“Ozwayo Makathi: Woza!”
“UMoya nomlobokazi bathi: Woza! Nozwayo makathi: Woza! Nowomileyo makeze; othandayo makathabathe amanzi okuphila ngesihle.”—ISAMBULO 22:17.
Kuwo wonke unyaka ozayo, oFakazi BakaJehova emazweni angaphezu kuka-200 emhlabeni wonke bazobe bezikhandla ngokuvumelana netekisi labo lonyaka lika-1991: “OZWAYO MAKATHI: WOZA!”
1. Imaphi “amanzi” esimenywa ukuba ‘size’ kuwo?
UYAMENYWA ukuba ‘uze!’ Uzokwenzani? Phela, woza uzoqeda ukoma kwakho ngamanzi. Lawa akuwona amanzi avamile kodwa amanzi afanayo nalawo uJesu Kristu akhuluma ngawo lapho ethi kowesifazane ongumSamariya emthonjeni: “Lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kepha amanzi engiyakumnika wona, phakathi kwakhe ayakuba-ngumthombo wamanzi aphuphumayo, kube-ngukuphila okuphakade.” (Johane 4:14) UJesu wayewathathaphi ‘lamanzi’?
2. Uyini umthombo ‘walamanzi,’ futhi ayengageleza kuphela ngemva kwasiphi isenzakalo?
2 Umphostoli uJohane waba nelungelo lokubona embonweni umthombo ‘lamanzi’ ayephuma kuwo, njengoba aphawula kusAmbulo 22:1: “Wayesengikhombisa umfula wamanzi okuphila ucwebezela njengekristalu, uvela esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu.” Yebo, awukho omunye umthombo walamanzi acwebe njengekristalu anezici ezinikeza ukuphila ngaphandle koMniki-kuphila, uJehova ngokwakhe, owenza ukuba atholakale ngeWundlu, uJesu Kristu. (Qhathanisa nesAmbulo 21:6.) Njengoba kukhulunywa ‘ngesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu,’ kumelwe ukuba amanzi okuphila aqala ukugeleza ngemva kokumiswa koMbuso WobuMesiya ngo-1914, okuwukuthi, ngemva kokuqala kosuku lweNkosi.—IsAmbulo 1:10.
3, 4. “Amanzi” amelelani, futhi atholakalela obani?
3 Afanekiselani lamanzi okuphila? Afanekisela ilungiselelo likaNkulunkulu lokubuyisela ukuphila kwabantu okuphelele, ukuphila okuphakade okuphelele emhlabeni oguquliwe wenziwa ipharadesi. Amanzi okuphila amelela wonke amalungiselelo okuphila ngoJesu Kristu. Ingabe konke lokhu kuyatholakala manje? Cha, hhayi konke, ngoba uNkulunkulu kumelwe asuse kuqala isimiso sezinto esibi samanje kanye nombusi waso ongabonakali, uSathane uDeveli. Kodwa singaphuza okutholakalayo ‘kwalamanzi’ manje ngokuzwa nangokulalela izindaba ezinhle zoMbuso nangokuvumelanisa ukuphila kwethu nazo.—Johane 3:16; Roma 12:2.
4 Ngakho, ngemva kokubonisa uJohane ‘umfula wokuphila,’ uJesu wakhuluma noJohane ngenjongo yaKhe yokuthumela ingelosi yaKhe nalombono. Khona-ke uJohane wezwa isimemezelo esithi: “UMoya nomlobokazi bathi: Woza! Nozwayo makathi: Woza! Nowomileyo makeze; othandayo makathabathe amanzi okuphila ngesihle.” (IsAmbulo 22:17) Ngakho-ke, izikhonzi zikaNkulunkulu zidlulisela isimemo kwabomileyo ukuba baqale ukuphuza kulamalungiselelo kaNkulunkulu okuzuza ukuphila okuphakade emhlabeni ngeWundlu likaNkulunkulu.—Johane 1:29.
Isidingo Samanzi Okuphila Siyaphakama
5. Kwenzeka kanjani ukuba isintu sidinge lelilungiselelo laphezulu?
5 Ngokudabukisayo, abazali bokuqala bomkhaya wesintu abazange banamathele enkambweni yokuphila eyayiyonikeza inzalo yabo ithuba lokujabulela ukuphila okuphelele kobuntu phakade ekhaya eliyipharadesi. Ukuphila okuphakade ngesintu kwakudinga ukuba uAdamu enze ukukhetha okuhlakaniphile kokukhonza uMdali wakhe ngokulalela. Ngaphansi kwethonya lesidalwa somoya esiyisihlubuki, uEva waqalisa isenzo esaphumela ekufeni kwesintu, futhi uAdamu, umyeni wakhe ophelele, wakhetha ukuhlanganyela naye kuleyonkambo ebulalayo. Ngakho, njengomniki wokuphila okungokwemvelo ezizukulwaneni zesintu ezalandela, uAdamu ngempela nguye owangenisa ukusebenza kokufa kuwo wonke umkhaya wesintu. Yingakho iBhayibheli lithi: “Isono sangena ezweni ngamuntu munye, nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwafikela abantu bonke, lokhu bonke bonile.” (Roma 5:12) Kwakungemva kokuba uAdamu noEva bewele esonweni lapho baqala khona ukunezela amalungu amasha emkhayeni wesintu.—IHubo 51:5.
6. Kungani uJehova alungiselela ukuba kutholakale “amanzi”?
6 Ingabe uNkulunkulu wayeyovinjelwa phakade ukufeza injongo yakhe yomhlaba oyipharadesi ogcwele abantu abaphelele? Eqinisweni, impendulo engokweBhayibheli, ingucha? Nokho, ukuze afeze injongo yakhe, uJehova wenza ilungiselelo lothando elaliyonqoba ukwehluleka okubhubhisayo kuka-Adamu kodwa elaliyovumelana ngokugcwele nokwahlulela ngokulunga nokulunga, lokho Yena awukubonakaliswa kwakho okuphelele nokokugcina. Lokhu ukwenza ‘ngomfula wamanzi okuphila.’ Ngawo, uyobuyisela ukuphila kobuntu okuphelele esintwini esilalelayo, esalahlekiselwa indlela eya eMthonjeni wokuphila. Lomfula ugeleza ngomqondo ogcwele kakhulu phakathi nokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane kukaJesu Kristu. Ngakho-ke, kukho konke ukuBusa KukaKristu Kwenkulungwane Yeminyaka, abantu, kuhlanganise nalabo abavuswe kwabafile, kumelwe baphuze ‘emfuleni wamanzi okuphila.’—Qhathanisa noHezekeli 47:1-10; IzEnzo 24:15.
7. Ilungiselelo ‘lamanzi’ lenziwa phezu kwasiphi isisekelo?
7 UJehova uyakujabulela ukuphila kwakhe siqu, futhi uyakujabulela ukunikeza ezinye zezidalwa zakhe ilungelo lokuphila kokuhlakanipha. Isisekelo samalungiselelo kaJehova anikeza ukuphila siwumhlatshelo kaJesu wesihlengo. (Marku 10:45; 1 Johane 4:9, 10) Okunye okuhilelekile yiZwi likaNkulunkulu, elibizwa iBhayibheli ngezinye izikhathi ngokuthi “amanzi.” (Efesu 5:26) UJehova uNkulunkulu ukhululekile ukuba athi, “Woza!” ezidalweni ezingabantu, ezalahlekelwa amalungiselelo okuqala uNkulunkulu awenzela umbhangqwana wokuqala ongabantu, uAdamu noEva.
Isigaba Somlobokazi Sidlulisela Isimemo Esithi, “Woza!”
8. ‘Lamanzi’ okokuqala anikezwa obani futhi nini?
8 Abokuqala ukudlulisela isimemo sokuthi “woza!” yilabo abakha umlobokazi ongokomfanekiso weWundlu, iNdodana kaJehova engokomoya eyizibulo. (IsAmbulo 14:1, 3, 4; 21:9) Umlobokazi ongokomoya kaKristu akasho ukuthi, “Woza!” kuye ngokwakhe, okuwukuthi, kulabo uJehova uNkulunkulu asazobaqoqa njengengxenye yesigaba somlobokazi ukuze asenze ingqikithi yabangu-144 000. Lawomazwi esimemo adluliselwa kubantu abanethemba lokufinyelela ekuphileni okuphelele kobuntu emhlabeni ngemva kweArmagedoni. (IsAmbulo 16:14, 16) Phakathi nalokhu kuphela kwesimiso sezinto kusukela ngo-1914, siye sezwa lesimemo sidluliswa ‘umlobokazi,’ esizwa umoya ongcwele kaNkulunkulu.
9. Sazi kanjani ukuthi awawona nje aweqembu elincane?
9 Ngokuvusa amadlingozi, incwadi yokugcina yeBhayibheli ibonisa ukuthi ‘isixuku esikhulu, esingenakubalwa muntu,’ sasiyosabela ekumenyezelweni kwezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu futhi sasiyozibeka ngokuqinile ohlangothini lwalowohulumeni wobukhosi. (IsAmbulo 7:9, 10, 16, 17) Ingabe ungomunye walesosixuku esikhulu? Khona-ke, “ozwayo makathi: Woza!”
Umoya Nomlobokazi Bathi, “Woza!”
10. Kumelwe ukuba amanzi angokomfanekiso avelaphi, futhi ngani?
10 Kodwa kungani uNkulunkulu noMyeni ongokomfanekiso kungakhulunywa ngabo kusAmbulo 22:17? Okokuqala, phawula ukuthi lelovesi alisho ukuthi umoya usebenza ngaphansi kokuqondisa kukabani. Nokho, ukukhuluma ngomoya kuqondisa ukunakekela kwethu kuJehova uNkulunkulu ngokwakhe. UYise akakhishwa kulendaba, njengoba eyiwo kanye uMthombo womoya ongcwele. Okwesibili, iNdodana ibambisana ngokugcwele noYise, njengoba yona ngokwayo isho: “INdodana ingenze-lutho ngokwayo, kuphela lokho ebona uYise ekwenza.” (Johane 5:19) Ngaphezu kwalokho, nakuba lesimemo singamazwi aphefumlelwe avela kuJehova uNkulunkulu ekugcineni, abantu bangathola ukuqondiswa kwaphezulu, noma “amazwi aphefumlelwe,” ngoJesu Kristu, “uLizwi.” (IsAmbulo 22:6; no–22:17, Reference Bible, umbhalo waphansi; Johane 1:1) Khona-ke, ngokufanelekile sihlanganyela noKristu, uMyeni, kulesimemo. Yebo, singaqiniseka ngokuthi bobabili uJehova uNkulunkulu, uYise woMyeni, noJesu Kristu, uMyeni, bahlanganyela “nomlobokazi” ngomoya ongcwele ekutheni, “Woza!”
11, 12. (a) Yini kwasekuqaleni eyayiyinkomba yokuthi isimemo sokuphuza sasiyokwandiswa? (b) Lendaba yaba kanjani ecaca ngokwengeziwe phakathi neminyaka?
11 Emashumini eminyaka lesimemo sokuthi “woza!” besidluliselwa kubantu abomele “amanzi okuphila.” Ngisho nasemuva ngo-1918, isigaba somlobokazi saqala ukushumayela isigijimi esasihilela ngokukhethekile labo abangase baphile emhlabeni. Sasiyinkulumo yeningi enesihloko esithi “Izigidi Eziphilayo Manje Zingase Zibe Ezingasoze Zafa.” Lokhu kwanikeza ithemba lokuthi abaningi babeyosinda eArmagedoni futhi kamuva bazuze ukuphila okuphakade ePharadesi emhlabeni ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu wobuMesiya. Kodwa lesosigijimi asizange siyibonise ngokuqinisekile indlela eyisa kulelilungelo lokusinda, ngaphandle kweyokulunga nje okuvamile.
12 Ukuze kufinyelelwe abantu abaningi ngesimemo esithi, “Woza!” ngo-1922 lesigijimi saya kubo bonke labo ababenesithakazelo ekukhonzeni uNkulunkulu: “Memezelani iNkosi noMbuso.” Ngo-1923 isigaba somlobokazi saqonda ukuthi “izimvu” “nezimbuzi” zomfanekiso kaJesu okuMathewu 25:31-46 zibonakala ngaphambi kweArmagedoni. Khona-ke, ngo-1929, iWatch Tower kaMarch 15 yakhipha isihloko esithi “Isimemo Somusa.” Umbhalo wesihloko saso kwakuyisAmbulo 22:17, futhi saqokomisa umthwalo wemfanelo wesigaba somlobokazi sokudulisa isimemo esithi, “Woza!”—Amakhasi 87-9.a
Ezinye Izimvu Zihlanganyela Ekutheni, “Woza!”
13, 14. Ngawo-1930, ikuphi okunye ukucaciswa okwanikezwa kokuthi abanye babeyophuza amanzi angokomfanekiso?
13 Ngaphezu kwalokho, emuva ngawo-1932, iWatchtower yaveza umthwalo wemfanelo, ‘wezinye izimvu’ wokuba nazo zithi, “Woza!” (Johane 10:16) Kumagazini wayo ka-August 1, ikhasi 232, isigaba 29 sathi: “Ofakazi bakaJehova manje banentshiseko enjengekaJehu futhi kumelwe bakhuthaze isigaba sikaJehonadaba [ezinye izimvu] ukuba sihlanganyele nabo futhi sibe nengxenye ekumemezeleni kwabanye ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze.” Khona-ke, ngemva kokucaphuna isAmbulo 22:17, lesigaba sathi: “Abagcotshiwe mabakhuthaze bonke abayohlanganyela ekumemezeleni izindaba ezinhle zombuso. Akudingeki ukuba babe abagcotshiwe beNkosi ukuze bamemezele isigijimi seNkosi. Kuyinduduzo enkulu kofakazi bakaJehova ukwazi manje ukuthi bayavunyelwa ukudlulisela amanzi okuphila esigabeni sabantu esingase sisinde eArmagedoni futhi sinikezwe ukuphila okuphakade emhlabeni ngenxa yobuhle obukhulu bukaJehova.”b
14 Kusukela ngo-1934 kuqhubeke, insali egcotshiwe yaveza ukuthi lezi ezinye izimvu kumelwe manje zizinikezele kuNkulunkulu futhi zibonakalise lokhu kuzinikezela ngobhapathizo lwamanzi bese zihlanganyela nesigaba somlobokazi ekutheni, “Woza!” kwabanye futhi abomile. Ngaleyondlela, manje kwase kunesimemo esiqinisekile esidluliswa isigaba somlobokazi sokubuthela ndawonye lezi ezinye izimvu ezomile kube “mhlambi munye” ngaphansi ‘kukamalusi munye,’ uJesu Kristu. (Johane 10:16) Ngo-1935 insali egcotshiwe yavukwa amadlingozi ngokuzwa emhlanganweni wayo omkhulu ngalowonyaka ukuthi isigaba sabantu abanjengezimvu eyayithi kuso, “Woza!” eqinisweni ‘sasiyisixuku esikhulu’ sesAmbulo 7:9-17. Lokhu kwawushukumisa kakhulu umsebenzi wokumema.
15. “UMoya” wawuhileleke kanjani esimemweni esithi, “Woza”?
15 Ngokuthi, “Woza!” isigaba somlobokazi sasivumelana nomoya kaNkulunkulu. Ngomoya wakhe ekwembuleni incazelo yeziprofetho zeZwi lakhe elilotshiwe, wabangela ukuba insali yesigaba somlobokazi idlulise lesimemo. Leziprofetho isimemo sayo esasisekelwe kuzo zaziphefumlelwe umoya kaNkulunkulu. Ngakho, eqinisweni kwakuwumoya kaNkulunkulu ogeleza ngoKristu nomlobokazi wakhe owawuthi esixukwini esikhulu sabantu abanjengezimvu, “Woza!”—IsAmbulo 19:10.
16. Umoya nomlobokazi kuhlangene kanjani nesimemo namuhla?
16 Kuze kube namuhla umoya nomlobokazi, omelelwa insali, “bathi: Woza!” Insali itshela lezi ezinye izimvu ukuba ziqhubeke zimema abanye ukuba ‘beze!’ Akumelwe zigodle “amanzi okuphila,” njengoba etholakala kuzo namuhla. Kumelwe zilalele umyalo ovela ‘kumoya nomlobokazi,’ othi: “Nozwayo makathi: Woza!” Bonke labo abaqeda ukoma kwabo kumelwe badlulise lesimemo. Kumelwe basidlulisele kubo bonke kungakhathaliseki ukuthi bangabaluphi uhlanga, ubuzwe, ulimi, noma inkolo abakuyo manje—kubo bonke kuyo yonke indawo! Okutholakalayo ‘kwamanzi okuphila’ esikhathini samanje yilokho oFakazi BakaJehova abamema futhi basize bonke abantu ukuba baphuze kukho, mahhala!
17. Luhlobo luni ‘lwamanzi’ olutholakalayo namuhla?
17 Emhlabeni wonke, iWundlu, uJesu Kristu, ngempela liholela isixuku esikhulu “emithonjeni yamanzi okuphila.” (IsAmbulo 7:17) Lawa akuwona amanzi angcolile, kodwa amanzi ecwebile, aqabulayo, anempilo avela khona kanye eMthonjeni wawo. Lamanzi angokomfanekiso asho okungaphezu kwamanzi ngomqondo wokuqonda iqiniso leBhayibheli; asho wonke amalungiselelo kaNkulunkulu ngoJesu Kristu aqala ngisho kwamanje ukungenisa isixuku esikhulu endleleni yokuzuza ukuphila okuphakade okuphelele ngenjabulo.
Hlanganyela Manje Kulesimemezelo
18. Isimemo sikhulu kangakanani esikhathini sethu?
18 Kakade, lesixuku esikhulu sibalelwa ezigidini eziningana. Siyaqhubeka ngentshiseko ukumemezela izindaba ezinhle zoMbuso emhlabeni wonke owakhiwe. Siyibika njalo imisebenzi yaso yasensimini yokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso, manje eseziye zafinyelela emazweni angu-212. Uma nje isikhathi sisavuma phakathi nalesiphelo sesimiso sezinto, lesimemo siyoqhubeka kuye ngesineke nangokubekezela kukaJehova uNkulunkulu, uMgcini-sikhathi Omkhulu. Uyokwazi lapho isikhathi sesiphelile nalapho sekuyisikhathi esibucayi ngaye ukuba azazise kubo bonke ukuthi unguJehova, njengoba eye wathembisa ukukwenza ngokwamazwi aphindaphindiwe esiprofethweni seBhayibheli.—Hezekeli 36:23; 38:21-23; 39:7.
19. Kungani singase sisho ukuthi ‘lamanzi’ anikezwa mahhala?
19 Ngakho-ke, njengoba isikhathi sisekhona, amalungu esixuku esikhulu ahlanganyela ngenjabulo nensali yesigaba somlobokazi ekutheni: ‘Wozani nithabathe amanzi okuphila ngesihle!’ Abamemezeli balezindaba ezinhle ezisindisa ukuphila basenza mahhala lesimemezelo, bengakhokhisi ngezinkonzo abazenzayo njengoba bedlulisa isigijimi soMbuso kuwo wonke umhlaba.
20. Yini eyokwenzeka ngenxa yokuthi ‘lamanzi’ ayatholakala?
20 Amanzi okuphila manje ayatholakala kuyo yonke imbulunga, ukuze abantu abafuna ukuphuza kuwo benze kanjalo ngokwaneliseka okugcwele kube nemiphumela esindisa ukuphila. Isintu esihlengiwe siyojabulela ukuphila okungapheli khona kanye lapha kulomhlaba, oyoguqulwa ube ipharadesi, kulwelwe injongo kaJehova eyigugu. UMdali wethu akawenzelanga ize umhlaba kodwa ukuba ube insimu yase-Edene, noma iPharadesi lenjabulo elimboza umhlaba wonke, lihlalwe izidalwa ezingabantu eziphelele ezenziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu.
21. Injongo kaNkulunkulu ngomhlaba iyofezeka kanjani?
21 Ngokuqinisekile, kuyoba ilungelo nenjabulo engachazeki ukuba sezweni elinjalo elisha! Khona-ke umyalo uNkulunkulu awunika umbhangqwana wokuqala ongabantu kuGenesise 1:27, 28 uyogcwaliseka kakhulu. Ngenxa yokusingatha kukaJehova ngobungcweti inhlekelele eyavelela umkhaya wesintu, umhlaba uyonqotshwa kuze kube sezingeni lokuba ube yipharadesi futhi uyogcwala uhlanga lwesintu oluphelele. Yebo, uNkulunkulu uyobona konke akwenzile, futhi bheka, kuyoba okuhle kakhulu. Ingabe uyoba lapho? Uma kunjalo, khona-ke kumelwe manje uqalise ngokwazisa ukuphuza amanzi okuphila ngesihle. “Woza!” uphuze wanele futhi uqede ukoma kwakho ngamanzi okuphila aseqalile ukugeleza manje nayogeleza ngokugcwele phakathi neNkulungwane Yeminyaka ezayo. Futhi noma ubani ozwa lesimemo esimnandi makathi: “Woza!”
[Imibhalo yaphansi]
a Phakathi kokunye, lesihloko sathi: “Akukaze kunikezwe ubufakazi beqiniso kabanzi kangaka njengaphakathi kweminyaka embalwa edlule. . . . Insali ibalethela isigijimi esijabulisayo, futhi ithi kubo: ‘Futhi noma ubani othandayo, makaphuze amanzi okuphila ngesihle.’ Batshelwa ukuthi manje bangathatha ukuma kwabo ohlangothini lweNkosi, ngokumelene noDeveli, futhi bathole isibusiso. Akusona isigaba esinjalo sabantu esingase manje sifune ukuthobeka nokulunga, futhi sifihlwe osukwini lokubonakaliswa kwentukuthelo yakhe, futhi sidluliselwe ngalé kwempi enkulu yeArmagedoni futhi siphile phakade singafi? (Zef. 2:3) . . . Isigaba sensali ethembekile sihlanganyela esimemweni somusa futhi sithi, ‘Woza.’ Lesigijimi kumelwe simenyezelwe kulabo abanesifiso sokulunga neqiniso. Kumelwe simenyezelwe manje.”
b IWatchtower ka-August 15, 1934, nayo yabhekisela emthwalweni wemfanelo wezinye izimvu futhi ekhasini 249, isigaba 31 yathi: “Isigaba sikaJehonadaba siyilabo ‘abezwa’ isigijimi seqiniso nokumelwe bathi kulabo abasizwayo: ‘Woza! Nozwayo makathi: Woza! Nowomileyo makeze; othandayo makathabathe amanzi okuphila ngesihle.’ (IsAm. 22:17) Labo besigaba sikaJehonadaba kumelwe bahlanganyele nalabo besigaba sikaJehu esingokomfanekiso, okuwukuthi, abagcotshiwe, futhi bamemezele isigijimi sombuso, nakuba bengebona ofakazi bakaJehova abagcotshiwe.”
Ithini Impendulo Yakho?
◻ Imaphi “amanzi” okubhekiselwa kuwo kusAmbulo 22:17?
◻ Uyini umthombo ‘walamanzi’?
◻ Kungani ‘lamanzi’ edingeka, futhi ayengaqala nini kuphela ukugeleza?
◻ Embhalweni wethu, ukubhekisela ‘kumoya’ kubonisani, futhi ‘umlobokazi’ uhileleke kanjani?
◻ Obani abangaphuza ‘lamanzi,’ futhi kube namuphi umphumela?