Londoloza Umbono Olinganiselayo Ngotshwala
“Iwayini lingumhleki wosulu, uphuzo oludakayo lunomsindo, noma ubani oduka ngalo akahlakaniphile.”—IZAGA 20:1.
1. Umhubi wawuveza kanjani umuzwa wakhe wokubonga ngezinye zezipho ezinhle ezivela kuJehova?
“ZONKE izipho ezinhle nazo zonke izipho eziphelele zivela phezulu, ngoba zehla zivela kuYise wezinkanyiso zasezulwini,” kubhala umfundi uJakobe. (Jakobe 1:17) Ebonga uNkulunkulu ngezipho zakhe eziningi ezinhle, umhubi wahlabelela: “Wenza ukuba utshani obuluhlaza buhlumele izilwane, nezimila ngenjongo yokuba zisetshenziswe isintu, ukuze abangele ukudla ukuba kuhlume emhlabeni, newayini elenza inhliziyo yomuntu ofayo ijabule, ukuze enze ubuso bucwebezele ngamafutha, nesinkwa esisekela inhliziyo yomuntu ofayo.” (IHubo 104:14, 15) Iwayini nolunye uphuzo oludakayo kuyizipho ezinhle ezivela kuNkulunkulu, njengezimila, isinkwa namafutha. Kufanele sizisebenzise kanjani?
2. Imiphi imibuzo esizoyicabangela ngokuphuza utshwala?
2 Isipho esijabulisayo sihle kuphela uma sisetshenziswa kahle. Ngokwesibonelo, uju “luhle,” kodwa “akukuhle ukudla uju oluningi.” (IzAga 24:13; 25:27) Nakuba kulungile ukuphuza “iwayini elincane,” kodwa kuyinkinga enkulu ukweqisa ophuzweni. (1 Thimothewu 5:23) IBhayibheli liyaxwayisa: “Iwayini lingumhleki wosulu, uphuzo oludakayo lunomsindo, noma ubani oduka ngalo akahlakaniphile.” (IzAga 20:1) Nokho, kusho ukuthini ukuduka ngotshwala?a Obungakanani obuningi? Umbono onjani olinganiselayo kule ndaba?
‘Ukuduka’ Ngotshwala—Kanjani?
3, 4. (a) Yini ebonisa ukuthi iBhayibheli liyakulahla ukuphuza uze udakwe? (b) Ziyini ezinye zezimpawu zokudakwa?
3 Endulo kwa-Israyeli, indodana eyayiyisiminzi futhi iyisidakwa esingaphenduki kwakumelwe ikhandwe ngamatshe ize ife. (Duteronomi 21:18-21) Umphostoli uPawulu wayala amaKristu: “Niyeke ukuzihlanganisa nanoma ubani obizwa ngokuthi umzalwane abe eyisifebe noma engumuntu ohahayo noma okhonza izithombe noma isithuki noma isidakwa noma umphangi, ningadli ngisho nokudla nomuntu onjalo.” Kusobala ukuthi imiBhalo iyakulahla ukuphuza uze udakwe.—1 Korinte 5:11; 6:9, 10.
4 Lapho lichaza izimpawu zokudakwa, iBhayibheli lithi: “Ungalibheki iwayini lapho liveza umbala obomvu, lapho lizoyiza endebeni, lapho lehla ngokushelela. Ekupheleni kwalo liluma njengenyoka, likhipha ubuthi njengenyoka enesihlungu. Amehlo akho ayobona izinto eziyinqaba, nenhliziyo yakho iyokhuluma izinto ezonakele.” (IzAga 23:31-33) Ukuphuza ngokweqile kuluma njengenyoka enesihlungu, kubangele ukugula, ukudideka kwengqondo ngisho nokuquleka. Umuntu odakwayo angase abone “izinto eziyinqaba” ngoba angase abone noma acabange izinto ezingekho. Futhi angase angabi namahloni okukhuluma imicabango nezifiso ezonakele lezo ngokuvamile azicindezelayo.
5. Ukuphuza ngokweqile kuyingozi ngayiphi indlela?
5 Kuthiwani uma umuntu ephuza utshwala kodwa eqaphela ukuba angafiki eqophelweni lapho ebonakala khona ukuthi udakiwe? Abanye abantu ababonakali ukuthi badakiwe ngisho sebephuze izingilazi eziningi zotshwala. Nokho, ukucabanga ukuthi umkhuba onjalo awunangozi kuwukuzikhohlisa. (Jeremiya 17:9) Kancane, kancane, umuntu angagcina engasakwazi ukuphila ngaphandle kotshwala, abe ‘yisigqila sewayini eliningi.’ (Thithu 2:3) Ngokuphathelene nokuba umlutha wotshwala, umbhali uCaroline Knapp uthi: “Ukuba umlutha wotshwala kuyinto eyenzeka kancane kancane, kunganakekile, ngomshoshaphansi.” Akuve kuwugibe ukuzitika ngophuzo oludakayo.
6. Kungani umuntu kufanele agweme ukweqisa otshwaleni nasekudleni?
6 Cabanga nangesixwayiso sikaJesu: “Qaphelani ukuba izinhliziyo zenu zingalokothi zisindwe ukuminza nokuphuza kakhulu nezinkathazo zokuphila, ngokungazelelwe lolo suku lunifice ngaso leso sikhathi, njengogibe. Ngoba luyofikela bonke abahlala kuwo wonke umhlaba.” (Luka 21:34, 35) Akudingekile ukuba umuntu aze adakwe ngaphambi kokuba ozele futhi avilaphe—ngokoqobo nangokomoya. Kungenzekani uma usuku lukaJehova lungamfica ekuleso simo?
Lokho Ukweqisa Ophuzweni Okungaholela Kukho
7. Kungani ukuphuza ngokweqile kungavumelani nesiqondiso esikweyesi-2 Korinte 7:1?
7 Ukuphuza utshwala ngokweqile kuchaya umuntu ezingozini eziningi—ezingokwenyama nezingokomoya. Ezinye zezifo ezibangelwa ukweqisa ophuzweni ukuqina kwesibindi, ukusha kwesibindi nokuphazamiseka kwemizwa njengokuhhema. Ukuphuza ngokweqile isikhathi eside kungabangela nomdlavuza, isifo sikashukela nezinye zezifo zenhliziyo nesisu. Kusobala ukuthi ukuphuza ngokweqile akuvumelani nesiqondiso somBhalo esithi: “Masizihlanze kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, siphelelisa ubungcwele ngokwesaba uNkulunkulu.”—2 Korinte 7:1.
8. NgokwezAga 23:20, 21, ingaba yini imiphumela yokweqisa ophuzweni?
8 Ukweqisa ophuzweni kungasaphaza imali, kubangele ngisho nokulahlekelwa umsebenzi. INkosi uSolomoni yakwa-Israyeli wasendulo yaxwayisa: “Ungabi phakathi kwezinseli zewayini, phakathi kwamakloza.” Ngani? Yachaza: “Ngoba isidakwa nesiminzi bayoba mpofu, futhi ukozela kuyokwembathisa umuntu amanikiniki nje.”—IzAga 23:20, 21.
9. Kungani kuwukuhlakanipha ngomuntu ukugwema iziphuzo ezidakayo uma ezoshayela?
9 Iveza enye futhi ingozi, i-Encyclopedia of Alcoholism ithi: “Ukuhlola kuye kwabonisa ukuthi utshwala benza umuntu angakwazi ukushayela kahle, okuhlanganisa nokungakwazi ukuthatha isinyathelo ngokushesha, ukuhlobanisa izinto, ukunaka, ukubona nokwenza izinqumo.” Imiphumela yokuhlanganisa ukushayela nokuphuza iyinhlekelele. E-United States kuphela, unyaka ngamunye kufa amashumi ezinkulungwane kulimale amakhulu ezinkulungwane ezingozini zezimoto ezihlobene notshwala. Abahileleka kalula kule ngozi yintsha, yona engenalwazi olutheni ekushayeleni nasekuphuzeni. Umuntu angashayela yini ngemva kokuphuza izingilazi eziningana zotshwala ebe ethi uyakuhlonipha ukuphila njengesipho esivela kuJehova uNkulunkulu? (IHubo 36:9) Njengoba ukuphila kungcwele, kungcono kakhulu ukuba umuntu angaziphuzi nhlobo iziphuzo ezidakayo uma ezoshayela.
10. Utshwala bungayithinta kanjani ingqondo, futhi kungani kuyingozi lokho?
10 Ukuphuza ngokweqile akubalimazi emzimbeni kuphela abantu, kodwa nangokomoya. ‘Iwayini kanye newayini elimnandi kususa isisusa esihle,’ kusho iBhayibheli. (Hoseya 4:11) Utshwala buthinta ingqondo. “Lapho umuntu ephuza,” kuchaza incwadi ekhishwa yi-U.S. National Institute on Drug Abuse, “utshwala bumuncwa isimiso sokugaya ukudla bungene egazini bufike ebuchosheni masinyane. Buqala ukuthuntubeza izingxenye zobuchopho ezilawula ukucabanga kanye nemizwelo. Umuntu uzizwa engasenamahloni kangako, ekhululeke kakhudlwana.” Kuleso simo, kulula kakhulu ‘ukuduka,’ ukuziphatha ngendlela engafanele nokuchayeka ezilingweni eziningi.—IzAga 20:1.
11, 12. Ukuphuza ngokweqile kungalimaza kanjani ngokomoya?
11 Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli liyayala: “Kungakhathaliseki ukuthi niyadla noma niyaphuza noma nenza noma yini enye, zonke izinto zenzeleni inkazimulo kaNkulunkulu.” (1 Korinte 10:31) Ukuphuza utshwala kakhulu kuke kumkhazimulise yini uNkulunkulu? Ngokuqinisekile umKristu uyofuna ukukugwema ukuba nedumela lokuphuza ngokweqile. Idumela elinjalo lingaletha isihlamba, hhayi inkazimulo, egameni likaJehova.
12 Kuthiwani uma ukweqisa komKristu ophuzweni kukhuba omunye akholwa naye, mhlawumbe umfundi omusha? (Roma 14:21) UJesu waxwayisa: “Noma ubani okhubekisa oyedwa kulaba abancane abanokholo kimi, kungcono kakhulu kuye ukuba kugaxwe entanyeni yakhe itshe lokugaya elinjengalelo eliphendulwa yimbongolo, acwiliswe olwandle oluvulekile.” (Mathewu 18:6) Umphumela wokuphuza ngokweqile ungaba futhi ukulahlekelwa amalungelo ebandleni. (1 Thimothewu 3:1-3, 8) Okungafanele kushalazelelwe izingxabano emkhayeni ezingabangelwa ukweqisa ophuzweni.
Gwema Izingozi—Kanjani?
13. Yini ebalulekile ukuze umuntu agweme ukweqisa ophuzweni?
13 Isihluthulelo sokugwema izingozi zokweqisa ophuzweni ukukwazi ukubona umngcele, hhayi phakathi kokuphuza ngokweqile nokudakwa, kodwa phakathi kokulinganisela nokuphuza ngokweqile. Ubani ongakunqumela ukuthi owakho umngcele ukuphi? Njengoba ziziningi izici ezihilelekile, ngeke ube khona umthetho oqinile othi yizingilazi ezingaki eziningi. Umuntu ngamunye kumelwe awazi umngcele wakhe futhi agcine nganeno kwawo. Yini eyokusiza unqume ukuthi obungakanani obuningi kuwe? Ingabe sikhona isimiso esingaba isiqondiso?
14. Isiphi isimiso esiyisiqondiso esingakusiza ubone umngcele phakathi kokulinganisela nokuphuza ngokweqile?
14 IBhayibheli lithi: “Londa ukuhlakanipha okusebenzayo kanye nekhono lokucabanga, kuyoba ukuphila emphefumulweni wakho nento ethandekayo entanyeni yakho.” (IzAga 3:21, 22) Ngakho, isimiso esiyisiqondiso okumelwe sisilandele yilesi: Noma obungakanani utshwala obulikhinyabeza ngokungadingekile ikhono lakho lokwahlulela futhi buthuntubeze ikhono lakho lokucabanga beqile kuwe. Kodwa kumelwe uthembeke kuwe ngokwakho ekuboneni ukuthi ukuphi lowo mngcele!
15. Kunini lapho ngisho nengilazi eyodwa ingaba utshwala obuningi ngokweqile?
15 Kwezinye izimo, ngisho nengilazi eyodwa ingaba utshwala obuningi. Ngenxa yezingozi ezingenzeka embungwini, owesifazane okhulelwe angase akhethe ukungaphuzi nhlobo. Futhi ngeke yini kwaba ukucabangela ukugwema ukuphuza phambi komuntu owayenenkinga yokuba umlutha wotshwala noma ononembeza okulahlayo ukuphuza? UJehova wayala labo ababenza izinkonzo zobupristi etabernakele: ‘Ningaliphuzi iwayini nophuzo oludakayo, lapho niza etendeni lokuhlangana, ukuze ningafi.’ (Levitikusi 10:8, 9) Ngakho, gwema ukuphuza uphuzo oludakayo ngaphambi kokuya emihlanganweni yobuKristu, lapho usenkonzweni nalapho wenza eminye imisebenzi engokomoya. Ngaphezu kwalokho, emazweni lapho ukuphuza utshwala kwenqatshelwe khona noma kuvunyelwe kubantu asebedlule ebudaleni obuthile kuphela, kufanele ihlonishwe imithetho yezwe.—Roma 13:1.
16. Kufanele unqume kanjani lapho utshwala bubekwa phambi kwakho?
16 Lapho unikwa utshwala noma bubekwa phambi kwakho, umbuzo wokuqala okufanele uwubuze yilo: ‘Kufanele yini ngiphuze kona ukuphuza?’ Uma unquma ukuphuza, mawukucacele kahle engqondweni umngcele wakho, futhi ungaweqi. Ungavumi ukuthonywa umusa womuntu okumemile. Futhi qaphela amaqembu azitika ngotshwala ezindaweni ezinjengasemadilini omshado. Ezindaweni eziningi, umthetho uyazivumela izingane ukuba zithenge utshwala. Kungumsebenzi wabazali ukufundisa izingane zabo ngokuphuza utshwala nokuqaphela izenzo zazo kulesi sici.—IzAga 22:6.
Ungayixazulula Le Nkinga
17. Yini engakusiza ukuba ubone ukuthi unayo yini inkinga yokweqisa ophuzweni?
17 Ingabe unenkinga yokweqisa ewayinini noma ophuzweni oludakayo? Uma ukweqisa ophuzweni sekuba yisono esifihliwe, yazi ukuthi kuyobonakala ngelinye ilanga. Ngakho zihlole ngokwethembeka. Zibuze imibuzo yokuzihlola enjengokuthi: ‘Ingabe sengiphuza kaningi kunakuqala? Ingabe sengiphuza utshwala obunamandla kunakuqala? Ingabe ngiphuzela ukukhohlwa izinsizi, ukucindezeleka, noma izinkinga? Ingabe likhona ilungu lomkhaya noma umngane oseke waveza ukukhathazeka ngokuphuza kwami? Ingabe ukuphuza kwami sekudala izinkinga emkhayeni wami? Ingabe ngikuthola kunzima ukuhlala isonto, inyanga, noma izinyanga ezithile ngingaphuzi? Ingabe ngiyabafihlela abanye ukuthi ngiphuza iwayini noma utshwala obungakanani?’ Kuthiwani uma impendulo yeminye yale mibuzo inguyebo? Ungafani nomuntu ‘ozibuka ubuso esibukweni abese ekhohlwa ukuthi ungumuntu onjani.’ (Jakobe 1:22-24) Thatha izinyathelo zokulungisa inkinga. Yini ongayenza?
18, 19. Ungakuyeka kanjani ukuphuza ngokweqile?
18 Umphostoli uPawulu wayala amaKristu: “Ningadakwa yiwayini, okukhona kulo ukuzitika ngamanyala, kodwa qhubekani nigcwaliswa ngomoya.” (Efesu 5:18) Nquma ukuthi obungakanani utshwala obeqile kuwe bese ubeka imingcele efanele. Nquma ukuthi ngeke uyeqe; zithibe. (Galathiya 5:22, 23) Ingabe unabangane abakucindezela ukuba weqise? Qapha. IBhayibheli lithi: “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha, kodwa osebenzelana neziphukuphuku kuyomhambela kabi.”—IzAga 13:20.
19 Uma uphuzela ukubalekela inkinga ethile, bhekana ngqo naleyo nkinga. Izinkinga zingaxazululwa ngokusebenzisa iseluleko esivela eZwini likaNkulunkulu. (IHubo 119:105) Unganqikazi ukufuna usizo lomdala ongumKristu omethembayo. Wasebenzise ngokugcwele amalungiselelo kaJehova ukuze wakhe ingokomoya lakho. Qinisa ubuhlobo bakho noNkulunkulu. Thandaza kuye njalo—ikakhulukazi mayelana nobuthaka bakho. Mnxuse uNkulunkulu ukuba ‘acwenge izinso zakho nenhliziyo yakho.’ (IHubo 26:2) Njengoba kuxoxiwe esihlokweni esandulele, yenza konke okusemandleni akho ukuba uhambe endleleni yobuqotho.
20. Iziphi izinyathelo okungadingeka uzithathe ukuze uxazulule inkinga eqhubekayo yokweqisa?
20 Kuthiwani uma inkinga yokweqisa iqhubeka naphezu kwemizamo yakho? Sekufanele usebenzise iseluleko sikaJesu: “Uma kwenzeka isandla sakho sikukhubekisa, sinqume; kungcono kakhulu ukuba ungene ekuphileni ugogekile kunokuba uye eGehena, emlilweni ongacimekiyo, unezandla zombili.” (Marku 9:43) Impendulo ithi: Ungaphuzi nhlobo. Yilokho owesifazane esizombiza ngokuthi u-Irene anquma ukukwenza. Uthi: “Ngemva kweminyaka emibili nengxenye ngingabuthinti utshwala, ngaqala ukucabanga ukuthi mhlawumbe ingilazi eyodwa ingalunga, ukuze nje ngibone ukuthi kuzoba njani. Lapho nje ngiqala ukuzizwa ngaleyo ndlela, ngithandaza kuJehova ngaso leso sikhathi. Ngizimisele ukungalokothi ngibuphuze utshwala kuze kufike isimiso esisha—uma ngiyobuphuza nakhona.” Ukubuyeka ngokuphelele ngeke kube ukuzincisha okukhulu ukuze uthole ukuphila ezweni elisha likaNkulunkulu lokulunga.—2 Petru 3:13.
“Gijimani Ngendlela Yokuba Niwufinyelele”
21, 22. Isiphi isithiyo esingasivimba singawuqedi umncintiswano wokuphila, futhi singasigwema kanjani?
21 Efanisa ukuphila komKristu nomncintiswano, noma umqhudelwano, umphostoli uPawulu wathi: “Anazi yini ukuthi emncintiswaneni abagijimi bagijima bonke, kodwa munye kuphela owamukela umklomelo? Gijimani ngendlela yokuba niwufinyelele. Ngaphezu kwalokho, wonke umuntu onengxenye emncintiswaneni uyazithiba ezintweni zonke. Yiqiniso, bona bakwenza ukuze bathole umqhele owonakalayo, kodwa thina ongonakali. Ngakho-ke, indlela engigijima ngayo akuyona engaqinisekile; indlela engiqondisa ngayo amagalelo ami ingeyokuba ngingashayi umoya; kodwa ngiyawutuba umzimba wami futhi ngiwuphatha njengesigqila, ukuze kuthi, ngemva kokuba sengishumayele kwabanye, mina ngokwami ngingabi ongamukeleki ngandlela-thile.”—1 Korinte 9:24-27.
22 Umklomelo utholwa kuphela yilabo abawuqeda ngokuphumelelayo umncintiswano. Emncintiswaneni wokuphila, ukweqisa ophuzweni kungasivimba singawuqedi umncintiswano. Kumelwe sizithibe. Ukugijima ngokuqiniseka kudinga ukuba singazitiki ‘ngokweqisa ewayinini.’ (1 Petru 4:3) Esikhundleni salokho, kudingeka sizithibe ezintweni zonke. Uma kuziwa ekuphuzeni utshwala, siyobe senza ngokuhlakanipha uma ‘silahla ukungamhloniphi uNkulunkulu nezifiso zezwe futhi siphila ngokuhluzeka kwengqondo nokulunga nangokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu.’—Thithu 2:12.
[Umbhalo waphansi]
a Kulesi sihloko elithi “utshwala” lisho ubhiya, iwayini nogologo.
Uyakhumbula?
• Kuyini ukweqisa ophuzweni?
• Uyini umphumela omubi wokuphuza utshwala ngokweqile?
• Ungazigwema kanjani izingozi zokweqisa ophuzweni?
• Umuntu angayixazulula kanjani inkinga yokweqisa ophuzweni?
[Isithombe ekhasini 19]
Iwayini ‘lenza inhliziyo yomuntu ofayo ijabule’
[Isithombe ekhasini 20]
Kumelwe siwazi umngcele wethu futhi sigcine nganeno kwawo
[Isithombe ekhasini 21]
Nquma kusengaphambili ukuthi uzogcinaphi
[Isithombe ekhasini 22]
Thandaza njalo kuJehova ngobuthaka bakho
[Isithombe ekhasini 23]
Kungumsebenzi wabazali ukufundisa izingane zabo ngokuphuza utshwala