Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Kuwukuhlakanipha yini ukuba umntwana wakho ahlale nezihlobo zezwe ngenxa nje yokuthi zingamnikeza izinzuzo zezinto ezibonakalayo?
ImiBhalo ibonisa ukuthi abazali banelungelo nomthwalo wemfanelo wokunakekela abantwana babo, okuhlanganisa ukunikeza ukunakekela okudingekayo okungokomoya. Kungaba umbono omfushane ngendoda nomfazi abangamaKristu ukubhekela phansi lesosabelo abasinikezwe uNkulunkulu ukuze nje umntwana azuze izinzuzo ezibonakalayo ngokuhlala nesihlobo esingeyena umKristu.
Kwamanye amazwe kuvame kakhulu ukuthumela umntwana ukuba ayohlala nezihlobo isikhathi eside. Ngokuvamile lokhu kwenziwa abazali abahlala emaphandleni lapho amalungiselelo emfundo elinganiselwe khona. Bathumela umntwana ezihlotsheni edolobheni (noma ekholiji) ukuze umntwana athole imfundo engcono noma abe phakathi kwendlela yokuphila ethuthuke ngokwengeziwe. Ngokuvamile umntwana ulindelwa ukuba enze umsebenzi wasendlini noma ngenye indlela akhokhele izihlobo ngenxa yokumamukela ekhaya lazo.
Lelilungiselelo licatshangelwa ukuthi linezinzuzo zezinto ezibonakalayo, kodwa zingase zingabi zinkulu njengoba zibonakala. Okuhlangenwe nakho kuye kwabonisa ukuthi kunemiphumela emibi kumntwana uma esuswa endaweni ayijwayele futhi ephoqelelwa ukuba ahlale ekhaya lezihlobo ekude nabazali bakhe. Ngokuvamile esikhundleni sokuba umntwana aphathwe ngendlela efanayo nabanye abantwana ekhaya, ubhekwa njengesisebenzi sasekhaya futhi uyabandlululwa. Njengoba ungase ukucabangele, ukukhungatheka nokucasuka ngokuvamile kuyaphakama lapho umuntu omusha, ngenxa noma ngaphandle kwesizathu, enomuzwa wokuthi akaphathwa ngokufanelekile. (Qhathanisa noGenesise 27:30-41.) Ukuphazamiseka okungokomzwelo okuba umphumela nokungajabuli kungaphazamisa indlela afunda ngayo, ngisho nakuba esesikoleni esihle. Ngakho-ke, ingabe uyazuza ngempela? Ukushinga kungomunye umphumela ovamile lapho umntwana encishwa ukuqeqeshwa okuvamile okuvela kubazali abanothando.
Iseluleko seZwi likaNkulunkulu siyasisiza ukuba sigweme imiphumela emibi kanjalo. Ngokuyisisekelo iBhayibheli likhuthaza abazali ukuba banakekele abantwana babo. Yebo, uJehova uNkulunkulu waqaphela ukuthi ezinye izimo ezimbi kakhulu zaziyophakama lapho abantu abathile abangebona abazali kwakuyofuneka banakekele abantwana.a Ngakho-ke wayala izinceku zakhe ukuba zisize abantwana abangenayise noma abayizintandane ngenxa yokufa kwabazali bobabili. (Duteronomi 14:28, 29; 16:9-14; 24:17-21; 26:12, 13; IHubo 10:14; Jakobe 1:27) Kodwa ukugcizelela okuyinhloko emiBhalweni kuwukuba abazali banakekele izidingo zabantwana babo ezibonakalayo, ezingokomoya nezingokomzwelo.—Qhathanisa no-1 Thimothewu 5:8.
UNkulunkulu wayala abazali ngokuqondene namazwi akhe: “Niyakuwafundisa abantwana benu, ukhulume ngawo, lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.” (Duteronomi 11:18, 19) Ingabe abazali bangakwenza lokho uma ngokuzithandela beye bathumela abantwana kude ezihlotsheni zezwe isikhathi eside? Cha, abazali badinga ukuba nabantwana babo ukuze babanikeze ukuqondisa okuvamile nesiyalo sobuzali, kanye nobungane bothando obudingwa abantu abasha. (Efesu 6:4; IzAga 6:20) Ngokusobala, inhlalakahle ehlala njalo (yaphakade) yomntwana ongumKristu ayinakuthuthukiswa uma ethunyelwa ukuba ayohlala nezihlobo zezwe ngenxa yemfundo yezwe, alahlekelwe isiyalo esingokomoya sasekhaya. AmaKristu kuwo wonke umhlaba ayazi ukuthi kulesisimiso sezinto ukukhulisa umuntu omusha ukuba akhonze uJehova kuwumsebenzi onzima odinga ukunakekela kobuzali ngaso sonke isikhathi. Ngokuqinisekile ithemba lempumelelo liyoncishiswa uma umntwana ekhishwa ekhaya lamaKristu ngenxa nje yezinzuzo zezinto ezibonakalayo.
Maqondana nalokhu gxila esibonelweni sikaJesu, owakhuliswa edolobheni lasendulo iGalile laseNazaretha. Belalela uNkulunkulu, uJosefa noMariya bagcina uJesu bahlala naye eNazaretha, lapho ‘akhula khona ngokuhlakanipha nangokomzimba emseni kaNkulunkulu nabantu.’—Luka 2:41-52.
Esanamuhla isimiso sezinto sigcizelela imfundo nempumelelo engokwezimali. Abazali bezwe bezwakala besho izinto ezinjengokuthi, ‘Angifuni ukuba umntanami akhule abe umngqayi.’ Ngisho nabazali abangamaKristu bangathonywa umbono onjalo ngemfundo nezinzuzo ezibonakalayo. Kodwa abazali abathembela ekuhlakanipheni kukaJehova bayobekela kuqala abantwana babo “isisekelo esihle sesikhathi esizayo, ukuze babambe ukuphila okuyikho.”—1 Thimothewu 6:9, 19.
◼ UJesu watshela indoda ayeyiphulukisile: “Ungabe usona, funa wehlelwe ngokubi kunalokho.” Ingabe wayesho ukuthi siguliswa ukuthi siye sona?
Cha, ukugula ngakunye ngokuyinhloko akuwona umphumela wesono esithile.
UJohane isahluko sesihlanu usitshela ngokwelapha kukaJesu indoda eyayiye yagula iminyaka eminingi. Kamuva uJesu wayibona lendoda ethempelini futhi wathi: “Bheka uphilisiwe; ungabe usona, funa wehlelwe ngokubi kunalokho.”—Johane 5:14.
Sonke siye sazuza njengefa isono nokungapheleli kuAdamu. (Roma 5:12) Obunye ubufakazi buwukuthi “ngokwemvelo” siyagula ngezinye izikhathi. Ngokusobala lendoda uJesu ayiphilisa yayiguliswa ukungaphelell ekuzuze ngefa. Ngomusa kaNkulunkulu lendoda yaphulukiswa futhi yaboniswa indlela yensindiso ngoKristu. Khona-ke kwakumelwe ilandele uMsindisi. Khona-ke, uma indoda yayingona ngamabomu, okuthile okubi kakhulu kunokugula kwakungayehlela; yayingaba necala lokona umoya, ifanelwe ukubhujiswa kwaphakade.—Mathewu 12:31, 32.
[Umbhalo waphansi]
a Isimo esingavamile nesidabukisayo esentombazane esencane eye yathola umntwana ngenxa yokudlwengulwa. Labo abahileleke eduze, intombazane nabazali bayo banganquma ukuthi iyiphi inkambo yokuhlakanipha ngenxa yazo zonke izici, kuhlanganisa nesimo sayo esingokomzimba nesingokomzwelo. Kwezinye izimo ezifana nalezi umntwana uye wamukelwa futhi wakhuliswa ngothando lobuKristu emkhayeni wentombazane. Kwezinye izimo omunye umbhangqwana wamaKristu ufuna ukunakekela umntwana futhi usesimweni sokwenza njalo, uye wavunyelwa ukuba uthathe umntwana.