Maduze Ubugebengu ‘Buzophela’
“Sekuyisikhashana nje, omubi abe engasekho; ngokuqinisekile uyoyibheka indawo yakhe, futhi uyobe engekho.”—IHUBO 37:10.
UMDALI wethu uJehova unesithakazelo esikhulu endalweni yakhe engabantu; akaziqhelisile kuyo, njengoba abanye becabanga. (IHubo 11:4, 5) Ngaphezu kwalokho, ubona zonke izenzo zobugebengu nokungabi nabulungisa, kuhlanganise nalezo abantu abangaziboni. “Amehlo kaJehova akuyo yonke indawo, aqapha ababi nabahle.” (IzAga 15:3) Ngakho-ke ungaqiniseka ukuthi ngempela ababi ‘basemhlabathini oshelelayo.’—IHubo 73:12, 18.
Kodwa, abamsulwa nabaziphatha ngendlela efanele, ngisho noma bempofu futhi becindezelwe, banethemba ngekusasa. Umhubi uDavide wabhala: “Mbheke ongasoleki futhi ugcine oqotho ephambi kwamehlo akho, ngoba ikusasa lalowo muntu liyoba nokuthula.” (IHubo 37:37) Lawo mazwi angaba yinduduzo kithi namuhla, ngoba sinethemba lokuwabona egcwaliseka maduzane emhlabeni wonke.
Siphila Ezinsukwini Zokugcina
Eminyakeni engaba ngu-2 000 edlule, abafundi bakaJesu Kristu bambuza umbuzo ohamba ibanga elide. Bathi: “Sitshele, . . . siyoba yini isibonakaliso . . . sesiphelo sesimiso sezinto?” (Mathewu 24:3) Impendulo kaJesu itholakala eBhayibhelini esahlukweni 24 sikaMathewu, esahlukweni 13 sikaMarku, nasesahlukweni 21 sikaLuka. Lokhu kulandisa okuvumelanayo kwamaVangeli kuchaza ukuthi izinsuku zokugcina zaleli zwe zaziyophawuleka ngezimpi, indlala, izifo, ukuzamazama okukhulu komhlaba, nokwanda okuphawulekayo kokungabi namthetho.
Lezi zimo ezibucayi uJesu azibikezela zaqala ngo-1914. Njengoba isazi-mlando u-Eric Hobsbawm sisho encwadini yaso ethi Age of Extremes, ikhulu lama-20 “ngokungangabazeki laliyikhulu leminyaka okwachitheka ngalo igazi kakhulu emlandweni esinawo.”
Lapho likhuluma ngokwanda kobubi okukhona manje, iBhayibheli lithi: “Lapho ababi behluma njengezimila nabo bonke abakwenza umkhuba okulimazayo beqhakaza, kungenjongo yokuba babhuqwe kuze kube phakade.” (IHubo 92:7) Yebo, ubufakazi busobala: Ukungabi namthetho okwande kangaka namuhla—njengokuhluma kwezimila ngenkathi yazo—empeleni, kuwubufakazi bokuthi ukuqothulwa kwababi sekusondele! Ingabe kuyizindaba ezinhle lokho?—2 Petru 3:7.
“Abalungileyo Bayokudla Ifa Lomhlaba”
“Abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade,” kusho iHubo 37:29. Khona-ke zonke izinhlobo zobugebengu nokungabi nabulungisa kuyoba yizinto zesikhathi esidlule. Ngakho-ke, zonke izinto ezihambisana nobugebengu ziyobe zingasekho: izinhlaba mkhosi, izingidi, izinkantolo, abameli, amaphoyisa namajele. IBhayibheli liyathembisa: “Izinto zangaphambili ngeke zikhunjulwe, futhi ngeke zifike enhliziyweni.”—Isaya 65:17.
Ngempela, umhlaba nomphakathi wesintu uyobona ushintsho ongakaze ulubone ngaphambili. (Isaya 11:9; 2 Petru 3:13) Yilelo themba eliqinisekile oFakazi BakaJehova abanalo, futhi bayakumema ukuba uzibonele ngawakho ukuthi lizogcwaliseka maduzane. Khumbula, Lowo owaphefumulela imiBhalo Engcwele ‘akanakuwaqamba amanga.’—Thithu 1:2.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 9]
UKUSIZWA KWEZIBOSHWA NGOKOMOYA
Sekuyiminyaka oFakazi BakaJehova e-United States bethola izincwadi ezivela eziboshweni ezisemajele, ezibhedlela nasezikhungweni ezelapha imilutha yezidakamizwa ezingu-4 169. Ezinye iziboshwa zicela izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini; ezinye zicela isifundo seBhayibheli samahhala. OFakazi abafanelekayo baxhumana nalabo abafake lezi zicelo. Empeleni emhlabeni wonke, oFakazi bawavakashela njalo amajele beyoqhuba izifundo zeBhayibheli neziboshwa, zesilisa nezesifazane, eziye zacela usizo olungokomoya. Iningi lazo liye lenza ushintsho oluphawulekayo ebuntwini balo, labhapathizwa njengamaKristu, futhi laqhubeka liphila ngokuvumelana nomthetho.