Lapho UJesu Eza Enkazimulweni YoMbuso
“Abanye kulabo abemi lapha ngeke bakunambithe nhlobo ukufa kuze kube yilapho bebona iNdodana yomuntu kuqala iza embusweni wayo.”—MATHEWU 16:28.
1, 2. Yini eyenzeka ngemva nje kwePhentekoste lika-32 C.E., futhi yayiyini injongo yaleso senzakalo?
NGEMVA nje kwePhentekoste lika-32 C.E., abathathu kubaphostoli bakaJesu Kristu babona umbono ongenakulibaleka. Ngokombhalo ophefumulelwe, “uJesu wathatha oPetru noJakobe noJohane umfowabo wabanyusela entabeni ephakeme bebodwa. Futhi waguqulwa isimo phambi kwabo.”—Mathewu 17:1, 2.
2 Lombono wokuguqulwa isimo wenzeka ngesikhathi esibucayi. UJesu wayeseqalile ukutshela abalandeli bakhe ukuthi wayezohlupheka futhi afe eJerusalema, kodwa bakuthola kunzima ukwamukela amazwi akhe. (Mathewu 16:21-23) Lombono waqinisa ukholo lwabaphostoli bakaJesu abathathu ukuze balungele ukufa kwakhe okwakuza, neminyaka yokuzikhandla novivinyo olwaluzokwehlela ibandla lobuKristu. Ingabe thina namuhla singafunda okuthile kulombono? Yebo, ngoba owakufanekisela empeleni kwenzeka esikhathini sethu.
3, 4. (a) UJesu wathini ezinsukwini eziyisithupha ngaphambi kokuguqulwa isimo? (b) Chaza okwenzeka ekuguqulweni isimo.
3 Ezinsukwini eziyisithupha ngaphambi kokuguqulwa isimo, uJesu watshela abalandeli bakhe: “INdodana yomuntu imiselwe ukuza ngenkazimulo kaYise ikanye nezingelosi zayo, khona-ke iyobuyisela kulowo nalowo ngokokuziphatha kwakhe.” Lamazwi ayeyogcwaliseka ‘esiphelweni sesimiso sezinto.’ UJesu waqhubeka wathi: “Ngiqinisile ngithi kini kukhona abanye kulabo abemi lapha abangeke bakunambithe nhlobo ukufa kuze kube yilapho bebona iNdodana yomuntu kuqala iza embusweni wayo.” (Mathewu 16:27, 28; 24:3; 25:31-34, 41; Daniyeli 12:4) Ukuguqulwa isimo kwenzeka ukuze kugcwaliseke lamazwi okugcina.
4 Yini labaphostoli abathathu abayibona ngempela? ULuka uchaza okwenzeka ngendlela elandelayo: “Njengoba [uJesu] ayethandaza ukubonakala kobuso bakhe kwaba okuhlukile futhi isambatho sakhe saba mhlophe ngokubenyezelayo. Futhi, bheka! amadoda amabili ayexoxa naye, ayengoMose no-Eliya. Lawa abonakala ngenkazimulo futhi aqala ukukhuluma ngokumuka kwakhe ayemiselwe ukukugcwalisa eJerusalema.” Khona-ke, “kwaqoqana ifu futhi laqala ukubasibekela [abaphostoli]. Njengoba bengena efwini, baba nokwesaba. Futhi kwavela izwi kulelofu, lithi: ‘Lena iNdodana yami, leyo ekhethiweyo. Yilaleleni.’”—Luka 9:29-31, 34, 35.
Ukholo Luyaqiniswa
5. Ukuguqulwa isimo kwaba namuphi umphumela kumphostoli uPetru?
5 Umphostoli uPetru wayesechazile kakade ukuthi uJesu “unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.” (Mathewu 16:16) Amazwi kaJehova avela ezulwini akuqinisekisa lokho kuchaza, futhi umbono kaJesu eguqulwa isimo wawuwukubona kusengaphambili ukuza kukaKristu emandleni nasenkazimulweni yoMbuso, ezokwahlulela isintu ekugcineni. Eminyakeni engaphezu kuka-30 ngemva kokuguqulwa isimo, uPetru wabhala: “Akubanga ngokulandela izindaba ezingamanga eziklanywe ngobuciko ukuthi sanijwayelanisa namandla nokuba khona kweNkosi yethu uJesu Kristu, kodwa kwaba ngokuba siye saba ofakazi bokuzibonela bobukhazikhazi bakhe. Ngoba wamukela udumo nenkazimulo kuNkulunkulu uBaba, lapho inkazimulo enhle kakhulu iletha kuye amazwi anjengalawa: ‘Lena indodana yami, othandekayo wami, engiyamukele mina ngokwami.’ Yebo, lamazwi sawezwa evela ezulwini ngesikhathi sinaye entabeni engcwele.”—2 Petru 1:16-18; 1 Petru 4:17.
6. Yiziphi izenzakalo ezaba khona ngemva kokuguqulwa isimo?
6 Namuhla, nokholo lwethu luqiniswa yilokho abaphostoli abathathu abakubona. Yebo, izenzakalo ziye zaqhubekela phambili kusukela ngo-32 C.E. Ngonyaka owalandela, uJesu wafa futhi wavuswa, wakhuphukela esandleni sokunene sikaYise. (IzEnzo 2:29-36) NgePhentekoste lalowo nyaka, kwavela “u-Israyeli kaNkulunkulu” omusha, futhi kwaqala umkhankaso wokushumayela, usuka eJerusalema futhi kamuva usakazekela emaphethelweni omhlaba. (Galathiya 6:16; IzEnzo 1:8) Cishe kungakabiphi ukholo lwabalandeli bakaJesu lwavivinywa. Abaphostoli baboshwa futhi bashaywa kanzima ngoba benqaba ukuyeka ukushumayela. Ngokushesha uStefanu wabulawa. Kwabe sekuthi uJakobe, owazibonela ngawakhe ukuguqulwa kwesimo, wabulawa. (IzEnzo 5:17-40; 6:8–7:60; 12:1, 2) Nokho, uPetru noJohane baqhubeka bephila bekhonza uJehova ngokukholeka eminye iminyaka eminingi. Eqinisweni, ngasekupheleni kwekhulu lokuqala C.E., uJohane waloba ngeminye imibono kaJesu esenkazimulweni yasezulwini.—IsAmbulo 1:12-20; 14:14; 19:11-16.
7. (a) Umbono wokuguqulwa isimo waqala nini ukugcwaliseka? (b) UJesu wababuyisela nini abanye ngokokuziphatha kwabo?
7 Kusukela ekuqaleni ‘kosuku lweNkosi’ ngo-1914, eminingi yemibono eyabonwa uJohane iye yagcwaliseka. (IsAmbulo 1:10) Kuthiwani ‘ngokuza kukaJesu ngenkazimulo kaYise,’ njengoba kwafanekiselwa ukuguqulwa isimo? Lombono waqala ukugcwaliseka ekuzalweni koMbuso kaNkulunkulu wasezulwini ngo-1914. Lapho uJesu, njengekhwezi, ebonakala embulungeni yonke njengeNkosi esanda kumiswa, kwakunjengokungathi ukuntwela kosuku olusha. (2 Petru 1:19; IsAmbulo 11:15; 22:16) Ingabe ngaleso sikhathi uJesu wanikeza abathile umvuzo ngokuziphatha kwabo? Yebo. Kunobufakazi obuqinile bokuthi ngemva nje kwalokho, ukuvuselwa ezulwini kwamaKristu agcotshiwe kwaqala.—2 Thimothewu 4:8; IsAmbulo 14:13.
8. Yiziphi izenzakalo eziyophawula isiphetho sokugcwaliseka kombono wokuguqulwa isimo?
8 Nokho, ngokushesha, uJesu uzofika ‘enkazimulweni yakhe, nazo zonke izingelosi kanye naye’ ukuze ahlulele sonke isintu. (Mathewu 25:31) Ngaleso sikhathi, uyozambula ngayo yonke inkazimulo yakhe yasebukhosini futhi anike “lowo nalowo” umvuzo ofanele ngokuziphatha kwakhe. Abanjengezimvu bayokudla ifa lokuphila okumi phakade eMbusweni olungiselelwe bona, kanti abanjengezimbuzi bayokuya “ekunqunyweni okumi phakade.” Yeka isiphetho esihle leso okuyoba yiso ekugcwalisekeni kombono wokuguqulwa isimo!—Mathewu 25:34, 41, 46; Marku 8:38; 2 Thesalonika 1:6-10.
Abangane BakaJesu Abakhazinyulisiwe
9. Ingabe kufanele silindele uMose no-Eliya ukuba babe noJesu ekugcwalisekeni kombono wokuguqulwa isimo? Chaza.
9 UJesu wayengeyedwa lapho eguqulwa isimo. Wabonakala enoMose no-Eliya. (Mathewu 17:2, 3) Ingabe babekhona ngokoqobo? Cha, ngoba womabili lamadoda ayesenesikhathi eside afa futhi ayelele othulini elindele uvuko. (UmShumayeli 9:5, 10; Heberu 11:35) Ingabe ayobonakala noJesu lapho eza ngenkazimulo yasezulwini? Cha, ngoba uMose no-Eliya baphila ngaphambi kokuba ithemba lasezulwini livulekele abantu. Bayoba ingxenye ‘yovuko lwasemhlabeni lwabalungileyo.’ (IzEnzo 24:15) Ngakho ukubonakala kwabo embonweni wokuguqulwa isimo kungokomfanekiso. Kufanekiselani?
10, 11. U-Eliya noMose bafanekisela obani ezimweni ezihlukahlukene?
10 Kwezinye izimo, uMose no-Eliya bayizifanekiso ezingokwesiprofetho. Njengomlamuleli wesivumelwano soMthetho, uMose wafanekisela uJesu, uMlamuleli wesivumelwano esisha. (Duteronomi 18:18; Galathiya 3:19; Heberu 8:6) U-Eliya wafanekisela uJohane uMbhapathizi, umanduleli kaMesiya. (Mathewu 17:11-13) Ngaphezu kwalokho, ngokomongo wesAmbulo isahluko 11, uMose no-Eliya bafanekisela insali egcotshiwe esikhathini sokuphela. Sikwazi kanjani lokho?
11 Vula isAmbulo 11:1-6. Evesini lesithathu siyafunda: “Ngizobangela ofakazi bami ababili ukuba baprofethe izinsuku eziyinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisithupha begqoke indwangu yesaka.” Lesi siprofetho sagcwaliseka ensalini yamaKristu agcotshiwe phakathi neMpi Yezwe I.a Kungani kunofakazi ababili? Ngoba insali egcotshiwe yenza imisebenzi efana nekaMose no-Eliya, ngomqondo ongokomoya. Amavesi 5 no-6 aqhubeka athi: “Uma noma ubani efuna ukubalimaza [ofakazi ababili], kuphuma umlilo emilonyeni yabo ushwabadele izitha zabo; futhi uma noma ubani engase afune ukubalimaza, kumelwe abulawe ngalendlela. Laba banegunya lokuvala izulu ukuba imvula ingani phakathi nezinsuku zokuprofetha kwabo, futhi banegunya phezu kwamanzi ukuba bawaphendule abe igazi futhi bashaye umhlaba ngazo zonke izinhlobo zezinhlupho kaningi ngangokuthanda kwabo.” Ngaleyo ndlela, sikhunjuzwa ngezimangaliso ezenziwa u-Eliya noMose.—Numeri 16:31-34; 1 AmaKhosi 17:1; 2 AmaKhosi 1:9-12.
12. Endabeni yokuguqulwa isimo, uMose no-Eliya bafanekisela obani?
12 Khona-ke, uMose no-Eliya bafanekisela bani endabeni yokuguqulwa isimo? ULuka uthi babonakala noJesu “ngenkazimulo.” (Luka 9:31) Ngokusobala, bafanekisela amaKristu aye agcotshwa ngomoya ongcwele ‘njengezindlalifa’ noJesu futhi ngaleyo ndlela amukela ithemba elimangalisayo ‘lokukhazinyuliswa kanye’ naye. (Roma 8:17) Abagcotshiwe abavusiwe bayokuba noJesu lapho eza enkazimulweni kaYise ‘ezobuyisela kulowo nalowo ngokokuziphatha kwakhe.’—Mathewu 16:27.
OFakazi AbanjengoMose No-Eliya
13. Yiziphi izici eziphawula uMose no-Eliya njengemifanekiso engokwesiprofetho efanelekayo yezindlalifa ezikanye noJesu ezigcotshiwe ezikhazinyuliswa kanye naye?
13 Kunezici eziphawulekayo ezibonisa ukuthi uMose no-Eliya bayimifanekiso engokwesiprofetho efanelekayo yezindlalifa ezikanye noJesu ezigcotshiwe. Bobabili uMose no-Eliya bakhonza njengabakhulumeli bakaJehova iminyaka eminingi. Bobabili babhekana nolaka lombusi. Ngesikhathi sokuswela, ngamunye wasekelwa umkhaya angawazi. Bobabili baprofetha emakhosini ngesibindi futhi bamelana ngokuqinile nabaprofethi bamanga. Bobabili uMose no-Eliya babona ukubonakaliswa kwamandla kaJehova eNtabeni iSinayi (ebizwa nangokuthi iHorebe). Bobabili bamisa abantu ababezobalandela esikhundleni engxenyeni engasempumalanga yeJordani. Futhi ngezikhathi zabo bobabili uMose (ekanye noJoshuwa) no-Eliya (ekanye no-Elisha) kwaba nezimangaliso eziningi kakhulu, ngaphandle kwalezo ezenziwa phakathi nesikhathi sokuphila kukaJesu.b
14. Abagcotshiwe baye bakhonza kanjani njengabakhulumeli bakaJehova, njengoMose no-Eliya?
14 Ingabe konke lokho akusikhumbuzi u-Israyeli kaNkulunkulu? Yebo, kusikhumbuza yena. UJesu watshela abalandeli bakhe abakholekile: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele, nibafundise ukugcina zonke izinto enginiyale ngazo. Futhi, bhekani! Nginani izinsuku zonke kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.” (Mathewu 28:19, 20) Elalela lamazwi, amaKristu agcotshiwe aye akhonza njengomkhulumeli kaJehova kusukela ngePhentekoste lika-33 C.E. kuze kube manje. NjengoMose no-Eliya, aye abhekana nolaka lwababusi futhi aye afakaza kubo. UJesu watshela abaphostoli bakhe abangu-12: “Niyohudulelwa phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, ngenjongo yobufakazi kubo nasezizweni.” (Mathewu 10:18) Amazwi akhe aye agcwaliseka ngokuphindaphindiwe phakathi nomlando webandla lobuKristu.—IzEnzo 25:6, 11, 12, 24-27; 26:3.
15, 16. Yikuphi ukufana okukhona phakathi kwabagcotshiwe kanye noMose no-Eliya endabeni (a) yokumelela iqiniso ngokuqinile? (b) yokuthola usizo kwabangewona ama-Israyeli?
15 Ngaphezu kwalokho, amaKristu agcotshiwe aye aba nesibindi njengoMose no-Eliya ekumeleleni iqiniso emangeni enkolo. Khumbula indlela uPawulu asola ngayo umprofethi wamanga ongumJuda uBarjesu nendlela adalula ngayo ngokuhlakanipha kodwa ngokuqinile amanga onkulunkulu base-Athene. (IzEnzo 13:6-12; 17:16, 22-31) Futhi khumbula ukuthi osukwini lwanamuhla insali egcotshiwe iye yadalula ngesibindi eLobukholwa futhi ukufakaza okunjalo kuye kwalihlupha.—IsAmbulo 8:7-12.c
16 Lapho uMose ebalekela ulaka lukaFaro, wathola isiphephelo emzini womuntu ongeyena umIsrayeli, uRehuweli, obizwa nangokuthi uJetiro. Kamuva, uMose wathola iseluleko esiwusizo sokuhlela kuRehuweli, ondodana yakhe uHobabi yahola u-Israyeli ehlane.d (Eksodusi 2:15-22; 18:5-27; Numeri 10:29) Ingabe amalungu ka-Israyeli kaNkulunkulu aye asizwa ngendlela efanayo abantu abangewona amalungu agcotshiwe ka-Israyeli kaNkulunkulu? Yebo, aye asekelwa “isixuku esikhulu” ‘sezinye izimvu,’ esiye savela phakathi nalezi zinsuku zokugcina. (IsAmbulo 7:9; Johane 10:16; Isaya 61:5) Ebikezela ngokusekela okufudumele nokothando, lezi “zimvu” ezaziyokunikeza abafowabo abagcotshiwe, uJesu wathi kuzo ngokwesiprofetho: “Ngalamba nanginika okudliwayo; ngoma nanginika okuphuzwayo. Ngangiyisihambi nangamukela ngokufudumele; ngihamba-ze, nangigqokisa. Ngagula nanginakekela. Ngangisetilongweni neza kimi. . . . Ngiqinisile ngithi kini, Ngezinga enikwenze ngalo komunye wabancane kunabo bonke lababafowethu, nikwenzile nakimi.”—Mathewu 25:35-40.
17. Abagcotshiwe baba kanjani nokuhlangenwe nakho okufana nokuka-Eliya eNtabeni iHorebe?
17 Ngaphezu kwalokho, u-Israyeli kaNkulunkulu waba nokuhlangenwe nakho okufana nokuka-Eliya eNtabeni iHorebe.e Njengo-Eliya ngesikhathi ebalekela iNdlovukazi uJezebeli, insali egcotshiwe eyesabayo yacabanga ukuthi umsebenzi wayo usuphothuliwe lapho kuphela iMpi Yezwe I. Ngemva kwalokho, njengaku-Eliya, uJehova wafika nakuyo, ezokwahlulela lezo zinhlangano ezithi ‘ziyindlu kaNkulunkulu.’ (1 Petru 4:17; Malaki 3:1-3) Lapho eLobukholwa litholakala lintula, insali egcotshiwe yaqashelwa ‘njengesigqila esikholekile nesiqondayo’ futhi yamiswa phezu kwakho konke okungokukaJesu emhlabeni. (Mathewu 24:45-47) EHorebe, u-Eliya wezwa “izwi elincane elihashazayo” elabonakala kungelikaJehova, limnikeza umsebenzi owengeziwe okwakumelwe awenze. Enkathini ethulile yeminyaka engemva kwempi, izinceku zikaJehova ezigcotshiwe ezikholekile zezwa izwi lakhe emakhasini eBhayibheli. Nazo zaqonda ukuthi zinokuthunywa okumelwe zikufeze.—1 AmaKhosi 19:4, 9-18; IsAmbulo 11:7-13.
18. Ukubonakaliswa okuvelele kwamandla kaJehova kuye kwadluliselwa kanjani ngo-Israyeli kaNkulunkulu?
18 Okokugcina, ingabe ukubonakaliswa okuvelele kwamandla kaJehova kuye kwadluliselwa ngo-Israyeli kaNkulunkulu? Ngemva kokufa kukaJesu, abaphostoli benza izimangaliso eziningi, kodwa lezi zaphela kancane kancane. (1 Korinte 13:8-13) Namuhla, asiziboni izimangaliso ezingokoqobo. Ngakolunye uhlangothi, uJesu wathi kubalandeli bakhe: “Ngiqinisile impela ngithi kini, Obonisa ukholo kimi, lowo futhi uyokwenza imisebenzi engiyenzayo; futhi uyokwenza imisebenzi emikhulu kunalena.” (Johane 14:12) Lokhu kwagcwaliseka okokuqala lapho abafundi bakaJesu beshumayela izindaba ezinhle kuwo wonke uMbuso WaseRoma ekhulwini lokuqala. (Roma 10:18) Namuhla kuye kwenziwa ngisho nemisebenzi emikhulu kakhulu njengoba insali egcotshiwe iye yahola ekushumayeleni izindaba ezinhle “emhlabeni wonke owakhiweyo ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke.” (Mathewu 24:14) Uye waba yini umphumela? Kuleli khulu lama-20 kuye kwaqoqwa inani elikhulu kunawo wonke emlandweni lezinceku zikaJehova ezizinikezele nezikholekile. (IsAmbulo 5:9, 10; 7:9, 10) Yeka ubufakazi obumangalisayo bamandla kaJehova!—Isaya 60:22.
Abafowabo BakaJesu Beza Ngenkazimulo
19. Abafowabo bakaJesu abagcotshiwe babonakala nini kanye naye ngenkazimulo?
19 Njengoba insali yabafowabo bakaJesu abagcotshiwe iqeda inkambo yayo yasemhlabeni, ikhazinyuliswa naye. (Roma 2:6, 7; 1 Korinte 15:53; 1 Thesalonika 4:14, 17) Ngaleyo ndlela iba amakhosi nabapristi abangenakufa eMbusweni wasezulwini. Kanye noJesu, iyobe ‘seyelusa abantu ngenduku yensimbi kangangokuthi bayophihlizwa babe izicucu njengezitsha zobumba.’ (IsAmbulo 2:27; 20:4-6; IHubo 110:2, 5, 6) Kanye noJesu, iyohlala ezihlalweni zobukhosi yahlulele “izizwana eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.” (Mathewu 19:28) Indalo ebubulayo iye yazilindela ngentshiseko lezi zenzakalo, eziyingxenye ‘yokwambulwa kwamadodana kaNkulunkulu.’—Roma 8:19-21; 2 Thesalonika 1:6-8.
20. (a) Ukuguqulwa isimo kwaliqinisela liphi ithemba ukholo lukaPetru? (b) Ukuguqulwa isimo kuwaqinisa kanjani amaKristu namuhla?
20 UPawulu wakhuluma ngokwambulwa kukaJesu phakathi ‘nosizi olukhulu’ lapho ebhala: “Ifika izokhazinyuliswa mayelana nabangcwele bayo nokuba ibhekwe ngokumangala ngalolosuku mayelana nabo bonke labo ababonisa ukholo.” (Mathewu 24:21; 2 Thesalonika 1:10) Yeka ithemba elihle uPetru, uJakobe, uJohane nawo wonke amaKristu agcotshwe ngomoya aba nalo! Ukuguqulwa isimo kwaluqinisa ukholo lukaPetru. Ngokuqinisekile, ukufunda ngakho kuqinisa nolwethu ukholo kanye nethemba lethu lokuthi maduze nje uJesu ‘uzobuyisela lowo nalowo ngokokuziphatha kwakhe.’ AmaKristu agcotshiwe akholekile aye aphila kwaze kwaba namuhla abona ithemba lawo lokukhazinyuliswa noJesu liqinisekiswa. Ukholo lwezinye izimvu luqiniswa ukwazi ukuthi uyozisindisa ekupheleni kwalesi simiso esibi sezinto zingene ezweni elisha elikhazimulayo. (IsAmbulo 7:14) Yeka isikhuthazo sokuba sihlale siqinile kuze kube sekupheleni! Kunokuningi lombono ongasifundisa kona, njengoba sizobona esihlokweni esilandelayo.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka incwadi ethi “Let Your Name Be Sanctified,” amakhasi 313-14, nethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!, amakhasi 164-5, ezanyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
b Eksodusi 2:15-22; 3:1-6; 5:2; 7:8-13; 8:18; 19:16-19; Duteronomi 31:23; 1 AmaKhosi 17:8-16; 18:21-40; 19:1, 2, 8-18; 2 AmaKhosi 2:1-14.
c Bheka amakhasi 133-41 encwadini ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
d Bheka incwadi ethi You May Survive Armageddon Into God’s New World, eyanyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc., amakhasi 281-3.
e Bheka ethi “Let Your Name Be Sanctified,” amakhasi 317-20.
Uyakhumbula?
◻ Obani ababonakala noJesu lapho eguqulwa isimo?
◻ Ukholo lwabaphostoli lwaqiniswa kanjani ukuguqulwa isimo?
◻ Lapho uMose no-Eliya bebonakala “ngenkazimulo” noJesu lapho eguqulwa isimo, babemelele obani?
◻ Yikuphi ukufana okukhona phakathi kukaMose beno-Eliya kanye no-Israyeli kaNkulunkulu?
[Isithombe ekhasini 10]
Ukuguqulwa isimo kuye kwaqinisa ukholo lwamaKristu esikhathi esidlule nawanamuhla