“UZiqu-zintathu Ongcwele”—Ingabe Ukhona EBhayibhelini?
NGO-1550 washiswa waze wafa eNgilandi. Lalingubani igama lakhe? UJoan Bocher. Laliyini icala lakhe? IEncyclopædia Britannica (1964) ithi: “Wasolwa ngenxa yokuhlambalaza obala ngokwenqaba uZiqu-zintathu, okwakuyicala lonke isonto elalilibheka njengelingenakuthethelelwa kusukela kwaqala umbango wemfundiso ka-Arius yokuthi iNdodana ayisiye umuntu oyedwa noNkulunkulu.”
UZiquzintathu uyimfundiso eyisisekelo yamasonto amaningi. Kodwa uyini ngempela uZiqu-zintathu? IThe Waverley Encyclopedia imchaza “njengemfihlo kaNkulunkulu oyedwa kubantu abathathu—uBaba, iNdodana, kanye noMoya oNgcwele, abalinganayo futhi abanobuphakade obulinganayo kuzo zonke izinto.” Nokho, iThe New Encyclopædia Britannica (1981) ithi: “Igama elithi Ziquzintathu, ngisho nemfundiso eqondile enjengaleyo, akuveli eTestamenteni Elisha.” Lokhu ngokushesha kuphakamisa imibuzo ngokuphathelene nemfundiso.
Okwenza isimo sibe ngesingathi sína ukuvuma kwasobala kweNew Catholic Encyclopedia ngokuphathelene nombuzo ngokuvamile obuzwa abafundi basekholiji, “Kodwa umuntu ushumayela kanjani ngoZiquzintathu?” Lomsebenzi wamaKatolika uyaqhubeka: “Uma lombuzo uwuphawu lokudideka kwabafundi, mhlawumbe futhi uwuphawu lokudideka okufanayo koprofesa babo. Uma ‘uZiquzintathu’ lapha esho imfundiso engokwenkolo kaZiqu-zintathu, impendulo engcono iyoba ukuba umuntu angashumayeli kwanhlobo ngayo . . . ngenxa yokuthi intshumayelo, futhi ikakhulukazi intshumayelo engokweBhayibheli, iyindawo yeZwi likaNkulunkulu, hhayi ukuchazwa kwalo ngokwemfundiso ekungokwenkolo.”
Yaqala nini ‘lencazelo engokwenkolo’? IThe New Encyclopædia Britannica (1981) iyaphendula: “Lemfundiso yakhula kancane kancane emakhulwini eminyaka athile adlule futhi kwaba khona izimpikiswano eziningi.” Ingabe lokho kuwe kuzwakala njengesambulo esiqondile esicacile esivela kuNkulunkulu? Ngakho ingaba kanjani isambulo somBhalo oNgcwele, njengoba kushiwo?
Amazwi eBhayibheli abefundisi besonto ngokuvamile abawasebenzisayo ukuze basekele uZiqu-zintathu ayiseluleko sikaJesu sokuba abalandeli bakhe benze abafundi, ‘bababhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele.’ (Mathewu 28:19) Lengxenye ngokuqinisekile ikhuluma ngezinto ezintathu ezingafani, kodwa ayisho ukuthi zingabantu abathathu noma zonke zakha into eyodwa. Ngokuqhubekayo, siyalazi igama likaBaba (uJehova) neleNdodana (uJesu), kodwa ubani igama likamoya ongcwele? Lokhu kuholela embuzweni othi . . .
Ingabe Umoya Ongcwele Ungumuntu?
Iqiniso lokuthi iBhayibheli alinikezi nkomba yokuthi umoya ongcwele unegama lawo siqu okungenani libonisa ukuthi awunakuba umuntu. Nawe ungase ubuze, ‘Ingabe umoya ongcwele wake wabonwa?’ Phela, ngesikhathi uJesu ebhapathizwa wabonakala unjengejuba futhi ngePentekoste ngezilimi okwakunjengokungathi ezomlilo. (Mathewu 3:16; IzEnzo 2:3, 4) Uma ungumuntu, kungani ungazange ubonakale njengomuntu? Futhi uma umoya ongcwele ungesiye umuntu, uyini? Ngokungangabazeki, ungamandla ayisiphekupheku avela kuNkulunkulu lawo ngePentekoste ‘athululelwa’ kubafundi. (IzEnzo 2:17, 18) Ngalamandla ayisiphekupheku, uJehova wenza izenzo zakhe zokudala—“uMoya kaNkulunkulu wehlawenyuka phezu kwamanzi.” (Genesise 1:2) Amandla afanayo ayisiphekupheku aphefumlela abalobi beBhayibheli.—2 Thimothewu 3:16.
Omunye walabo balobi abaphefumlelwe kwakungumprofethi uDaniyeli. Esahlukweni 7 uchaza ngombono omangalisayo awunikezwa uJehova: “Omdala wezinsuku” ehleli esihlalweni sakhe sobukhosi sasezulwini, kanye noquqaba lwezingelosi zimkhonza. UDaniyeli wabona futhi “onjengendodana yomuntu [uJesu],” owanikezwa “ukubusa, nobukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu, nezizwe, nezilimi bayikhonze.” (Daniyeli 7:9, 10, 13, 14) Nokho, kuthiwani ngomoya ongcwele? Akukhulunywa ngawo njengomuntu kulendawo yasezulwini.
Incwadi yokugcina yeBhayibheli—isAmbulo—ichaza eminye imibono yasezulwini ebalulekile. UMuntu oPhakeme, uJehova, ubonakala esesihlalweni sakhe sobukhosi, futhi iWundlu, uJesu Kristu, ukanye naye. Kodwa, futhi umoya ongcwele akukhulunywa ngawo njengomuntu ohlukile. (IsAmbulo, izahluko 4–6.) Ngakho ngisho nencwadi yokugcina yeBhayibheli ayembuli ukuthi kunabantu abathathu kuNkulunkulu oyedwa. Lokhu kuphakamisa . . .
Omunye Umbuzo Obalulekile
Imfundiso kaZiqu-zintathu iye yachazwa ngokuthi “imfundiso eyinhloko yenkolo yobuKristu.” Uma lokhu kwakuyiqiniso, kungani uJesu engazange ayembule lapho esemhlabeni? Abafundi bakhe, bengamaIsrayeli, babekholelwa ukuthi uJehova akanakuqhathaniswa. Kuze kube yilolusuku, amaJuda ayaqhubeka esho ngekhanda uDuteronomi 6:4: “Yizwa, Israyeli: UJehova uNkulunkulu wethu, uJehova, munye.” EmiBhalweni yesiHeberu akukho ukusikisela kokuthi uMuntu oPhakeme ukubantu abathathu. Ungazibuza ngokufanelekile ukuthi, ‘Uma lokhu kwakuyiqiniso, kungani ‘lemfundiso eyinhloko’ ingazange ibe yimfundiso eyisisekelo kwaze kwaba ngekhulu lesine—lapho kwakunempikiswano eshubile eyabangela ukudideka okusakazeke yonke indawo?’
Abanye bangase baphikise ngokuthi: ‘Kodwa uJesu wathi: “Mina noBaba, simunye.”’ (Johane 10:30) Kuyiqiniso. Nokho, imuphi umqondo abamunye ngawo? UJesu ngokwakhe wakucacisa lokhu kamuva lapho emkhulekweni wakhe ethi: “Baba ongcwele, bagcine [abafundi bakhe] . . . ukuze babe-munye, njengalokhu thina simunye.” (Johane 17:11, 22) Khona-ke, ubunye bukaYise neNdodana buyefana nobunye obuphakathi kwabalandeli beqiniso bakaKristu—ukuvumelana kwenjongo nokubambisana.
Nalapho, abanye bangasikisela ukuthi nakuba uJesu engazange akhulume ngemfundiso kaZiqu-zintathu, umphostoli uJohane wakhuluma kweyoku-1 Johane 5:7, ngokweKing James Version, athi kuyo: “Ngoba bathathu abafakazayo ezulwini, uYise, uLizwi, noMoya oNgcwele. Futhi laba abathathu bamunye.” Nokho, izinguqulo zamuva kakhulu ziyayeqa lengxenye. Kungani? IJerusalem Bible yamaKatolika ichaza ngamagama aphansi ukuthi lombhalo awutholakali kunoma imiphi imibhalo yeBhayibheli ebhalwe ngesandla etholakala nganoma isiphi isiGreki sakuqala noma isiLatini esingcono kakhulu. Ingamanga. Ngokungangabazeki, wenezelwa, ukuze kuzanywe ukusekela uZiquzintathu.
Njengoba ungase uhlole eBhayibhelini lakho siqu, umphostoli uPawulu ekuqaleni kwezincwadi zakhe ngokuvamile wayesebenzisa amazwi anjengalawa: “Makube-kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.” (Roma 1:7) Kungani engazange akhulume ngomoya ongcwele njengomuntu? Yingoba uPawulu wayengazi lutho ‘ngoZiqu-zintathu oNgcwele.’ UJakobe, uPetru, noJohane basebenzisa amazwi afanayo ezincwadini zabo lapho nabo ngokufanayo bengazange bakhulume ngomoya ongcwele. Kungani? Yingoba nabo babengakholelwa kuZiqu-zintathu. Umoya ongcwele awusiye umuntu njengoba kunjalo ngoNkulunkulu neNdodana yakhe. Kodwa njengoba iNdodana iwumuntu, kuphakama umbuzo . . .
Ingabe UJesu UnguMuntu OPhakeme?
Abantu abakholelwa kuZiqu-zintathu bathi, yebo. Nokho kumelwe ube nesithakazelo esengeziwe kulokho uJesu akusho: “UBaba mkhulu kunami.” (Johane 14:28) “INdodana ingenzé-lutho ngokwayo, kuphela lokho ebona uYise ekwenza.” (Johane 5:19) UPawulu wenezela: “Nenhloko kaKristu inguNkulunkulu.”—1 Korinte 11:3.
Cabangela futhi lemibuzo ngokunakekela: Ingabe uJehova unaye uNkulunkulu? Ngokusobala akanaye, uphakeme, unguMninimandla onke. Ingabe uJesu unaye uNkulunkulu? Ngemva kokuvuka kwakhe kwabafileyo uJesu wathi kuMariya Magdalena: “Ngenyukela kuBaba noYihlo, kuNkulunkulu wami noNkulunkulu wenu.” Umphostoli uPetru wabhala: “Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu, uJesu Kristu.”—Johane 20:17; 1 Petru 1:3.
Ingabe uNkulunkulu wake wafa? Cishe uyophendula ngokuqondile uthi, ‘akunjalo.’ UNkulunkulu akafi. Umprofethi uHabakuki wathi ngoJehova: “Wena oNgcwele wami, awufi.” (Habakuki 1:12, NW) Ngokuphambene, uJesu wafa. Khona-ke ngubani owamvusa kwabafileyo? UPetru uthi: “Ayivusayo [iNkosi uKristu] uNkulunkulu kwabafileyo.” Khona-ke, kuba sobala, ukuthi uJesu akayena uMuntu oPhakeme.—IzEnzo 3:15; Roma 5:8.
Ungaqhubeka. Ingabe uNkulunkulu wake wabonwa? “Akekho oke wabona uNkulunkulu.” (Johane 1:18) Nokho izinkulungwane zambona uJesu esemhlabeni. Ingabe uNkulunkulu wake wathandaza kothile? Wayengathandaza kubani? Nguyena omkhulu “ozwayo imikhuleko.” (IHubo 65:2) Kuthiwani ngoJesu? Wayethandaza njalo kuYise, aze ngisho asebenzise nobusuku bonke ethandaza. Ingabe uNkulunkulu ungumpristi? Ngokusobala akusiye. Ingabe kunjalo ngoJesu? Siyafunda: “Qaphela umPhostoli nomPristi omkhulu oyisivumo sethu uJesu.”—Heberu 3:1.
Ingabe akucacile ngempela ukuthi uJesu akayena uMuntu oPhakeme?
Ingabe Imfundiso KaZiqu-zintathu Iyingozi?
Yebo. Lemfundiso esakazekile isonta amaqiniso alula eBhayibheli okuthi uJehova kuphela onguMuntu oPhakeme, ukuthi uJesu uyiNdodana yakhe, nokuthi umoya ongcwele ungamandla ayisiphekupheku kaNkulunkulu. Lemfundiso ibangela ukudideka ngokufiphaza uNkulunkulu abe yinto eyimfihlo, okuholela ebumnyameni obungokomoya.
Nokho, wena akumelwe ube kulobo bumnyama. Ungafaka kahle engqondweni amanye alamaqiniso:
Imfundiso kaZiqu-zintathu ayishiwo eBhayibhelini. “Iyincazelo yemfundiso engokwenkolo” eyakheka emakhulwini eminyaka ngemva kosuku lukaJesu, futhi yaphoqelelwa ngokusongelwa ngokubulawa esigxotsheni. Iye yehlisa ukukhulekelwa koMuntu oPhakeme, bekholelwa emfihlakalweni.
Uma ubulokhu ukholelwa kuZiqu-zintathu, yini okumelwe uyenze manje? Sikukhuthazelela ukuba utadishe iZwi likaNkulunkulu nezincwadi ezinjengalena oyiphethe eziyokusiza ukuba uqonde iBhayibheli. Ukwenza kanjalo kubalulekile. UJesu wathi ukuphila okuphakade kuxhomeke ekungeniseni ulwazi ngaye nangoJehova—‘uNkulunkulu yedwa oqinisileyo’.”—Johane 17:3.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 5]
Umunwe KaNkulunkulu
“Lokhu kungumunwe kaNkulunkulu,” izanusi ezingabapristi zaseGibithe zamuva lapho zehluleka ukuphendula uthuli lube omiyane, njengoba uMose ayenzile. (Eksodusi 8:18, 19) ENtabeni yaseSinayi uJehova wanika uMose “izibhebhe zamatshe, ezilotshiwe ngomunwe kaNkulunkulu.” (Eksodusi 31:18) Ingabe lona kwakuwumunwe ongokoqobo? Cha. Ngokusobala, uJehova akanayo iminwe engokoqobo. Khona-ke, kwakuyini? Abalobi beBhayibheli uLuka noMathewu basinikeza isihluthulelo. Omunye waloba ukuthi uJesu wakhipha amademoni “ngomunwe kaNkulunkulu.” Omunye wachaza ukuthi uJesu wakwenza lokhu “ngoMoya kaNkulunkulu.” (Luka 11:20; Mathewu 12:28) Ngakho umoya ongcwele “ungumunwe kaNkulunkulu,” ithuluzi lakhe lokufeza intando yakhe. Awusiye umuntu, kodwa ungamandla ayisiphekupheku amangalisayo kaNkulunkulu.
[Izithombe ekhasini 7]
Umoya ongcwele wabonakala njengejuba nanjengezilimi zomlilo—hhayi njengomuntu
[Umthombo Wesithombe ekhasini 4]
Umfanekiso kaZiqu-zintathu eSontweni lamaKatolika lekhulu le-14 leminyaka eTagnon, eFrance