Ingabe Zonke Izinkolo Ziholela KuNkulunkulu Ofanayo?
“Nginezami izinkolelo, futhi ngeke ngizishintshe. Kanti-ke nje akunandaba ukuthi umuntu ungowayiphi inkolo ngoba zonke izinkolo ziholela kuNkulunkulu ofanayo.”
UKHONA yini umuntu owake wamuzwa ekhuluma kanjalo? Abantu abaningi banombono wokuthi zonke izinkolo zifundisa izindlela ezifanayo zokwazi uNkulunkulu nokuqonda injongo yokuphila. Kunenkolelo eyandile yokuthi inkolo ngayinye inobuhle nobubi bayo futhi ayikho engathi iyona eyeqiniso noma engathi iyona kuphela eyindlela eyisa kuNkunkulu.
Le mibono igcwele impela kuleli zwe lanamuhla okuthiwa lamukela zonke izinkolo nelikholelwa ukuthi zonke izinkolo ziyafana. Eqinisweni, abantu abanombono ohlukile bathathwa ngokuthi abanawo umqondo osabalele ngisho nangokuthi bayabandlulula. Uthini owakho umbono? Ucabanga ukuthi zonke izinkolo ziholela kuNkulunkulu ofanayo? Kunendaba yini ukuthi umuntu ungowayiphi inkolo?
Ukhona Yini Ngempela Umehluko?
Ngokusho kwenye i-encyclopedia, njengamanje kunezinkolo ezingu-9 900 emhlabeni wonke. Ezinye zazo zikhona kuwo wonke umhlaba futhi zinamalungu ayizigidi. Abacwaningi basikisela ukuthi kunamaphesenti angaba ngu-70 abantu abalandela izinkolo ezinhlanu ezinkulu—ubuBuddha, ubuKristu, ubuHindu, ubuSulumane nobuJuda. Uma zonke izinkolo ziholela kuNkulunkulu ofanayo, nakanjani-ke lezi zinkolo ezinhlanu kufanele zifane ngezinto eziningi ezizifundisayo, indlela ezimchaza ngayo uNkulunkulu nendlela eziyichaza ngayo injongo yakhe. Amaqiniso abonisani?
Isazi senkolo esingumRoma Katolika, uHans Küng sithi izinkolo ezinkulu zinazo izimfundiso ezithile ezifana ngazo ngokuqondene nokuphathana kwabantu. Ngokwesibonelo, eziningi zithi akufanele abantu babulalane, baqambe amanga, bantshontshe, balale nesihlobo futhi zifundisa ukuhlonipha abazali nokuthanda izingane. Kodwa kwezinye izinto azifani nhlobo, ikakhulu endleleni ezichaza ngayo uNkulunkulu.
Ngokwesibonelo, amaHindu akhulekela onkulunkulu abaningi, kanti amaBuddha kuthiwa awaqiniseki ukuthi ukhona uNkulunkulu. AmaSulumane afundisa ukuthi kunoNkulunkulu oyedwa. Amasonto athi angawobuKristu nawo afundisa okufanayo, kodwa amaningi awo athi uNkulunkulu unguZiqu-zintathu. Ngisho nangaphakathi emasontweni, ziningi izinto abantu abazikholelwayo. AmaKatolika amhlonipha kakhulu uMariya, unina kaJesu, kodwa akunjalo ngamaProthestani. Ngokuvamile, amaKatolika awavunyelwe ukusebenzisa izindlela zokuvimbela inzalo, kuyilapho amaProthestani amaningi ezisebenzisa. AmaProthestani aphikisana wodwa endabeni yongqingili.
Kunengqondo yini ukucabanga ukuthi izinkolo ezifundisa izinkolelo ezingafani kangaka zonke zikhulekela uNkulunkulu ofanayo? Cha. Empeleni lokhu kungadida abantu bagcine bengazi ukuthi ungubani uNkulunkulu nokuthi yini ayilindele kulabo abamkhulekelayo.
Ingabe Zihlanganisa Abantu Noma Ziyabahlukanisa?
Uma zonke izinkolo ziholela kuNkulunkulu ofanayo, besiyobona ngayinye yazo yenza imizamo yokuhlanganisa isintu. Ingabe okwenzekayo kubonisa ukuthi ziyakwenza lokho? Umlando ubonisa ukuthi kunokuhlanganisa isintu, inkolo iyimbangela yoqhekeko nokuxabana kwabantu. Ake sixoxe ngezibonelo ezimbalwa.
Kusukela ekhulwini leminyaka le-11 kuya kwele-13, amazwe athi angawobuKristu, alwa namazwe obuSulumane eziMpini Zenkolo ezingapheli. Ekhulwini leminyaka le-17, eYurophu, amaKatolika namaProthestani abambana ngezihluthu empini ebizwa ngokuthi iThirty Years’ War. Ngo-1947, ngemva kokuba amazwe aseNdiya ethole uzibuse kuyiGreat Britain, amaHindu namaSulumane atholana phezulu. Muva nje, amaKatolika namaProthestani aye aba sempini edonse iminyaka eminingi eNyakatho Ireland. EMpumalanga Ephakathi, amaJuda namaSulumane asalokhu ebulalana. Isibonelo esikhulu kunazo zonke eseMpi Yezwe II, okwalwa kuyo amalungu azo zonhlanu izinkolo ezinkulu, ngisho namalungu enkolo eyodwa abulalana wodwa.
Khona-ke singaphetha ngokuthini? Izinkolo zomhlaba azikulethanga ukuthula nokuzwana, futhi azibaholelanga abantu kuNkulunkulu ofanayo. Kunalokho, ziye zabangela uqhekeko futhi zadida abantu bagcina bengazi ukuthi uNkulunkulu ungubani nokuthi kufanele akhulekelwe kanjani. Yingakho noma ubani ofuna ukwazi uNkulunkulu weqiniso kumelwe ayikhethe ngokucophelela indlela ayithathayo. Lokhu kuvumelana nalokho okukhuthazwa iBhayibheli, enye yezincwadi ezindala kunazo zonke ekhuluma ngenkolo.
Zikhetheleni Ukuthi Nizokhonza Bani
IBhayibheli libonisa ngokucacile ukuthi ukuze umuntu athole indlela eholela kuNkulunkulu weqiniso kudingeka acabangisise kahle ngalokhu futhi azenzele isinqumo. UJoshuwa, inceku kaJehova uNkulunkulu, washo la mazwi esizweni sakwa-Israyeli wasendulo: “Zikhetheleni namuhla ukuthi nizokhonza bani, noma onkulunkulu ababebakhonza okhokho benu ababengaphesheya koMfula noma onkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni labo. Kepha mina nendlu yami, sizokhonza uJehova.” Eminyakeni eminingi kamuva, umprofethi u-Eliya wanxusa abantu ukuba benze isinqumo esifanayo: “Kuyoze kube nini nixhugela phakathi kwemibono emibili? Uma uJehova enguNkulunkulu weqiniso, landelani yena; kodwa uma kunguBhali [unkulunkulu wamaKhanani], landelani yena.”—Joshuwa 24:15, 16; 1 AmaKhosi 18:21.
Le miBhalo neminye igcizelela ukuthi labo ababefuna ukukhonza uNkulunkulu weqiniso kwakudingeka bacabangisise futhi benze isinqumo. Kusenjalo nanamuhla. Uma sifuna ukukhulekela nokukhonza uNkulunkulu weqiniso, nathi kumelwe sikhethe kahle. Kodwa yini engasisiza senze lokho kukhetha ezindabeni zokukhulekela? Singababona kanjani abakhulekeli beqiniso?
Abakhulekeli Beqiniso Babonakala Ngezithelo Zabo
Ngokuqondene nabakhulekeli beqiniso nabamanga, uJesu Kristu watshela abalandeli bakhe: “Abantu abawakhi neze amagilebhisi emeveni noma amakhiwane emakhakhasini, akunjalo? Ngokufanayo yonke imithi emihle ithela izithelo ezinhle, kodwa yonke imithi ebolile ithela izithelo ezingenamsebenzi; umuthi omuhle ungethele izithelo ezingenamsebenzi, nomuthi obolile ungethele izithelo ezinhle. . . . Khona-ke, ngempela labo bantu niyobazi ngezithelo zabo.” Abakhulekeli beqiniso babeyobonakala ngezithelo zabo, noma ngemisebenzi yabo. Ziyini lezo zithelo?—Mathewu 7:16-20.
Esokuqala, inkolo yeqiniso ihlanganisa abantu ibenze bathandane. UJesu wachazela abafundi bakhe: “Ngininika umyalo omusha, wokuba nithandane; njengoba nje nami nginithandile, ukuba nani nithandane. Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.” Abalandeli bakaKristu beqiniso kumelwe babonisane uthando oluvelele ukuze noma ubani obabukayo abone ukuthi bangabakhulekeli beqiniso.—Johane 13:34, 35.
Yingakho amaKristu eqiniso engenakulokotha alwe namanye. Ingabe amalungu amasonto ayawulalela lo myalo? EMpini Yezwe II, oFakazi BakaJehova bawukuphela kwenkolo enkulu eyenqaba ngokuqinile futhi yangashintsha umqondo endabeni yokusekela impi nganoma iyiphi indlela. UDkt. Hanns Lilje, owayengumbhishobhi weSonto LamaProthestani eHannover, eJalimane, wabhala lokhu ngoFakazi: “Bangasho kugcwale umlomo ukuthi bangukuphela kwabantu abenqaba ukulwa ngenxa kanembeza ngenkathi yokubusa kwamaNazi.” Emazweni amaningi, bákhetha ukuphathwa kabi kunokuba bakhuthaze noma basekele impi.
Yini enye uJesu athi yayiyobonakalisa abafundi beqiniso? Emthandazweni ovame ukubizwa ngokuthi ‘uBaba Wethu,’ uJesu waqala ngokuthi: “Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho. Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.” Into yokuqala akhuluma ngayo ukungcweliswa kwegama likaNkulunkulu, elithi Jehova. Wazwakalisa isifiso sokuba intando kaJehova yenziwe emhlabeni, kusetshenziswa uMbuso kaNkulunkulu. Iyiphi inkolo eyaziwa ngokufundisa abantu igama likaJehova nokumemezela ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uwukuphela kwekhambi eliyoletha ukuthula emhlabeni? OFakazi BakaJehova bashumayela izindaba ezinhle zoMbuso emazweni angu-236, bahambise izincwadi ngezilimi ezingaphezu kuka-470.—Mathewu 6:9, 10.
Ngaphezu kwalokho, oFakazi BakaJehova balingisa isibonelo sikaJesu sokungagxambukeli ezingxabanweni zezombusazwe nezenhlalo. UJesu washo lokhu ngabafundi bakhe: ‘Abayona ingxenye yezwe, njengoba nje nami ngingeyona ingxenye yezwe.’ Ngaphezu kwalokho, oFakazi bamukela iBhayibheli njengeZwi likaNkulunkulu, futhi bayaqiniseka ngokuthi “yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto, yokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu afaneleke ngokugcwele, ayihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.”—Johane 17:14, 17; 2 Thimothewu 3:16, 17.
Inkolo Yeqiniso Yehlukile
Zonke lezi zithelo—uthando lokuzidela, isifiso sokungcwelisa igama likaJehova, ukumemezela ngoMbuso kaNkulunkulu, ukuzihlukanisa ezweni nokuba nokholo eBhayibhelini—zibonakalisa abantu abangabakhulekeli beqiniso. Zibuye zenze abakhulekeli beqiniso bahluke kwezinye izinkolo. Owesifazane othile owayeke waxoxa kamnandi noFakazi BakaJehova wafika kwezakhe iziphetho, wathi: “Ngazi izinkolo eziningi, futhi zonke zicishe zifane. Yinina nodwa enihluke ngokuphelele kwezinye.”
Kusobala ukuthi akulona iqiniso ukuthi zonke izinkolo ziholela kuNkulunkulu ofanayo. Kodwa likhona iqembu elihlukile kwamanye—oFakazi BakaJehova, manje abangaphezu kwezigidi ezingu-7 emhlabeni jikelele. Ngokukhuthaza nangokunamathela eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli, baye benza into ehlule wonke amaqembu noma izinhlangano, okungukuthi, ukuhlanganisa abantu bazo zonke izizwe, izilimi nezinhlanga, ukuba bakhulekele okuwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, uJehova. Bangathanda ukukusiza ukuba ufunde ngoNkulunkulu weqiniso, uthole ukuthi yini ayifuna kuwe, futhi ujabulele ukuthula nokulondeka okutholakala ngokukhulekela uNkulunkulu ngendlela ayamukelayo. Ingabe lona akuwona umgomo ofanele umzamo?
[Isithombe ekhasini 14]
Umfundisi ongumOrthodox ebusisa ibutho elisha e-Ukraine ngo-2004
[Umthombo]
GENIA SAVILOV/AFP/Getty Images
[Isithombe ekhasini 15]
OFakazi BakaJehova basiza abantu yonke indawo ukuba bafunde ngoNkulunkulu nangoMbuso wakhe
[Imithombo Yesithombe ekhasini 12]
Page 12: Buddhist woman: © Yan Liao/Alamy; Hindu holy man: © imagebroker/Alamy; page 13: Man reading Koran: Mohamed Amin/Camerapix; Jewish man: Todd Bolen/Bible Places.com