Imfundo—Yisebenzisele Ukudumisa UJehova
“Lowo okhuluma ngokuzisungulela kwakhe siqu ufuna inkazimulo yakhe siqu; kodwa lowo ofuna inkazimulo yalowo omthumile, lona uqinisile.”—JOHANE 7:18.
1. Inqubo yokufundisa yaqala nini futhi kanjani?
IMFUNDO yaqala kudala kakhulu. Inqubo yokufundisa yaqala ngokushesha ngemva kokuba uJehova uNkulunkulu, uMfundisi Omkhulu, edale iNdodana yakhe eyizibulo. (Isaya 30:20, qhathanisa ne-NW; Kolose 1:15.) Lona uMuntu owayengafunda kuMfundisi Omkhulu uqobo lwakhe! Phakathi nezigidi ezingenakubalwa zeminyaka isebuhlotsheni obuseduze noYise, leyo Ndodana—kamuva eyaziwa ngokuthi uJesu Kristu—yathola imfundo engenakuqhathaniswa ngokuphathelene nezimfanelo, imisebenzi, nezinjongo zikaJehova uNkulunkulu. Kamuva, njengomuntu emhlabeni, uJesu wayengase athi: “Angenzi lutho ngokusuka kimi siqu; kodwa lezizinto ngizikhuluma njengoba nje uBaba angifundisa.”—Johane 8:28.
2-4. (a) NgokukaJohane isahluko 7, zaziyini izimo ngenkathi yokuba khona kukaJesu eMkhosini Wamadokodo ngo-32 C.E.? (b) Kungani amaJuda ayedidekile ngekhono likaJesu lokufundisa?
2 UJesu wayisebenzisa kanjani imfundo ayeyitholile? Phakathi nayo yonke inkonzo yakhe yasemhlabeni yeminyaka emithathu nengxenye, ngokungakhathali wahlanganyela nabanye lokho ayekufundile. Nokho, lokhu wakwenza enenjongo eyinhloko engqondweni. Yayiyini? Ake sihlole amazwi kaJesu kuJohane isahluko 7, lapho achaza khona kokubili umsuka nenjongo yokufundisa kwakhe.
3 Cabangela isimo ngaleso sikhathi. Kwakusekwindla ka-32 C.E., cishe eminyakeni emithathu ngemva kokuba uJesu ebhapathiziwe. AmaJuda ayeseJerusalema ebuthanele uMkhosi Wamadokodo. Phakathi nezinsuku zokuqala ezimbalwa zalomkhosi, uJesu wayengundab’ uzekwayo. Lapho umkhosi usuphakathi, uJesu waya ethempelini futhi waqala ukufundisa. (Johane 7:2, 10-14) Njengokuvamile, wazibonakalisa enguMfundisi omkhulu.—Mathewu 13:54; Luka 4:22.
4 Ivesi 15 likaJohane isahluko 7 lithi: “Ngakho-ke amaJuda aqala ukumangala, ethi: ‘Kwenzeka kanjani ukuba lomuntu abe nolwazi lwemibhalo, lapho engafundile ezikoleni?’” Uyaqonda ukuthi kungani ayedidekile? UJesu wayengazange afunde kunoma yisiphi sezikole zorabi, ngakho wayengafundile—noma ayecabanga kanjalo! Nokho, uJesu wayekwazi ukuthola futhi afunde izingxenye ezithile emiBhalweni Engcwele kalula nje. (Luka 4:16-21) Phela, lombazi waseGalile wawafundisa ngisho nangoMthetho kaMose! (Johane 7:19-23) Kwakwenzeka kanjani lokhu?
5, 6. (a) UJesu wawuchaza kanjani umthombo wemfundiso yakhe? (b) UJesu wayisebenzisa ngayiphi indlela imfundo yakhe?
5 UJesu wachaza, njengoba sifunda emavesini 16 no-17: “Lokho engikufundisayo akukhona okwami, kodwa kungokwalowo ongithumile. Uma noma ubani efisa ukwenza intando yaKhe, uyokwazi ngokuphathelene nalemfundiso ukuthi ivela kuNkulunkulu yini noma ngikhuluma ngokuzisungulela kwami siqu.” Ayefuna ukwazi ukuthi uJesu wayefundiswe ubani, futhi wawatshela ngokucacile ukuthi imfundo yakhe yayivela kuNkulunkulu!—Johane 12:49; 14:10.
6 UJesu wayisebenzisa kanjani imfundo yakhe? Njengoba kulotshwe kuJohane 7:18, uJesu wathi: “Lowo okhuluma ngokuzisungulela kwakhe siqu ufuna inkazimulo yakhe siqu; kodwa lowo ofuna inkazimulo yalowo omthumile, lona uqinisile, futhi akukho ukungalungi kuye.” Yeka ukuthi kufaneleka kanjani ukuthi uJesu wasebenzisa imfundo yakhe ukuze alethe inkazimulo kuJehova, “oPhelele olwazini”!—Jobe 37:16.
7, 8. (a) Kufanele isetshenziswe kanjani imfundo? (b) Yiziphi izinjongo ezine eziyisisekelo zemfundo elinganiselwe?
7 Ngaleyo ndlela sifunda isifundo esibalulekile kuJesu—imfundo akufanele isetshenziselwe ukuzidumisa thina ngokwethu, kodwa kufanele isetshenziselwe ukuletha udumo kuJehova. Ayikho enye indlela engcono yokusebenzisa imfundo. Khona-ke, ungayisebenzisa kanjani imfundo ukuze ulethe udumo kuJehova?
8 Ukufundisa kusho “ukuqeqesha ngokufundisa okuhleliwe nokuprakthiza okuqondiswayo [ikakhulukazi] ekhonweni elithile, emsebenzini wezandla, noma emsebenzini ofundelwayo.” Manje ake sicabangele izinjongo ezine eziyisisekelo zemfundo elinganiselwe nokuthi ngayinye ingasetshenziswa kanjani ekudumiseni uJehova. Imfundo elinganiselwe kufanele isisize ukuba (1) sifunde kahle, (2) sibhale ngokucacile, (3) sikhule ngokwengqondo nangokokuziphatha, futhi (4) siqeqeshelwe imisebenzi edingekayo ekuphileni kwansuku zonke.
Ukufunda Ukufunda Kahle
9. Kungani kubalulekile ukuba okwazi ukufunda kahle?
9 Okubalwe kuqala ukufunda ukufunda kahle. Kungani kubaluleke kangaka ukuba okwazi ukufunda kahle? I-World Book Encyclopedia iyachaza: “Ukufunda . . . kuyisisekelo sokuzuza ulwazi futhi kungelinye lamakhono abaluleke kakhulu ekuphileni kwansuku zonke. . . . Abantu abanekhono lokufunda baneqhaza ekwakhiweni komphakathi ochumayo, nokhiqizayo. Ngesikhathi esifanayo, nabo ngokwabo bajabulela ukuphila ngezinga eligcwele, nokuphila okwanelisa kakhudlwana.”
10. Ukufunda iZwi likaNkulunkulu kusisiza kanjani ukuba sijabulele ukuphila ngezinga eligcwele, nokwanelisa kakhudlwana?
10 Uma ukufunda nje okuvamile kungasisiza ukuba sijabulele “ukuphila ngezinga eligcwele, nokuphila okwanelisa kakhudlwana,” yeka ukuthi lokhu kuyiqiniso kangakanani ngokufunda iZwi likaNkulunkulu! Ukufunda okunjalo kuvula izingqondo nezinhliziyo zethu ukuba zamukele imicabango nezinjongo zikaJehova, futhi ukukuqonda ngokucacile lokhu kwenza ukuphila kwethu kube nenjongo. Ngaphezu kwalokho, “izwi likaNkulunkulu liyaphila futhi linamandla,” kusho amaHeberu 4:12. Lapho sifunda iZwi likaNkulunkulu futhi sizindla ngalo, sisondela kuMlobi walo, futhi sishukunyiselwa ukuba senze izinguquko ekuphileni kwethu ukuze simjabulise ngokwengeziwe. (Galathiya 5:22, 23; Efesu 4:22-24) Futhi sishukunyiselwa ukuba sihlanganyele nabanye amaqiniso ayigugu esiwafundayo. Konke lokhu kuletha udumo kuMfundisi Omkhulu, uJehova uNkulunkulu. Ngokuqinisekile ayikho indlela engcono kunale yokusebenzisa ikhono lethu lokufunda!
11. Yini okufanele ihlanganiswe esimisweni esilinganiselwe sesifundo somuntu siqu?
11 Kungakhathaliseki ukuthi sibasha noma sibadala, sikhuthazwa ukuba sifunde ukufunda kahle, ngoba ukufunda kufeza indima ebalulekile ekuphileni kwethu kobuKristu. Ngaphezu kokufunda iZwi likaNkulunkulu njalo, isimiso esilinganiselayo sesifundo somuntu siqu singahlanganisa nokucabangela itekisi leBhayibheli encwajaneni ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke, ukufundisisa INqabayokulinda ne-Phaphama!, nokulungiselela imihlangano yobuKristu. Kuthiwani ngenkonzo yobuKristu? Ngokusobala, ukushumayela obala, ukwenza izimpindelo kubantu abathakazelayo, nokuqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya konke kudinga ikhono elihle lokufunda.
Ukufunda Ukubhala Ngokucacile
12. (a) Kungani kubalulekile ukufunda ukubhala ngokucacile? (b) Yikuphi ukubhala okukhulu kunakho konke okwake kwenziwa?
12 Injongo yesibili iwukuba imfundo elinganiselwe isisize ukuba sifunde ukubhala ngokucacile. Ukubhala akudluliseli nje kuphela kwabanye amagama nemibono yethu kodwa futhi kuyayilondoloza. Eminyakeni engamakhulu amaningi edlule, amadoda angamaJuda angaba ngu-40 abhala kuyi-papyrus noma esikhunjeni amazwi akha imiBhalo ephefumulelwe. (2 Thimothewu 3:16) Ngokuqinisekile lokhu kwakuwukubhala okukhulu kunakho konke okwake kwenziwa! Akungabazeki ukuthi emakhulwini eminyaka adlule uJehova waqondisa ukukopishwa ngokuphindaphindiwe kwalawo mazwi angcwele, ukuze afinyelele kithi esenokwethenjelwa. Asibongi yini ngokuthi uJehova wenza ukuba amazwi akhe abhalwe phansi, esikhundleni sokuthembela ekutheni ayeyodluliswa ngomlomo?—Qhathanisa no-Eksodusi 34:27, 28.
13. Yini ebonisa ukuthi ama-Israyeli ayekwazi ukubhala?
13 Ezikhathini zasendulo, kwakuyizigaba ezithile ezinamalungelo kuphela, njengababhali eMesopotamiya naseGibithe, ezazifundile. Ngokuphambene kakhulu nezizwe, kwa-Israyeli wonk’ umuntu wayekhuthazwa ukuba afunde. Umyalo okuDuteronomi 6:8, 9 wokuba ama-Israyeli abhale ezinsikeni zeminyango yezindlu zawo, nakuba ngokusobala lokhu kwakungokomfanekiso, ubonisa ukuthi ayekwazi ukubhala. Kusukela besebancane, abantwana babefundiswa ukubhala. IKhalenda LaseGezeri, elingesinye sezibonelo ezindala kakhulu zombhalo wesiHeberu wasendulo, ezinye izazi zicabanga ukuthi laliyincwadi yesivivinyo somfana wesikole sokuhlola inkumbulo.
14, 15. Yiziphi ezinye izindlela ezizuzisayo nezakhayo zokusebenzisa ikhono lokubhala?
14 Kodwa thina singalisebenzisa kanjani ikhono lokubhala ngendlela ezuzisayo neyakhayo? Ngokuqinisekile ngokubhala amaphuzu emihlanganweni yobuKristu, emihlanganweni emincane nemikhulu. Incwadi, ngisho noma ibhalwe “amazwi ambalwa,” inganikeza isikhuthazo kogulayo noma ibonge kumfowethu noma udadewethu ongokomoya osibonise umusa noma umoya wokungenisa izihambi. (1 Petru 5:12) Uma othile ebandleni eshonelwe othandekayo, incwadi emfushane noma ikhadi ‘lingasikhulumela ngokududuzayo’ kulowo muntu. (1 Thesalonika 5:14) Udade ongumKristu owashonelwa unina ngenxa yomdlavuza wachaza: “Omunye umngane wami wangibhalela incwadi emnandi. Yangisiza ngempela ngoba ngangikwazi ukuyifunda ngokuphindaphindiwe.”
15 Indlela enhle kakhulu yokusebenzisa ikhono lokubhala iwukuletha udumo kuJehova ngokubhala incwadi ngenjongo yokunikeza ubufakazi ngoMbuso. Ngezinye izikhathi kungase kudingeke sithintane nabantu abasanda kuthakazela abahlala ezindaweni ezingazodwa. Ukugula kungase kwenze kube nzima ngawe okwesikhashana ukuba uhambe indlu ngendlu. Mhlawumbe incwadi ingasho lokho obungazisholo khona ngokwakho ngaphansi kwezimo ezivamile.
16, 17. (a) Yikuphi okuhlangenwe nakho okubonisa ukubaluleka kokubhala incwadi ngenjongo yokunikeza ubufakazi ngoMbuso? (b) Ungalandisa okuhlangenwe nakho okufanayo?
16 Cabangela lokhu okuhlangenwe nakho. Eminyakeni eminingi edlule uFakazi othile wabhala incwadi enikeza ubufakazi ngoMbuso kumfelokazi wendoda okwakumenyezelwe ephephandabeni lendawo ukuthi ishonile. Akubanga nampendulo. Khona-ke, ngo-November 1994, eminyakeni engaphezu kuka-21 kamuva, loFakazi wathola incwadi evela endodakazini yalona wesifazane. Indodakazi yabhala:
17 “Ngo-April 1973, wabhalela umama, umduduza ngemva kokushona kukababa. Ngaleso sikhathi ngangineminyaka engu-9. Umama walitadisha iBhayibheli, kodwa kuze kube manje akakabi inceku kaJehova. Nokho, ukutadisha kwakhe ekugcineni kwaholela ekubeni ngihlangane neqiniso. Ngo-1988, ngaqala ukutadisha iBhayibheli—eminyakeni engu-15 ngemva kokuthola incwadi yakho. Ngo-March 9, 1990, ngabhapathizwa. Ngibonga kakhulu ngencwadi yakho owayibhala eminyakeni eminingi edlule futhi ngijabula kakhulu ukukwazisa ukuthi leyo mbewu owayitshala yamila, ngosizo lukaJehova. Umama wanginika incwadi yakho ukuba ngiyigcine, futhi ngingathanda ukwazi ukuthi wena ungubani. Ngithemba ukuthi uzoyithola lencwadi.” Incwadi yalendodakazi, eyayinekheli layo nenombolo yocingo, yafika ngempela kuloFakazi owayebhale eminyakeni eminingi ngaphambili. Cabanga ngokumangala kwalona wesifazane osemusha lapho ethola ucingo oluvela kuloFakazi—namanje osabhala izincwadi ukuze ahlanganyele ithemba loMbuso nabanye!
Ukukhula Ngokwengqondo, Ngokokuziphatha, Nangokomoya
18. Ezikhathini zeBhayibheli, abazali babeyinakekela kanjani imfundo engokwengqondo nengokokuziphatha yezingane zabo?
18 Injongo yesithathu iwukuba imfundo elinganiselwe isisize sikhule ngokwengqondo nangokokuziphatha. Ezikhathini zeBhayibheli ukufundiswa kwezingane ngokwengqondo nangokokuziphatha kwakubhekwa njengomunye wemisebenzi eyinhloko yabazali. Izingane zazingafundiswa nje ukufunda nokubhala kuphela, kodwa, okubaluleke nakakhulu, zazifundiswa uMthetho kaNkulunkulu, owawuhlanganisa konke ezazikwenza ekuphileni. Ngakho, imfundo yayihlanganisa ukufundiswa ngezibopho zazo ezingokwenkolo nezimiso ezibusa umshado, ubuhlobo bomkhaya, nokuziphatha ngokobulili, kanye nezibopho zazo kwabanye abantu. Imfundo enjalo yayingasizi nje kuphela ukuba zikhule ngokwengqondo nangokokuziphatha kodwa zazikhula nangokomoya.—Duteronomi 6:4-9, 20, 21; 11:18-21.
19. Singayitholaphi imfundo esibonisa izindinganiso ezingcono kunazo zonke zokuziphatha esingaphila ngazo futhi esisiza ukuba sikhule ngokomoya?
19 Kuthiwani namuhla? Imfundo yezwe ekahle ibalulekile. Isisiza ukuba sikhule ngokwengqondo. Kodwa singaphendukelaphi ukuze sithole imfundo ezosibonisa izindinganiso zokuziphatha ezingcono kunazo zonke esingaphila ngazo nezizosisiza ukuba sikhule ngokomoya? Ebandleni lobuKristu, sikwazi ukuthola isimiso semfundo engokwasezulwini esingatholakali ndawo emhlabeni. Ngesifundo sethu siqu seBhayibheli nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini kanye nemfundo enikezwa emihlanganweni yebandla, emihlanganweni emincane nemikhulu, singathola lemfundo eyigugu, eqhubekayo—imfundo yaphezulu—mahhala! Isifundisani?
20. Imfundo yaphezulu isifundisani, futhi uba yini umphumela wayo?
20 Lapho siqala ukutadisha iBhayibheli, sifunda izimfundiso eziyisisekelo ezingokomBhalo, ‘izimfundiso zokuqala.’ (Heberu 6:1) Njengoba siqhubeka, singenisa “ukudla okuqinile”—okungukuthi, amaqiniso ajulile. (Heberu 5:14) Nokho, ngaphezu kwalokho, sifunda izimiso zokuhlonipha uNkulunkulu ezisifundisa indlela yokuphila ngendlela uNkulunkulu afuna siphile ngayo. Ngokwesibonelo, sifunda ukugwema imikhuba ‘engcolisa inyama’ nokuba nenhlonipho ngegunya nangemizimba nempahla yabanye. (2 Korinte 7:1; Thithu 3:1, 2; Heberu 13:4) Ngaphezu kwalokho, siqaphela ukubaluleka kokwethembeka nokukhuthala emsebenzini wethu nokubaluleka kokuphila ngemiyalo yeBhayibheli yokuziphatha ngokobulili. (1 Korinte 6:9, 10; Efesu 4:28) Njengoba sithuthuka ekusebenziseni lezi zimiso ekuphileni kwethu, siyakhula ngokomoya, futhi ubuhlobo bethu noNkulunkulu buyajula. Ngaphezu kwalokho, ukuziphatha kwethu kokuhlonipha uNkulunkulu kusenza izakhamuzi ezinhle, kungakhathaliseki ukuthi sihlalaphi. Futhi lokhu kungase kushukumise abanye ukuba bakhazimulise uMthombo wemfundo yaphezulu—uJehova uNkulunkulu.—1 Petru 2:12.
Ukuqeqeshelwa Imisebenzi Yokuphila Kwansuku Zonke
21. Yikuphi ukuqeqeshwa okuwusizo izingane ezazikuthola ezikhathini zeBhayibheli?
21 Injongo yesine yemfundo elinganiselwe iwukuqeqeshela umuntu imisebenzi edingekayo ekuphileni kwansuku zonke. Imfundo eyayinikezwa ngabazali ezikhathini zeBhayibheli yayihlanganisa nokuqeqeshelwa umsebenzi. Amantombazane ayefundiswa amakhono asekhaya. Isahluko sokugcina sezAga sibonisa ukuthi kumelwe ukuba ayemaningi futhi ehlukahlukene. Ngakho, amantombazane ayeba nolwazi lokuphotha, ukweluka, ukupheka, nokunakekela ukuphathwa kwekhaya lilonke, ukuhweba, kanye nezindaba zokuthengiselana impahla nomhlaba. Abafana ngokuvamile babefundiswa imisebenzi yoyise yokuziphilisa, kungaba ezolimo noma umsebenzi othile noma ubuciko. UJesu wafunda ukubaza kusingayise, uJosefa; ngenxa yalokho, wayengabizwa nje kuphela ngokuthi “indodana yombazi” kodwa nangokuthi “umbazi.”—Mathewu 13:55; Marku 6:3.
22, 23. (a) Imfundo kufanele izilungiseleleni izingane? (b) Kufanele sibe yini isisusa sethu lapho sikhetha ukuthola imfundo eyengeziwe lapho ingase ibonakale idingekile?
22 Nanamuhla, imfundo elinganiselwe ihlanganisa ukulungiselela ukunakekela izidingo zomkhaya ngelinye ilanga. Amazwi omphostoli uPawulu atholakala kweyoku-1 Thimothewu 5:8 abonisa ukuthi ukondla komuntu umkhaya wakhe kuyisibopho esingcwele. Wabhala: “Ngokuqinisekile uma noma ubani engabondli abakubo siqu, futhi ikakhulukazi labo abangamalungu endlu yakhe, uluphikile ukholo futhi mubi kakhulu kunomuntu ongenalo ukholo.” Khona-ke, imfundo kufanele ilungiselele izingane imithwalo yemfanelo eziyoba nayo ekuphileni futhi izihlomisele ukuba amalungu omphakathi azikhandlayo.
23 Ingakanani imfundo yezwe okufanele siyiphishekele? Lokhu kungase kuhlukahluke kuye ngamazwe. Kodwa uma isidingo sezemisebenzi sidinga ukuba kube nokunye ukuqeqeshwa ngaphezu kwemfundo esesilinganisweni efunwa umthetho, kushiyelwa kubazali ukuqondisa izingane zabo ekwenzeni isinqumo ngemfundo noma ukuqeqeshwa kokwenezela, becabangela kokubili izinzuzo ezingatholakala nobubi bezifundo ezinjalo ezengeziwe. Nokho, kufanele sibe yini isisusa somuntu ekukhetheni imfundo eyengeziwe lapho lokho kungase kubonakale kudingekile? Ngokuqinisekile akufanele sibe ingcebo, ukuzikhazimulisa, noma udumo. (IzAga 15:25; 1 Thimothewu 6:17) Khumbula isifundo esisifunde esibonelweni sikaJesu—imfundo kufanele isetshenziselwe ukuletha udumo kuJehova. Uma sikhetha ukuthola imfundo eyengeziwe, isisusa sethu kufanele kube isifiso sokuzisekela ngokwanele ukuze sikwazi ukukhonza uJehova ngokugcwele ngangokunokwenzeka enkonzweni yobuKristu.—Kolose 3:23, 24.
24. Yisiphi isifundo esifundwa kuJesu okungamelwe nanini sisikhohlwe?
24 Ngakho-ke, masikhuthale emizamweni yethu yokuthola imfundo yezwe elinganiselwe. Kwangathi singasisebenzisa ngokunenzuzo isimiso esiqhubekayo semfundo yaphezulu esinikezwa enhlanganweni kaJehova. Futhi kwangathi singeze nanini sasikhohlwa isifundo esibalulekile esisifunde kuJesu Kristu, umuntu ofunde kunabo bonke abake baba kulomhlaba—imfundo akufanele isetshenziselwe ukuzikhazimulisa thina, kodwa kufanele isetshenziselwe ukuletha udumo kuMfundisi omkhulu kunabo bonke, uJehova uNkulunkulu!
Ithini Impendulo Yakho?
◻ UJesu wayisebenzisa kanjani imfundo yakhe?
◻ Kungani kubalulekile ukufunda ukufunda kahle?
◻ Singalisebenzisa kanjani ikhono lokubhala ukuze silethe udumo kuJehova?
◻ Imfundo yaphezulu isisiza kanjani ukuba sikhule kokubili ngokokuziphatha nangokomoya?
◻ Yikuphi ukuqeqeshelwa umsebenzi imfundo elinganiselwe okufanele ikuhlanganise?
[Ibhokisi ekhasini 13]
Usizo Oluzuzisayo Lothisha
EMihlanganweni Yesigodi ‘Yabadumisi Abajabulayo’ ka-1995/96, i-Watch Tower Society yakhulula incwajana entsha engangomagazini enesihloko esithi OFakazi BakaJehova Nemfundo. Lencwajana enamakhasi angu-32, enombala ogqamile inyatheliselwe othisha ngokukhethekile. Kuze kube manje ihunyushwe ngezilimi ezingu-58.
Kungani othisha belungiselelwe incwajana? Ukuze basizwe baziqonde kangcono izinkolelo zabafundi abayizingane zoFakazi BakaJehova. Iquketheni lencwajana? Ngendlela ecacile neyakhayo, ichaza imibono yethu ezindabeni ezinjengemfundo yokwenezela, izinsuku zokuzalwa noKhisimusi, nokushayela ifulege indesheni. Lencwajana futhi iqinisekisa othisha ukuthi sifuna ukuba izingane zethu zizuze ngokugcwele ekufundeni kwazo nokuthi sizinikele ekubambisaneni nothisha, njengoba sinesithakazelo esiqotho emfundweni yezingane zethu.
Ingasetshenziswa kanjani lencwajana ethi Imfundo? Njengoba yenzelwe othisha, masiyihlanganyele nabo, nothisha-nhloko, nezinye izikhulu zezikole. Kwangathi lencwajana entsha ingasiza bonke othisha abanjalo ukuba baqonde imibono nezinkolelo zethu nokuthi kungani ngezinye izikhathi sithi sinelungelo lokuhluka. Abazali bakhuthazwa ukuba basebenzise lencwajana njengesisekelo sokuxoxisana kwabo siqu nothisha bezingane zabo.
[Isithombe ekhasini 10]
Kwa-Israyeli wasendulo imfundo yayaziswa kakhulu