“Phikelelani”
“Phikelelani ukungena ngomnyango omncinyane; ngokuba ngithi kini: Abaningi bayakufuna ukungena, bahluleke.”—LUKA 13:24.
1. Yini abantu abaningi abayifisayo?
BUZA uRobbie oneminyaka eyisithupha ubudala ukuthi kungani ethanda ukuya eHholo LoMbuso, uzophendula: “Ngifunda ngoJehova nangepharadesi lapho ngingaphila khona isikhathi eside kakhulu nezilwane ezinhle.” Umzala wakhe oneminyaka emithathu, uDustin, ekuqaphela kahle okuhlala kwenziwa abazali bakhe usazi ngokuthe ngqo isikhathi esiqondile sokuba athi: “Ngifuna ukuya eHholo LoMbuso!” Lokho uRobbie akushoyo, nalokho uDustin asafunda ukukusho, kuyathakazelisa kubantu abaningi—ukuphila, ukuphila okuphakade. Abantu bafuna “ukusindiswa.” Kodwa kanjani? Ingabe ngokumane baye ezinkonzweni ezingokwenkolo?
2. (a) Kungani umuntu engenakuzizuzela insindiso? (b) Amazwi kaJesu akuLuka 13:24 akubonisa kanjani okudingekile ngensindiso?
2 Umuntu akanakuzizuzela insindiso ngokuba khona emihlanganweni noma nganoma iyiphi enye indlela. Iyisihle, isipho esivela kuNkulunkulu. Nokho, uJehova uNkulunkulu uyayidinga imizamo yethu uma sifuna ukuthola isipho sakhe sokuphila okuphakade. (Roma 6:23) Iyini? Phakathi kokunye, ukuphikelela enkonzweni yakhe! Lezinyathelo kumelwe zishukunyiswe ukwazisa koqobo. INdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu, wake wabuzwa indoda ukuthi: “Nkosi, bayingcosana abasindiswayo na?” Impendulo kaJesu ayihlanganisanga kuphela owayebuzile kodwa futhi bonke abanye abanesithakazelo ekusindisweni, kuhlanganise nathi. Waphendula: “Phikelelani ukungena ngomnyango omncinyane; ngokuba ngithi kini: Abaningi bayakufuna ukungena, bahluleke.”—Luka 13:23, 24.
3. (a) Kungani umbuzo walendoda wawungajwayelekile? (b) UJesu usihilela kanjani empendulweni yakhe?
3 Umbuzo wendoda engabizwanga ngegama wawungajwayelekile. Yabuza: “Bayingcosana abasindiswayo na?” hhayi ukuthi, “Ingabe mina ngiyoba phakathi kwabayingcosana abayosindiswa?” noma, “Ngingasindiswa kanjani?” Mhlawumbe ifilosofi yamaJuda yokuthi inani elilinganiselwe kuphela labantu abayosinda yayiqhubela kulowombuzo wayo wokuqagela.a Kungakhathaliseki ukuthi wawuyini umthombo walolosikisiki lwakhe lokufuna ukwazi, uJesu ngokushesha wasusa lombuzo esimweni semfundiso ecatshangelwayo wawuyisa kuleso sokusebenza okungokoqobo—usebenze kumuntu siqu. Waphoqelela owayebuza ukuba acabange ngalokho okwakudingeka ukuba akwenze ukuze asinde. Kodwa ngaphezu kwalokho, njengoba amazwi kaJesu athi “phikelelani” asebuningini, kumelwe futhi ashukumisele nathi ukuba sicabange ngokujulile ngendlela yethu yokukhulekela.
4. Yini okumelwe siyenze ukuze sizuze ukuphila okuphakade?
4 Ngakho-ke, ukuphila okuphakade akulula ukukuzuza njengoba abanye abantu bengase bacabange. UJesu ugcizelela umsebenzi onzima, umzamo oqhubekayo, njengendlela ‘yokungena ngomnyango omncinyane.’ Lokhu kuphikelela okungaxegiyo kunikezwa amandla ukholo oluqinile, olwakhelwe ekulaleleni izimfundiso zikaKristu. Ngakho-ke ukuze sizuze insindiso kumelwe senze okwengeziwe ‘kunokuzwa amazwi akhe’; kumelwe siphikelele njalo ‘ekuwenzeni.’—Luka 6:46-49; Jakobe 1:22-25.
Kumelwe “Ulwe” Manje
5. (a) Asho ukuthini amazwi kaJesu athi, “Phikelelani”? (b) Lawomazwi ayinezela kanjani injongo eyengeziwe embonweni wakho wenkonzo engcwele?
5 Lisho ukuthini igama elithi “phikelela”? NgesiGreki sakuqala, leligama lithi a·go·niʹze·sthe, lisuselwa egameni elithi (a·gonʹ) elisho “indawo yokuncintisana.” “Lwelani,” yileyondlela iThe Kingdom Interlinear Translation ekubeka ngayo. Ngokuthakazelisayo, kulo leligama eliyisenzo lesiGreki sithola igama lesiNgisi elithi “khandla.” Ngakho ake ubone ngamehlo engqondo inkundla yasendulo futhi ubone umgijimi manje ezikhandla, noma ephikelela ngawo wonke amandla akhe, ukuze azuze umklomelo. Khona-ke, nakuba igama lesiGreki eliyisenzo elihilelekile lapha lingase libe igama elisebenza ekuncintisaneni emidlalweni yamaGreki, ligcizelela isiyalo sikaJesu sokuthatha isinyathelo somphefumulo wonke. Umzamo ongaphelele awunakuphumelela.—Luka 10:27; qhathanisa neyoku-1 Korinte 9:26, 27.
6. Kungani kumelwe siphikelele manje?
6 Kumelwe sikwenze nini futhi isikhathi esingakanani ‘ukulwela ukungena ngomnyango omncinyane’? (Luka 13:24, The New English Bible) Bhekisisa amazwi kaJesu akuLuka 13:24 futhi uphawule indlela abeka ngayo inkathi yamanje, “phikelelani,” nenkathi ezayo, “bayakufuna.” Khona-ke, simanje isikhathi sokulwa. Ngokusobala, laba abavinjelwe ukungena bafuna ukungena ngesikhathi esivumelana nabo kuphela. Kodwa ngalesosikhathi sekwephuze kakhulu; umnyango wethuba uyavalwa futhi uhluthulelwe. UJesu uyaqhubeka ephawula kuLuka 13:25 ukuthi uma umninindlu esewuhluthulele umnyango, abantu bayoqala ukungqongqoza futhi bancenge: “Nkosi, sivulele, uyakuphendula, athi: Anginazi lapho nivela khona.” Yeka umphumela odabukisayo olindele labo abangakwenzi ukukhulekela uJehova kube yinjongo eyinhloko ekuphileni kwabo manje!—Mathewu 6:33.
7. AbaseFilipi 3:12-14 bakubonisa kanjani ukuphikelela okuqhubekayo, futhi kungani?
7 Ukulwa kwethu kuyaqhubeka. Akekho kithi osengene ngokuphelele ‘emnyango omncinyane.’ UPawulu wakuqaphela lokhu. Umncintiswano wakhe wokuphila wawuwumzamo okhandlayo wansuku zonke. Wabhala: “Kungesikho ukuthi sengibambile nokuthi sengiphelelisiwe, kepha ngijonga ukuba kumbe ngingakubamba yini lokho nami engabanjelwa khona nguKristu Jesu. Bazalwane, angisho ukuthi mina uqobo sengikubambile; kepha kunye engikwenzayo: ngikhohlwa okungasemuva, ngizelulela kokungaphambili, ngijonge emgomweni, emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu nguNkulunkulu kuJesu Kristu.” (Omalukeke sizenzele.)—Filipi 3:12-14.
8. (a) Yini evimbela “abaningi” ekuphileni okuphakade? (b) Isiphi isixwayiso lokhu okusinikeza sona?
8 Obani “abaningi,” futhi kungani bengakwazi ukungena? “Abaningi” bafaniswa neLobukholwa, ikakhulukazi abefundisi balo. Benza sengathi bazana kakhulu noJesu, bayingxenye yomkhaya wakhe, ngokuba bathi ‘badla futhi baphuza naye.’ Kodwa ngenxa yokuthi bafuna insindiso ngendlela yabo, kungeyona ekaNkulunkulu, uJesu ukuphika ngokuphelele ukuthi uyabazi futhi ubabheka ‘njengabasebenzi bokungalungi.’ (Luka 13:26, 27) Abantu abavalelwa ekungeneni ekuphileni okuphakade bangase futhi bahlanganise ngisho nalabo abaye bayidebeselela inkonzo yabo engcwele kuJehova futhi manje abathatha ukukhulekela kweqiniso ‘kalula.’ Intshiseko yabo ezithakazelweni zoMbuso iye yaba ngesivivi. (IsAmbulo 3:15, 16) Iqiniso, kungenzeka basenaso ‘isimo sokwesaba uNkulunkulu’—inkonzo yasensimini yokukhohlisa nje nokuya emihlanganweni—kodwa bantule ubufakazi bohlobo lokukholwa olungamandla oqobo ashukumisela ekukhulekeleni okuhlanzekile. (Qhathanisa neyesi-2 Thimothewu 3:5.) Bayahluleka ukuqaphela ukuthi ukufuna nje ukungena “ngomnyango omncinyane” akwanele. Umuntu kumelwe alwe ukuze angene.
Isizathu Sokungena “Ngomnyango Omncinyane”
9. Kungani ukungena ngomnyango omncinyane kudinga ukuphikelela?
9 Umnyango omncinyane oya ekusindisweni uvulekele bonke. Kodwa “abaningi” abafuni ukulwa ukuze bangene. Yiziphi izici ezithile ngokuqondene nokungena ngomnyango omncinyane ezidinga ukuphikelela? Umuntu kumelwe azuze kuqala ulwazi oluqondile lweqiniso leBhayibheli, futhi azi uJehova uNkulunkulu noKristu Jesu. (Johane 17:3) Lokhu kusho ukubekela eceleni amasiko nemikhuba yezinkolo zezwe, kuhlanganise neyeLobukholwa. Kudinga ukwenza intando kaNkulunkulu, njengoba uJesu ayenza ngesikhathi elapha emhlabeni. (1 Petru 2:21) NjengomKristu ozinikezele, wabhapathizwa, umuntu kufanele agweme izinto ezibonakalayo, ukuziphatha okubi, nokungcola kwezwe. (1 Johane 2:15-17; Efesu 5:3-5) Lezizinto kumelwe zikhunyulwe futhi esikhundleni sazo kube nezimfanelo ezinjengezikaKristu.—Kolose 3:9, 10, 12.
10. Ibuphi ubuhlobo ukuzithiba okunabo ekuzuzeni kwethu ukuphila okuphakade?
10 ‘Abayingcosana’ bayakwazi ukubaluleka kwentshiseko enkonzweni, ehambisana nokubonakaliswa kwezithelo zomoya, kuhlanganise nokuzithiba. (Galathiya 5:23) Ngosizo lomoya ongcwele kaJehova, balwela ukulawula imizimba yabo futhi bayiqondise emgomweni wokuphila okuphakade.—1 Korinte 9:24-27.
Asho Ukuthini Amazwi KaJesu Kuwe?
11. (a) Kukuziphi izici zokuphila abanye abangase badinge kuzo ukuphikelela, futhi ngani? (b) Kukumuphi umsebenzi bonke abangaphikelela kuwo?
11 Kungakhathaliseki ukuthi sisanda kubhapathizwa noma sesiye sasebenza nenhlangano kaJehova amashumi eminyaka, akunakuba bikho ukukhathala emzamweni wethu wokumthokozisa. Njengoba amazwi kaJesu ebonisa ngokusobala, kumelwe sibe ngomphefumulo wonke ekuzinikeleni kwethu kuJehova, sizimisele ukungena ngomnyango omncinyane ngaphansi kwanoma iziphi izimo. Nakuba uJesu ayengakhulumi nje ngokuthuthukisa nokwandisa inkonzo yethu kuNkulunkulu, ngabanye bethu, ukuphikelela kudingekile ukuze sithuthukise ukuziphatha kwethu noma sehlukane nemikhuba emibi ukuze ‘singabekeli muntu nasinye isikhubekiso nangokukodwa.’ (2 Korinte 6:1-4) Abanye bethu badinga ukuqaphelisisa njalo isimiso esikahle sesifundo somuntu siqu ukuze ‘uthando lwethu luvame kakhulu njalo ekwazini nasekuqondeni konke.’ (Filipi 1:9-11) Abanye kusadingeka benze umzamo owengeziwe wokuba khona nokuhlanganyela njalo emihlanganweni yebandla, kuhlanganise neSifundo Sencwadi Sebandla. (Heberu 10:23-25) Kodwa sonke singabheka inkonzo yethu yasensimini yomuntu siqu ukuze sibone ukuthi siphikelela ngempela yini ekwenzeni “umsebenzi womvangeli.”—2 Thimothewu 4:5.
12. Ukuze sihlole izinga lokuphikelela kwethu ngokomoya, imiphi imibuzo esingayibuza?
12 Ngenani elandayo, intuthuko ekuphikeleleni kwabo ekuthokoziseni uJehova iye yabenza bafanelekela inkonzo yobuphayona obusizayo, ubuphayona obuvamile, noma eyaseBethel. Kodwa kuthiwani ngawe? Uma ungummemezeli woMbuso, ingabe ungayingenela inkonzo yobuphayona obusizayo izikhathi ezihlukahlukene ngonyaka noma ube ngisho nayiphayona elivamile? Uma kakade usuyiphayona elisizayo, ingabe uyayifanelekela inkonzo yobuphayona obuvamile? Uma kungenjalo, kungani ungakucabangeli ukwenza kanjalo? Ngalendlela ungabusiswa ekuhlakuleleni ubuhlobo obuseduze ngisho nangokwengeziwe noJehova uNkulunkulu noJesu Kristu.—IHubo 25:14.
Ingabe Ungaphikelela Ukuze Ukwazi Ukuphayona?
13. (a) Uma ufuna ukuba yiphayona, yiziphi izinto ezimbili ezibalulekile? (b) Ukuze uphayone, kukuziphi izici zokuphila lapho ukulungisa kungadingeka ukuba kwenziwe khona?
13 Uma ubungase ube yiphayona elivamile kodwa ungakabi yilo, ingabe ‘ungalwela’ ukwenza ushintsho ekuphileni kwakho ukuze uphayone? Izinto ezimbili zibalulekile. Okokuqala, kumelwe ube nesifiso. Okwesibili, kumelwe izimo zikuvumele. Uma untula isifiso, sikhulekele. Khuluma namaphayona. Yandisa umsebenzi wakho wamanje njengommemezeli webandla. Hlanganyela enkonzweni yobuphayona obusizayo noma nini lapho kunokwenzeka. Uma izimo zakho zingayivumeli inkonzo enjalo okwamanje, bheka ukuthi kukhona yini lapho ungenza khona ushintsho. Inkosikazi esebenzayo kungase kungadingeki isebenze. Osedlule eminyakeni yokuthola umhlala-phansi kungase kungadingeki ukuba aqhubeke esebenza. Izinga eliphambili lokuphila, ukusebenzisa imali eningi eholideni, izimoto zamuva, nokunye, akuzona izinto ezibalulekile ekuphileni.—Luka 12:15; 1 Johane 2:15-17.
14. (a) Kungani umbhangqwana othile oshadile ungeneliswanga ukuhlala ungabamemezeli bebandla? (b) Imuphi umgomo abawubekela abantwana babo?
14 Omunye uyise wamadodana amathathu, amabili awo awakevi eshumini elinambili waqala ukuphayona eminyakeni eyisithupha edlule. Kungani? “Ngangifuna ukwenza okwengeziwe,” wachaza. “Uma ngangingase ngikwazi ukuba yiphayona elivamile kodwa ngingelona, ngangiyobe angiphili ngokuvumelana nokuzinikezela kwami.” Umkakhe naye waqala ubuphayona obuvamile. Kungani? Uthi, “Bengilokhu ngiyiphayona elisizayo iminyaka emine futhi ekugcineni ngabona ukuthi kwase kulula. Ngangifuna ukuba nengxenye egcwele kulomsebenzi ongeke usaphindwa nokubekela amadodana ethu isibonelo esihle.” Lendoda nomkayo bobabili bathola iqiniso ngemva kokuqeqeshwa kwaseyunivesithi. “Abazali bethu babefuna ukuba siye ekholiji iminyaka emine,” kusho uyise. Ngakho-ke, imiphi imigomo abayibekela amadodana abo? “Ngenza abafana bami bazi ukuthi sithanda ukuba baphayone futhi basebenzise okungenani iminyaka emine beseBethel.”
15. (a) Kungaziphi izizathu abanye beye baphikelela ukukhonza njengamaphayona avamile? (b) Isiphi isizathu esingakwenza uthande ukuba senkonzweni yesikhathi esigcwele?
15 Okulandelayo kuyizizathu ezenza abanye banqume ukuba amaphayona avamile:
“Ngangingayi ndawo ngokomoya, okuyinto eyayingikhathaza.” (Robert H.)
“Angizange neze nganeliseke njengommemezeli ophuma njalo.” (Rhea H.)
“Ubuphayona bunikeza ukuphila kwami isiqondiso nenjongo.” (Hans K.)
“Ngangifuna ukukhonza uJehova ngokuphelele, futhi ubuphayona babuyindlela yami yokwenza lokho kanye.” (Charanjit K.)
“Bengiyozisola uma bengingasebenzisanga imizamo yami, amandla, nobusha ekuhlanganyeleni kulomsebenzi omkhulu.” (Gregory T.)
“UJehova ubusisa umzamo kuphela. Kwakudingeka ukuba ngimnikeze okuthile azokubusisa.” (Graceann T.)
“Ubuphayona bungisiza ukuba ngibonise indlela engizizwa ngayo ngoJehova.” (Marco P.)
“Ukusebenza umsebenzi wokuziphilisa isikhathi esigcwele akuzange kunginikeze injabulo engangiyiphawula kumaphayona.” (Nancy P.)
Yiziphi izizathu ongazinezela kuloluhlu?
Ingabe Wenza Konke Okusemandleni Akho?
16. Ingabe amaphayona yiwo kuphela aphikelelayo? Chaza.
16 OFakazi BakaJehova abaningi baye bahlola izimo zabo siqu ngokwethembeka nangomthandazo futhi baye bathola ukuthi benza konke okusemandleni ngaphansi kwezimo zabo zamanje. Mhlawumbe ungomunye wabo. Uma kunjalo, yima isibindi, uJehova neNdodana yakhe bayakunakekela futhi bayazisa ngempela inkonzo yakho yomphefumulo wonke. (Qhathanisa noLuka 21:1-4.) Ngokwesibonelo, ngenxa yezimo ezingezinhle zezombangazwe nezomnotho, kwamanye amazwe abazalwane bethu kuye kwadingeka basebenze amahora ayisishiyagalolunye ngosuku, izinsuku eziyisihlanu noma eziyisithupha ngesonto, ukuze nje bathole izidingo zokuphila. Ezweni lapho umsebenzi woFakazi BakaJehova ungaphansi kokuvinjelwa uhulumeni, labo abaphayonayo—futhi lamazwe anenani elikhulayo lamaphayona—ngokuvamile abantu asebethole umhlala-phansi, intsha esebenza ebusuku, nomama (abanabantwana) abaye bakhululwa uHulumeni ukuba bangasebenzi emsebenzini wokuziphilisa.
17. Indaba kaEphafrodithu ibonisa kanjani ukuthi uJehova akalilinganisi izinga lokuphikelela kwethu kuphela ngobungako bomsebenzi esiwenza enkonzweni yakhe?
17 Nokho ungase uthi, ‘Ngifisa sengathi ngabe nginamandla angeziwe. Uma ngingase ngibe musha futhi!’ Kodwa ungadumali. Ukuphikelela kwethu akuyi ngempela ngobungako bomsebenzi esiwenzayo enkonzweni engcwele kaNkulunkulu. Uyamkhumbula yini uEphafrodithu? Lapho ayegula, ubungako bomsebenzi wokuzikhandla ayengawenza “emsebenzini weNkosi” wawungeke uqhathaniswe nalowo awenza lapho ephila. Nokho uPawulu wamncoma ngokuphikelela kwakhe. Eqinisweni, njengoba uPawulu abonisa, kumelwe ‘sibaphathe ngokubatusa abesifazane namadoda anjalo.’—Filipi 2:25-30.
18. (a) Labo abanezimo ezibavimbelayo bangayikhuthaza kanjani inkonzo yesikhathi esigcwele ebandleni? (b) Yini wena ongayenza ukuze ukhuthaze umoya wobuphayona ebandleni lakini?
18 Nokho, kukhona okuthile ongakwenza ukuze ukhuthaze inkonzo yesikhathi esigcwele ebandleni. Kuyini lokho? Phikelela ekuboniseni umoya wobuphayona. Ngokwesibonelo, uma okwamanje ungenakuba yiphayona ngenxa yezibopho zomkhaya, ingabe ungabakhulula abanye emkhayeni wakini—umkakho, abantwana, umfowenu, noma udadewenu—ukuba baphayone? Labo abangase babe nempilo ebuthaka noma abakhubazekile bangase babe nesithakazelo sangempela kulabo abangase bakwazi ukuphayona, bahambe nabo enkonzweni yasensimini uma izimo zivuma. (Qhathanisa neyoku-1 Korinte 12:19-26.) Ngalendlela bonke ebandleni bangase baphikelele ekugcizeleleni inkonzo yesikhathi esigcwele. Imiphumela ingaba ngekhuthaza kakhulu kubo bonke!
19. Kumelwe kube yini ukuzimisela kwethu?
19 Kusho ukuthini ukuphikelela kuwe? Ingabe kusho ukuthuthukela ekubhapathizweni? Ukunqoba umkhuba othile omubi? Ukuqinisa ubuhlobo bakho noJehova ngendlela ethile? Ingabe kungasho ukuthatha inkonzo yobuphayona obusizayo? Ubuphayona obuvamile? Inkonzo yaseBethel? Noma ikuphi okudingeka kuwe ukuze wenze intuthuko engokomoya, kuwufanele umzamo wokuzikhandla manje. Ngakho-ke, sonke masiqhubeke silwa ukuze singene ngomnyango omncinyane oholela ekuphileni okuphakade!
[Umbhalo waphansi]
a Inani lalabo abasindiswayo laliyinkinga engokwenkolo okwakuphikiswana ngayo kakhulu phakathi kwabefundisi. Izikhombo zelinye iBhayibheli ziyaphawula: “Phakathi kwezimfundiso ezicatshangelwayo ezingajwayelekile zaBefundisi, enye kwakuwumzamo wokufanelanisa inani labasindiswayo nenani lezinhlamvu zombhalo ophathelene nalokho.”
Amaphuzu Okucatshangelwa
◻ UJesu wayesho ukuthini lapho eluleka, “Phikelelani”?
◻ Amazwi kaJesu asebenza nini futhi kanjani kuwe?
◻ Kungani “abaningi” bengakwazi ukungena ngomnyango omncinyane?
◻ Bangaphikelela kanjani labo abanezimo ezibavimbelayo?
◻ Kumelwe sikulwele kuze kube nini ukungena ngomnyango omncinyane?