Ukudla Okwanele Komhlaba Wonke Kuyaqinisekiswa—Ngaziphi Izindlela?
“IMIZAMO yethu ekhethekile ingase ingeneli ekugcineni ukudla okwanele okuye kwaba khona engxenyeni enkulu yaleli khulu leminyaka,” kusho uLester Brown, umongameli we-Worldwatch Institute eWashington, D.C. Ngokukamagazini i-New Scientist, ekuqaleni kuka-1995, okusanhlamvu komhlaba okugciniwe kuye kwehla ngokokuqala ngqá kwaba amathani ayizigidi ezingu-255—kwanela ukondla umhlaba izinsuku ezingu-48 kuphela. Eminyakeni edlule lapho okusanhlamvu okugciniwe kwehla kuba okwezinsuku ezingu-60, kwakukwazi ukuphinde kubuyele esimweni esivamile. Kodwa manje i-Worldwatch ayiqiniseki ngamandla omhlaba okukwazi ukubuyisela lokho okuwulahlekele.
Ngemva kweminyaka emithathu yesivuno esingesihle nanjengoba amazwe engeziwe asathuthuka ondla imfuyo ngokusanhlamvu, kunokusanhlamvu okuncane okungatholwa abampofu abakudinga njengokudla okuyisisekelo. I-New Scientist ixwayisa ngokuthi uma isimo singatholi ukunakekela okusheshayo, abantu abayizigidi eziyinkulungwane abasebenzisa okungenani amaphesenti angu-70 eholo labo ekudleni bangase baqale ukulamba.
IBhayibheli labikezela ukuthi izakhamuzi zomhlaba esikhathini sethu zaziyobhekana “nokuswelakala kokudla.” (Luka 21:11) Nokho uNkulunkulu akayishayi indiva lenkinga. Yebo, ukukhathazeka kwakhe ngosizi lwabantu ekugcineni kuyobonakala lapho uMbuso wakhe ulawula izindaba zomhlaba. Ngaleso sikhathi ‘umhlaba uyothela izithelo zawo.’ “Kuyakuba-khona inala kakolweni ezweni esiqongweni sezintaba.” (IHubo 67:6; 72:16) Khona-ke lamazwi esiprofetho ngoMdali ayogcwaliseka: “Uhambela umhlaba, unisa imvula, uwuvundisa kakhulu . . . Nezigodi zisibekelwe ngamabele.”—IHubo 65:9, 13.
Ingabe leso sithembiso esimangalisayo siyakukhanga? Ungathanda ukwazi ukuthi ungaba kanjani ingxenye yaso? Khona-ke cela ukuba oFakazi BakaJehova bakutshele okwengeziwe ngaleli Pharadesi elithenjisiwe uma befika lapho uhlala khona. Uma ungathanda ukuba othile afike lapho uhlala khona azokuqhubela isifundo seBhayibheli samahhala, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ekhelini elifanele ekhasini 2.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]
Inset: Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.