Anazi Lapho Iyophumelela Khona!
“Hlwanyela imbewu yakho ekuseni futhi kuze kube kusihlwa ungasivumeli isandla sakho siphumule; ngoba awazi ukuthi yikuphi lapho le iyophumelela khona.”—UMSH. 11:6.
1. Kungani ukubona inqubo yokukhula kuyinto ejabulisayo nesenza sithobeke?
UMLIMI kudingeka abekezele. (Jak. 5:7) Ngemva kokuhlwanyela imbewu, kudingeka ayilinde ukuba iqhume futhi ikhule. Kancane kancane, lapho izimo zivuma, izithombo ziqala ukuvela. Zibe sezikhula zize zithele. Ekugcineni, insimu isuke isikulungele ukuvunwa. Yeka ukuthi kujabulisa kanjani ukubona lesi simangaliso sokukhula! Yeka indlela futhi okusenza sithobeke ngayo ukuqaphela lowo onguMthombo walokhu kukhula! Singayinakekela imbewu futhi siyinisele, kodwa uNkulunkulu kuphela ongayikhulisa.—Qhathanisa neyoku-1 Korinte 3:6.
2. Imaphi amaphuzu uJesu awafundisa ngokukhula okungokomoya emifanekisweni okuxoxwe ngayo esihlokweni esandulelayo?
2 Njengoba kushiwo esihlokweni esandulelayo, uJesu wafanisa umsebenzi wokushumayela ngoMbuso nomlimi ohlwanyela imbewu. Emfanekisweni wezinhlobo ezihlukahlukene zenhlabathi, uJesu wagcizelela ukuthi ngisho noma umlimi ehlwanyela imbewu enhle, isimo senhliziyo yomuntu yiso esinquma ukuthi imbewu iyokhula yini ize ithele noma cha. (Marku 4:3-9) Emfanekisweni womhlwanyeli olalayo, uJesu waqokomisa ukuthi umlimi akayiqondi ngokugcwele inqubo yokukhula. Lokhu kungenxa yokuthi ukukhula kubangelwa amandla kaNkulunkulu, hhayi imizamo yabantu. (Marku 4:26-29) Manje ake sixoxe ngeminye futhi imifanekiso kaJesu emithathu—owohlamvu lwesinaphi, owemvubelo nowenetha.a
Umfanekiso Wohlamvu Lwesinaphi
3, 4. Iziphi izici umfanekiso wohlamvu lwesinaphi oziqokomisayo mayelana nesigijimi soMbuso?
3 Umfanekiso wohlamvu lwesinaphi, nawo okuMarku isahluko 4, uqokomisa izinto ezimbili: eyokuqala, ukukhula ngendlela emangalisayo kwesigijimi soMbuso; eyesibili, ukuvikelwa kwalabo abamukela isigijimi. UJesu wathi: “Sizowufanisa nani umbuso kaNkulunkulu, noma, singawuchaza ngamuphi umfanekiso? Njengohlamvu lwesinaphi, lolo ngesikhathi sokuhlwanyelwa kwalo emhlabathini olusuke luyimbewu encane kunazo zonke emhlabeni—kodwa lapho seluhlwanyelwe, luyakhula lube lukhulu kunazo zonke ezinye izihlahla futhi lukhiphe amagatsha amakhulu, kangangokuthi izinyoni zezulu ziyakwazi ukuthola indawo yokuhlala ngaphansi komthunzi walo.”—Marku 4:30-32.
4 Lapha, kuchazwa ukukhula ‘kombuso kaNkulunkulu’ njengoba kwafakazelwa ukusabalala kwesigijimi soMbuso nokukhula kwebandla lobuKristu kusukela ngePhentekoste lika-33 C.E. kuqhubeke. Uhlamvu lwesinaphi luyimbewu encane engase imelele into encane kakhulu. (Qhathanisa noLuka 17:6.) Nokho, ngokuhamba kwesikhathi isihlahla sesinaphi singakhula sibe amamitha amathathu kuya kwamahlanu ukuphakama futhi sibe namagatsha aqinile, ngakho kungashiwo ukuthi siba umuthi.—Math. 13:31, 32.
5. Ikuphi ukukhula okwaba khona ebandleni lobuKristu lekhulu lokuqala?
5 Ibandla lobuKristu laqala lilincane ngo-33 C.E. lapho abafundi abangaba ngu-120 begcotshwa ngomoya ongcwele. Phakathi nesikhathi esifushane uma kuqhathaniswa, leli bandla elincanyana labafundi laba nezinkulungwane zamakholwa. (Funda izEnzo 2:41; 4:4; 5:28; 6:7; 12:24; 19:20.) Phakathi neminyaka engamashumi amathathu, inani lezisebenzi zokuvuna lase likhule kakhulu kangangangokuthi umphostoli uPawulu wayengatshela ibandla laseKolose ukuthi izindaba ezinhle zase ‘zishunyayelwe kuyo yonke indalo engaphansi kwezulu.’ (Kol. 1:23) Yeka ukukhula okumangalisayo!
6, 7. (a) Ikuphi ukwanda okuye kwaba khona kusukela ngo-1914? (b) Ikuphi okunye ukwanda okusazoba khona?
6 Kusukela uMbuso kaNkulunkulu wamiswa ezulwini ngo-1914, amagatsha “omuthi” wesinaphi aye akhula ngendlela eyayingakaze icatshangwe. Abantu bakaNkulunkulu baye babona ukugcwaliseka okungokoqobo kwesiprofetho esalotshwa u-Isaya: “Omncane uyoba yinkulungwane, umuntukazana abe yisizwe esinamandla.” (Isaya 60:22) Iqembu elincane labagcotshiweyo ababehlanganyela emsebenzini woMbuso ekuqaleni kwekhulu lama-20 lalingazi ukuthi ngonyaka ka-2008, kuyobe sekunoFakazi abacela ezigidini ezingu-7 abahlanganyela kulo msebenzi emazweni angaphezu kuka-230. Lokhu ukukhula okumangalisa ngempela, okungafaniswa nokohlamvu lwesinaphi emfanekisweni kaJesu!
7 Kodwa ingabe lokhu kukhula kuphelela lapho? Cha. Ngokuhamba kwesikhathi umhlaba wonke uyogcwala izikhonzi zoMbuso kaNkulunkulu. Bonke abaphikisi bayobe sebesusiwe. Lokhu ngeke kube umphumela wemizamo yabantu kodwa kuyobe kungenxa yokungenela kweNkosi EnguMbusi, uJehova, ezindabeni zomhlaba. (Funda uDaniyeli 2:34, 35.) Siyobe sesibona ukugcwaliseka kokugcina kwesinye isiprofetho esalotshwa u-Isaya: “Umhlaba ngokuqinisekile uyogcwala ulwazi ngoJehova njengoba nje amanzi esibekela ulwandle.”—Isaya 11:9.
8. (a) Izinyoni ezisemfanekisweni kaJesu zimelela obani? (b) Sivikeleke kuziphi izinto ngisho kwamanje?
8 UJesu uthi izinyoni zezulu ziyakwazi ukuthola indawo yokuhlala emthunzini walo Mbuso. Lezi zinyoni azimeleli izitha zoMbuso ezizama ukudla imbewu enhle, njengoba kwenza izinyoni ezisemfanekisweni womuntu owayesakaza imbewu ezinhlotsheni ezihlukahlukene zenhlabathi. (Marku 4:4) Kunalokho, kulo mfanekiso izinyoni zimelela abantu abanezinhliziyo ezilungile abafuna isivikelo ngaphakathi kwebandla lobuKristu. Ngisho kwamanje, laba bantu bavikelekile emikhubeni engabangcolisa ngokomoya nengahlanzekile yaleli zwe elibi. (Qhathanisa no-Isaya 32:1, 2.) Ngokufanayo, uJehova wafanisa uMbuso kaMesiya nomuthi futhi wathi esiprofethweni: “Ngiyolitshala kabusha [ihlumela] entabeni yokuphakama kuka-Israyeli, ngokuqinisekile liyoveza amagatsha lithele izithelo libe umsedari omkhulu ngokubabazekayo. Ngaphansi kwawo kuyohlala zonke izinyoni zazo zonke izinhlobo zamaphiko; ziyohlala emthunzini wamahlamvu awo.”—Hez. 17:23.
Umfanekiso Wemvubelo
9, 10. (a) Iliphi iphuzu uJesu aligcizelela emfanekisweni wemvubelo? (b) EBhayibhelini, ngokuvamile imvubelo imelelani, futhi ukukhuluma kukaJesu ngemvubelo kuphakamisa muphi umbuzo esizoxoxa ngawo?
9 Akukhona konke ukukhula okubonakalayo emehlweni abantu. Emfanekisweni wakhe olandelayo, uJesu uyaligcizelela leli phuzu. Uthi: “Umbuso wamazulu unjengemvubelo, owesifazane ayithatha wayifaka ezilinganisweni ezintathu ezinkulu zikafulawa, kwaze kwaba yilapho yonke inhlama isibilile.” (Math. 13:33) Le mvubelo imelelani, futhi ihlobene kanjani nokukhula koMbuso?
10 EBhayibhelini, imvubelo ivame ukumelela isono. Umphostoli uPawulu wakhuluma ngemvubelo ngale ndlela lapho ekhuluma ngethonya elonakalisayo lesoni esasisebandleni laseKorinte yasendulo. (1 Kor. 5:6-8) Ingabe manje uJesu wayesebenzisa elithi imvubelo ukuze limelele ukukhula kwento embi?
11. Imvubelo yayisetshenziswa kanjani kwa-Israyeli wasendulo?
11 Ngaphambi kokuba siphendule lo mbuzo, kudingeka siqonde amaphuzu amathathu ayisisekelo. Elokuqala, nakuba uJehova wayengakuvumeli ukusetshenziswa kwemvubelo ngesikhathi somkhosi wePhasika, ngezinye izikhathi wayeyamukela imihlatshelo enemvubelo. Imvubelo yayisetshenziswa eminikelweni yenhlanganyelo eyenzelwa ukubonga. Lowo owunikelayo wayeletha umnikelo wakhe ngokuzithandela, ebonga uJehova ngenxa yezibusiso zakhe eziningi. Kwakuba nomoya wenjabulo kulesi sidlo.—Lev. 7:11-15.
12. Yini esingayifunda endleleni iBhayibheli elisebenzisa ngayo amagama ngomqondo ongokomfanekiso?
12 Elesibili, nakuba ngesinye isikhathi into ethile ingase isetshenziswe ngomqondo ongathandeki emiBhalweni, ngesinye isikhathi yona leyo nto ingase isetshenziselwe ukumelela into enhle. Ngokwesibonelo, kweyoku-1 Petru 5:8, uSathane ufaniswa nengonyama, ukuze kuboniswe unya analo nokuba kwakhe yingozi. Kodwa kusAmbulo 5:5, uJesu ufaniswa nengonyama—“iNgonyama yesizwe sakwaJuda.” Kulo mBhalo, ingonyama isetshenziswa njengophawu olumelela ubulungisa obunesibindi.
13. Umfanekiso kaJesu wemvubelo ubonisani ngokukhula okungokomoya?
13 Elesithathu, emfanekisweni wakhe, uJesu akashongo ukuthi imvubelo yonakalisa yonke inhlama kafulawa, yangabe isasebenziseka. Wayemane ekhuluma ngenqubo evamile yokwenza isinkwa. Inkosikazi yayifaka ngenjongo imvubelo, futhi imiphumela yaba mihle. Imvubelo yayifihlekile enhlameni, ngakho le nkosikazi yayingaboni ukuthi iyibilisa kanjani inhlama. Lokhu kusikhumbuza umfanekiso womuntu ohlwanyela imbewu bese eyalala ebusuku. UJesu wathi “imbewu iyahluma ikhule ibe yinde, ukuthi kanjani [lo muntu] akazi.” (Marku 4:27) Yeka indlela elula yokufanekisa indlela ukukhula okungokomoya okwenzeka ngayo ngokungabonakali! Singase singakuboni ukukhula ekuqaleni, kodwa ekugcineni imiphumela yako iba sobala.
14. Isiphi isici somsebenzi wokushumayela esifanekiswa iqiniso lokuthi imvubelo ibilisa yonke inhlama?
14 Akukhona kuphela ukuthi lokhu kukhula akubonakali emehlweni abantu, kodwa futhi kwenzeka yonke indawo. Lesi esinye isici esigcizelelwa emfanekisweni wemvubelo. Imvubelo ibilisa yonke inhlama, zonke ‘izilinganiso ezintathu ezinkulu zikafulawa.’ (Luka 13:21) Njengemvubelo, umsebenzi wokushumayela ngoMbuso oye wabangela lokhu kukhula okungokomoya, uye wanda kakhulu kangangokuthi manje kushunyayelwa ngoMbuso “nasezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.” (IzE. 1:8; Math. 24:14) Yeka ukuthi kuyilungelo elimangalisa kanjani ukuba ingxenye yalokhu kwanda okujabulisayo komsebenzi woMbuso!
Inetha
15, 16. (a) Fingqa umfanekiso wenetha. (b) Inetha limelelani, futhi lo mfanekiso ubhekisela kusiphi isici sokukhula koMbuso?
15 Okubaluleke ngaphezu kwesibalo salabo abathi bangabafundi bakaJesu Kristu, uhlobo lwabafundi abayilo. UJesu ubhekisela kulesi sici sokukhula koMbuso lapho enza omunye umfanekiso, ophathelene nenetha. Wathi: “Umbuso wamazulu unjengenetha elehliselwe olwandle, elibutha izinhlanzi zazo zonke izinhlobo.”—Math. 13:47.
16 Inetha elimelela umsebenzi wokushumayela ngoMbuso libutha izinhlanzi zazo zonke izinhlobo. UJesu uqhubeka athi: “Lapho [inetha] ligcwala balihudulela ogwini, bahlala phansi, babuthela ezinhle ezitsheni, kodwa ezingafanelekile bazilahla. Yileyo ndlela okuyoba ngayo esiphelweni sesimiso sezinto: izingelosi ziyophuma zihlukanise ababi kwabalungileyo zibaphonse esithandweni somlilo. Lapho yilapho beyokhala khona baququde amazinyo.”—Math. 13:48-50.
17. Ukuhlukanisa okukhulunywa ngakho emfanekisweni wenetha kwenzeka nini?
17 Ingabe lokhu kuhlukanisa kubhekisela ekwahlulelweni kokugcina kwezimvu nezimbuzi uJesu athi kwakuyokwenzeka lapho efika enenkazimulo? (Math. 25:31-33) Cha. Lokho kwahlulela kokugcina kuyokwenzeka lapho uJesu eza phakathi nosizi olukhulu. Ngokuhlukile, ukuhlukanisa okukhulunywa ngakho emfanekisweni wenetha kwenzeka phakathi ‘nesiphelo sesimiso sezinto.’b Siphila kuleso sikhathi manje—izinsuku eziholela osizini olukhulu. Ngakho, umsebenzi wokuhlukanisa wenzeka kanjani manje?
18, 19. (a) Umsebenzi wokuhlukanisa wenzeka kanjani manje? (b) Isiphi isinyathelo abantu abanhliziyo ziqotho okumelwe basithathe? (Bheka nombhalo waphansi osekhasini 21.)
18 Izigidi zezinhlanzi ezingokomfanekiso ezivela olwandle lwesintu ziye zadonsekela ebandleni likaJehova ezikhathini zanamuhla. Ezinye zazo ziba khona eSikhumbuzweni, ezinye emihlanganweni yethu, kanti ezinye ziqhutshelwa izifundo zeBhayibheli. Kodwa ingabe zonke lezi zinhlanzi ezingokomfanekiso zigcina zingamaKristu eqiniso? Zingase ‘zihudulelwe ogwini,’ kodwa uJesu usitshela ukuthi yizinhlanzi “ezinhle” kuphela ezibuthelwa ezitsheni, ezimelela amabandla obuKristu. Ezingafaneleki ziyalahlwa, ekugcineni ziphonswe esithandweni somlilo esingokomfanekiso esisho ukubhujiswa esikhathini esizayo.
19 Njengezinhlanzi ezingafaneleki, abaningi abake batadisha iBhayibheli nabantu bakaJehova baye bayeka ukufunda. Abanye abazalwa ngabazali abangamaKristu abakaze ngempela bathande ukulandela ezinyathelweni zikaJesu. Abazange bathande ukwenza isinqumo sokukhonza uJehova noma baye bayeka ngemva kokumkhonza isikhashana.c (Hez. 33:32, 33) Nokho, kubaluleke kakhulu ukuba bonke abanhliziyo ziqotho bavume ukubuthelwa emabandleni anjengezitsha ngaphambi kosuku lokugcina lokwahlulela futhi bahlale endaweni ephephile.
20, 21. (a) Ukubukeza imifanekiso kaJesu kusifundiseni ngokukhula? (b) Yini ozimisele ukuyenza?
20 Ngakho, sifundeni kulokhu kubukeza kwethu okufushane imifanekiso kaJesu ephathelene nokukhula? Okokuqala, njengokukhula kohlamvu lwesinaphi, kuye kwaba nokukhula okukhulu ngokuphathelene nomsebenzi woMbuso lapha emhlabeni. Akukho lutho olunganqanda ukudlondlobala komsebenzi kaJehova! (Isaya 54:17) Ngaphezu kwalokho, labo abaye bafuna “indawo yokuhlala ngaphansi komthunzi [walo muthi]” bayavikeleka ngokomoya. Okwesibili, nguNkulunkulu okhulisayo. Njengoba imvubelo efihlekile yagcwala inhlama yonke, lokhu kwanda bekungabonakali noma kuqondwe ngokushesha ngaso sonke isikhathi, kodwa khona bekulokhu kwenzeka! Okwesithathu, akubona bonke abasabela abaye bazibonakalisa befaneleka. Abanye baye baba njengezinhlanzi ezingafaneleki emfanekisweni kaJesu.
21 Nokho, yeka ukuthi kukhuthaza kanjani ukubona uJehova edonsa abaningi kangaka abafanelekayo! (Joh. 6:44) Lokhu kuye kwaholela ekwandeni okumangalisayo emazweni ngamazwe. Lonke udumo luya kuJehova uNkulunkulu ngalokhu kwanda. Njengoba sikubona ngawethu, ngamunye kithi kufanele ashukunyiselwe ukuba alalele lo myalo owabhalwa emakhulwini amaningi eminyaka edlule: “Hlwanyela imbewu yakho ekuseni . . . , ngoba awazi ukuthi yikuphi lapho le iyophumelela khona, kungaba lapha noma laphaya, noma ukuthi zombili ziyoba zinhle ngokufanayo.”—UmSh. 11:6.
[Imibhalo yaphansi]
a Izincazelo ezilandelayo zilungisa okwachazwa ngaphambili kuyi-Nqabayokulinda ka-June 15, 1992, amakhasi 17-22 nakweka-April 1, 1976, amakhasi 149-168 [ngesiNgisi eka-October 1, 1975, amakhasi 589-608].
b Nakuba uMathewu 13:39-43 ekhuluma ngesici esihlukile somsebenzi wokushumayela ngoMbuso, ugcwaliseka ngasikhathi sinye nomfanekiso wenetha, okungukuthi, phakathi ‘nesiphelo sesimiso sezinto.’ Ukuhlukaniswa kwezinhlanzi ezingokomfanekiso kuyinto eqhubekayo, njengoba nje nomsebenzi wokuhlwanyela nokuvuna wenzeka ngokuqhubekayo phakathi nayo yonke le nkathi.—INqabayokulinda ka-October 15, 2000, amakhasi 25-26; Khulekela Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso, amakhasi 178-181, izigaba 8-11.
c Ingabe lokhu kusho ukuthi wonke umuntu oye wayeka ukufunda noma ukuzihlanganisa nabantu bakaJehova useye walahlwa izingelosi njengongafaneleki? Cha! Uma umuntu efisa ngobuqotho ukubuyela kuJehova, uyomamukela.—Mal. 3:7.
Ungaphendula Kanjani?
• Umfanekiso kaJesu ngohlamvu lwesinaphi usifundisani ngokukhula koMbuso nokuvikeleka ngokomoya?
• Imvubelo esemfanekisweni kaJesu imelelani, futhi iliphi iqiniso uJesu aliqokomisayo ngokukhula koMbuso?
• Isiphi isici sokukhula koMbuso esigcizelelwa umfanekiso wenetha?
• Singaqiniseka kanjani ukuthi sihlale siphakathi kwalabo abaye ‘babuthelwa ezitsheni’?
[Izithombe ekhasini 18]
Umfanekiso wohlamvu lwesinaphi usifundisani ngokwanda koMbuso?
[Isithombe ekhasini 19]
Sifundani emfanekisweni wemvubelo?
[Isithombe ekhasini 21]
Yini efanekiselwa ukuhlukaniswa kwezinhlanzi ezinhle kwezingafaneleki?