Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Ukubonakaliswa Kusengaphambili Kwenkazimulo YoMbuso KaKristu
UJESU umile endleleni eya eKesariya Filipi, futhi ufundisa isixuku kanye nabaphostoli bakhe. Wenza lesimemezelo esithusayo kubona: “Ngiqinisile ngithi kini: Bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze bayibone iNdodana yomuntu iza embusweni wayo.”
‘UJesu usho ukuthini?’ abafundi kumelwe bazibuze. Cishe esikhathini esingangesonto kamuva, uJesu uthatha uPetru, uJakobe, noJohane kanye naye futhi bakhuphukela entabeni ende. Ngokunokwenzeka kusebusuku, njengoba abafundi bozela. Ngesikhathi uJesu ethandaza, uphenduka esinye isimo phambi kwabo. Ubuso bakhe buqala ukukhanya njengelanga, nezingubo zakhe zikhazimula njengokukhanya.
Khona-ke, kuvela abantu ababili, “uMose noEliya,” futhi baqala ukukhuluma noJesu ‘ngokumuka kwakhe okuzokwenzeka eJerusalema.’ Ngokusobala ukumuka kubhekisela ekufeni kukaJesu nokuvuka okuzolandela. Ngakho, lengxoxo ibonisa ukuthi ukufa kwakhe okuyihlazo akuyona into yokugwenywa, njengoba uPetru ebefisa.
Sebephapheme ngokugcwele manje, abafundi bayabukela futhi balalele ngokumangala. Nakuba lokhu kungumbono, kubonakala kungokoqobo kangangokuba uPetru uqala ukuhlanganyela endabeni, ethi: “Nkosi, kuhle ukuba silapha. Uma uthanda, ngizakwakha lapha amadokodo amathathu, elinye libe-ngelakho, elinye libe-ngelikaMose, elinye libe-ngelikaEliya.”
Lapho uPetru esakhuluma, ifu elikhanyayo liyabasibekela, futhi izwi elivela efwini lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.” Kuthe bezwa izwi, abafundi bawa ngobuso babo. Kodwa uJesu uthi: “Sukumani, ningesabi.” Lapho besukuma, ababoni-muntu ngaphandle kukaJesu.
Lapho behla entabeni ngosuku olulandelayo, uJesu uyayala: “Ningatsheli-muntu lowombono, ize ivuke iNdodana yomuntu kwabafileyo.” Ukubonakala kukaEliya embonweni kuphakamisa umbuzo ezingqondweni zabafundi. Bayabuza, “Basholoni ababhali ukuthi uEliya umelwe ukufika kuqala na?”
“UEliya sewafika,” kuphendula uJesu, “abamazanga nokho.” Nokho, uJesu ukhuluma ngoJohane uMbhapathizi, owafeza indima efanayo nekaEliya. UJohane walungisa indlela yokuza kukaKristu, njengoba noEliya enza kuElisha.
Yeka indlela lombono obonakala uqinisa ngayo, kokubili kuJesu nakubafundi! Ngomqondo ongokomfanekiso, umbono uwukubonakaliswa kusengaphambili kwenkazimulo yoMbuso kaKristu. Ngokomphumela, abafundi babona “iNdodana yomuntu iza embusweni wayo,” njengoba uJesu ayethembisile esikhathini esingangesonto ngaphambili. Ngemva kokufa kukaJesu, uPetru wabhala ngokuba ‘abawabonayo amandla obukhosi bukaKristu sikanye naye entabeni engcwele.’
AbaFarisi babefune isibonakaliso kuJesu sokuqinisekisa ukuthi wayeyilowo othenjiswe emiBhalweni ukuba abe yiNkosi ekhethiwe kaNkulunkulu. Abazange banikwe isibonakaliso esinjalo. Ngakolunye uhlangothi, abafundi abaseduze bakaJesu bavunyelwa ukuba babone ukuphendukela kukaJesu kwesinye isimo njengokufakazela iziprofetho zoMbuso. Ngakho, uPetru kamuva wabhala: “Sesinalo izwi lesiprofetho eliqinisekile kakhulu.” Mathewu 16:28–17:13; Marku 9:1-13; Luka 9:27-37; 2 Petru 1:16-19.
◆ Abanye bambona kanjani uKristu eza eMbusweni wakhe ngaphambi kokuba bezwe ukufa?
◆ Embonweni, yini uMose noEliya abakhuluma ngayo noJesu?
◆ Kungani lombono wawuwusizo oluqinisa kangaka kubafundi?
[Isithombe esigcwele ikhasi ekhasini 9]