Hlanganyela Ngokugcwele Ekuvuneni Okukhulu Okungokomoya
‘Yiba nokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi.’—1 KOR. 15:58.
1. Isiphi isimemo uJesu asidlulisela kubafundi bakhe?
LAPHO edabula esifundeni saseSamariya ekupheleni kuka-30 C.E., uJesu wahlala phansi ukuze aphumule ngasemthonjeni owawuseduze komuzi waseSikhari. Ngenkathi elapho wathi kubafundi bakhe: “Phakamisani amehlo enu nibuke amasimu ukuthi asemhlophe alungele ukuvunwa.” (Joh. 4:35) Wayengakhulumi ngokuvuna okungokoqobo, kodwa ngokubuthwa okungokomoya kwabantu abanhliziyo-nhle ababeyoba abalandeli bakhe. Empeleni, ngala mazwi wayebamema ukuba bahlanganyele emsebenzini. Kwakunomsebenzi omkhulu okwakudingeka wenziwe futhi kunesikhathi esifushane kuphela sokuwenza!
2, 3. (a) Yini ebonisa ukuthi siphila esikhathini sokuvuna? (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?
2 Amazwi kaJesu aphathelene nokuvuna asebenza ngokukhethekile osukwini lethu. Siphila esikhathini lapho insimu yezwe lesintu ‘imhlophe khona futhi ilungele ukuvunwa.’ Minyaka yonke, izigidi zamukela isimemo sokwamukela amaqiniso anikeza ukuphila futhi izinkulungwane zabafundi abasha ziyabhapathizwa. Sinikwe ilungelo lokuhlanganyela ekuvuneni okukhulu kunakho konke emlandweni, ngaphansi kokuqondisa kweNkosi yokuvuna, uJehova uNkulunkulu. Ingabe ‘unokuningi kokukwenza’ kulo msebenzi wokuvuna?—1 Kor. 15:58.
3 Phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni yeminyaka emithathu nengxenye, uJesu waqeqeshela abafundi bakhe indima ababezoba nayo njengezisebenzi zokuvuna. Lesi sihloko sidingida ezintathu zezifundo eziningi ezibalulekile uJesu azifundisa abafundi bakhe. Isifundo ngasinye siqokomisa imfanelo ebaluleke kakhulu kithi njengoba silwela ukwenza okusemandleni ethu ekubuthweni kwabafundi kosuku lwanamuhla. Ake sixoxe ngemfanelo ngayinye ngesikhathi.
Kudingeka Ukuthobeka
4. UJesu wakubonisa kanjani ukubaluleka kokuthobeka?
4 Cabanga ngalesi simo: Abafundi basanda kuphikisana ngokuthi ngubani omkhulu kubo. Cishe ebusweni babo kusabhalwe ukungathembani nokuthukuthelelana. Ngakho, uJesu ubiza umntwana omncane ammise phakathi kwabo. Ebenza banake lo mntwana omncane, uthi: “Noma ubani oyozithoba [noma, “noma ubani ozenza abe mncane,” Byington] njengalo mntwana nguye omkhulu kunabo bonke embusweni wamazulu.” (Funda uMathewu 18:1-4.) Kunokucabanga njengezwe, elikala umuntu ngamandla, ingcebo nesikhundla sakhe, abafundi kwakudingeka baqonde ukuthi ubukhulu babo babuxhomeke ‘ekuzenzeni babe bancane’ emehlweni abanye. UJehova wayeyobabusisa futhi abasebenzise kuphela uma bebonisa ukuthobeka kweqiniso.
5, 6. Kungani kumelwe ube othobekile ukuze uhlanganyele ngokugcwele emsebenzini wokuvuna? Bonisa.
5 Nanamuhla, abaningi ezweni basebenzisa konke ukuphila kwabo ekuphishekeleni amandla, ingcebo nesikhundla. Ngenxa yalokho, banesikhathi esincane noma abanaso isikhathi sezinto ezingokomoya. (Math. 13:22) Ngokuphambene, abantu bakaJehova bayakujabulela ‘ukuzenza bancane’ emehlweni abanye ukuze bathole isibusiso nokwamukelwa yiNkosi yokuvuna.—Math. 6:24; 2 Kor. 11:7; Fil. 3:8.
6 Cabanga ngesibonelo sikaFrancisco, okhonza njengomdala eNingizimu Melika. Lapho esemusha, wayeka eyunivesithi ngoba efuna ukuba iphayona. Uyakhumbula: “Kamuva, lapho sithembisana umshado nomkami, kwavela ithuba lomsebenzi owawuyosilethela ukulondeka okukhulu ngokwezimali. Esikhundleni sokuwuthatha, sanquma ukwenza ukuphila kwethu kube lula futhi saqhubeka nenkonzo yesikhathi esigcwele. Kamuva, saba nabantwana, futhi kwasho ukukhula kwezindleko. Kodwa uJehova wasisiza ukuba sinamathele esinqumweni sethu.” Uyaphetha: “Ngiye ngajabulela ilungelo lokukhonza njengomdala iminyaka engaphezu kwengu-30, kanye nezinye izabelo eziningi ezikhethekile. Asikaze nakancane sizisole ngokuphila ukuphila okulula.”
7. Uke wakuzama kanjani ukusebenzisa iseluleko esikumaRoma 12:16?
7 Uma wenqaba “izinto eziphakeme” zaleli zwe futhi uvuma ‘ukulandela izinto eziphansi,’ nawe ungalindela ukuthola izibusiso namalungelo amaningi engeziwe emsebenzini wokuvuna.—Roma 12:16; Math. 4:19, 20; Luka 18:28-30.
Ukukhuthala Kunomvuzo
8, 9. (a) Fingqa umfanekiso kaJesu wamathalenta. (b) Lo mfanekiso ungakhuthaza obani kakhulu?
8 Enye imfanelo esiyidingayo ukuze sihlanganyele ngokugcwele emsebenzini wokuvuna ukukhuthala. UJesu wakucacisa lokhu emfanekisweni wamathalenta.a Kulowo mfanekiso, wakhuluma ngomuntu owathi ngaphambi kokuba athathe uhambo oluya ezweni elikude, waphathisa izinceku ezintathu impahla yakhe. Inceku yokuqala yathola amathalenta amahlanu; eyesibili yathola amabili; kwathi eyesithathu yathola elilodwa. Isihambile inkosi yazo, izinceku ezimbili zokuqala zasebenza ngenkuthalo, ‘zahweba’ masinyane ngamathalenta azo. Inceku yesithathu yona ‘yayivilapha.’ Yambela ithalenta layo emhlabathini. Lapho lo muntu ebuya, wavuza izinceku ezimbili zokuqala ngokuzimisa “phezu kwezinto eziningi.” Wathatha ithalenta ayelinike inceku yesithathu, wabe eseyixosha leyo nceku emzini wakhe.—Math. 25:14-30.
9 Akungabazeki ukuthi enhliziyweni yakho ufisa ukulingisa izinceku ezikhuthele ezisemfanekisweni kaJesu futhi uhlanganyele ngokugcwele ngangokunokwenzeka emsebenzini wokwenza abafundi. Kodwa kuthiwani uma izimo zikulinganisela kakhulu lokho okwazi ukukwenza manje? Mhlawumbe izimo ezingezinhle zezomnotho zikuphoqa ukuba usebenze amahora amaningi ukuze wondle umkhaya wakho. Noma, mhlawumbe awusenabo ubungqabavu bobusha futhi impilo yakho isibuthaka. Uma kunjalo, umfanekiso wamathalenta unomyalezo okhuthazayo kuwe.
10. Inkosi emfanekisweni wamathalenta yakubonisa kanjani ukucabangela, futhi kungani ukuthola kukhuthaza lokhu?
10 Phawula ukuthi inkosi esemfanekisweni yaqaphela ukuthi izinceku zayo zazinamandla angalingani. Yakubonisa lokhu lapho inika izinceku zayo amathalenta “ngayinye ngokwamandla ayo.” (Math. 25:15) Njengoba kulindelekile, eyokuqala yakhiqiza kakhulu ngaphezu kweyesibili. Nokho, inkosi yayiqaphela imizamo yenkuthalo yazo zombili lezi zinceku, ngokuzibiza ngokuthi ‘zinhle futhi zithembekile’ nangokuzinika umvuzo ofanayo. (Math. 25:21, 23) Ngomqondo ofanayo, iNkosi yokuvuna, uJehova uNkulunkulu, iyazi ukuthi izimo zakho zinomthelela kulokho okwazi ukukwenza enkonzweni yayo. Ngeke yehluleke ukubona imizamo yakho yomphefumulo wonke yokuyikhonza futhi ikuvuze ngendlela efanele.—Marku 14:3-9; funda uLuka 21:1-4.
11. Bonisa indlela ukukhuthala ezimweni ezinzima okungaletha ngayo izibusiso ezicebile.
11 Isibonelo sikaSelmira, udade ohlala eBrazil, sibonisa ukuthi ukukhuthala enkonzweni kaNkulunkulu akuxhomekile ezimweni ezinhle zokuphila. Eminyakeni engu-20 edlule, umyeni kaSelmira wadutshulwa washona lapho ephangwa, wamshiya nezingane ezintathu okwakumelwe azikhulise. Lo dade wayesebenza emakhishini, esebenza amahora amaningi futhi egibela izinto zokuhamba ezazimkhandla ngoba babeminyana kuzo. Naphezu kwalobu bunzima, wahlela izimo zakhe kangangokuthi wakwazi ukukhonza njengephayona elivamile. Kamuva, izingane zakhe ezimbili nazo zaba amaphayona. Uthi: “Kule minyaka edlule, ngiye ngafundela abantu abangaphezu kuka-20, futhi sebengamalungu ‘omndeni’ wami. Ngiyabathanda futhi basengabangane bami kuze kube manje. Lokhu kuyinto eyigugu engingasoze ngayithenga ngamali.” INkosi yokuvuna iye yamvuza ngempela uSelmira ngemizamo yakhe yenkuthalo!
12. Singayibonisa kanjani inkuthalo emsebenzini wokushumayela?
12 Uma izimo zakho zamanje zilinganisela isikhathi ongasichitha enkonzweni, usengazama ukwandisa ingxenye yakho emsebenzini wokuvuna ngokwenza inkonzo yakho ikhiqize kakhudlwana. Lapho uqikelela ukuba usebenzise ukusikisela okuwusizo okunikezwa eMhlanganweni Wenkonzo wamasonto onke, uyolola amakhono akho okushumayela futhi uzame ukusebenzisa izindlela ezintsha zokufakaza. (2 Thim. 2:15) Uma kungenzeka, ungahlela kabusha nesimiso sakho noma udele imisebenzi engabalulekile kangako ukuze uwasekele njalo amalungiselelo ebandla enkonzo yasensimini.—Kol. 4:5.
13. Siyini isihluthulelo sokuhlakulela nokulondoloza inkuthalo?
13 Khumbula ukuthi inkuthalo ishukunyiswa inhliziyo enokwazisa. (IHu. 40:8) Inceku yesithathu okukhulunywe ngayo emfanekisweni kaJesu, yayesaba inkosi yayo, iyibheka njengomuntu olukhuni nongacabangeli. Ngenxa yalokho, le nceku yambela ithalenta layo esikhundleni sokulisebenzisa ukuze yandise impahla yenkosi yayo. Ukuze sigweme isimo sengqondo esinjalo sokudebesela, kudingeka sihlakulele futhi silondoloze ubuhlobo obuhle neNkosi yokuvuna, uJehova. Bekela eceleni isikhathi sokutadisha nokuzindla ngezimfanelo zakhe ezinhle—uthando, ukubekezela nesihe. Ngaleyo ndlela, uyoshukumiseleka ngokusuka enhliziyweni ukuba wenze okusemandleni akho enkonzweni yakhe.—Luka 6:45; Fil. 1:9-11.
“Kumelwe Nibe Ngcwele”
14. Iyiphi imfuneko ebalulekile elindelekile kulabo abafuna ukuba izisebenzi zokuvuna?
14 Ecaphuna emiBhalweni YesiHebheru, umphostoli uPetru uveza intando kaNkulunkulu ayishilo ngezinceku zakhe zasemhlabeni: “Ngokuvumelana noNgcwele owanibiza, nani yibani ngcwele ngokwenu kukho konke ukuziphatha kwenu, ngoba kulotshiwe ukuthi: ‘Kumelwe nibe ngcwele, ngoba mina ngingcwele.’” (1 Pet. 1:15, 16; Lev. 19:2; Dut. 18:13) La mazwi aqokomisa ukuthi izisebenzi zokuvuna kudingeka zihlanzeke ngokokuziphatha nangokomoya. Singahlangabezana naleyo mfuneko ngokuthatha izinyathelo zokuhlanzwa ngokomoya. Kungenzeka kanjani lokho? Ngosizo lwezwi likaNkulunkulu leqiniso.
15. Iqiniso lezwi likaNkulunkulu linamandla okwenzani kithi?
15 Izwi likaNkulunkulu leqiniso lifaniswa namanzi ahlanzayo. Ngokwesibonelo, umphostoli uPawulu waloba ukuthi ibandla lamaKristu agcotshiwe lihlanzekile emehlweni kaNkulunkulu, njengomlobokazi ohlanzekile kaKristu, owalihlanza “ngokuligeza ngamanzi esebenzisa izwi . . . , ukuze libe ngcwele futhi lingabi nasici.” (Efe. 5:25-27) Ngaphambili, uJesu naye wayekhulume ngamandla ahlanzayo ezwi likaNkulunkulu ayelimemezele. Lapho ekhuluma nabafundi bakhe, wathi: “Nina senihlanzekile ngezwi engilikhulumé kini. (Joh. 15:3, IBhayibheli LesiZulu Elivamile) Ngakho iqiniso lezwi likaNkulunkulu linamandla okuhlanza ngokokuziphatha nangokomoya. Ukukhulekela kwethu kuyokwamukeleka kuNkulunkulu kuphela uma sivumela iqiniso lakhe ukuba lisihlanze ngale ndlela.
16. Singazigcina kanjani sihlanzekile ngokomoya nangokuziphatha?
16 Ngakho, ukuze sibe izisebenzi ekuvuneni kukaNkulunkulu, siqala ngokulahla yonke imikhuba esasinayo eyayisingcolisa ngokokuziphatha nangokomoya. Yebo, ukuze siqhubeke sifanelekela ilungelo lokuba izisebenzi zokuvuna, kumelwe sibe yisibonelo ekulondolozeni izindinganiso zikaJehova eziphakeme zokuziphatha nezingokomoya. (Funda eyoku-1 Petru 1:14-16.) Njengoba nje siyinaka njalo inhlanzeko engokomzimba, kumelwe sivumele ukuhlanzwa njalo yizwi leqiniso likaNkulunkulu. Lokhu kuhilela ukufunda iBhayibheli nokuba khona emihlanganweni yobuKristu. Kudinga nokuba senze umzamo oqotho wokusebenzisa izikhumbuzo zikaNkulunkulu ekuphileni kwethu. Ngokwenza lokhu, siyokwazi ukunqoba ukuthambekela kwethu esonweni futhi simelane namathonya aleli zwe onakalisayo. (IHu. 119:9; Jak. 1:21-25) Yebo, yeka ukuthi kududuza kanjani ukwazi ukuthi ‘singagezwa sihlanzeke’ ngisho nasesonweni esingathi sína ngosizo lwezwi likaNkulunkulu leqiniso!—1 Kor. 6:9-11.
17. Ukuze sihlale sihlanzekile, isiphi iseluleko seBhayibheli okumelwe sisilalele?
17 Ingabe uyalivumela izwi likaNkulunkulu leqiniso ukuba likuhlanze? Ngokwesibonelo, usabela kanjani lapho uqasheliswa ngezingozi zokuzijabulisa kwaleli zwe okonakalisayo? (IHu. 101:3) Uyabugwema yini ubungane obungadingekile nofunda noma osebenza nabo abangenazo izinkolelo ezifana nezakho? (1 Kor. 15:33) Ingabe uqotho emizamweni yakho yokunqoba ubuthakathaka obungakwenza ube ongahlanzekile emehlweni kaJehova? (Kol. 3:5) Uyazihlukanisa yini nezingxabano zezombusazwe zaleli zwe nomoya wobuzwe ogcwele emidlalweni eminingi yokuncintisana?—Jak. 4:4.
18. Ukuhlanzeka ngokokuziphatha nangokomoya kuyosisiza kanjani ukuba sibe izisebenzi zokuvuna ezikhiqizayo?
18 Ukulalela ngokwethembeka ezindabeni ezinjalo kuyoba nemiphumela emihle kakhulu. Efanisa abafundi bakhe abagcotshiwe namagatsha omvini, uJesu wathi: “Wonke amagatsha akimi angatheli izithelo [uBaba] uyawasusa, futhi wonke athela izithelo uyawathena [noma, uyawahlanza], ukuze athele izithelo eziningi.” (Joh. 15:2) Njengoba uvumela ukuhlanzwa amanzi eqiniso leBhayibheli, uyothela izithelo ngisho nangokwengeziwe.
Izibusiso Zamanje Nezesikhathi Esizayo
19. Yabusiswa kanjani imizamo yabafundi bakaJesu njengezisebenzi zokuvuna?
19 Abafundi abathembekile abasabela lapho uJesu ebaqeqesha, kamuva umoya ongcwele wabanikeza amandla ngePhentekoste lika-33 C.E. ukuze babe ofakazi “ezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.” (IzE. 1:8) Bathuthuka bakhonza njengamalungu endikimba ebusayo, njengezithunywa zevangeli nanjengabadala abajikelezayo, futhi baba nendima ebalulekile ekushumayeleni izindaba ezinhle “kuyo yonke indalo engaphansi kwezulu.” (Kol. 1:23) Yeka izibusiso abazithola nenjabulo abayilethela abanye!
20. (a) Iziphi izibusiso oye wazithola ngokuhlanganyela ngokugcwele ekuvuneni okungokomoya? (b) Yini ozimisele ukuyenza?
20 Yebo, ngokubonisa ukuthobeka, ukukhuthala nangokunamathela ezindinganisweni eziphakeme zeZwi likaNkulunkulu, siyoqhubeka sihlanganyela ngokugcwele ekuvuneni okukhulu okungokomoya okuqhubekayo manje. Nakuba abaningi bebhekana nosizi nokukhungatheka okuhambisana nendlela yokuphila yezwe yokuthanda izinto ezibonakalayo nenjabulo, thina sithola injabulo nokwaneliseka kwangempela. (IHu. 126:6) Okubaluleke kunakho konke ukuthi “umshikashika [wethu] awulona ize eNkosini.” (1 Kor. 15:58) INkosi yokuvuna, uJehova uNkulunkulu, iyowuvuza phakade ‘umsebenzi wethu nothando esilubonisa kulo igama layo.’—Heb. 6:10-12.
[Umbhalo waphansi]
a Umfanekiso wamathalenta ngokuyinhloko uphathelene nendlela uJesu asebenzelana ngayo nabafundi bakhe abagcotshiwe, kodwa uqukethe izimiso ezisebenza kuwo wonke amaKristu.
Uyakhumbula?
Njengoba ulwela ukuhlanganyela ngokugcwele emsebenzini wokuvuna . . .
• kungani kubalulekile ukubonisa ukuthobeka?
• ungayihlakulela futhi uyilondoloze kanjani inkuthalo?
• kungani kubalulekile ukuhlale uhlanzekile ngokomoya nangokuziphatha?
[Isithombe ekhasini 17]
Ukuthobeka kungasisiza ukuba siphile ukuphila okulula okugxile ezithakazelweni zoMbuso