Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Indinganiso Ephakeme Ngabalandeli Bakhe
ABAHOLI benkolo bacabangela uJesu njengomephuli woMthetho kaNkulunkulu futhi muva nje baye baceba ngisho nokumbulala. Ngakho njengoba uJesu eqhubeka neNtshumayelo yakhe yaseNtabeni, uyachaza: “Ningathi ngizé ukuchitha umthetho nabaprofethi; angizanga ukuchitha, ngizé ukugcwalisa.”
UJesu unokwazisa okuphakeme ngoMthetho kaNkulunkulu futhi ukhuthaza abanye ukuba nabo babe nokwazisa okufanayo. Eqinisweni, uthi: “Ngakho-ke oweqa owodwa kulemiyalo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu,” esho ukuthi umuntu onjalo akayikungena eMbusweni.
Eqaphelisisa uMthetho kaNkulunkulu, uJesu ulahla ngisho nezimo eziholela ekuwephuleni. Ngemva kokuphawula ukuthi uMthetho uthi, “Ungabulali,” uJesu uyanezela: “Kepha mina ngithi kini; Yilowo nalowo ethukuthelela umfowabo uyakuba-necala lokwahlulelwa.”
Njengoba ukuthukuthelela okanye naye kungokungathi sína kangaka, mhlawumbe kuholele ngisho nasekubulaleni, uJesu ubonisa izinga umuntu okumelwe alifinyelele ukuze athole ukuthula. Uyayala: “Ngakho-ke nxa uletha umnikelo wakho ealtare, ukhumbula lapho ukuthi umfowenu unamagqubu nawe, shiya lapho umnikelo wakho phambi kwealtare, uhambe kuqala ubuyisane nomfowenu, andukuba uze unikele umnikelo wakho.”
Ebhekisela ukunaka emthethweni wesikhombisa eMthethweni Eyishumi, uJesu uyaqhubeka: “Nizwile kwathiwa: Ungaphingi.” Nokho, uJesu ulahla ngisho nesimo esiholela ekuphingeni kancane kancane. “Mina ngithi kini: Yilowo nalowo obuka [“oqhubeka ebuka,” NW] owesifazane, amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe.”
UJesu lapha akakhulumi ngomqondo odlulayo wokuziphatha okubi, kodwa ukhuluma ‘ngokuqhubeka ubuka.’ Ukubuka okunjalo okuqhubekayo kuvusa inkanuko yobulili, okungathi uma ithuba livuma igcine ekuphingeni. Umuntu angakuvimbela kanjani lokhu ekubeni kwenzeke? UJesu ubonisa ukuthi kukanjani izinyathelo eziqinile zingase zidingeke, ethi: “Uma iso lakho lokunene likukhubekisa, likhiphe, ulilahle. . . . Noma isandla sakho sokunene sikukhubekisa, sinqume, usilahle.”
Abantu ngokuvamile bazimisele ukudela umlenze ongokoqobo onesifo ukuze basindise ukuphila kwabo. Kodwa ngokukaJesu, kubaluleke ngisho nangokwengeziwe ‘ukulahla noma yini, ngisho nokuthile okubaluleke njengeso noma isandla ukuze kugwenywe ukucabanga nezenzo zokuziphatha okubi. UJesu uyachaza ukuthi ngaphandle kwalokho abantu abanjalo bayophonswa eGehena (indawo yokulahla udoti evuthayo eduze neJerusalema) efanekisela ukubhujiswa kwaphakade.
UJesu futhi ukhuluma ngendlela yokusebenzelana nabantu ababangela ukulimala nokona. Uyeluleka, “Ningamelani nokubi [“nomubi,” NW], kodwa uma umuntu ekumukula esihlathini sokunene, mphendulele nesinye.” UJesu akasho ukuthi umuntu akumelwe azivikele yena noma umkhaya wakhe uma ehlaselwa. Impama ayenzelwa ukulimaza ngokwenyama kodwa, kunalokho, yenzelwa ukucasula. Ngakho, lokho uJesu akushoyo ukuthi uma noma ubani ezama ukubanga impi noma impikiswano, kungaba ngokukushaya ngempama ngokoqobo noma ngamagama ahlabayo endelelo, kuyoba iphutha ukuphindisela.
Ngemva kokudonsela ukunaka emthethweni kaNkulunkulu wokuthanda umakhelwane, uJesu uyaphawula: “Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, . . . nibakhulekele abanizingelayo.” Enikeza isizathu esinamandla sokwenza kanjalo, uyanezela: “Ukuba nibe-ngabantwana bakaYihlo osezulwini, ngokuba yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle.”
UJesu uphetha lengxenye yentshumayelo yakhe ngokweluleka: “Ngakho-ke manibe-ngabapheleleyo, njengokuba uYihlo wasezulwini ephelele.” UJesu akasho ukuthi abantu bangaphelela ngomqondo ophelele. Kunalokho, ngokulingisa uNkulunkulu, bangandisa uthando lwabo ukuba luhlanganise ngisho nezitha zabo. Ukulandisa okufanayo kukaLuka kubika amazwi kaJesu: “Yibani-nesihawu, njengokuba uYihlo enesihawu.” Mathewu 5:17-48; Luka 6:36.
◆ UJesu wakubonisa kanjani ukwazisa okuphakeme ngoMthetho kaNkulunkulu?
◆ Imuphi umyalo uJesu awunikeza ukuze asiphule izisusa zokubulala nokuphinga?
◆ Wayesho ukuthini uJesu lapho ekhuluma ngokuphendula esinye isihlathi?
◆ Singaba kanjani abaphelele njengoba uNkulunkulu ephelele?