Londolozani Ubunye Kulezi Zinsuku Zokugcina
“Ziphatheni ngendlela efanele izindaba ezinhle . . . , nimi niqinile emoyeni munye, ngomphefumulo munye nilulwela ndawonye ukholo lwezindaba ezinhle.”—FILIPI 1:27.
1. Yimuphi umehluko okhona phakathi koFakazi BakaJehova nezwe?
LEZI “izinsuku zokugcina.” Ngokungangabazeki, “izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo” zifikile. (2 Thimothewu 3:1-5) Kulesi ‘sikhathi sokugcina,’ esinezinxushunxushu emphakathini wesintu, oFakazi BakaJehova bahluke ngokuphelele ngenxa yokuthula nobunye babo. (Daniyeli 12:4) Kodwa umuntu ngamunye osemkhayeni wembulunga yonke wabakhulekeli bakaJehova kudingeka azikhandle ukuze alondoloze lobu bunye.
2. Yini uPawulu ayisho ngokulondoloza ubunye, futhi yimuphi umbuzo esizowucabangela?
2 Umphostoli uPawulu wayala amaKristu ayekanye nawo ukuba alondoloze ubunye. Wabhala: “Ziphatheni ngendlela efanele izindaba ezinhle ezimayelana noKristu, ukuze kuthi, noma ngiza futhi nginibona noma ngingekho, ngizwe ngezinto eziphathelene nani, ukuthi nimi niqinile emoyeni munye, ngomphefumulo munye nilulwela ndawonye ukholo lwezindaba ezinhle, futhi anethuswa nangayiphi indlela abaphikisana nani. Yona kanye lento iwubufakazi bokubhujiswa kubo, kodwa bokusindiswa kini; futhi lesisiboniso sivela kuNkulunkulu.” (Filipi 1:27, 28) Amazwi kaPawulu abonisa ngokucacile ukuthi kumelwe sisebenze ndawonye njengamaKristu. Khona-ke, yini eyosisiza ukuba silondoloze ubunye bethu bobuKristu kulezi zikhathi ezivivinyayo?
Zithobe Entandweni Yaphezulu
3. AbeZizwe bokuqala abangasokile baba abalandeli bakaKristu nini, futhi kanjani?
3 Enye indlela esingalondoloza ngayo ubunye bethu iwukuzithoba entandweni yaphezulu ngazo zonke izikhathi. Lokhu kungase kusho ukulungisa ukucabanga kwethu. Cabanga ngabafundi bakaJesu Kristu bokuqala abangamaJuda. Lapho umphostoli uPetru eshumayela okokuqala ngqá kwabeZizwe abangasokile ngo-36 C.E., uNkulunkulu wathululela umoya ongcwele phezu kwalaba bantu bezizwe, futhi babhapathizwa. (IzEnzo, isahluko 10) Kuze kube yileso sikhathi, amaJuda namaproselithe ayeguqukele eNkolweni YobuJuda nabaseSamariya kuphela, ababebe abalandeli bakaJesu Kristu.—IzEnzo 8:4-8, 26-38.
4. Ngemva kokuchaza okwakwenzeke kuKorneliyu, yini uPetru ayisho, futhi yiluphi uvivinyo lokhu okwalulethela abafundi bakaJesu abangamaJuda?
4 Lapho abaphostoli nabanye abazalwane eJerusalema bezwa ngokuguquka kukaKorneliyu nabanye abeZizwe, baba nesithakazelo sokuzwa umbiko kaPetru. Ngemva kokuchaza okwakwenzeke kuKorneliyu nakwabanye beZizwe ababekholwa, lomphostoli waphetha ngalamazwi: “Ngakho-ke, uma uNkulunkulu ebanike [labo beZizwe abakholwayo] isipho esifanayo samahhala [somoya ongcwele] njengoba nathi [maJuda] asinika thina esiye sakholelwa eNkosini uJesu Kristu, bengingubani mina ukuba ngikwazi ukuthiya uNkulunkulu?” (IzEnzo 11:1-17) Lokhu kwaba uvivinyo kubalandeli bakaJesu Kristu abangamaJuda. Ingabe babeyozithoba entandweni kaNkulunkulu futhi bamukele abeZizwe abakholwayo njengabakhulekeli abakanye nabo? Noma ingabe ubunye bezinceku zikaJehova zasemhlabeni babuyoba sengozini?
5. Abaphostoli nabanye abazalwane basabela kanjani eqinisweni lokuthi uNkulunkulu wayenike abeZizwe ukuphenduka, futhi yini esingayifunda kulesi simo sengqondo?
5 Ukulandisa kuthi: “Manje lapho [abaphostoli nabanye abazalwane] bezwa lezizinto, bathula, futhi bakhazimulisa uNkulunkulu, bethi: ‘Khona-ke, uNkulunkulu uye wanika nabantu bezizwe ukuphenduka ngenjongo yokuphila.’” (IzEnzo 11:18) Leso simo sengqondo salondoloza futhi sathuthukisa ubunye babalandeli bakaJesu. Ngesikhathi esifushane nje, umsebenzi wokushumayela waqhubekela phambili phakathi kwabeZizwe, futhi isibusiso sikaJehova saba phezu kwemisebenzi enjalo. Nathi ngokwethu kufanele sithule lapho sicelwa ukuba sibambisane nokumiswa kwebandla elisha noma lapho kwenziwa ukulungisa okuthile okungokwasezulwini ngaphansi kokuqondisa komoya ongcwele kaNkulunkulu. Umoya wethu wokubambisana ngenhliziyo ephelele uyomjabulisa uJehova futhi uyosisiza silondoloze ubunye bethu kulezi zinsuku zokugcina.
Bambelela Eqinisweni
6. Iqiniso lihlobene ngani nobunye babakhulekeli bakaJehova?
6 Njengengxenye yomkhaya kaJehova wabakhulekeli, silondoloza ubunye ngoba sonke ‘sifundiswa uJehova’ futhi sibambelela ngokuqinile eqinisweni lakhe elambuliwe. (Johane 6:45; IHubo 43:3) Njengoba izimfundiso zethu zisekelwe eZwini likaNkulunkulu, sonke sikhuluma ngokuvumelana. Ngenjabulo, samukela ukudla okungokomoya uJehova akwenza kutholakale ‘ngesigqila esikholekile nesiqondayo.’ (Mathewu 24:45-47) Ukufundisa okunjalo okufanayo kuyasisiza ukuba silondoloze ubunye bethu bomhlaba wonke.
7. Uma thina ngabanye sinenkinga yokuqonda iphuzu elithile, yini okufanele siyenze, futhi yini okungafanele siyenze?
7 Kuthiwani uma thina ngabanye sinenkinga yokuqonda noma yokwamukela iphuzu elithile? Kufanele sithandazele ukuhlakanipha futhi sicwaninge imiBhalo nezincwadi zobuKristu. (IzAga 2:4, 5; Jakobe 1:5-8) Ukuxoxa nomdala othile kungase kusize. Uma iphuzu lingakaqondakali, kungase kube ngcono ukuyiyeka leyo ndaba. Mhlawumbe kuyokhishwa ukwaziswa okwengeziwe ngayo, bese siyiqonda kangcono. Nokho, kungaba okungafanele ukuzama ukwenza abanye ebandleni bamukele umbono wethu ohlukile. Lokhu kungaba ukudala ukungezwani, ukungasebenzeli ukulondoloza ubunye. Yeka indlela okungcono ngayo ‘ukuqhubeka sihamba eqinisweni’ futhi sikhuthaza nabanye ukuba benze njalo!—3 Johane 4.
8. Yisiphi isimo sengqondo esifanele ngeqiniso?
8 Ekhulwini lokuqala, uPawulu wathi: “Manje sibona kalufifi ngesibuko sensimbi, kodwa ngalesosikhathi kuyoba ubuso nobuso. Manje ngazi ngokwengxenye, kodwa ngalesosikhathi ngiyokwazi ngokunembile njengoba nje nami ngaziwa ngokunembile.” (1 Korinte 13:12) Nakuba amaKristu okuqala ayengayiqondi yonke imininingwane, ahlala enobunye. Manje siyiqonda ngokucace kangcono injongo kaJehova neZwi lakhe leqiniso. Ngakho-ke, masibonise ukubonga ngeqiniso esilithole ‘ngesigqila esikholekile.’ Futhi masibonge ngokuthi uJehova uye wasihola ngenhlangano yakhe. Nakuba kungekhona ukuthi besilokhu sinezinga elifanayo lolwazi, asizange silambe noma some ngokomoya. Kunalokho, uMelusi wethu, uJehova, uye wasigcina sinobunye futhi uye wasinakekela kahle.—IHubo 23:1-3.
Lusebenzise Kahle Ulimi!
9. Ulimi lungasetshenziswa kanjani ekuthuthukiseni ubunye?
9 Ukusebenzisa ulimi ekukhuthazeni abanye kuyindlela ebalulekile yokuthuthukisa ubunye nomoya wobuzalwane. Incwadi eyaxazulula inkinga yokusoka, njengoba yathunyelwa indikimba ebusayo yekhulu lokuqala, yaba umthombo wesikhuthazo. Ngemva kokuyifunda, abafundi abangabeZizwe e-Antiyokiya ‘bajabula ngaleso sikhuthazo.’ UJuda noSila, ababethunywe besuka eJerusalema nencwadi, “bakhuthaza abafowethu ngezinkulumo eziningi futhi babaqinisa.” Ngokungangabazeki, ukuba khona kukaPawulu noBarnaba nakho kwakhuthaza futhi kwaqinisa ababekholwa nabo e-Antiyokiya. (IzEnzo 15:1-3, 23-32) Singenza okufanayo lapho sibuthene emihlanganweni yobuKristu futhi “sikhuthazane” ngokuba khona kwethu nangezimpendulo ezakhayo.—Heberu 10:24, 25.
10. Ukuze kulondolozwe ubunye, yini okungase kudingeke yenziwe uma kungase kube nesenzo sokuthuka?
10 Nokho, ukusetshenziswa kolimi ngokungafanele kungasongela ubunye bethu. ‘Ulimi luyilungu elincane kodwa nokho luzigabisa kakhulu,’ kubhala umfundi uJakobe. “Bhekani! Yeka ukuthi kudinga umlilo omncane kangakanani ukuthungela ihlathi elikhulu ngomlilo!” (Jakobe 3:5) UJehova uyabazonda ababangela umbango. (IzAga 6:16-19) Inkulumo enjalo ingabangela ukuhlukana. Khona-ke, kuthiwani uma kunokuthuka, okusho, ukuhlambalaza umuntu noma ukumchapha ngenhlamba? Abadala bayozama ukusiza umenzi wobubi. Nokho, isithuki esingaphenduki kufanele sisuswe ekuhlanganyeleni ukuze kulondolozwe ukuthula, ukuhleleka, nobunye bebandla. Kakade, uPawulu wabhala: “Niyeke ukuzihlanganisa nanoma ubani obizwa ngokuthi umfowethu . . . [oyisithuki] . . . , ningadli ngisho nokudla nomuntu onjalo.”—1 Korinte 5:11.
11. Kungani ukuthobeka kubalulekile uma siye sasho okuthile okuye kwabangela ukushuba kwesimo phakathi kwethu nesikholwa naye?
11 Ukulawula ulimi kuyasisiza ukuba silondoloze ubunye. (Jakobe 3:10-18) Kodwa ake sithi okuthile esikushilo kuye kwabangela ukushuba kwesimo phakathi kwethu nomKristu esikanye naye. Akunakuba okufanelekile yini ukuthatha isinyathelo kuqala sokubuyisana nomfowethu, sixolise uma kudingeka? (Mathewu 5:23, 24) Yiqiniso, lokhu kudinga ukuzithoba, noma ukuthobeka kwengqondo, kodwa uPetru wabhala: “Bhincani ukuthobeka kwengqondo omunye komunye, ngoba uNkulunkulu uyamelana nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa ongafanelwe.” (1 Petru 5:5) Ukuthobeka kuyosishukumisela ukuba ‘siphishekele ukuthula’ nabafowethu, sivume amaphutha ethu futhi sixolise uma kufanelekile. Lokhu kuyasiza ekulondolozeni ubunye bomkhaya kaJehova.—1 Petru 3:10, 11.
12. Singalusebenzisa kanjani ulimi ekuthuthukiseni nasekulondolozeni ubunye babantu bakaJehova?
12 Singathuthukisa umoya womkhaya phakathi kwalabo abasenhlanganweni kaJehova uma sisebenzisa ulimi lwethu kahle. Njengoba kuyilokho uPawulu akwenza, wayengakhumbuza abaseThesalonika: “Nazi kahle ukuthi, njengoba kwenza ubaba kubantwana bakhe, saqhubeka kanjani sikhuthaza ngamunye wenu, siniduduza futhi sifakaza kini, ukuze niqhubeke nihamba ngokufanele uNkulunkulu.” (1 Thesalonika 2:11, 12) Njengoba ayebeke isibonelo esihle kulokhu, uPawulu wanxusa amaKristu ayenawo ukuba ‘akhulume ngokududuzayo nemiphefumulo ecindezelekile.’ (1 Thesalonika 5:14) Cabanga ngobuhle esingabufeza ngokusebenzisa ulimi ekududuzeni, ekukhuthazeni, nasekwakheni abanye. Yebo, ‘izwi ngesikhathi salo lihle kangakanani!’ (IzAga 15:23) Ngaphezu kwalokho, inkulumo enjalo iyasiza ekuthuthukiseni nasekulondolozeni ubunye babantu bakaJehova.
Yiba Ngothethelelayo!
13. Kungani kufanele sibe abathethelelayo?
13 Ukuthethelela umoni oxolisile kubalulekile ukuze silondoloze ubunye bobuKristu. Kufanele sithethelele kangaki? UJesu watshela uPetru: “Hhayi Kuze kube izikhathi eziyisikhombisa, kodwa, Kuze kube izikhathi ezingamashumi ayisikhombisa nesikhombisa.” (Mathewu 18:22) Uma singathetheleli, sizilimaza thina. Kanjani? Ubutha nokubamba igqubu kuyosiphuca ukuthula kwengqondo. Futhi uma saziwa ngezindlela zonya nezokungathetheleli, singase sizibangele ukukhishwa inyumbazane. (IzAga 11:17) Ukubamba igqubu akumjabulisi uNkulunkulu futhi kungaholela esonweni esikhulu. (Levitikusi 19:18) Khumbula ukuthi uJohane uMbhapathizi wanqunywa ikhanda ngesu likaHerodiya okhohlakele, ‘owayembambele igqubu.’—Marku 6:19-28.
14. (a) UMathewu 6:14, 15 usifundisani ngokuthethelela? (b) Ingabe kumelwe silindele ukuba umuntu axolise njalo ngaphambi kokuba simthethelele?
14 Umthandazo kaJesu oyisibonelo unalamazwi: “Usithethelele izono zethu, ngoba nathi ngokwethu sithethelela wonke umuntu onecala kithi.” (Luka 11:4) Uma singathetheleli, sisengozini yokuba ngolunye usuku uJehova uNkulunkulu angabe esazithethelela izono zethu, ngoba uJesu wathi: “Uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo osezulwini uzonithethelela nani; kanti uma ningabathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo ngeke azithethelele ezenu iziphambeko.” (Mathewu 6:14, 15) Ngakho uma sifuna ngempela ukufeza ingxenye yethu ekulondolozeni ubunye emkhayeni kaJehova wabakhulekeli, siyoba abathethelelayo, mhlawumbe simane sikhohlwe ukoniwa okungenzeka kubangelwe ukungacabangi futhi obekungenanhloso embi. UPawulu wathi: “Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile uma noma ubani enesizathu sokukhononda ngomunye. Njengoba nje uJehova anithethelela ngokukhululekile, yenzani kanjalo nani.” (Kolose 3:13) Uma sithethelela, sisiza ekulondolozeni ubunye obuyigugu benhlangano kaJehova.
Ubunye Nezinqumo Zomuntu Siqu
15. Yini esiza abantu bakaJehova ukuba balondoloze ubunye lapho benza izinqumo zomuntu siqu?
15 UNkulunkulu wasenza saba nenkululeko yokuzikhethela, saba nelungelo nomthwalo wemfanelo wokwenza izinqumo zomuntu siqu. (Duteronomi 30:19, 20; Galathiya 6:5) Nokho, siyakwazi ukulondoloza ubunye bethu ngoba senza ngokuvumelana nemithetho nezimiso zeBhayibheli. Siyazicabangela lapho senza izinqumo zomuntu siqu. (IzEnzo 5:29; 1 Johane 5:3) Ake sithi kuphakama umbuzo ngendaba yokungathathi-hlangothi. Singenza isinqumo somuntu siqu esisekelwe olwazini ngokukhumbula ukuthi ‘asiyona ingxenye yezwe’ nokuthi siye ‘sakhanda izinkemba zethu zaba amakhuba.’ (Johane 17:16; Isaya 2:2-4) Ngokufanayo, lapho kudingeka senze isinqumo somuntu siqu ngokuqondene nobuhlobo bethu noMbuso wezwe, sicabangela lokho iBhayibheli elikushoyo ngokubuyisela “izinto zikaNkulunkulu kuNkulunkulu,” kuyilapho sizithoba “emagunyeni aphakeme” ezindabeni zezwe. (Luka 20:25; Roma 13:1-7; Thithu 3:1, 2) Yebo, ukucabangela imithetho nezimiso zeBhayibheli lapho senza izinqumo zomuntu siqu kuyasiza ekulondolozeni ubunye bethu bobuKristu.
16. Singasiza kanjani ekulondolozeni ubunye lapho senza izinqumo imiBhalo engasho ukuthi zilungile noma azilungile? Bonisa.
16 Singasiza ekulondolozeni ubunye bobuKristu ngisho nalapho senza isinqumo esingesomuntu siqu ngokuphelele, imiBhalo engasho ukuthi silungile noma asilungile. Kanjani? Ngokubonisa ukukhathalela kothando ngabanye abangase bathintwe isinqumo sethu. Ngokwesibonelo: Ebandleni laseKorinte lasendulo, kwaphakama umbuzo ngenyama ehlatshelwe izithombe. Njengoba kulindelekile, umKristu wayengenakuhlanganyela emkhosini wokukhonza izithombe. Nokho, kwakungesona isono ukudla inyama eyayophiswe ngokufanele eyayisale lapho, eyayithengiswa emakethe yomphakathi. (IzEnzo 15:28, 29; 1 Korinte 10:25) Nakuba kunjalo, onembeza bamanye amaKristu babengakhululekile ngokudliwa kwalenyama. Ngenxa yalokho, uPawulu wanxusa amanye amaKristu ukuba agweme ukuwakhubekisa lawo. Eqinisweni, wabhala: “Uma ukudla kwenza umfowethu akhubeke, angisoze ngiphinde ngiyidle inyama, ukuze ngingamenzi akhubeke umfowethu.” (1 Korinte 8:13) Ngakho ngisho nalapho kungekho mthetho noma isimiso seBhayibheli esihilelekile, yeka ukuthi kuwukubonisa uthando kanjani ukucabangela abanye lapho senza izinqumo zomuntu siqu ezingathinta ubunye bomkhaya kaNkulunkulu!
17. Yini okutuswa ukuba siyenze lapho kudingeka senze izinqumo zomuntu siqu?
17 Uma singaqiniseki ukuthi senzeni, kuwukuhlakanipha ukunquma ngendlela eyosishiya sinonembeza abahlanzekile, futhi abanye kufanele basihloniphe isinqumo sethu. (Roma 14:10-12) Yiqiniso, lapho kudingeka senze isinqumo somuntu siqu, kufanele sifune isiqondiso sikaJehova ngomthandazo. Njengomhubi, singathandaza ngokuqiniseka: “Beka kimi indlebe yakho, . . . Ngokuba wena uyidwala lami nenqaba yami; ngenxa yegama lakho uyakungihola, ungiqondise.”—IHubo 31:2, 3.
Londoloza Ubunye BobuKristu Njalo
18. UPawulu wabufanekisa kanjani ubunye bebandla lobuKristu?
18 KweyabaseKorinte bokuQala isahluko 12, uPawulu wasebenzisa umzimba womuntu ukuze afanekise ubunye bebandla lobuKristu. Wagcizelela ukuncika kwelungu ngalinye kwelinye nokubaluleka kwalo. “Uma wonke ayeyilungu elilodwa, umzimba wawuyobaphi?” kubuza uPawulu. “Kodwa manje angamalungu amaningi, nokho angumzimba owodwa. Iso alinakusho esandleni ukuthi: ‘Angikudingi’; noma, futhi, ikhanda alinakusho ezinyaweni ukuthi: ‘Anginidingi.’” (1 Korinte 12:19-21) Ngokufanayo, akuthina sonke emkhayeni kaJehova wabakhulekeli esenza umsebenzi ofanayo. Kodwa, simunye, futhi siyadingana.
19. Singazuza kanjani emalungiselelweni kaNkulunkulu angokomoya, futhi wathini omunye umzalwane osekhulile ngalokhu?
19 Njengoba umzimba udinga ukudla, ukunakekelwa, nokuqondiswa, sidinga amalungiselelo angokomoya uNkulunkulu asinika wona ngeZwi, umoya, nangenhlangano yakhe. Ukuze sizuze kulamalungiselelo, kumelwe sibe ingxenye yomkhaya kaJehova wasemhlabeni. Ngemva kweminyaka eminingi esenkonzweni kaNkulunkulu, omunye umzalwane wabhala: “Ngiyabonga ngokuthi ngiye ngaphila ngokolwazi lwezinjongo zikaJehova kusukela ngalezo zinsuku zakudala ngaphambi nje kuka-1914 lapho kwakungakacaci kahle konke . . . kuze kube namuhla lapho iqiniso likhanya khona njengelanga lasemini. Uma kuthiwa kunento ebilokhu ibaluleke kakhulu kimi, kushiwo indaba yokuhlala ngiseduze nenhlangano kaJehova ebonakalayo. Okuhlangenwe nakho kwami kwangaphambili kwangifundisa indlela okungenangqondo ngayo ukuthembela ekucabangeni komuntu. Lapho ingqondo yami isinqumile kulelo phuzu, ngazimisela ukuhlala ngisenhlanganweni ekholekile. Iyiphi enye indlela umuntu angathola ngayo umusa nesibusiso sikaJehova?”
20. Yini okufanele sizimisele ukuyenza ngobunye bethu njengabantu bakaJehova?
20 UJehova uye wabiza abantu bakhe ukuba baphume ebumnyameni bezwe nasekuhlukaneni. (1 Petru 2:9) Uye wasiletha ebunyeni obujabulisayo naye kanye nalabo esikholwa nabo. Lobu bunye buyoba khona esimisweni esisha sezinto manje esisemnyango. Ngakho-ke, kulezi zinsuku zokugcina ezibucayi, masiqhubeke ‘sigqoka uthando’ futhi senze konke esingakwenza ukuze sithuthukise futhi silondoloze ubunye bethu obuyigugu.—Kolose 3:14.
Ungaphendula Kanjani?
◻ Kungani ukwenza intando kaNkulunkulu nokubambelela eqinisweni kungasisiza ekulondolozeni ubunye?
◻ Ubunye buhlobene kanjani nokusetshenziswa kolimi ngokufanele?
◻ Yini ehilelekile ekubeni othethelelayo?
◻ Singabulondoloza kanjani ubunye lapho senza izinqumo zomuntu siqu?
◻ Kungani kumelwe silondoloze ubunye bobuKristu?
[Isithombe ekhasini 16]
Njengoba nje umelusi egcina umhlambi wakhe undawonye, noJehova ugcina abantu bakhe benobunye
[Izithombe ekhasini 18]
Ngokuxolisa ngokuthobeka lapho siye sona othile, sisiza ekuthuthukiseni ubunye