KumaHebheru
5 Ngoba yilowo nalowo mpristi ophakeme othathwa kubantu umiswa ngenxa yabo phezu kwezinto eziphathelene noNkulunkulu, + ukuze anikele izipho nemihlatshelo ngenxa yezono. + 2 Uyakwazi ukusebenzelana ngozwela* nabangenalwazi nabaphambukayo, njengoba naye enobuthakathaka* bakhe, 3 futhi ngenxa yalokho kumele azenzele iminikelo ngenxa yezono zakhe njengoba nje enza nangenxa yezesizwe. +
4 Umuntu akazithatheli lolu dumo ngokuzithandela, kodwa uluthola lapho ebizwa uNkulunkulu, njengoba nje u-Aroni abizwa. + 5 Kanjalo noKristu akazikhazimulisanga yena ngokuba umpristi ophakeme, + kodwa wakhazinyuliswa yiLowo owathi kuye: “Wena uyindodana yami; namuhla ngikuzele.” + 6 Njengoba esho futhi kwenye indawo, “Wena ungumpristi kuze kube phakade ngokwendlela kaMelkhizedeki.” +
7 Ngesikhathi esaphila emhlabeni, uKristu wanxusa wenza nezicelo, ngokukhala okukhulu nangezinyembezi, + kuLowo owayekwazi ukumsindisa ekufeni, futhi wazwiwa ngomusa ngenxa yokwesaba kwakhe uNkulunkulu. 8 Nakuba ayeyindodana, wafunda ukulalela ezintweni ahlupheka ngazo. + 9 Futhi ngemva kokuba enziwe waphelela, + bonke abamlalelayo babengathola insindiso yaphakade ngenxa yakhe, + 10 ngoba wabekwa uNkulunkulu ukuba abe ngumpristi ophakeme ngokwendlela kaMelkhizedeki. +
11 Sinokuningi esingakusho ngaye futhi kunzima ukukuchaza, ngoba seniye naba buthuntu ekuzweni. 12 Ngoba, nakuba bekufanele ngabe manje seningabafundisi,* nisadinga ukuba othile aphinde anifundise kusukela ekuqaleni izinto zokucathula + zamazwi angcwele kaNkulunkulu, futhi senibuyele emuva ekudingeni ubisi, hhayi ukudla okuqinile. 13 Ngoba wonke umuntu ophuza ubisi akajwayelene nezwi lokulunga, ngoba uyingane. + 14 Kodwa ukudla okuqinile kungokwabantu abavuthiwe, labo okuthe ngokusebenzisa amandla abo okuqonda bawenza aqeqeshelwa ukuhlukanisa okulungile nokungalungile.