ezikhundleni noma lapho kuvela amathuba amasha okukhulisa ibhizinisi, ngokuvamile kudingeka enze isinqumo. Ingabe kufanele awamukele noma akhulise ibhizinisi? Nentsha eningi engoFakazi yenza kahle esikoleni. Ngakho ingase iklonyeliswe noma inikezwe imifundaze ukuze ithole imfundo ephakeme ezikhungweni zemfundo ezidumile. Ingabe kufanele imane nje ikwamukele lokho ekunikezwayo?
7. Umuntu osemzekelisweni kaJesu wayixazulula kanjani inkinga yakhe?
7 Uma sibuyela emfanekisweni kaJesu, yini eyenziwa yilo muntu ocebile lapho izwe lakhe likhiqiza kakhulu waze waswela indawo yokugcina isivuno sakhe? Wanquma ukudiliza izinqolobane zakhe akhe ezinkulu ukuze agcine okusanhlamvu nezinto ezinhle ezengeziwe. Kubonakala sengathi leli su lamnika umuzwa wokulondeka nokwaneliseka kangangokuthi wathi kuye ngokwakhe: “Ngizothi emphefumulweni wami: ‘Mphefumulo, unezinto eziningi ezinhle ezibekelelwe iminyaka eminingi; khululeka, udle, uphuze, uzijabulise.’”—Luka 12:19.
Kungani Kuthiwa ‘Akanangqondo’?
8. Yisiphi isici esibalulekile umuntu osemzekelisweni kaJesu angasinakanga?
8 Nokho, njengoba uJesu abonisa, isu lalo muntu lalimnikeza umuzwa wokulondeka oyiphutha. Nakuba kwakungase kubonakale kuyisu elisebenzayo, kodwa kunesici esisodwa esibalulekile esasilela—intando kaNkulunkulu. Lo muntu wayecabanga ngaye kuphela, indlela ayeyotamasa ngayo adle, aphuze futhi azijabulise. Wayecabanga ukuthi ngenxa yokuthi ‘wayenezinto eziningi ezinhle,’ ‘neminyaka’ yakhe yokuphila yayiyoba “miningi.” Kodwa ngokudabukisayo izinto azimhambelanga ngaleyo ndlela. Njengoba nje uJesu ayeshilo ngaphambili, “ngisho nalapho umuntu enensada ukuphila kwakhe akuveli ezintweni anazo.” (Luka 12:15) Ngabo lobo busuku, konke lo muntu ayekusebenzele kwaphela ngokuzumayo, ngoba uNkulunkulu wathi kuye: “Muntu ongenangqondo, ngalobu busuku bayawufuna umphefumulo wakho kuwe. Khona-ke, ubani ozothola izinto ozibekelele?”—Luka 12:20.
9. Kungani umuntu osemzekelisweni kwathiwa akanangqondo?
9 Manje-ke sifika emnyombweni womfanekiso kaJesu. UNkulunkulu wathi lo muntu akanangqondo. I-Exegetical Dictionary of the New Testament ichaza ukuthi izindlela leli gama lesiGreki elisetshenziswa ngazo “ngaso sonke isikhathi zibonisa ukuntula ukuqonda.” Ithi kulo mzekeliso, uNkulunkulu uchazwa esebenzisa leli gama ngenjongo yokudalula “ubuze bamasu esikhathi esizayo alo muntu ocebile.” Leli gama alibhekiseli kumuntu ontula ukukhalipha kwengqondo, kodwa “kulowo owenqaba ukuvuma ukuthi uncike kuNkulunkulu.” Okwashiwo uJesu ngomuntu ocebile kusikhumbuza lokho akusho kamuva kumaKristu ekhulu lokuqala ebandla laseLawodikeya, e-Asia Minor: “Uthi: ‘Ngicebile, ngiye ngazuza ingcebo futhi akukho engikudingayo,’ kodwa awazi ukuthi ungowosizi, nowokudatshukelwa nokuthi umpofu, uyimpumputhe futhi uhamba-ze.”—IsAmbulo 3:17.
10. Kungani ukuba komuntu “nezinto eziningi ezinhle” kungesona isiqinisekiso sokuthi uyophila “iminyaka eminingi”?
10 Senza kahle ngokucabangisisa ngalesi sifundo. Kungenzeka yini sifane nomuntu okulo mzekeliso—sisebenze kanzima ukuze siqinisekise ukuthi siyoba “nezinto eziningi ezinhle” kodwa singakwenzi okudingekayo ukuze sibe sethubeni lokuphila “iminyaka eminingi”? (Johane 3:16; 17:3) IBhayibheli lithi: “Izinto zenani elikhulu ngeke zibe nanzuzo ngosuku lolaka,” libuye lithi “othembela engcebweni yakhe—yena ngokwakhe uyowa.” (IzAga 11:4, 28) Ngakho-ke, uJesu wanezela lesi siyalo sokugcina kulo mzekeliso: “Kunjalo ngomuntu oziqongelelela umcebo kodwa engacebile kuNkulunkulu.”—Luka 12:21.
11. Kungani kuyize ukwakhela ithemba nokulondeka kwakho ezintweni ezibonakalayo?
11 Lapho uJesu ethi “kunjalo,” wayeveza ukuthi lokho okwenzeka kulo muntu ocebile osemfanekisweni kuyokwenzeka nakulabo abakhela ukuphila kwabo—ithemba nokulondeka kwabo—ezintweni ezibonakalayo kuphela. Iphutha alikho ngempela ‘ekuziqongeleleni umcebo,’ kunalokho lisekuhlulekeni ukuba ‘ngocebile kuNkulunkulu.’ Umfundi uJakobe wanikeza isixwayiso esifanayo lapho ebhala: “Minani, nina enithi: ‘Namuhla noma kusasa sizoya kulo muzi futhi sizochitha unyaka khona, futhi sizoqhuba ibhizinisi sithole imbuyiselo,’ nibe ningazi ukuthi ukuphila kwenu kuyoba yini kusasa.” Kwakufanele benzenjani? “Esikhundleni salokho, kufanele nithi: ‘Uma uJehova ethanda, sizophila futhi senze lokhu noma lokhuya.’” (Jakobe 4:13-15) Kungakhathaliseki ukuthi umuntu angase acebe kangakanani noma abe nezinto eziningi kangakanani, konke kuyoba yize uma engacebile kuNkulunkulu. Khona-ke, kusho ukuthini ukuba ocebile kuNkulunkulu?
Ukuba Ocebile KuNkulunkulu
12. Ukwenza ini okuyosenza sibe abacebile kuNkulunkulu?
12 Emazwini kaJesu, ukuba ocebile kuNkulunkulu kuqhathaniswa nokuziqongelelela wena ingcebo, noma ukuzicebisa ngokwezinto ezibonakalayo. Ngakho, uJesu wayethi into emqoka okufanele sikhathazeke ngayo ekuphileni akufanele kube ukuqongelela ingcebo yezinto ezibonakalayo noma ukujabulela lokho esingase sibe nakho. Kunalokho, kufanele sisebenzise umcebo wethu ukuze sakhe noma sikhulise ubuhlobo bethu noJehova. Ukwenza kanjalo ngempela kuyosenza sibe abacebile kuNkulunkulu. Ngani? Ngoba kuvula ithuba lokuthola izibusiso eziningi kuye. IBhayibheli liyasitshela: “Isibusiso sikaJehova—yiso esicebisayo, futhi akenezeli ubuhlungu kanye naso.”—IzAga 10:22.
13. Isibusiso sikaJehova “sicebisa” kanjani?
13 Lapho uJehova enika abantu bakhe izibusiso, ngaso sonke isikhathi ubanika okuhle kakhulu. (Jakobe 1:17) Ngokwesibonelo, lapho uJehova enika ama-Israyeli indawo yokuhlala, wawanika “izwe eligeleza ubisi noju.” Nakuba izwe laseGibhithe nalo laliye lachazwa ngaleyo ndlela, okungenani kunesici esisodwa esasenza izwe uJehova alinika ama-Israyeli lihluke. UMose watshela ama-Israyeli ukuthi ‘kwakuyizwe uJehova uNkulunkulu wakho alinakekelayo.’ Ngamanye amazwi, ayeyochuma ngoba uJehova wayeyowanakekela. Uma nje ama-Israyeli ayehlala ethembekile kuJehova, wayewabusisa ngokucebile futhi ayejabulela indlela yokuphila eyayiphakeme ngokuphawulekayo kweyazo zonke izizwe ezaziwazungezile. Yebo, yisibusiso sikaJehova “esicebisayo”!—Numeri 16:13; Duteronomi 4:5-8; 11:8-15.
14. Yini abayijabulelayo labo abacebile kuNkulunkulu?
14 Inkulumo ethi ‘ocebile kuNkulunkulu’ ihunyushwa nangokuthi ‘ocebile phambi kukaNkulunkulu,’ (Today’s English Version) noma ‘ocebile emehlweni kaNkulunkulu.’ (The New Testament in Modern English, kaJ. B. Phillips) Labo abacebile ngokwezinto ezibonakalayo bavame ukukhathazeka ngendlela ababonakala ngayo emehlweni abanye. Lokho ngokuvamile kuyabonakala endleleni yabo yokuphila. Bafuna ukuhlaba abantu umxhwele ngalokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi ‘ukugabisa ngalokho umuntu aziphilisa ngakho.’ (1 Johane 2:16) Abacebile kuNkulunkulu bajabulela ukwamukelwa nokuthandwa nguye, bajabulela umusa wakhe ongafanelwe omningi nobuhlobo bomuntu siqu obufudumele naye. Ukuba yigugu ngale ndlela kubanikeza umuzwa wenjabulo nokulondeka, ongaphezu kwalowo ongase unikezwe ingcebo yezinto ezibonakalayo. (Isaya 40:11) Umbuzo osalayo uthi, Yini okumelwe siyenze ukuze sibe abacebile emehlweni kaNkulunkulu?
Ukuba Ocebile Emehlweni KaNkulunkulu
15. Yini okumelwe siyenze ukuze sibe abacebile kuNkulunkulu?
15 Umuntu osemfanekisweni kaJesu owahlela futhi wazikhandla ukuze nje azicebise yena, kwathiwa akanangqondo. Ngakho-ke, ukuze sibe abacebile kuNkulunkulu kumelwe sizikhandle futhi sihlanganyele ngokugcwele emisebenzini eyigugu nezuzisa ngempela emehlweni akhe. Phakathi kwayo kunalowo owayalezwa nguJesu: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi.” (Mathewu 28:19) Ukusebenzisa isikhathi sethu, amandla namakhono hhayi ngenjongo yokuzifukula thina kodwa emsebenzini wokushumayela ngoMbuso nowokwenza abafundi, kungafaniswa nokutshala imali. Labo abaye benza kanjalo kamuva baye bavuna izibusiso ezicebile ngokomoya, njengoba kuboniswa okuhlangenwe nakho okulandelayo.—IzAga 19:17.
16, 17. Yikuphi okuhlangenwe nakho ongakulandisa okubonisa indlela yokuphila eyenza umuntu abe ocebile emehlweni kaNkulunkulu?
16 Cabanga ngendaba yomKristu othile wasezweni elithile laseMpumalanga. Wayewuchwepheshe wama-computer futhi eyigaya imali. Nokho, umsebenzi wakhe wawucishe usithathe sonke isikhathi sakhe futhi umshiya elambile ngokomoya. Kunokuzama ukuthuthuka emsebenzini wakhe, wawuyeka. Ukuze abe nesikhathi esengeziwe sezidingo nemithwalo yakhe engokomoya wayenza u-ice cream awudayise ezitaladini. Ayesebenza nabo ngaphambili bahlekisa ngaye, kodwa zamhambela kanjani izinto? Wathi: “Empeleni, ngangithola imali eningi kunengangiyithola ngesikhathi ngisebenza ngama-computer. Lo msebenzi ungenze ngajabula ngokwengeziwe ngoba angisenakho ukucindezeleka nokukhathazeka enganginakho emsebenzini wami wangaphambili. Kanti okubaluleke nakakhulu ukuthi manje ngizizwa ngisondele kakhudlwana kuJehova.” Lolu shintsho lwenza lo mKristu wakwazi ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele, futhi manje ukhonza ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova ezweni lakubo. Isibusiso sikaJehova ‘siyacebisa’ ngempela.
17 Esinye isibonelo esowesifazane owakhulela emkhayeni owawuyazisa kakhulu imfundo. Waya emayunivesithi eFrance, eMexico naseSwitzerland futhi waba sethubeni lokuthola umsebenzi oholela kahle. Wathi: “Impumelelo yayingiqhweba; isikhundla esiphakeme namalungelo kungilandela, kodwa ngaphakathi ngangizizwa ngingelutho, nginganelisekile.” Wabe esefunda ngoJehova. Wathi: “Njengoba ngangithuthuka ngokomoya, isifiso sami sokuthokozisa uJehova nokubuyisela okuncane kulokho ayengiphe kona kwangisiza ukuba ngibone ngokucacile ukuthi iyiphi indlela okwakumelwe ngiyithathe—ukumkhonza isikhathi esigcwele.” Wayeka emsebenzini wakhe futhi kungakabiphi wabhapathizwa. Sekuphele iminyaka engu-20 ejabulela ukukhonza enkonzweni yesikhathi esigcwele. Uyalandisa: “Abanye bacabanga ukuthi ngiye ngadlala ngamakhono ami, kodwa bayabona ukuthi ngijabule, futhi bayazincoma izimiso engiphila ngazo. Ngithandaza kuJehova nsuku zonke ukuba angisize ngithobeke ukuze ngamukeleke kuye.”
18. NjengoPawulu, singaba kanjani abacebile kuNkulunkulu?
18 USawulu, owaba umphostoli uPawulu, wayesethubeni lokuthola umsebenzi ophambili. Nokho, kamuva wabhala: “Ngempela zonke izinto ngizishaya indiva ngenxa yenzuzo edlula zonke izinto, yolwazi ngoKristu Jesu iNkosi yami.” (Filipi 3:7, 8) KuPawulu, ingcebo ayeyithole ngoKristu yayidlula noma yini izwe elalingamnika yona. Ngokufanayo, ngokudela noma iziphi izifiso zobugovu nangokuphishekela ukuphila kokuzinikela kuNkulunkulu, nathi singajabulela ukuphila okucebile emehlweni kaNkulunkulu. IZwi likaNkulunkulu liyasiqinisekisa: “Umphumela wokuthobeka nokwesaba uJehova yingcebo nodumo nokuphila.”—IzAga 22:4.
Ingabe Ungachaza?
• Umuntu osemfanekisweni kaJesu wayenayiphi inkinga?
• Kungani umuntu osemzekelisweni kwathiwa akanangqondo?
• Kusho ukuthini ukuba ocebile kuNkulunkulu?
• Singaba kanjani abacebile kuNkulunkulu?
[Isithombe ekhasini 26]
Kungani umuntu ocebile kwathiwa akanangqondo?
[Isithombe ekhasini 27]
Amathuba okuzifukula angaba kanjani uvivinyo lwangempela?
[Isithombe ekhasini 28]
“Isibusiso sikaJehova—yiso esicebisayo”