Gcwala Injabulo
“Abafundi bagcwala intokozo noMoya Ongcwele.”—IzEnzo 13:52.
1. (a) Iluhlobo luni lwesithelo injabulo? (b) Kungenxa yaliphi ilungiselelo elijabulisayo uNkulunkulu efanelwe ukudunyiswa?
INJABULO! Lemfanelo yobuKristu ilandela eyokuqala ewuthando ekuchazeni kukaPawulu izithelo zomoya. (Galathiya 5:22-25) Yini ebangela leyonjabulo? Yizindaba ezinhle ingelosi kaNkulunkulu eyazimemezela kubelusi abathobekile eminyakeni engaphezu kwengu-1 900 edlule: “Bhekani, nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba-kubantu bonke ukuthi nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide.” Kwase kuvela uquqaba lwezingelosi zahlanganyela nalengelosi ekudumiseni uNkulunkulu ngokujabula zithi: “Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.”—Luka 2:10-14.
2, 3. (a) Kungani kwakufaneleka ukuba uNkulunkulu athumele iNdodana yakhe eyizibulo ukuba izoba uMhlengi wesintu? (b) Kungaziphi ezinye izindlela uJesu afeza izinjongo zikaNkulunkulu ngenkathi elapha emhlabeni?
2 Ukuthokozela kukaJehova abantu kubonakala ngokulungiselela insindiso ngoKristu iNkosi. LeNdodana kaNkulunkulu eyizibulo iwukwenziwa samuntu kokuhlakanipha kweqiniso futhi ichazwe njengethi ngoYise ngesikhathi sokudala: “Khona-ke ngangiyisisebenzi esizimisele nesinokwethenjelwa eceleni kwakhe, ngase ngigcwala injabulo usuku nosuku, ngijabula phambi kwakhe ngaso sonke isikhathi; ngijabula ezweni elithelayo lomhlaba wakhe, yebo ukugcwala kwenjabulo yami kwakukanye namadodana abantu.”—IzAga 8:30, 31, Rotherham.
3 Ngakho-ke, kwakufaneleka ukuba uJehova athumele, leNdodana, eyayiwajabulela kanjalo amadodana abantu, ukuba ibe uMhlengi wesintu. Lokhu kwakuyoluletha kanjani udumo kuNkulunkulu? Kwakuyomvulela indlela yokuba afeze injongo yakhe enhle yokugcwalisa umhlaba ngabantu abalungile nabathanda ukuthula. (Genesise 1:28) Ngaphezu kwalokho, ngenkathi ilapha emhlabeni leNdodana, uJesu, yayikubonisa ngaphansi kovivinyo olukhulu ukuthi umuntu ophelele angamlalela ngokwethembeka uJehova njengeNkosi enguMbusi, kanjalo ikulwela ngokugcwele ukubusa okufanele kukaYise phezu kwendalo yaKhe. (Heberu 4:15; 5:8, 9) Inkambo kaJesu yokugcina ubuqotho nayo yawashiyela isibonelo wonke amaKristu eqiniso ukuba alandele ngokuseduze ezinyathelweni zakhe.—1 Petru 2:21, qhathanisa neNW.
4. Ukukhuthazela kukaJesu kuphumela kuyiphi injabulo enkulu, futhi lokhu kufanele kusikhuthaze kanjani?
4 UJesu wathola injabulo eyedlulele ngokwenza intando kaYise ngaleyondlela, nasekulindeleni injabulo enkulu ngisho nangaphezulu, njengoba umphostoli uPawulu ebonisa kumaHeberu 12:1, 2: “Sigijime ngokubekezela kulokhukuncintisana esikumiselweyo, sibhekile kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu. [Ngenxa yenjabulo eyayibekwe phambi kwakhe wakhuthazelela isigxobo sokuhlushwa, NW] engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.” Iyiphi lenjabulo? Yinjabulo uJesu anayo, hhayi nje kuphela ngenxa yokungcwelisa igama likaYise nokuhlenga isintu ekufeni kodwa futhi nangenxa yokubusa njengeNkosi nomPristi Omkhulu njengoba ebuyisela isintu esilalelayo ekuphileni okungenakuphela emhlabeni oyipharadesi.—Mathewu 6:9; 20:28; Heberu 7:23-26.
5. Bangobani ‘abafowabo’ bakaJesu, futhi bahlanganyela kuyiphi injabulo eyingqayizivele?
5 Yebo, iNdodana kaNkulunkulu ngaso sonke isikhathi iye yakujabulela ukukhonza isintu. Futhi ibilokhu ikujabulela ukukhonza noYise ekukhetheni iqembu labantu abagcina ubuqotho ibabiza ngokuthi ‘abafowabo’ nokuthi ekufeni kwabo bavuselwe ezulwini. Laba bangena enjabulweni eyingqayizivele kanye noJesu. Kuthiwa ‘babusisiwe futhi bangcwele,’ futhi “bayakuba-ngabapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse kanye naye iminyaka eyinkulungwane.”—Heberu 2:11; IsAmbulo 14:1, 4; 20:6.
6. (a) Yisiphi isimemo esijabulisayo iNkosi esidlulisela ‘kwezinye izimvu’ zayo? (b) Yimaphi amalungelo eziningi zalezizimvu eziwajabulelayo namuhla?
6 Ngaphezu kwalokho, isixuku esikhulu ‘sezinye izimvu,’ iNkosi ebusayo esihlukanisela ngasesandleni sayo sokunene sokusamukela, sithola isimemo esivela kuyo: “Zanini nina enibusisiwe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.” (Johane 10:16; Mathewu 25:34) Yeka ilungelo elijabulisayo! Phakathi kwalaba abazodla ifa lendawo yasemhlabeni yoMbuso, abaningi ngisho namanje bamukela izabelo ezinomthwalo wemfanelo zokusebenza kanye nabagcotshiwe, njengoba nje uJehova abikezela: “Abezizwe bayakumela ukwalusa imihlambi yenu, abafokazi babe-ngabalimi benu nabaphathi bezivini zenu. Kepha nina niyakuthiwa abapristi bakaJehova, niyakubizwa ngokuthi izikhonzi zikaNkulunkulu wethu.” Bonke laba bahlanganyela nomprofethi kaNkulunkulu ekutheni: “Ngiyathokoza nokuthokoza ngoJehova, umphefumulo wami wenama ngoNkulunkulu wami, ngokuba ungembathisile izingubo zensindiso.”—Isaya 61:5, 6, 10.
7. Kungani ‘lolusuku’ kusukela ngo-1914 lukhetheke kakhulu?
7 Manje siphila osukwini olukhetheke kakhulu. Kusukela ngo-1914 bekulokhu kuwusuku lokubusa kukaKristu njengeNkosi yasezulwini, oluchazwe kumaHubo 118:24, 25: “Yilolu usuku alwenzileyo uJehova; siyakwethaba, sithokoze ngalo. Sindisa, Jehova! ngiyakuncenga; hlahlamelisa [phumelelisa, NW] Jehova! Ngiyakucela.” Luwusuku oluyofinyelela emvuthwandaba lapho uJehova ahlulela inkolo yobuBabiloni futhi ehlanganisa umlobokazi kaKristu ongabafowabo abangu-144 000 neNkosi yabo yasezulwini. Bonke abantu bakaNkulunkulu ‘bayothokoza futhi bethabe’ ngenxa yalokhu. Bayothokoza futhi njengoba iNkosi yabo yobuMesiya ilwa eArmagedoni ukuze isindisele isizwe sayo esithembekile ezweni layo elisha lokulunga. (IsAmbulo 19:1-7, 11-16) Ingabe uJehova uyaphumelelisa njengoba abantu bakhe bememezela lelithemba elijabulisayo? Umbiko olandelayo uzochaza.
Ukwanda Okusemhlabeni Wonke
8. (a) Injabulo nomoya ongcwele kuboniswe kanjani embikweni osemakhasini 18 kuya ku-21 alomagazini? (b) Yiziphi ezinye izici ezivelele zalombiko?
8 OFakazi BakaJehova bosuku lwanamuhla ‘bayavama ethembeni ngamandla omoya ongcwele.’ (Roma 15:13) Lokhu kuboniswe eshadini elisemakhasini 18 kuya ku-21 alomagazini, lapho umbiko womhlaba wonke wenkonzo yoMbuso ka-1990 uhlelwe khona ngokuningiliziwe. Yeka ukuthi sijabula kangakanani ngokubona inani elisha eliphakeme lezikhonzi ezingu-4 017 213 ezikhuthele ensimini! Lokhu kuphawula ukwanda ngamaphesenti angu-77 phakathi neminyaka eyishumi edlule, njengoba ukubuthelwa ndawonye kwezimvu kuqhubeka ngokushesha emazweni angu-212 emhlabeni wonke. Ngemva kweminyaka engu-15, inani lababhapathiziwe lafinyelela inani eliphakeme eliwadlula wonke—elingu-301 518! Kwakunamanani aphakeme akhethekile ababhapathizwa emihlanganweni eminingi, ikakhulukazi okwakukhona kuyo oFakazi abavela eMpumalanga Yurophu. Phakathi kwalaba kwakunentsha eningi, ikubonakalisa kungamanga ukuzisholo kwalabo abasekela isimiso sokusebenzela uhulumeni kokuthi inkolo yayiyofa nesizukulwane esidala.
9. (a) Ukuqeqesha kobuzali kusukela ebuntwaneni kuletha muphi umphumela ojabulisayo? (b) Yikuphi okuhlangenwe nakho kwebandla lakini noma okunye okuqinisekisa lokhu?
9 Izixuku zentsha zisabela obizweni olukumaHubo 32:11: “Jabulani kuJehova, nethabe nina-balungileyo, nethabe nina nonke-baqotho ngenhliziyo.” Kuyabonakala ukuthi abazali abaningi basebenzisa iseluleko sokuqeqesha abantwana babo “kusukela ebuntwaneni.” (2 Thimothewu 3:15) Izincwadi namakhasethi alungiselelwe labo abancane kakhulu ngeminyaka kusetshenziswa kahle. Njengoba lentsha iqala esikoleni, ngokushesha inikeza ubufakazi obuhle, ngokwesibonelo kunentombazanyana engumJapane eneminyaka eyisishiyagalombili ubudala eyabika: “Ngemva kweholide lasehlobo, ngaya kuthishelakazi wami ngambuza: ‘Ingabe uye wavakashela ethuneni likababa wakho phakathi neholide?’ Waphendula: ‘Yebo, ubaba wami wayenothando kakhulu, futhi ngivakashela ethuneni lakhe njalo ngonyaka.’ Ngathi: ‘Uma utadisha iBhayibheli futhi ulandela izimfundiso zikaNkulunkulu, uyokwazi ukubona ubaba wakho onothando epharadesi lasemhlabeni.’ Ngase ngimnikeza INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli. Manje uthisha wethu ufundela ikilasi isahluko esisodwa salencwadi ngesikhathi sokudla isonto ngalinye.”
10. Iyiphi injongo enhle incwadi ethi Intsha Iyabuza eye yayifeza, futhi yiziphi ezinye izibonelo?
10 Intsha eyeve eshumini elinambili iye yayisebenzisa kahle incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, kokubili esifundweni sayo siqu kanye nasekufakazeni kwenye intsha. Nabazali baye bayazisa lencwadi. Udade waseSwitzerland, wabhalisa njengephayona elisizayo, wanquma ukuhambela abazali bezingane ezifunda nengane yakhe. Lokhu kwavula indlela yezingxoxo ezinhle nabazali abaningi, futhi bahanjiselwa izincwadi ezingu-20 (ikakhulukazi ezithi Intsha Iyabuza) nomagazini abangu-27. Lapho intombazane efunda isikole yaseTrinidad ihambisela uthisha wayo lencwadi esikoleni, unina walandelela, wahambisa amakhophi angu-25 ezisebenzini ezingu-36. Waqhubeka nangenyanga elandelayo egxila kakhulu kubazali abaziyo, wahambisa ezinye izincwadi ezingu-92 futhi waqalisa izifundo ezintsha zeBhayibheli zasekhaya. EKorea uthisha wasesikoleni semfundo ephakathi wasebenzisa incwadi ethi Intsha Iyabuza ekunikezeni izintshumayelo ezimfushane ezihlokweni ezinjengezithi “Ngingawathuthukisa kanjani amamaki ami?” nesithi “Ngingasebenzelana kanjani nothisha wami” wayesehambisa lencwadi. Ngemva kokuba abafundi sebamukele izincwadi ezingu-39, abanye abazali baqala ukukhononda. Kodwa uthisha-nhloko wayihlola lencwadi, wathi “iyamangalisa,” wayese-odela indodakazi yakhe eyodwa yazo.
Imfundo Enhle Kakhulu
11, 12. Yibuphi obunye ubufakazi obubonisa iqiniso lokuthi izincwadi zeWatch Tower Society zinikeza imfundo enhle kakhulu?
11 Ukubaluleka kwemfundo etholakala komagazini bethu nakho kwaziswa abaningi, ngokwesibonelo kunesikole eU.S. esa-oda amakhophi angu-1 200 ePhaphama! kaJuly 22, 1990, (eyayidalula ukuluthwa icrack) ukuze isetshenziswe ezifundweni. Ngaphezu kwalokho, ukuziphatha okuyisibonelo kwezingane zoFakazi BakaJehova esikoleni kuyaqhubeka kuhlaba umxhwele. Ekilasini elalinomsindo eThailand, uthisha wabizela uRacha oneminyaka engu-11 phambi kwekilasi wayesemncoma ngokuziphatha kwakhe, ethi: “Kungani nonke ningalingisi isibonelo sakhe? Ukhuthele ezifundweni zakhe futhi uziphethe kahle.” Wayesenezela: “Nokho, ngicabanga ukuthi nonke kuzodingeka nibe oFakazi BakaJehova njengoRacha ukuze nithuthukise ukuziphatha kwenu.”—Qhathanisa nezAga 1:8; 23:22, 23.
12 Udade osemusha eDominican Republic uyabhala: “Lapho ngineminyaka emine nje ubudala, ngase ngizoqeda enkulisa yenkolo, lapho engangifunde khona ukuzifundela nokubhala. Njengesipho, nganikeza indela eyayinguthisha wami incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni inomyalezo othi: ‘Ngiyabonga kakhulu ngokuthi ungifundise ukufunda nokubhala. Ngifisa sengathi nawe ungaqonda ukholo lwami futhi ube nethemba enginalo lokuphila phakade kulomhlaba lapho sewenziwe ipharadesi.’ Ngenxa yalokhu ngaxoshwa kulesosikole. Eminyakeni eyisishiyagalombili kamuva ngaphinde ngahlangana nalothisha. Wangilandisa indlela akwazi ngayo, naphezu kokuphikisa okukhulu okuvela kumfundisi, ukufunda lencwadi. Wathuthela enhloko-dolobha, lapho akwazi khona ukutadisha iBhayibheli noFakazi. Ubebhapathizwa eMhlanganweni Wesigodi ‘Wolimi Oluhlanzekile’ kanye nami.” Njengoba kwaprofethwa, ukuhlakanipha kungavela ngisho ‘nasemlonyeni wezingane’!—Mathewu 21:16; IHubo 8:1, 2.
13. Abaningi abeve eshumini elinambili basabela kanjani eselulekweni sikaSolomoni, futhi lokhu kubonakala kanjani embikweni womhlaba wonke?
13 USolomoni wanikeza iseluleko esikhuthazayo: “Thokoza, nsizwa, ebusheni bakho, inhliziyo yakho ikuphe ukwenama emihleni yobunsizwa bakho, uhambe ngezindlela zenhliziyo yakho.” (UmShumayeli 11:9) Kuyajabulisa namuhla ukubona abantwana abaningi kangaka boFakazi BakaJehova besebenzisa lamazwi, besebenzisa iminyaka yabo yokweva eshumini elinambili ukuba balungiselele ukuphila kwenkonzo yesikhathi esigcwele eya kuJehova futhi bengenela lomsebenzi omuhle kunayo yonke njengoba beqeda isikole. Izinhlu zamaphayona ziyaqhubeka zanda ngokushesha, kubika angu-821 108 phakathi nonyaka odlule. Kanye nabazalwane nodade abangu-11 092 abakhonza eBethel, abamelela amaphesenti angu-21 abo bonke abamemezeli!
14. Iyiphi ingxenye odadewethu abanayo, futhi yikuphi ukutuswa okubafanele?
14 Kuyathakazelisa ukuthi emazweni amaningi, njengaseUnited States, cishe amaphesenti angu-75 abo bonke abamemezeli abangamaphayona angodade, okuqinisa amazwi eHubo 68:11: “INkosi iphumisa izwi; abesifazane ababika indaba ejabulisayo bayisixuku esikhulu.” Odadewethu kumelwe banconywe ngokuthi bafeza ingxenye enkulu emsebenzini wasensimini. Ukufundisa kwabo ngekhono ezifundweni zeBhayibheli zasemakhaya kuholela abaningi eqinisweni, futhi odade abashadile ababasekela ngokwethembeka abayeni babo abanemisebenzi eminingi yebandla nabo kumelwe batuswe ngokufudumele.—IzAga 31:10-12; Efesu 5:21-25, 33.
Imfundo YeBhayibheli Iyachuma
15. (a) Amanye amazwe ahlelwe embikweni womhlaba wonke aye enza kahle kanjani emsebenzini wezifundo zeBhayibheli zasemakhaya? (b) Yikuphi okuhlangenwe nakho ongakulandisa, okubonisa indlela izifundo zeBhayibheli ezingaba ngayo nezithelo?
15 Umsebenzi wokufundisa ngeBhayibheli uyachuma, izifundo ziyaqhutshwa emhlabeni wonke ngesilinganiso sezindawo ezingu-3 624 091 inyanga ngayinye. Iqiniso leBhayibheli lingabushintsha ubuntu, njengoba umbiko ovela ezweni elisezansi ubonisa. Ekuqaleni kukaJanuary 1987, indoda ethile yadingiselwa eNew Zealand ivela eAustralia ngemva kokudonsa isigwebo esiyizinyanga ezingu-25 ejele ngenxa yokuphanga nokukhohlisa. Yayingumlutha wezidakamizwa futhi isizithengise iminyaka engaphezu kwengu-17. Ngonyaka olandelayo umkayo waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, futhi njengoba ulwazi lwakhe lukhula, yaphawula ushintsho oluphawulekayo ekuziphatheni kwakhe. Waba ngowesifazane nomama ongcono. Ngenxa yokunxusa komkayo, yaba khona emhlanganweni wesifunda ngoJune 1989. Manje yasemukela isifundo seBhayibheli sasekhaya, futhi izinguquko ezinkulu zaqala ukubonakala endleleni eyayibukeka neyayiphila ngayo. Wonke amalungu omkhaya ayisikhombisa aqala ukuba khona emihlanganweni. Yabhapathizwa ngoJanuary 1990 njengomunye owayelandele iseluleko esihle sikaPawulu esikweyabase-Efesu 4:17-24.
16. (a) Kukanjani imibiko yeSikhumbuzo sika-1990 iyimithombo yenjabulo? (b) Yikuphi ukuphuthuma okumelwe kuphawulwe, futhi yimuphi umzamo okufanele siwenze ukuze sisize?
16 Isici esivelele sombiko wonyaka inani elingu-9 950 058 lababekhona ekugujweni kweSikhumbuzo, esaba ngoLwesibili, ngoApril 10, 1990. Amazwe angaphezu kwangu-70 kwangu-212 abika amanani ababekhona angaphezulu ngokuphindwe kathathu kunenani eliphakeme labamemezeli abakuwo! Ngokwesibonelo, naphezu kokuvinjelwa, amazwe ayisikhombisa aseAfrika anenani eliphakeme labamemezeli abangu-62 712 esewonke, abika inani lababekhona eSikhumbuzweni labangu-204 356. Abamemezeli abangu-1 914 baseLiberia enikizwe yimpi bajabulela ukuba nabangu-7 811 eSikhumbuzweni. IHaiti, enenani eliphakeme labamemezeli abangu-6 427, yabika abangu-36 551. Abamemezeli abangu-886 baseziqhingini zaseMicronesia ezihlakazekile baba nabangu-3 958. Abamemezeli abangu-1 298 baseSri Lanka babika abangu-4 521, futhi iZambia, enabamemezeli abangu-73 729 yaba nabangu-326 991 ababeze eSikhumbuzweni, isilinganiso somuntu oyedwa kwabangu-25 ezakhamuzini zaseZambia. Umbiko womhlaba wonke wembula futhi ukuthi kunezigidi zabantu ab aqotho abalindele ukubuthelwa esibayeni sezimvu. Kodwa ubuqotho abenele. Ingabe singalandisa futhi silithuthukise izinga lomsebenzi wethu wezifundo zeBhayibheli zasekhaya, sisize abengeziwe kwabeza eSikhumbuzweni ukuba bakhe ukholo oluqinile? Sifuna ukuba babe abangane bethu abakhuthele, abadumisa uJehova. Kusho ukuphila kwabo!—IHubo 148:12, 13; Johane 17:3; 1 Johane 2:15-17.
Ukugcwala Kwenjabulo
17. Yiziphi izibonelo zekhulu lokuqala leminyaka okufanele zisisize ukuba siqinise ukuzimisela kwethu ukulondoloza injabulo yethu?
17 Kungakhathaliseki ukuthi iziphi izilingo esibhekana nazo, masizimisele ukulondoloza injabulo yethu. Ngokunokwenzeka ngeke kudingeke sidlule kokuhlangenwe nakho okunzima kakhulu okunjengokukaStefanu, nokho isibonelo sakhe singasiqinisa. Ngaphansi kokuphikiswa, wakwazi ukulondoloza isimo senjabulo. Izitha zakhe ‘zabona ubuso bakhe kungathi ubuso bengelosi.’ UNkulunkulu wayenaye ekuhluphekeni kwakhe. Wafakaza ngesibindi, “egcwele uMoya oNgcwele” kwaze kwaba sekufeleni kwakhe ukholo. Njengoba uPawulu noBarnaba bephendukela kwabezizwe ekushumayeleni kwabo, nabo futhi “bathokoza, balidumisa izwi leNkosi.” Kwaphinde kwaqubuka ushushiso. Kodwa aluzange lubathene amandla labo abakholwa. “Abafundi bagcwala intokozo noMoya oNgcwele.” (IzEnzo 6:15; 7:55; 13:48-52) Kungakhathaliseki ukuthi izitha zethu zisenzani, kungakhathaliseki ukuthi sibhekana naziphi izilingo zansuku zonke ekuphileni, akumelwe nanini sivumele injabulo yethu yomoya ongcwele idambe. UPawulu uyeluleka: “Ethembeni nithokoze; osizini nibekezele; ekukhulekeni niqinisele njalo.”—Roma 12:12.
18. (a) Liyini iJerusalema Elisha, futhi kungani abantu bakaNkulunkulu kufanele bathokoze kanye nalo? (b) “Amazulu amasha nomhlaba omusha” kuyosibusisa kanjani isintu?
18 Yeka ukuthi limangalisa kangakanani lelothemba! Kubo bonke abantu bakhe, uJehova uthi: “Ngiyadala izulu elisha nomhlaba omusha; izinto zakuqala aziyikukhunjulwa, zingene enhliziyweni. Kepha jabulani, nethabe kuze kube-phakade ngengikudalayo.” UKristu iNkosi kanye ‘neJerusalema elisha’ (manje eliwumuzi oyinhloko wenhlangano kaNkulunkulu yasezulwini, “iJerusalema eliphezulu”) kanye nomphakathi wezwe elisha wasemhlabeni kuyolethela isintu injabulo enkulu. (Galathiya 4:26) Ukuvuswa kwabantu abafile, ukulethwa kwabo bonke abantu abalalelayo ekuphileni okuphakade ekupheleleni kobuntu, ubuphakade bokuphila okunenzuzo nokobungqabavu emhlabeni oyipharadesi—yeka ukuthi lokhu kuyithemba elihle kangakani nokuthi kubangela injabulo engakanani! Njengoba uJehova ngokwakhe ‘ethaba ngeJerusalema futhi ejabula ngabantu bakhe,’ kanjalo umprofethi wakhe udlulisela ubizo olwengeziwe kubantu bakaNkulunkulu: “Thokozani kanye neJerusalema, nilethabele nina nonke enilithandayo; jabulani ngenjabulo kanye nalo.” (Isaya 65:17-19; 66:10; IsAmbulo 14:1; 20:12, 13; 21:2-4) Kwangathi singagcwala injabulo nomoya ongcwele ngaso sonke isikhathi njengoba silalela isiyalo somphostoli uPawulu: “Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Thokozani.”—Filipi 4:4.
Ukufingqa Injabulo Yethu:
◻ Yisiphi isibonelo sokukhuthazela ngenjabulo uJesu asishiyela sona?
◻ Amaqembu amabili azinikezele anaziphi izizathu zokuthokoza?
◻ Abasha nabadala namuhla bajabula kanjani eqinisweni?
◻ Njengoba kubukezwa umbiko ka-1990, iyiphi impendulo enikezwayo manje emthandazweni othi, “Jehova, hlahlamelisa, ngiyacela”?
◻ Injabulo egcwele iyofinyelelwa nini futhi kanjani?
[Ishadi ekhasini 18-21]
UMBIKO WONYAKA WENKONZO KA-1990 WOFAKAZI BAKAJEHOVA EMHLABENI WONKE
(Bheka umqulu)
[Isithombe ekhasini 16]
Ingelosi kaJehova yamemezela ukuzalwa kukaKristu iNkosi ‘njengezindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu’