Kudingeka Ngokuphuthumayo—Izisebenzi Zokuvuna Ezengeziwe
“Ukuvuna kukhulu, kepha izisebenzi ziyingcosana; ngakho-ke nxusani inkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo.”—LUKA 10:2.
1. Yini ongayicabanga ngokuqondene namazwi kaJesu akuLuka 10:2, kodwa yini ongacetshiswa ukuba uyenze?
NJENGOBA ufunda lamazwi kaJesu, ingabe unomuzwa wokuthi ayakuhilela? Njengoba akhulunywa eminyakeni engaphezu kwengamakhulu ayi-19 edlule, ungase uthambekele ekucabangeni ukuthi awasabalulekile. Isiphetho esithathelwe phezulu kanjalo singaba yiphutha ngempela. Ukuze sibone incazelo egcwele yamazwi kaJesu, ake sibheke emuva kulokho okwenzeka ngesikhathi lenkulumo ishiwo okokuqala, bese sihlola esethu isimo namuhla.—Qhathanisa neyoku-1 Korinte 10:11.
2. Isiphi isimo esasidinga isinyathelo esiphuthumayo esasibhekene noJesu ngo-32 C.E., futhi wasisingatha kanjani?
2 Ngo-32 C.E., ngemva koMkhosi Wamadokodo, kwase kusele izinyanga eziyisithupha kuphela ngaphambi kokuba uJesu abhekane nokufa esigxotsheni sokuhlushwa. Ukuze asize ekusheshiseni umsebenzi wokushumayela, uJesu wathuma abafundi abangama-70 ‘ngababili phambi kwakhe emizini nasezindaweni zonke abezakuya kuzo yena.’ Bahamba benamazwi kaJesu encencetha ezindlebeni zabo: “Ukuvuna kukhulu, kepha izisebenzi ziyingcosana; ngakho-ke nxusani inkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo.”—Luka 10:1, 2.
Isivuno Esikhulu Siyatholakala
3. Chaza eminye yemiphumela yokushumayela okwandisiwe phakathi nezinyanga ezimbalwa zokugcina zenkonzo kaJesu.
3 Waba yini umphumela walomzamo owandisiwe wokushumayela? Siyafunda: “Babuya-ke abangamashumi ayisikhombisa ngokujabula, bathi: Nkosi, namademoni ayasithobela ngegama lakho.” Yeka ukubonakaliswa okumangalisayo kwamandla kaNkulunkulu phezu kwamademoni lokhu okwakuyikho! Umbiko wenkonzo omuhle kanjalo ngokuqinisekile wamjabulisa uJesu, ngoba wathi: “Ngabona uSathane ewa ezulwini njengonyazi.” (Luka 10:17, 18) UJesu wayazi ukuthi uSathane namademoni akhe ekugcineni babeyokhishwa ezulwini ngemva kokuzalwa koMbuso wobuMesiya emazulwini. Kodwa ngesikhathi uJesu esesemhlabeni, lokhu kukhishwa kwamademoni angabonakali ngabantu nje kwasebenza njengesiqinisekiso esenezelwe kuye salesosenzakalo esijabulisayo esizayo. Ngakho-ke uJesu wakhuluma ngalokhu kuwa kwesikhathi esizayo kukaSathane ezulwini njengokuqinisekile.—IsAmbulo 12:5, 7-10.
4. Yayiyini injongo yomsebenzi wokuvuna owawenziwa uJesu nabafundi bakhe ngaphambi kukaNisan 14, 33 C.E.?
4 Isivuno uJesu ayekhuluma ngaso kwakungesona esokudla okusanhlamvu noma izithelo kodwa kwakungesabantu, abantu abanjengezimvu ababeyosabela ngokushesha esigijimini soMbuso. Izithelo zesivuno esinjalo zase zibonakala kakade. Nokho, ukuvuna okwafezwa uJesu nabalandeli bakhe ngalezozinyanga ezimbalwa ezazisele ngaphambi kukaNisan 14, 33 C.E., kwakumane kuyisiqalo sesivuno esikhulu kakhulu esasiyolandela ukufa nokuvuka kukaJesu.—Qhathanisa neHubo 126:1, 2, 5, 6.
5. Yiziphi izenzakalo ezijabulisayo ezenzeka ngePentekoste, lika-33 C.E., futhi lokhu kwawuthinta kanjani umsebenzi wokuvuna owawuzolandela?
5 Isikhathi manje kwase kuwusuku lwePentekoste, lika-33 C.E. Cishe abalandeli bakaJesu abayi-120 babehlangene eJerusalema. “Ngokungazelelwe kwavela ezulwini inhlokomo kwangathi eyokuvunguza komoya onamandla; yona yagcwalisa indlu yonke ababehlezi kuyo. . . . Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala akukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho umoya wabapha ukuphumisela.” Lokhu kwakuwukuqala kwesivuno esikhulu! “Kwenezelwa ngalowomuhla abantu kungathi izinkulungwane ezintathu.” (IzEnzo 1:15; 2:1-4, 41) “Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, . . . bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.” (IzEnzo 2:46, 47) Kamuva sithola ukuthi: “Benezelwa kakhulu abakholwa yiNkosi, abaningi nabesilisa nabesifazane.” Futhi kamuva: “Izwi likaNkulunkulu landa, umumo wabafundi wakhula eJerusalema, nesixuku esikhulu sabapristi salalela inkolo.”—IzEnzo 5:14; 6:7.
6. Ukuphikiswa komsebenzi wokushumayela kwaba namuphi umphumela ezithelweni zoMbuso?
6 Ukuphikiswa kwesigijimi soMbuso manje kwanda ngamandla. Ingabe lokhu kwawukhinyabeza umsebenzi wokuvuna? Cha, ngoba “abahlakazekileyo base behamba, beshumayela izwi levangeli.” UFiliphu waya emzini waseSamariya; izixuku zamlalela ngentshiseko; abantu ababenamademoni, abafe uhlangothi, nabayizinyonga bonke baphulukiswa. Akumangalisi ukuthi “kwaba-khona ukuthokoza okukhulu kulowomuzi.”—IzEnzo 8:1-8.
7. Umyalo kaJesu kubafundi bakhe okuzEnzo 1:8 ekugcineni wawuyofezwa ngezinga elingakanani?
7 UJesu ovusiwe wayetshele abafundi bakhe ukuthi: “Nibe-ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube-sekugcineni komhlaba.” (IzEnzo 1:8) Ububanzi bensimu yokusetshenzwa babudinga izisebenzi ezengeziwe—ngokuphuthumayo! Yeka isivuno sabafundi manje esase silindelekile! Futhi sase siqalile kakade—konke kwakungaphansi kokuqondisa komoya ongcwele kaNkulunkulu. Ngemva kokuphenduka kukaSawule owayenomqondo wokubulala, silandiswa ngalokhu: “Njalo-ke ibandla laba-nokuthula kulo lonke laseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele.” (IzEnzo 9:31) Njengoba ukuvunwa kwabanjengezimvu kwakuthola umfutho, akungabazeki ukuthi labobafundi bokuqala babewakhumbula njalo amazwi kaJesu: “Nxusani iNkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo.” Ingabe uJehova, “iNkosi yokuvuna,” wawuphendula lowomthandazo? Ngempela wawuphendula! Uma kungenjalo, kwakungalotshwa kanjani ukuthi: ‘Ithemba lalelovangeli . . . lashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu’?—Kolose 1:23.
Ukuphuthuma Kukhulu Namuhla
8. Kungani ngawo-1980 isidingo sezisebenzi ezengeziwe zoMbuso sisikhulu kunanini?
8 Namuhla, eminyakeni yawo-1980, isidingo sezisebenzi ezengeziwe zokuvuna sikhulu kunanini. Ngani? Ngoba insimu engumhlaba inkulu kakhulu. Ngenxa yalokho, isivuno okumelwe sivunwe futhi sihlanganiswe sikhulu kakhulu. Lokhu kuyavumelana nalokho uJesu akubikezela. Wathi abalandeli bakhe babeyokwenza imisebenzi emikhulu kunaleyo ayifeza emhlabeni, ngokuqondene nokushunyayelwa kwezindaba ezinhle.—Johane 14:12.
9. (a) Ukuphuthuma komsebenzi wanamuhla wokushumayela kugcizelelwe kanjani embonweni kaJohane, ochazwe kusAmbulo 7:1-3? (b) Isiphi isiphetho esinengqondo esingafinyelelwa ngamazwi athi “balulibo kuNkulunkulu nakulo iWundlu” akusAmbulo 14:4?
9 Umqondo wokuphuthuma emsebenzini wokushumayela wanamuhla uqokonyiswe esenzakalweni esisadrama esichazwe embonweni owanikezwa uJohane, njengoba ulotshwe kusAmbulo isahluko 7:1-3. Lapho, “izingelosi ezine zimi emagumbini omane omhlaba” zibonakala “zibamba imimoya emine yomhlaba.” Ziyoyibamba isikhathi eside kangakanani ‘leyomimoya emine’? Koze ‘kube yilapho izinceku zikaNkulunkulu wethu sezibekwe uphawu emabunzini azo.’ Kuyothatha isikhathi eside kangakanani lokho? Ubufakazi balokhu bubonakala ngeqiniso lokuthi ekugujweni kweSikhumbuzo ngoApril 15, 1984, kuphela abayizi-9 081 abathi bangamalungu ezi-144 000. Abagcotshiwe namuhla bangamalungu okugcina alabo abachazwe kusAmbulo 14:4 ‘njengabathengwe ebantwini, babe ulibo kuNkulunkulu nakulo iWundlu.’ Ngakho kungabonakala ukuthi ‘ulibo’ oluningi luye lwaqoqwa. Kodwa ingabe igama elithi ‘ulibo’ lisho ukuthi kusenezinye izithelo ezizolandela? Phela, kunjalo! Lokhu kwafanekiselwa kahle isivuno esikhulu sezinye izithelo esaqoqwa ekupheleni konyaka wokulima wamaJuda ngesikhathi soMkhosi Wamadokodo.—Duteronomi 16:13-15.
10. Iziphi izivuno ezimbili eziqhubekayo ezikhathini zanamuhla, futhi leliqiniso lisigcizelela kanjani isidingo esiphuthumayo sezisebenzi zokuvuna ezengeziwe?
10 Ngakho-ke kuba sobala ukuthi, njengoba ukuvunwa kwensali egcotshiwe kwakufinyelela esiphelweni, okunye ukuqoqwa kwesivuno kwakumelwe kuqale. Ingabe lokhu akubonakali kulokho uJohane abuye wakubona embonweni? “Emva kwalokho ngabona, bheka-ke, isixuku esikhulu ebesingenakubalwa-muntu, sivela kuzo zonke izizwe, nemindeni, nabantu, nezilimi.” UJohane watshelwa: “Laba yibo abaphuma osizini olukhulu.” (IsAmbulo 7:9, 14) Kunesikhathi esilinganiselwe kakhulu esisele sokuba kuqedelwe ukuqoqwa ‘kwesixuku esikhulu.’ Uma ‘leyomimoya emine yomhlaba’ idedelwa, okuphawula ukuqala “kosizi olukhulu,” kuyobe sekwephuze kakhulu! Awusiboni yini isidingo esiphuthumayo sezisebenzi ezengeziwe zokuvuna ukuba zilethe abaningi abasengatholakala?
Izinkulungwane Manje Ziyasabela
11. (a) “Ezinye izimvu” zihlanganyela ngezinga elingakanani ekuvuneni? (b) Libonisani inani labantu ababekhona eSikhumbuzweni ngo-1984?
11 UJesu wakubikezela lokhu kwanda komsebenzi wakhe wokuvunwa kwabanjengezimvu lapho ethi: “Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesisibaya; nalezo ngimelwe ukuziletha; ziyakuzwa izwi lami, kube-mhlambi munye nomalusi munye.” (Johane 10:14, 16) Kakade sekunabangaphezu kwezi-2 800 000 balezi “ezinye izimvu” abaye bazibonakalisa ngentshiseko ‘njengabalowo mhlambi-munye.’ Kulelonani kunabayizi-179 421 ababhapathizwa onyakeni wenkonzo ka-1984! Nokho, ababekhona ekugujweni kweSikhumbuzo babeyizi-7 416 974. Lokhu kusitshelani? Ukuthi kunabaningi abanye abaye balizwa izwi likaMalusi kodwa, ngenxa yezizathu ezithile, abakasabeli esimemweni sikaJesu esifudumele esithi: “Ngilandele.”—Luka 5:27.
12. Imiphi imibuzo ebalulekile okumelwe manje sizibuze yona?
12 Umiphi ngokuqondene nalomsebenzi oyinhloko wokuvuna ‘ekupheleni kwalesimiso sezinto’? (Mathewu 13:39) Ingabe ubalwa noquqaba olujabulayo lwalabo abahlanganyela manje ezinjabulweni zesivuno? Noma useyisibukeli, uthambekele ngokwengqondo ekuhlehleni nyovane ekuvumeni ngokusobala isimemo sikaMalusi Omuhle esithi: “Ngilandele”? Ngokuqinisekile akekho namuhla ongathanda ukubeka izaba njengalawomadoda amathathu akuLuka isahluko 9, okuxoxwe ngawo esihlokweni esandulelayo. Cabanga ngalokho lamadoda alahlekelwa yikho—injabulo yenkonzo yoMbuso, ngokunokwenzeka eyayihlanganisa ukuhlanganyela ekukhululeni labo ababenamademoni!—Luka 9:57-62; 10:17.
13. Ukholo luyifeza kanjani ingxenye ebalulekile ekubeni kwakho isisebenzi sokuvuna esizithandelayo?
13 Umphostoli uPawulu wathi: “Ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa [uNkulunkulu].” (Heberu 11:6) Ah, yebo, kudinga ukholo kunoma ubani ukubekela izithakazelo zakhe eceleni futhi anikezele ukuphila kwakhe kuNkulunkulu ngokuzithandela njengesisebenzi sokuvuna. Ngokwesibonelo, kungenzeka ukuthi unenkinga yempilo engathi sína; mhlawumbe amanye amalungu omkhaya amelene kakhulu noFakazi BakaJehova; mhlawumbe unomuzwa wokuthi usukhule kakhulu ukuba wenze ushintsho oludingekile ekuphileni kwakho; ngakolunye uhlangothi, ungase uzicabangele njengongenakukwazi ukubhekana nokucindezela kontanga okutholayo esikoleni. Kungakhathaliseki ukuthi izimo zakho zingaba yini, ungakhohlwa ukuthi uJehova uziqonda kangcono izinkinga zakho kunanoma ubani omunye. Futhi, ukulungele ukusondela kuwe futhi aqinise ukuzimisela kwakho ukumkhonza kuphela uma wena ngokwakho uyothatha izinyathelo ezithile ezidingekile.—IHubo 103:13, 14; Jakobe 4:8.
Ukholo Lugudluza ‘Izintaba’
14. Chaza ukuthi uJesu wayesho ukuthini ngamazwi akhe alotshwe kuMathewu 17:20.
14 UJesu wathi: “Uma ninokukholwa njengembewu yesinaphi, niyakuthi kulentaba: Suka lapha, uye laphaya, iyakusuka; akukho okuyakunahlula.” Lokhu kuye kwaba okuhlangenwe nakho komuntu siqu kwabaningi balawomakhulu ezinkulungwane abaye basabela obizweni lwabavuni abengeziwe phakathi nawo-1980. Izinkinga zomuntu siqu nobunzima obabubonakala buyizintaba kubo esikhathini esidlule buye banqotshwa ngosizo lukaJehova. (Mathewu 17:20; 19:26) Cabangela okuhlangenwe nakho okulandelayo:
15, 16. Chaza indlela insizwa yaseUnited States nendoda yaseBrazil engumKatolika abanqoba ngayo izinkinga ezinkulu ezazibavimbela ukuba babhapathizwe.
15 Insizwa yaseCalifornia, eU.S.A., yayiphethwe ipolio, igogeke kakhulu, futhi abakubo babengayinakile neze. Khona-ke omunye woFakazi BakaJehova owayengena indlu ngendlu wayithola. Isifundo seBhayibheli saqaliswa. Kodwa yayinamahloni kangangokuthi lapho uFakazi efika ezosiqhuba, yayiqhubela isihlalo sayo egumbini lendlu futhi ibheke edongeni ukuze ifihle ubuso bayo. Kwathatha izinyanga ukuba lensizwa inqobe ezinye zezinkinga zayo. Nokho, yazinqoba, futhi manje inguFakazi ojabulayo ozinikezele.
16 Umbhangqwana ongamaKatolika eBrazil wawunganelisiwe yinkolo yawo futhi ekugcineni waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Waba nomuzwa wokuthi izidingo zabo ezingokomoya manje zazeneliswa, kodwa kwakunenkinga enkulu, engangentaba: Indoda, uAntonio, wayeyixhwele likagwayi. Wayesebheme iminyaka engama-48, kusukela eneminyaka eyisikhombisa ubudala! Phakathi naleminyaka wayeye wazama ukuqeda lomkhuba kodwa kwangaphumelela. Nokho, ngalesikhathi, kwase kuhlukile, njengoba uAntonio elandisa: “Manje ngabona ukuthi uma ngifuna ukuthokozisa uNkulunkulu futhi ngizinikezele ekwenzeni intando yakhe, kumelwe ngiwuyeke. Ngemva kokuthandaza kaningi, ekugcineni ngakwazi ukwenza kanjalo.” Yeka injabulo aba nayo ngokukwazi ukubonakalisa ukuzinikezela kwakhe kuJehova ngobhapathizo lwamanzi!—IHubo 66:19; Marku 11:24.
17. (a) Iliphi ithonya elibi uJesu nabafundi bakhe abahlangabezana nalo elinamandla kakhulu kunanini namuhla? (b) UJesu nabafundi bakhe babebenzani ababephethwe amademoni ekhulwini lokuqala, futhi lokho kusingathwa kanjani manje?
17 Ukuba namademoni kwamaJuda kwakuyinkinga uJesu nabafundi ababehlangabezana nayo njalo. Amathonya amabi afanayo ayasebenza nanamuhla, ikakhulukazi manje njengoba uSathane namademoni akhe beye baxoshwa ezulwini behliselwa kulomhlaba. (IsAmbulo 12:7-9, 12, 17) Ngokuphambene nesikhathi sokuqala kobuKristu, namuhla uJehova akazange anikeze abantu bakhe amandla ayisimangaliso okukhipha amademoni. Nokho, isivikelo esingokomoya aye wasilungiselela amaKristu singasebenza njengesivikelo ethonyeni lamademoni, futhi singasetshenziswa njengethuluzi lokukhulula abanye ekulawulweni amademoni. (Efesu 6:10-18) Kunalombiko ovela eGhana: “Ngenxa yemizamo yokuzimisela yabazalwane, abaningi bayakhululwa ekubanjweni ngamademoni.” Omunye uFakazi wahlangana nowesifazane enkonzweni, futhi ngemva nje kokuqaliswa kwengxoxo yeBhayibheli, “owesifazane waqala ukukhala.” Yayiyini inkinga? UFakazi uyalandisa: ‘Wayenomoya omubi, futhi noma nini lapho umvuka, wawumkhalisa, futhi yonke imali ayenayo yayinyamalala.’ Isifundo esiqhutshwa njalo seBhayibheli samsiza ukuba akhululeke kulokhu kuhlushwa amademoni, samenza wakwazi ukuzinikezela kuJehova.—Johane 8:32.
18. Ikuphi okuhlangenwe nakho okubonisa ukuthi izingelosi zikhuthele ekuqondiseni umsebenzi wokushumayela?
18 Izinkinga ezinjengalezi ezichazwe ngenhla zingaba nkulu kakhulu engqondweni yomuntu aze acabange ukuzibulala. Cabangela indaba yowesifazane osemusha waseNew Zealand. UFakazi owamhambela okokuqala waphawula ukuthi “wayecindezelekile ngokwemizwelo futhi ngokusobala wayekhathazwe okuthile.” Kamuva lomuntu wavuma ukuthi “wayesezozibulala futhi wayenqume ukuthandaza kuNkulunkulu kuqala amcele ukuba amsize.” Ngaso lesosikhathi uFakazi wangqongqoza emnyango, ngakho ngempela “wambonga uNkulunkulu ngokuphendula umthandazo wakhe.” Ingabe lokhu kwamane kwaziqondanela nje? Kungani-ke izinto ezifanayo zivame ukwenzeka? Wathini uJesu? “Nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, . . . ibahlukanise abanye kwabanye, njengomalusi ahlukanisa izimvu nezimbuzi.” (Mathewu 25:31, 32; bheka futhi isAmbulo 14:6.) Izingelosi zisiza uJesu emsebenzini wokwalusa, futhi ziqondisa ‘izisebenzi ezikanye’ neNkosi kulabo abakhala kuYo becela usizo.—1 Korinte 3:6, 9; bheka nezEnzo 8:26-39; 16:9, 10.
19. Isiphi isimo esikhona emhlabeni wonke namuhla, sidinga siphi isinyathelo ngathi?
19 Namuhla, kungakhathaliseki lapho sihlala khona, kunezinkulungwane zabantu abacindezelwe nabadangaliswe izinkinga ezifanayo nalezo abantu abaningi bakaNkulunkulu asebeye bazinqoba kakade. Abanye babo kungenzeka bangomakhelwane bakho! Baludinga ngokuphuthumayo usizo. Ngempela, njengoba uJesu asho: “Ukuvuna kukhulu.” Sinxusa iNkosi yokuvuna manje ukuba ithumele izisebenzi ezengeziwe ekuvuneni kwayo phakathi nonyaka ka-1986. Kwangathi inhliziyo yakho ingakushukumisela ukuba usabele obizweni: Kudingeka Ngokuphuthumayo—Izisebenzi Zokuvuna Ezengeziwe!
Imibuzo Yokubukeza
◻ Ubani iNkosi yokuvuna?
◻ Iziphi izivuno ezimbili eziqhubekayo?
◻ Imiphi imisebenzi emikhulu uJesu athi abalandeli bakhe babeyoyenza?
◻ Kungani ukholo ludingwa yizo zonke izisebenzi zokuvuna?