Umbono WeBhayibheli
Ingabe UNkulunkulu Uyazithethela Izono Ezinkulu?
ISIHE singenye yezimfanelo zikaNkulunkulu ezivelele. (IHubo 86:15) Sifinyelela kude kangakanani isihe sakhe? Umhubi wabhala: “O Jah, ukube ububheka iziphambeko, Jehova ubani obengama? Ngoba unentethelelo yeqiniso, ukuze wesatshwe.” (IHubo 130:3, 4) Omunye umbhalo ufundeka kanje: “Njengokuqhelelana kwempumalanga nentshonalanga, uzibeké kude kangako izeqo zethu. Njengoba ubaba ebonisa umusa emadodaneni akhe, kanjalo uJehova ubonisé umusa kulabo abamesabayo. Ngoba yena uyakwazi ukwakheka kwethu, ekhumbula ukuthi siluthuli.”—IHubo 103:12-14.
Ngokusobala, uJehova ubonisa isihe ngokuphelele ngaphandle kokuzigodla, futhi ucabangela ukulinganiselwa nokungapheleli kwethu—ukuthi “siluthuli.” Cabangela izibonelo ezithile zeBhayibheli ezembula izinga lesihe sikaNkulunkulu.
Umphostoli uPetru waphika uKristu kathathu. (Marku 14:66-72) Ngesikhathi engakabi ikholwa, umphostoli uPawulu washushisa abalandeli bakaKristu. Lapho abathile kubo bezobulawa, uPawulu wavumelana nalokho. Waze wagunyaza nokubulawa komunye wabo. (IzEnzo 8:1, 3; 9:1, 2, 11; 26:10, 11; Galathiya 1:13) Ngaphambi kokuba abe amaKristu, amanye amalungu ebandla laseKorinte ayeyizidakwa, abaphangi namasela. (1 Korinte 6:9-11) Kodwa onke agcina amukeleka kuNkulunkulu. Kungani uNkulunkulu awathethelela?
Izinyathelo Ezintathu Zokuthola Isihe SikaNkulunkulu
UPawulu wabhala: “Ngaboniswa isihe, ngoba ngangingazi futhi ngenza ngenxa yokuntula ukholo.” (1 Thimothewu 1:13) Amazwi akhe angagwegwesi asitshela isinyathelo sokuqala esidingekayo ukuze sithethelelwe uNkulunkulu—ukususa isigubuzelo sokungazi ngokuthola ulwazi olunembile lukaJehova nezindinganiso zakhe ezichazwe eBhayibhelini. (2 Thimothewu 3:16, 17) Ngokuqinisekile, asinakumthokozisa uMdali wethu uma singamazi kahle. Lapho ethandaza kuYise, uJesu wathi: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.”—Johane 17:3.
Lapho abanhliziyo ziqotho bezuza lolo lwazi, bazisola ngokujulile ngamaphutha abo esikhathi esidlule futhi bashukumiseleka ukuba baphenduke ngokusuka enhliziyweni. Leso isinyathelo sesibili sokuthola intethelelo kaNkulunkulu. IzEnzo 3:19 zithi: “Ngakho-ke, phendukani futhi niguquke ukuze kusulwe izono zenu.”
Lelo vesi likhuluma nangesinyathelo sesithathu—ukuguquka. Ukuguquka kusho ukulahla izindlela zakho nesimo sengqondo esidala futhi wamukele izindinganiso nemibono kaNkulunkulu. (IzEnzo 26:20) Ngamanye amazwi, umuntu ubonisa ngendlela yakhe entsha yokuphila ukuthi uqinisile ngempela lapho ethi kuNkulunkulu, “Ngiyaxolisa.”
Intethelelo KaNkulunkulu Inomkhawulo
Kunabantu uNkulunkulu angazithetheleli izono zabo. UPawulu wabhala: “Uma senza isono ngamabomu ngemva kokuba sesamukele ulwazi olunembile lweqiniso, awusekho umhlatshelo wesono osele, kodwa kukhona ukulindelwa okuthile kwesahlulelo [sokulahlwa].” (Hebheru 10:26, 27) Amazwi athi “senza isono ngamabomu” abonisa ububi obujulile, inhliziyo embi ngempela.
UJuda Iskariyothe wahlakulela inhliziyo enjalo. UJesu wathi: “Bekuyoba kuhle kakhulu ngalowo muntu ukube wayengazalwanga.” (Mathewu 26:24, 25) Lapho ekhuluma ngabaholi abathile benkolo bosuku lwakhe, uJesu wathi: “Nina nivela kuyihlo uDeveli . . . Lapho ekhuluma amanga, ukhuluma ngokuvumelana nesimo sakhe, ngoba ungumqambimanga noyise wamanga.” (Johane 8:44) NjengoSathane, labo bantu babebabi ekujuleni kwenhliziyo. Babengazisoli ngalokho ababekwenzile kodwa baba lukhuni nakakhulu ezindleleni zabo ezimbi.a Kuyiqiniso ukuthi ngenxa yokungapheleli nokuba buthaka, ngisho namaKristu aqotho ayona, futhi ngezinye izikhathi ngendlela embi kakhulu. Kodwa amaphutha awo awembuli isimo sengqondo esibi ngokujulile.—Galathiya 6:1.
Waba Nesihe Kwaze Kwaba Sekupheleni
UJehova akabheki nje isono esenziwe kuphela kodwa nesimo sengqondo sowonile. (Isaya 1:16-19) Ake ucabange ngabenzi bobubi ababili ababebethelwe eceleni kukaJesu. Ngokusobala bobabili babenze izenzo ezimbi zobugebengu, ngoba omunye wabo wavuma: “Samukela ngokugcwele okusifanele ngenxa yezinto esizenzile; kodwa lo muntu [uJesu] akenzanga lutho oluphume endleleni.” Amazwi alo menzi wobubi abonisa ukuthi wayazi okuthile ngoJesu. Lolo lwazi cishe lwabangela ushintsho oluhle esimweni sakhe sengqondo. Lokhu kubonakala ngalokho akusho ngokulandelayo, enxusa uJesu: “Ngikhumbule lapho ungena embusweni wakho.” UKristu wasabela kanjani kuleso sicelo esisuka enhliziyweni? Wathi: “Ngiqinisile ngiyakutshela namuhla, Uyokuba nami ePharadesi.”—Luka 23:41-43.
Ake ucabange ngalokho: Amazwi okugcina uJesu awasho esengumuntu ayehlanganisa ukubonakaliswa kwesihe kumuntu owayevumile ukuthi wayefanelwe yisigwebo sokufa. Yeka indlela okukhuthaza ngayo lokho! Khona-ke, singaqiniseka ngokuthi uJesu Kristu noYise, uJehova, bayobonisa ububele kubo bonke ababonisa ukuphenduka kweqiniso, kungakhathaliseki ukuthi yini abayenza esikhathini esidlule.—Roma 4:7.
WAKE WAZIBUZA?
◼ Ungasichaza kanjani isihe sikaNkulunkulu?—IHubo 103:12-14; 130:3, 4.
◼ Yiziphi izinyathelo okumelwe umuntu azithathe ukuze athole isihe sikaNkulunkulu?—Johane 17:3; IzEnzo 3:19.
◼ Yini uJesu ayithembisa isoni esasibethelwe?—Luka 23:43.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka isihloko esithi “Ingabe Wone Umoya Ongcwele?” emakhasini 16-20 e-Nqabayokulinda ka-July 15, 2007.
[Isithombe ekhasini 10]
UJesu wabonisa ukuthi izono ezinkulu zingathethelelwa