Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Ukuzuza Emifanekisweni KaJesu
LAPHO abafundi beza kuJesu ngemva kwenkulumo yakhe ezixukwini ezazisolwandle, bafuna ukwazi ngendlela yakhe entsha yokufundisa. Oh, baye bamuzwa esebenzisa imifanekiso ngaphambili kodwa hhayi ngezinga eliphakeme kangaka. Ngakho bafuna ukwazi: “Ukhulumelani kubo ngemifanekiso na?”
Esinye isizathu esenza enze kanjalo ukugcwalisa amazwi omprofethi: “Ngizakuvula umlomo wami ngemifanekiso, ngiphimisele okufihlakeleyo, selokhu kwasekelwa umhlaba.” Kodwa kunokwengeziwe kukho kunalokho. Ukusebenzisa kwakhe imifanekiso ku feza injongo yokusiza ukwembula isimo sezinhliziyo zabantu.
Eqinisweni, abantu abaningi banesithakazelo kuJesu njengesikhulumi nje esi nekho no nomenzi wezimangaliso, hhayi njengothile okumelwe akhonzwe njengeNkosi futhi alandelwe ngokungenabugovu. Abafuni ukuphazanyiswa embonweni wabo ngezinto noma endleleni yabo yokuphila. Abafuni ukuba isigijimi sijule kuze kube kulelozinga. Ngakho uJesu uthi:
“Kungalokhu ngikhuluma kubo ngemifanekiso, ngokuba noma bebona, kababoni, noma bezwa, kabezwa, kabaqondi. Kugcwaliseka kubo isiprofetho sikaIsaya sokuthi: . . . Ngokuba inhliziyo yalesisizwe isiyaba-lukhuni.”
UJesu uyaqhubeka, “Kodwa abusisiwe amehlo enu, lokhu ebona, nezindlebe zenu, lokhu zizwa. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Baningi abaprofethi nabalungileyo ababefisa ukubona enikubonayo, abakubonanga, nokuzwa enikuzwayo, abakuzwanga.”
Yebo, abaphostoli abayi-12 nababenabo banezinhliziyo ezisabelayo. Ngakho-ke uJesu uthi: “Nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu; kodwa bona kabakuphiwanga.” Ngenxa yesifiso sabo sokuqonda, uJesu unikeza abafundi bakhe incazelo yomfanekiso womhlwanyeli.
UJesu uthi, “Imbewu iyizwi likaNkulunkulu,” futhi umhlabathi yinhliziyo. Ngokuphathelene nembewu ehlwanyelwe emhlabathini olukhuni ongasendleleni, uyachaza: “Kufika uSathane, alisuse izwi enhliziyweni yabo ukuba bangakholwa, basindiswe.”
Ngakolunye uhlangothi, imbewu ehlwanyelwe emhlabathini onamadwala ngaphansi ibhekisela ezinhliziyweni zabantu abamukela izwi ngenjabulo. Nokho, ngenxa yokuthi izwi alinakugxilisa izimpande ezinhliziyweni ezinjalo, labantu bayawa lapho kufika isikhathi sokuvivinywa noma ushushiso.
Ngokuqondene nembewu eyawela phakathi kwameva, uJesu uyaqhubeka, lena ibhekisela kubantu abaye balizwa izwi. Nokho, laba bahungwa iminako nengcebo nezinjabulo zalokhukuphila, ngakho baminyaniswa ngokuphelele futhi abaphelelisi lutho.
Okokugcina, ngembewu ehlwanyelwe emhlabathini omuhle, uJesu uthi, laba yibo okuthi sebelizwile izwi ngenhliziyo enhle nelungile, baligcine futhi bathele izithelo ngokukhuthazela.
Yeka indlela ababusiswe ngayo labafundi abaye bafuna uJesu ukuze bathole incazelo yezimfundiso zakhe! UJesu uhlose ukuba imifanekiso yakhe iqondakale, ukuba ifake iqiniso kwabanye. Uyabuza, “Imbala isibani siza ukuba sibekwe phansi kwesitsha nokuba phansi kombhede yini?” Cha, ‘sibekwa othini.’ Khona-ke uJesu uyanezela: “Ngakho-ke anobheka ukuba nizwa kanjani.” Mathewu 13:10-23, 34-36; Marku 4:10-25, 33, 34; Luka 8:9-18; IHubo 78:2; Isaya 6:9, 10.
◆ Kungani uJesu akhuluma ngemifanekiso?
◆ Abafundi bakaJesu bazibonisa kanjani behlukile ezixukwini?
◆ Iyiphi incazelo yomfanekiso womhlwanyeli uJesu ayinikezayo?