Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Inkinga YobuBaba
PHAKATHI noMkhosi wamaDokodo ngo-32 C.E., ingxoxo kaJesu nabaholi bamaJuda iyashuba. “Ngiyazi ukuthi niyinzalo ka-Abrahama,” uJesu uyavuma, “kepha nifuna ukungibulala, ngokuba izwi lami lingenandawo kini. Ngikhuluma lokho engikubonile mina kuBaba; nani-ke nenza lokho enikuzwile kuyihlo.”
Nakuba engamchazi ubaba wabo, uJesu ukwenza kucace ukuthi ubaba wabo uhlukile kowakhe. Bengaqapheli ukuthi uJesu ucabanga ngobani, abaholi bamaJuda bayaphendula: “Ubaba nguAbrahama.” Banomuzwa wokuthi banokholo olufanayo noluka-Abrahama, owayengumngane kaNkulunkulu.
Nokho, uJesu uyabashaqisa ngempendulo yakhe: “Uma beningabantwana baka-Abrahama, beniyakwenza imisebenzi ka-Abrahama.” Ngempela, indodana yangempela ilingisa uyise. “Kodwa kalokhu nifuna ukungibulala,” kusho uJesu, “mina-muntu onitshelé iqiniso, engilizwé kuNkulunkulu; uAbrahama kakwenzanga lokho.” Ngakho uJesu uthi futhi: “Nina nenza imisebenzi kayihlo.”
Namanje abaqondi ukuthi uJesu ukhuluma ngobani. Bayaphikelela ukuthi bangamadodana ka-Abrahama angokomthetho, bethi: “Thina asizalwanga ngokuphinga.” Ngakho-ke, bezisholo ukuthi bangabakhulekeli beqiniso njengoAbrahama, bayaphikelela: “Sinobaba munye, uNkulunkulu.”
Kodwa ingabe ngempela uNkulunkulu unguBaba wabo? “Uma uNkulunkulu ebenguyihlo,” kuphendula uJesu, “beniyakungithanda mina, ngokuba ngafika ngivela kuNkulunkulu; ngokuba angizizelanga ngokwami, kepha yena ungithumile. Yini ukuba ningayizwisisi inkulumo yami na?”
UJesu uzamile ukubonisa labaholi benkolo imiphumela yokumphika kwabo. Kodwa manje ngokuqondile uthi: “Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo.” UDeveli uluhlobo luni lukaBaba? UJesu wamchaza njengombulali wabantu futhi wathi: ‘Ungumqambimanga noyise wawo.’ Ngakho-ke uJesu uyaphetha: “OngokaNkulunkulu uzwa amazwi kaNkulunkulu; kungakho ningezwe nina, ngokuba anisibo abakaNkulunkulu.”
Ethukutheliswe ukusolwa uJesu, amaJuda ayaphendula: “Asisho kahle yini ukuthi ungumSamariya nokuthi unedemoni na?” Igama elithi “umSamariya” lisetshenziswe njengesisho sendelelo nesihlamba, njengoba amaSamariya, engabantu abazondwa amaJuda.
Ewashaya indiva amazwi ayindelelo okuthi ungumSamariya, uJesu uyaphendula: “Anginademoni, kepha ngidumisa uBaba; nina-ke niyangidumaza.” Lapho eqhubeka, uJesu wenza isithembiso esithusayo: “Uma umuntu egcina izwi lami, akasoze akubona ukufa naphakade.” Yebo, uJesu akasho ukuthi bonke abamlandelayo ngeke bakubone ngokoqobo ukufa. Kunalokho, usho ukuthi ngeke bayibone imbubhiso yaphakade, noma “ukufa kwesibili,” okungekho uvuko kukho.
Nokho, amaJuda athatha amazwi kaJesu ngokoqobo. Ngakho, athi: “Manje sesiyazi ukuthi unedemoni; uAbrahama wafa, nabaprofethi; wena-ke uthi: Uma umuntu egcina izwi lami, kasoze akuzwa ukufa naphakade. Wena umkhulu yini kunobaba uAbrahama osewafa na? Nabaprofethi sebafa. Uzenza-bani na?”
Kuyo yonke lengxoxo, kusobala ukuthi uJesu ukhomba lamadoda eqinisweni lokuthi unguMesiya othenjisiwe. Kodwa kunokuba awuphendule ngokuqondile umbuzo wabo wokuthi ungubani, uJesu uthi: “Uma ngizidumisa mina, udumo lwami luyize; nguBaba ongidumisayo, enisho ngaye ukuthi unguNkulunkulu wenu. Kanti animazanga, kepha mina ngiyamazi. Uma ngithi angimazi, ngingaba-ngumqambimanga njengani.”
Eqhubeka, uJesu ubhekisela futhi kuAbrahama othembekileyo, uthi: “UAbrahama uyihlo wathokozela ukubona usuku lwami, walubona, wajabula.” Yebo, ngamehlo okholo, uAbrahama wabheka phambili ekufikeni kukaMesiya othenjisiwe. Ngokungakholwa, amaJuda ayaphendula: “Awukabi-naminyaka engamashumi ayisihlanu, kanti uAbrahama usuké wambona na?”
UJesu uyaphendula, “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Engakabikho uAbrahama, ngangikhona mina.” Yebo, uJesu, ubhekisela ekuphileni kwakhe kwangaphambi kobuntu njengomuntu womoya onamandla ezulwini.
Ethukutheliswe ukusho kukaJesu ukuthi waphila ngaphambi kuka-Abrahama, amaJuda acosha amatshe ukuze amkhande. Kepha uyacasha futhi uyaphuma ethempelini engalimele. Johane 8:37-59; IsAmbulo 3:14; 21:8.
◆ UJesu ukubonisa kanjani ukuthi yena nezitha zakhe banobaba abehlukene?
◆ AmaJuda ayesho ukuthini ngokubiza uJesu ngokuthi ungumSamariya?
◆ UJesu ukusho ngamuphi umqondo ukuthi abalandeli bakhe ngeke bakubone ukufa?