UNkulunkulu Uhlosa Ukuba Umuntu Ajabulele Ukuphila Epharadesi
“UJehova uNkulunkulu wayesemthatha umuntu, wambeka ensimini yase-Edene ukuba ayilime, ayigcine.”—GENESISE 2:15.
1. Yayiyini injongo yoMdali yasekuqaleni ngesintu esilalelayo?
KWAKUYINJONGO yoMdali yasekuqaleni, futhi kuseyiyo injongo yakhe, ukuba abantu abalalelayo bajabulele ukuphila okungenakho ukuguga, okuchichima njalo ubungqabavu bobusha, kungenaso isithukuthezi, njalo kunenjongo efanele yokugcwaliswa, ukuphila kokuthanda nokuthandwa ngendlela yeqiniso, nengenabugovu, ngokuphelele—epharadesi!—Genesise 2:8; qhathanisa noLuka 23:42, 43.
2. (a) Yini okumelwe ukuba yenzeka lapho umuntu wokuqala ephaphama? (b) Umuntu wokuqala wadalwa nini, kuphi, futhi ngasiphi isikhathi sonyaka?
2 Ukuze ukubone lokho, cabanga ngoAdamu osanda kudalwa lapho ephaphama okokuqala, lapho ehlola umzimba wakhe siqu nakho konke okwakumzungezile ayekubona nayekuzwa ngezindlebe nangemizwa, lapho eqaphela ngokwethuka ukuthi wayephila! Lokhu kwenzeka eminyakeni eyizi-6 000 edlule, ngonyaka ka-4026 ngaphambi kweSikhathi sethu Esivamile, ngokokubalwa kwesikhathi okunikezwe eBhayibhelini eliNgcwele. Kwenzeka endaweni yezwe namuhla elaziwa ngokuthi iTurkey, noma engxenyeni eseningizimu-ntshonalanga yalokho namuhla okubizwa ngokuthi iAsia, endaweni ethile ngaseMfuleni iEwufrathe noMfula iTigris, kanjalo engxenyeni esenyakatho yembulunga yethu engumhlaba. Isikhathi kungaba cishe nguOctober 1, njengoba amakhalenda amaningi esintu asendulo ayeqala ukubala isikhathi eduze nalolosuku.
3. (a) Umuntu wokuqala waqala ukuphila ekusiphi isimo? (b) Kwaba ubani igama lomuntu wokuqala, futhi lalisho ukuthini?
3 Umuntu wokuqala wavela esemdala, ebunjwe ngokuphelele, enempilo ngokuphelele, enesimilo ngokuphelele. Igama anikezwa lona ngokuphindaphindiwe emlandweni weBhayibheli lidonsela ukunakekela kwethu kulokho abunjwa ngakho. Igama lakhe kwakungu’A·dhamʹ.a Umhlaba, noma umhlabathi, abunjwa ngawo wawubizwa ngokuthi ’a·dha·mahʹ. Ngakho kungase kushiwo kahle ukuthi igama lakhe lisho “Umuntu Wasemhlabeni.” Leli kwaba igama lalomuntu wokuqala—uAdamu. Yeka umuzwa okumelwe ukuba waba nawo uAdamu lapho eba ngophilayo, eba umuntu okwazi ukusebenzisa ingqondo nohlakaniphile!
4. Ikuphi ukuphaphamela ekuphileni okuyinqaba umuntu wokuqala angazange abe nakho, ngakho wayengesiyo indodana yani?
4 Lapho lomuntu wokuqala, uAdamu, eba ngophilayo, ephaphama ingqondo yakhe ikhaliphile, futhi evula amehlo, akazange azithole elele esifubeni esinoboya, egonwe izingalo ezinde ezinamandla zesidalwa esithile sesifazane esinjengemfene, ebambelele kuso futhi esibheke emehlweni futhi esibiza ngothando lomzwelo ngokuthi uMama. Umuntu wokuqala, uAdamu, akazange aphaphamele ekuphileni ngendlela enjalo eyinqaba. Akazizwanga enobuhlobo obungokwenyama nemfene, hhayi ngisho nakamuva lapho eqala ukuyibona. Ngosuku lokudalwa kwakhe, kwakungekho lutho olwalusikisela ukuthi wayeyinzalo, indodana, yemfene noma yanoma isiphi isidalwa esinjalo. Kodwa, ingabe umuntu wokuqala, uAdamu, wayeyohlala engaqondi ngokuphathelene nokuthi wavela kanjani? Cha.
5. Yini uAdamu ayeyazi ngokuqinisekile ngensimu yakhe efana nepaki nangaye ngokwakhe?
5 Ngokuqondakalayo, kungenzeka kahle kakhulu wayengaqondi ngokuphathelene nokuthi zonke izinto ezinhle ayezibona zaba khona kanjani. Wazithola esensimini efana nepaki, ipharadesi elalingaklanywanga, lingenziwanga, futhi lingahlelwanga nguye. Kwaba khona kanjani lokhu? Njengomuntu ohlakaniphe ngokuphelele, ocabangayo, wayeyofuna ukwazi. Wayengazange abe nokuhlangenwe nakho kwangaphambili. Wayazi ukuthi wayengazenzanga, wayengazivelelanga. Wayengafinyelelanga kulesimo ngemizamo yakhe siqu.—Qhathanisa neHubo 100:3; 139:14.
6. Cishe uAdamu wayengasabela kanjani ekubeni ophilayo ekhaya lasemhlabeni eliphelele?
6 Kungenzeka ukuthi umuntu wokuqala, uAdamu, ekuqaleni wayejabule kakhulu ngalokhu okuhlangenwe nakho kokuqala kokuba ophilayo ekhayeni lasemhlabeni eliphelele ukuba acabange ngokuthi wavelaphi nokuthi ngasizathu sini. Wayengenakwenza okunye ngaphandle kokuba aphubuke ngenjabulo. Wezwa amazwi ephuma emlonyeni wakhe. Wazizwa ekhuluma ngolimi lomuntu, ephawula ngezinto ezinhle ayezibona futhi ezizwa. Yeka ukuthi kwakukuhle kanjani ukuba ophilayo lapha kulensimu eyiPharadesi! Kodwa njengoba ayezigcwalisa ngenjabulo ngokwaziswa okuvela kukho konke ayekubona, imisindo, amaphunga, nendlela izinto ezizwakala ngayo, wayeyoshukumiseleka ukuba acabange. Kithina, ukuba sasisesimweni sakhe, yonke into yayiyoba imfihlakalo, imfihlakalo esasingeke sikwazi ukuzixazululela yona.
Akukho-mfihlakalo Ngokuba Khona Komuntu!
7. Kungani uAdamu engahlalanga isikhathi eside engazi ngokuzithola kwakhe ephila ensimini eyipharadesi?
7 Umuntu wokuqala, uAdamu akahlalanga isikhathi eside exakekile ngesimo azithola ephila kuso futhi eyedwa, kungekho muntu omunye onjengaye obonakalayo ensimini eyiPharadesi. Wezwa izwi, othile ekhuluma. Umuntu waliqonda. Kodwa wayekuphi okhulumayo? Umuntu akabonanga muntu owayekhuluma. Izwi lalivela endaweni engabonakali, futhi lalikhuluma naye. Kwakuyizwi loMenzi womuntu, uMdali wakhe! Futhi umuntu wayekwazi ukumphendula ngohlobo olufanayo lwenkulumo. Wazithola ekhuluma noNkulunkulu, uMdali. Umuntu akadinganga sicosheli somsakazo sesayensi yanamuhla ukuze ezwe izwi laphezulu. UNkulunkulu wakhuluma naye ngokuqondile njengesidalwa sakhe.
8, 9. (a) Imiphi imibuzo uAdamu ayengaphendulelwa yona, futhi ikuphi ukunakwa nesithakazelo sobubaba aboniswa khona? (b) Iyiphi impendulo uAdamu ayithola kuYise wasezulwini?
8 Manje umuntu wayesazi ukuthi akayedwa, futhi kumelwe ukuba wazizwa kangcono ngenxa yalokho. Ingqondo yakhe yayigcwele imibuzo. Wayengayibuza Lona ongabonakali okhuluma naye. Ubani omenzile kanye nalensimu yenjabulo? Wayebekelweni lapho, futhi kwakumelwe enzeni ngokuphila kwakhe? Ingabe yayikhona injongo ekuphileni? Lomuntu wokuqala, uAdamu, waboniswa ukunakekelwa, nesithakazelo sobubaba, ngoba imibuzo yakhe yaphendulwa ngendlela eyanelisa ingqondo yakhe efuna ukwazi. Yeka injabulo okumelwe ukuba kwaba yiyo kuMenzi wakhe, uMniki-kuphila kwakhe, uYise wasezulwini, ukuzwa umuntu eqala ukukhuluma futhi esho amagama akhe okuqala! Yeka injabulo okwayinikeza uBaba wasezulwini ukuzwa indodana yakhe ikhuluma naye! Umbuzo wokuqala ongokwemvelo wawuyoba ukuthi, “Ngibé khona kanjani?” UBaba wasezulwini wakujabulela ukuwuphendula futhi kanjalo evuma ukuthi lomuntu wokuqala wayeyindodana yaKhe. ‘Wayeyindodana kaNkulunkulu.’ (Luka 3:38, qhathanisa neNW.) UJehova waziveza njengoYise walomuntu wokuqala, uAdamu. Nanku umongo wempendulo yombuzo ka-Adamu ayithola ivela kuYise wasezulwini, futhi ayidlulisela enzalweni yakhe:
9 “UJehova uNkulunkulu bambumba umuntu ngomhlabathi, waphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; umuntu waba-kanjalo umphefumulo ophilayo. UJehova uNkulunkulu watshala insimu e-Edene ngasempumalanga; wambeka khona umuntu amenzileyo. UJehova uNkulunkulu wahlumisa emhlabathini imithi yonke ebukekayo, emihle, edliwayo, nomuthi wokuphila phakathi nensimu, nomuthi wokwazi okuhle nokubi. E-Edene kwavela umfula owamanzisa insimu; wahlukana khona, waba izimbaxa ezine.”—Genesise 2:7-10.b
10, 11. (a) Imaphi amaqiniso uAdamu awezwa ngokucacile, kodwa imiphi eminye imibuzo ayedinga izimpendulo zayo? (b) Iziphi izimpendulo uBaba wasezulwini azinika uAdamu?
10 Ingqondo ka-Adamu ekhaliphile, entsha yakungenisa ngentshiseko lokhu kwaziswa okwanelisayo. Manje wayesazi ukuthi akavelanga kuleyondawo engabonakali uMenzi wakhe noMbumbi ayekhuluma ekuyo. Kunalokho, wakhiwa ngomhlaba ayephila kuwo ngakho wayengumhlabathi. UMniki-kuphila kwakhe noYise kwakunguJehova uNkulunkulu. ‘Wayengumphefumulo ophilayo.’ Njengoba ayamukele ukuphila kwakhe kuJehova uNkulunkulu, ‘wayeyindodana kaNkulunkulu.’ Imithi eyayimzungezile ensimini yase-Edene yayikhiqiza izithelo ezazilungele ukudliwa, ukuba adle futhi aqhubeke ephila njengomphefumulo ophilayo. Kodwa, kungani kwakumelwe aqhubeke ephila, futhi wayebekelweni emhlabeni, kulensimu yase-Edene? Wayengumuntu ohlakaniphile obunjwe waphelela futhi enamakhono, futhi kwakufanele azi. Ngaphandle kwalokho, wayengayifeza kanjani injongo yakhe ekuphileni kanjalo ajabulise uMenzi wakhe noYise ngokwenza intando yaphezulu? Izimpendulo zalemibuzo efanelekile zanikezwa ekwazisweni okulandelayo:
11 “UJehova uNkulunkulu wayesemthatha umuntu, wambeka ensimini yase-Edene ukuba ayilime, ayigcine. UJehova uNkulunkulu wamyala umuntu, wathi: Ungadla kuyo yonke imithi yensimu ngokuthanda kwakho, kepha ungadli kuwo umuthi wokwazi okuhle nokubi, ngokuba mhla udla kuwo uyakufa nokufa.”—Genesise 2:15-17.
12. Kumelwe ukuba uAdamu wambonga ngenxa yani uMdali wakhe, futhi kanjalo umuntu wayengamkhazimulisa kanjani uNkulunkulu?
12 Kumelwe ukuba uAdamu wambonga uMdali wakhe ngokuba emnikeze okuthile okwakuzomgcina ematasa ngokunenzuzo kulensimu enhle yase-Edene. Manje wayeseyazi intando yoMdali wakhe, futhi wayengamenzela okuthile emhlabeni. Manje wayesenomthwalo wemfanelo ophezu kwakhe, wokulima insimu yase-Edene nokuyinakekela, kodwa lokho kwakuyoba into ejabulisayo ukuyenza. Ngokwenza lokhu wayengagcina insimu yase-Edene ibukeka ngendlela eyoletha inkazimulo nodumo kuMenzi wayo, uJehova uNkulunkulu. Noma nini lapho uAdamu elamba ngenxa yokusebenza, wayengadla aze asuthe emithini yasensimini. Ngalendlela wayengavuselela amandla akhe futhi alondoloze ukuphila kwakhe kwenjabulo ngokungenasiphelo.—Qhathanisa nomShumayeli 3:10-13.
Ithemba Lokuphila Okuphakade
13. Iliphi ithemba umuntu wokuqala ayenalo, futhi kungani kunjalo?
13 Ngokungenasiphelo? Yeka umqondo ocishe ungakholeki lona okumelwe ukuba kwaba yiwo kumuntu ophelele! Kodwa kungani ungenakukholeka? UMdali wakhe wayengenawo umqondo noma injongo yokuyibhubhisa lensimu yase-Edene eklanywe ngobungcweti. Kungani kwakufanele abhubhise umsebenzi wakhe siqu, kuyilapho wawumuhle kangaka futhi ubonisa ikhono lakhe lobungcweti? Ngokunengqondo, wayengeke ajonge ukwenza kanjalo. (Isaya 45:18) Futhi njengoba lensimu engenakuqhathaniswa yayizohlala ilinywa, yayizodinga umlimi nomnakekeli onjengomuntu ophelele, uAdamu. Futhi ukuba umnakekeli ongumuntu akazange asidle isithelo ‘somuthi wokwazi okuhle nokubi,’ owenqatshelwe wayengeke afe. Umuntu ophelele wayengaphila phakade!
14. UAdamu wayengaba kanjani nokuphila okuphakade ePharadesi?
14 Phambi kuka-Adamu kwakubekwe ukuphila okuphakade ensimini yase-Edene eyiPharadesi! Lalingajatshulelwa phakade, uma nje wayezohlala emlalela ngokuphelele uMdali wakhe, engalokothi asidle isithelo esenqatshelwe uMdali womuntu. Kwakuyisifiso saKhe ukuba umuntu ophelele ahlale elalela futhi aqhubeke ephila phakade. Ukwenqatshelwa kwesithelo ‘somuthi wokwazi okuhle nokubi’ kwakungesikho neze okubulalayo. Kwakumanje kuwuvivinyo lokulalela komuntu okuphelele kuYise. Kwanikeza ithuba lokuba umuntu abonise uthando lwakhe ngoNkulunkulu, uMdali wakhe.
15. Kungani uAdamu ayengabheka phambili ekusaseni elikhazimulayo, amukela okuhle kuMdali wakhe?
15 Enokwaneliseka enhliziyweni kokuthi wayengeyona ingozi eyayingahlosiwe kodwa wayenoBaba wasezulwini, ingqondo yakhe ikhanyiselwe ngokuqonda injongo yakhe ekuphileni, phambi kwakhe kukhona ukuphila okuphakade, umuntu ophelele wabheka phambili ekusaseni elikhazimulayo. Wadla imithi eyayilungele ukudliwa, egwema “umuthi wokwazi okuhle nokubi.” Wayelulindele kuMdali wakhe ulwazi lokuhle. Umsebenzi, hhayi owohlobo olonakalisayo, kodwa owokulima insimu yase-Edene wawumuhle, futhi lomuntu ophelele wasebenza.
Akasizwanga Isibopho Sokuchaza Izinto
16-18. Ikuphi okuthiwa kuyizimfihlakalo uAdamu angazange azizwe ebophekile ukuba akuxazulule, futhi ngani?
16 Ukukhanya kwasemini kwancipha njengoba inkanyiso enkulu yosuku, ayekwazi ukuyibona njengoba ihamba inqamula isibhakabhaka, yayishona. Kwahwalala, kwaba ubusuku, futhi inyanga yabonakala kuye. Ayizange imlethele ukwesaba; yayiyinkanyiso encane eyayibusa ubusuku. (Genesise 1:14-18) Ngokunokwenzeka, okhanyikhanyi babendiza behla benyuka ensimini, ukukhanya kwabo okungashisi kwakukhanya kucishe njengezibani ezincane.
17 Njengoba ubusuku bufika nobumnyama bumsibekela, wezwa isidingo sokuba alale njengezilwane ezazimzungezile. Lapho evuka waqala ukuzizwa elambile, futhi wadla ngenhliziyo evulekile emithini yezithelo evunyelwe, ukuba abe nalokho okungase kuthiwe ukudla kwasekuseni.
18 Enamandla avuselelwe futhi eqabuleke kahle ngokuphumula kwasebusuku, wanaka umsebenzi wosuku. Njengoba ayebheka uhlaza olumzungezile, akazange abe nomuzwa wokuthi kumelwe afune imfihlakalo yalokho abantu eminyakeni eyizinkulungwane kamuva ababeyokubiza ngokuthi iphotosynthesis, lenqubo engaqondakali umbala oluhlaza wezitshalo, ichlorophyll yazo, osebenzisa ngayo amandla okukhanya kwelanga ukuze ukhiqizele abantu nezilwane ukudla, ngesikhathi esifanayo ungenisa isikhutha umuntu asikhiphayo futhi ukhiphe umoya-mpilo ukuze bawuphefumule. Umuntu angase ayibize ngokuthi imfihlakalo, kodwa kwakungekho sidingo sokuba uAdamu ayithole. Kwakuyisimangaliso soMdali womuntu. Wayeyiqonda futhi wayenzela ukuba isebenzele inzuzo yezidalwa emhlabeni. Ngakho, kwakwanele emqondweni ophelele womuntu wokuqala ukuthi uNkulunkulu, uMdali, wenza izinto ukuba zikhule, futhi umsebenzi womuntu awunikezwe uNkulunkulu wawuwukuba anakekele lezinhlobo zokuphila okuyizitshalo ezimila ensimini yase-Edene.—Bheka uGenesise 1:12.
Wayeyedwa—Kodwa Wayengayintuli Injabulo
19. Nakuba ayeqaphela ukuthi wayeyedwa, kungekho muntu onjengaye emhlabeni, yini uAdamu angazange ayenze?
19 Ukufundiswa komuntu uYise wasezulwini kwakungakapheli. Umuntu wayinakekela insimu yase-Edene kungekho muntu onjengaye emhlabeni ukuba ahlanganyele naye noma amsize. Ngokuqondene nohlobo lwakhe, uhlobo lwesintu, wayeyedwa. Akazange ahambe ayofuna umuntu onjengaye ukuze abe nomngane wasemhlabeni. Akazange acele uNkulunkulu, uYise wasezulwini, ukuba amnike umfowabo noma udadewabo. Ukuba yedwa kwakhe njengomuntu akuzange ekugcineni kumsanganise futhi kuqede injabulo yokuphila nokusebenza. Wayengumngane noNkulunkulu.—Qhathanisa neHubo 27:4.
20. (a) Yini eyayijabulisa uAdamu kakhulu? (b) Kungani ukuqhubeka ngalendlela yokuphila kwakungeke kube ubunzima obukhulu kuAdamu? (c) Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngani?
20 UAdamu wayazi ukuthi yena nomsebenzi wakhe babebhekwe uYise wasezulwini. Okwakumjabulisa kakhulu kwakuwukujabulisa uNkulunkulu wakhe noMdali, obuhle bakhe babembulwa yiyo yonke imisebenzi emihle yendalo eyayizungeze umuntu. (Qhathanisa nesAmbulo 15:3.) Ukuqhubeka kulendlela yokuphila kwakungeke kube ubunzima obukhulu noma umsebenzi oyisicefe ngalomuntu olinganiselwe ngokuphelele owayengaxoxa noNkulunkulu wakhe. Futhi uNkulunkulu wayebeke phambi kuka-Adamu umsebenzi othakazelisayo, umsebenzi ojabulisayo, owawuyomnikeza ukwaneliseka okukhulu nenjabulo. Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngokwengeziwe ngezibusiso zasePharadesi namathemba uAdamu awajabulela evela kuMdali wakhe onothando.
[Imibhalo yaphansi]
a Leli igama lolimi lokuqala lwendaba yendalo eBhayibhelini eliNgcwele.—Genesise 1:26, New World Translation Reference Bible, umbhalo waphansi.
b Umprofethi uMose, owabhala lokhu kwaziswa encwadini kaGenesise ekhulwini le-16 leminyaka ngaphambi kweSikhathi sethu Esivamile, wenezela ukwaziswa okulandelayo ngalomfula wase-Edene, ngokolwazi lwangosuku lwakhe:
“Eyokuqala inegama lokuthi iPishoni; yiyo ezungeza izwe lonke laseHavila, lapho kukhona igolide; lihle igolide lalelozwe; kukhona nenhlaka yebedola netshe leshohamu lapho. Igama leyesibili linguGihoni; yiyo ezungeza lonke izwe laseKushe. Igama leyesithathu linguHidekeli; yiyo egobhoza ngasempumalanga kwaseAsiriya. Eyesine inguEwufrathe.”—Genesise 2:11-14.
Zithini Izimpendulo Zakho?
◻ Kungani uAdamu engahlalanga isikhathi eside engaqondi ngokuba khona kwakhe?
◻ Imuphi umsebenzi uNkulunkulu awunikeza uAdamu, futhi kumelwe ukuba wasabela kanjani?
◻ Yiliphi ithemba umuntu ophelele alijabulela, futhi ngani?
◻ Kungani uAdamu engazange akwenze umsebenzi wokuphila kwakhe ukuthola izimfihlakalo?
◻ Kungani ukuba yedwa kuka-Adamu njengomuntu kungazange kuyiqede injabulo yokuphila?
[Umthombo Wesithombe ekhasini 10]
NASA photo