Wayebathanda Abantu
“Izinto engangizithanda ezaziphathelene namadodana abantu.”—IZAGA 8:31.
1, 2. UJesu uye walubonisa kanjani uthando olujulile analo ngabantu?
INDODANA kaNkulunkulu eyizibulo iyisibonelo esikhulu kunazo zonke sokuhlakanipha okumangalisayo kukaJehova futhi ‘yayiyisisebenzi esiyingcweti’ sikaYise. Cabanga ngendlela uJesu ayejabule futhi aneliseke ngayo njengoba uYise “elungiselela amazulu” futhi “eyala ukuba kube khona izisekelo zomhlaba.” Kodwa kuzo zonke izinto uYise ayezidalile, uJesu ngokukhethekile ‘wayethanda izinto ezaziphathelene namadodana abantu.’ (IzAga 8:22-31) Yebo, wabathanda abantu kusukela ekuqaleni.
2 Kamuva, uJesu wabonisa ubuqotho nothando lwakhe ngoYise kanye nothando olujulile ngabo bonke abantu lapho ngokuzithandela eshiya izulu futhi eza emhlabeni njengomuntu. UJesu wakwenza ngothando lokhu ukuze anikele ngokuphila kwakhe kube “yisihlengo sabaningi.” (Mathewu 20:28; Filipi 2:5-8) Lapho uJesu esemhlabeni, uNkulunkulu wamnika amandla okwenza izimangaliso. Lezi zimangaliso zembula indlela uJesu abathanda ngayo abantu futhi zibonisa izinto ezimangalisayo azozenzela abantu maduze.
3. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?
3 Lapho esemhlabeni, uJesu washumayela “izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu.” (Luka 4:43) Wayazi ukuthi lo Mbuso wawuyongcwelisa igama likaYise nokuthi wawuyoxazulula izinkinga zesintu phakade. Njengoba ayeshumayela, uJesu wenza nezimangaliso eziningi. Lezi zimangaliso zembula ukuthi wayebakhathalela kakhulu bonke abantu. Kungani lokho kubalulekile kithi? Kungoba lokho akwenza kusinika ithemba nokuqiniseka ngekusasa. Ngakho-ke, ake sixoxe ngezine zezimangaliso zikaJesu.
‘AMANDLA AYEKHONA UKUBA APHULUKISE’
4. Kwenzekani lapho uJesu ehlangana nomuntu owayenochoko?
4 Phakathi nenkonzo yakhe, uJesu waya endaweni ebizwa ngokuthi iGalile. Komunye wemizi yalapho, wahlangana nomuntu owayenesifo esesabekayo, uchoko. (Marku 1:39, 40) Wayegula kakhulu kangangokuthi uLuka, owayengudokotela, wamchaza ngokuthi ‘wayegcwele uchoko.’ (Luka 5:12) IBhayibheli lithi lapho lo muntu ogulayo ebona uJesu, “wawa ngobuso wamncenga, ethi: ‘Nkosi, uma nje uthanda, ungangenza ngihlambuluke.’” Lo muntu wayazi ukuthi uJesu wayenamandla okumphulukisa, kodwa wayefuna ukwazi ukuthi uJesu wayethanda yini ukumphulukisa. Kungani? Kungenxa yokuthi wayejwayele abaFarisi, ababebabukela phansi abantu abanochoko. Kodwa uJesu yena wayecabangani? Wayezomphatha kanjani lo muntu cishe owayesekhubazeke kakhulu? Wena wawuyokwenzenjani?
5. Kungani uJesu athanda ukumphulukisa lo muntu onochoko?
5 Kubonakala sengathi lo muntu ogulayo akazange amemeze athi, “Ngingcolile, ngingcolile!” njengoba kwakudingeka ngokoMthetho KaMose. (Levitikusi 13:43-46) Kodwa uJesu akazange amthukuthelele. Kunalokho, wakhathazeka ngaye futhi wafuna ukumsiza. Asazi ngokuthe ngqo ukuthi yini uJesu ayicabanga, kodwa siyazi ukuthi wazizwa kanjani. Wamdabukela kakhulu kangangokuthi wenza isimangaliso. Wamthinta lo muntu, into okwakungekho muntu omunye owayengayenza. Ngokuqiniseka nangozwela, uJesu wathi: “Ngiyathanda. Hlambuluka.” Khona-ke, “uchoko lwashabalala kuye.” (Luka 5:13) Ngokusobala, uJehova wanika uJesu amandla okwenza lesi simangaliso esikhulu nawokubonisa indlela abathanda ngayo abantu.—Luka 5:17.
6. Yini ethakazelisayo ngezimangaliso uJesu azenza, futhi zibonisani?
6 UJesu wakwazi ukwenza izimangaliso eziningi ezikhexisayo ngamandla kaNkulunkulu. Akaphulukisanga abanochoko kuphela. Waphulukisa nabantu ababenezinye izifo eziningi. IBhayibheli lisitshela ukuthi abantu bamangala lapho ‘bebona izimungulu zikhuluma nezinyonga zihamba nezimpumputhe zibona.’ (Mathewu 15:31) Lapho uJesu ephulukisa othile, wayengadingi ukuba kube khona umuntu ongumqemane onganikela ngezitho zakhe zomzimba. Cha, uJesu wayenamandla okuphulukisa izitho zomzimba ezinesifo. Wayephulukisa abantu ngaso leso sikhathi, ngezinye izikhathi ngisho nalabo ababekude naye. (Johane 4:46-54) Zibonisani lezi zibonelo ezimangalisayo? Zibonisa ukuthi iNkosi yethu, uJesu Kristu, inamandla futhi inesifiso sokuqeda konke ukugula phakade. Ukufunda ngendlela uJesu aphatha ngayo abantu kusenza siqiniseke ukuthi ezweni elisha, ‘uyohawukela ophansi nompofu.’ (IHubo 72:13) UJesu uyobaphulukisa bonke abagulayo ngoba uyathanda ngempela ukwenza kanjalo.
“VUKA, THATHA UHLAKA LWAKHO UHAMBE”
7, 8. Chaza okwenzeka ngaphambi kokuba uJesu ahlangane nendoda eyayigula eBhethesda.
7 Ngemva kwezinyanga ezimbalwa ephulukise umuntu owayenochoko, uJesu wasuka eGalile waya eJudiya, wafike waqhubeka nokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Lapho, kumelwe ukuba kwakunezinkulungwane zabantu abezwa isigijimi sikaJesu futhi ababethintwe indlela ayebathanda ngayo. UJesu wayethanda ngempela ukududuza abampofu nabacindezelwe futhi abanike ithemba.—Isaya 61:1, 2; Luka 4:18-21.
8 Ngenyanga kaNisani, uJesu waya eJerusalema eyogubha iPhasika. Umuzi wawuphithizela njengoba kufika abantu beze kulo mkhosi okhethekile. Ngenhla nje kwethempeli kwakunechibi elalaziwa ngokuthi iBhethesda futhi uJesu wathola lapho indoda eyayingakwazi ukuhamba.
9, 10. (a) Kungani abantu babeya echibini iBhethesda? (b) Yini uJesu ayenza echibini, futhi lokhu kusifundisani? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)
9 Izixuku zabantu ababegula zaziya eBhethesda. Kungani? Kungenxa yokuthi zazicabanga ukuthi umuntu ogulayo angelapheka ngokuyisimangaliso uma engena echibini lapho amanzi enyakaza. Cabanga ngesiphithiphithi okumelwe ukuba sasilapho njengoba kwakunabantu abaningi ababedinga ukuphulukiswa, ababekhathazekile futhi bengasenathemba. UJesu wayephelele futhi wayengakudingi neze ukwelashwa. Pho kungani ayelapho? Uthando lwakhe ngabantu yilo olwamyisa lapho. Yilapho ahlangana khona nendoda eyayisigule isikhathi eside kunesikhathi uJesu ayesesiphile emhlabeni.—Funda uJohane 5:5-9.
UJesu wayebacinga abantu ababedinga usizo
10 UJesu wabuza le ndoda ukuthi ingathanda yini ukuphinde ihambe. Cabanga ukuthi le ndoda yayidabuke kanjani lapho itshela uJesu ukuthi iyafuna ukuphulukiswa kodwa ayikwazi, ngoba akunamuntu ongayisiza ukuba ingene echibini. UJesu wabe eseyitshela ukuba yenze into okwakubonakala ingenakwenzeka. Wayitshela ukuba ithathe uhlaka lwayo ihambe. Ngakho, yaluthatha uhlaka lwayo futhi yahamba! Lesi simangaliso siwubufakazi obuhle kakhulu balokho uJesu azokwenza ezweni elisha. Sibonisa nothando olujulile uJesu analo ngabantu. Wayebacinga abantu ababedinga usizo. Isibonelo sikaJesu kufanele sisikhuthaze ukuba siqhubeke sicinga abantu ensimini yethu abacindezelekile ngenxa yezinto ezimbi ezenzeka kuleli zwe.
“UBANI OTHINTE IZINGUBO ZAMI ZANGAPHANDLE?”
11. UMarku 5:25-34 ubonisa kanjani ukuthi uJesu wayebakhathalela abantu abagulayo?
11 Funda uMarku 5:25-34. Owesifazane othile kwase kuphele iminyaka engu-12 ephethwe isifo esasimbangela amahloni. Isifo sakhe sase sithikameze ukuphila kwakhe konke, kuhlanganise nokukhulekela kwakhe. Wayesehambe odokotela abaningi futhi echithe yonke imali yakhe ezama ukuthola ikhambi, kodwa isimo saba sibi nakakhulu. Ngelinye ilanga, lona wesifazane wacabanga elinye isu lokuba ngcono, ngakho wadabula phakathi kwesixuku sabantu futhi wathinta ingubo kaJesu. (Levitikusi 15:19, 25) Lapho uJesu ezwa ukuthi kunamandla ayephumile kuye, wabuza ukuthi ubani owayemthintile. “Ethukile futhi ethuthumela,” lona wesifazane “wawa phansi phambi kwakhe wamtshela lonke iqiniso.” UJesu wayazi ukuthi uJehova wayemphulukisile lona wesifazane, ngakho ngomusa wathi: “Ndodakazi, ukholo lwakho lukuphilisile. Hamba ngokuthula, uphile kahle ekuguleni kwakho okubi.”
12. (a) Kulokho esesikufundile, ungamchaza kanjani uJesu? (b) Isiphi isibonelo uJesu asibekela sona?
12 Kuthinta inhliziyo ngempela ukubona indlela uJesu ayebaphatha ngothando ngayo abantu, ikakhulu labo ababegula. Uhluke kakhulu kuSathane, ozama ukusenza sikholelwe ukuthi asilutho futhi akekho osithandayo. Nokho, izimangaliso zikaJesu zabonisa ukuthi usikhathalela ngempela thina nezinkinga zethu. Asive sibonga ngokuthi sineNkosi noMpristi Ophakeme onothando ngale ndlela! (Hebheru 4:15) Kungase kube nzima ukuqonda imizwa yomuntu osegule isikhathi eside, ikakhulu uma siyimiqemane. Kodwa cabanga ngoJesu. Wayenozwela ngabantu abagulayo nakuba yena engakaze agule. Kwangathi singenza okusemandleni ethu ukulingisa isibonelo sakhe sothando.—1 Petru 3:8.
“UJESU WAKHALA IZINYEMBEZI”
13. Ukuvuswa kukaLazaru kwembulani ngoJesu?
13 UJesu wayethinteka ngokujulile lapho abanye bezwa ubuhlungu. Ngokwesibonelo, lapho umngane wakhe uLazaru eshona, uJesu “wabubula” futhi “wakhathazeka” njengoba ebona usizi lomndeni nabangane bakaLazaru. (Funda uJohane 11:33-36.) Nakuba ayazi ukuthi wayezomvusa uLazaru, uJesu wakhala. Wayengesabi ukuveza imizwa yakhe kwabanye. UJesu wayemthanda kakhulu uLazaru nomndeni wakubo kangangokuba wasebenzisa amandla kaNkulunkulu ukuze amvuse!—Johane 11:43, 44.
14, 15. (a) Yini ebonisa ukuthi uJehova uyafuna ukukuqeda ukuhlupheka kwabantu? (b) Yini esiyifundayo enkulumweni ethi ‘abasemathuneni bayokhunjulwa’?
14 IBhayibheli lichaza uJesu njengofana nsé noYise. (Hebheru 1:3) Ngakho, izimangaliso zikaJesu ziwubufakazi bokuthi uJehova naye uyafuna ukuqeda ukugula, ubuhlungu kanye nokufa. Maduze, uJehova noJesu bazovusela abantu abaningi ekuphileni. UJesu wathi “ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni beyokhunjulwa” futhi bavuswe.—Johane 5:28, 29.
15 UJesu wasebenzisa inkulumo ethi ‘abasemathuneni bayokhunjulwa,’ okubonisa ukuthi kuhileleke inkumbulo kaNkulunkulu. UNkulunkulu uMninimandla onke, uMdali wendawo yonke, angakhumbula yonke imininingwane yabathandekayo bethu abafile, kuhlanganise nobuntu babo. (Isaya 40:26) Akukhona nje ukuthi uJehova angabakhumbula kodwa uyafuna ukubakhumbula. Izimangaliso zovuko okukhulunywa ngazo eBhayibhelini ziyizibonelo ezinhle kakhulu zalokho okuyokwenzeka ezweni elisha.
ESIKUFUNDAYO EZIMANGALISWENI ZIKAJESU
16. Iliphi ithuba izinceku zikaNkulunkulu eziningi eziyoba nalo?
16 Uma sihlale sithembekile, singase sibe nethuba lokubona esinye sezimangaliso esikhulu kunazo zonke ezake zenzeka, ukusinda osizini olukhulu! Ngemva nje kwe-Armagedoni, siyobona izimangaliso ezengeziwe eziningi. Ngaleso sikhathi, bonke abantu bayoba imiqemane ngokuphelele. (Isaya 33:24; 35:5, 6; IsAmbulo 21:4) Cabanga nje ubona abantu belahla izibuko, izindondolo, izinduku, izihlalo zabakhubazekile nezinsiza-kuzwa. UJehova uyazi ukuthi bonke abasinde e-Armagedoni kuyodingeka babe nobungqabavu nempilo enhle, ngoba kuyobe kunomsebenzi omningi okumelwe wenziwe. Yibo abayokwenza umhlaba wethu wonke ube ipharadesi.—IHubo 115:16.
17, 18. (a) Kungani uJesu enza izimangaliso? (b) Kungani kufanele wenze noma yini edingekayo ukuze ube sezweni elisha likaNkulunkulu?
17 Namuhla “isixuku esikhulu” siyakhuthazeka lapho sifunda ngendlela uJesu aphulukisa ngayo abagulayo. (IsAmbulo 7:9) Lezo zimangaliso ziqinisa ithemba lethu elimangalisayo lokuphulukiswa ngokuphelele esikhathini esizayo. Zibonisa nokuthi iNdodana kaNkulunkulu ibathanda kangakanani abantu. (Johane 10:11; 15:12, 13) Uzwela olukhulu lukaJesu luyisibonakaliso sothando olujulile lukaJehova ngenceku yakhe ngayinye.—Johane 5:19.
18 Namuhla, izwe ligcwele ubuhlungu, ukuhlupheka nokufa. (Roma 8:22) Yingakho sidinga izwe elisha likaNkulunkulu. Kulo, bonke abantu bayoba nempilo ephelele uNkulunkulu ayithembisile. UMalaki 4:2 usinika ithemba lokuthi siyotshakadula “njengamathole akhuluphalisiwe,” sijabule futhi seneme ngoba siphulukisiwe futhi sikhululiwe ekungaphelelini. Kwangathi ukwazisa esinakho ngoJehova nokholo lwethu ezithembisweni zakhe kungasishukumisela ekwenzeni noma yini edingekayo ukuze sibe sezweni elisha. Yeka ukuthi kukhuthaza kanjani ukwazi ukuthi izimangaliso uJesu azenza zaziyizibonelo zempumuzo yaphakade abantu abazoyijabulela maduze lapho esebusa!