Cabanga Ngokuqondile—Wenze Ngokuhlakanipha
AKE usibheke ngeso lengqondo lesi simo: uJesu Kristu uchaza ukuthi izitha zenkolo eJerusalema zizombangela ubuhlungu obukhulu bese ziyambulala. Umngane wakhe omkhulu umphostoli uPetru akakukholelwa lokho. Eqinisweni, ubizela uJesu eceleni abese emkhuza. Ukukhathazeka kukaPetru okuqotho nokungokoqobo akunakungatshazwa. Kodwa uJesu ukubheka kanjani ukucabanga kukaPetru? “Yana emva kwami, Sathane! Uyisikhubekiso kimi, ngoba awucabangi imicabango kaNkulunkulu, kodwa eyabantu,” kusho uJesu.—Mathewu 16:21-23.
Yeka ukuthi kumelwe ukuba kwamethusa kanjani lokho uPetru! Kunokuba abe usizo nomsekeli, kulesi simo waba “yisikhubekiso” eNkosini yakhe ayithandayo. Kwenzeka kanjani lokhu? Kungenzeka ukuthi uPetru wakhohliswa yiphutha elivamile ekucabangeni kwabantu—ukukholelwa kuphela lokho ayefuna ukukukholelwa.
Ungazethembi Ngokweqile
Usongo ekucabangeni kwethu ngokuqondile wukuthambekela ekuzethembeni ngokweqile. Umphostoli uPawulu waxwayisa amaKristu eKorinte lasendulo: “Lowo ocabanga ukuthi umile makaqaphele angawi.” (1 Korinte 10:12) Kungani uPawulu asho lokhu? Ngokusobala kungenxa yokuthi wayazi ukuthi kulula kanjani ukuba ukucabanga komuntu kusonteke—ngisho nezingqondo zamaKristu ukuba “zonakaliswe zisuke ebuqothweni nasebumsulweni obufanele uKristu.”—2 Korinte 11:3.
Lokhu kwakwenzeke kuso sonke isizukulwane sokhokho bakaPawulu. Ngaleso sikhathi, uJehova wabatshela: “Imicabango yenu akuyona imicabango yami, nezindlela zami akuzona izindlela zenu.” (Isaya 55:8) ‘Babezibone behlakaniphile emehlweni abo,’ okwakuhambisana nemiphumela eyinhlekelele. (Isaya 5:21) Ngakho-ke, ngokuqinisekile, kunengqondo ukuhlola ukuthi singakugcina kanjani ukucabanga kwethu kuqondile futhi ngenxa yalokho sigweme inhlekelele efanayo.
Qaphela Ukucabanga Okungokwenyama
Abanye eKorinte babethonywe kabi ukucabanga okungokwenyama. (1 Korinte 3:1-3) Babegxile kakhulu kumafilosofi abantu kunaseZwini likaNkulunkulu. Akungatshazwa ukuthi ongqondongqondo abangamaGreki bangalezo zinsuku babekhaliphe kakhulu. Nokho, emehlweni kaNkulunkulu babeyiziwula. UPawulu wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Ngizokwenza ukuhlakanipha kwabantu abahlakaniphileyo kushabalale, nokukhalipha kongqondongqondo ngizokusunduzela eceleni.’ Uphi umuntu ohlakaniphileyo? Uphi umbhali? Uphi umphikisi walesi simiso sezinto? UNkulunkulu akazange yini akwenze ubuwula ukuhlakanipha kwezwe?” (1 Korinte 1:19, 20) Ongqondongqondo abanjalo babebuswa “umoya wezwe” kunokuba babuswe umoya kaNkulunkulu. (1 Korinte 2:12) Amafilosofi nemibono yabo kwakungavumelani nhlobo nokucabanga kukaJehova.
Umthombo oyinhloko wokucabanga okunjalo okungokwenyama nguSathane uDeveli, owasebenzisa inyoka ukuze ayenge u-Eva. (Genesise 3:1-6; 2 Korinte 11:3) Ingabe usaseyingozi kithina? Yebo! NgokweZwi likaNkulunkulu, uSathane ‘uye waphuphuthekisa izingqondo’ zabantu kangangokuthi manje ‘udukisa umhlaba wonke owakhiwe.’ (2 Korinte 4:4; IsAmbulo 12:9) Akuve kubalulekile-ke ukuqaphela amacebo akhe!—2 Korinte 2:11.
Qaphela ‘Ukukhohlisa Kwabantu’
Umphostoli uPawulu waxwayisa futhi ‘nangokukhohlisa kwabantu.’ (Efesu 4:14) Wanqwamana ‘nezisebenzi ezinenkohliso’ ezazenza sengathi zikhuluma iqiniso kanti empeleni ziyalisonta. (2 Korinte 11:12-15) Ukuze bafinyelele imigomo yabo, abantu abanjalo bangase basebenzise ubufakazi obuvuna bona kuphela, ulimi oluthinta imizwelo, amaqiniso angaphelele adukisayo, ukugigiyela okudukisayo, ngisho namanga aluhlaza.
Abaphehli benkulumo-ze ngokuvamile basebenzisa amagama afana nelithi “ihlelo” ukuze balimaze idumela labanye. Ekutuseni okwayiswa eParliamentary Assembly of the Council of Europe, kwasikiselwa ukuthi iziphathimandla eziphenya ngamaqembu amasha enkolo “ziyobe zenza kahle ngokuyeka ukusebenzisa leli gama.” Ngani? Kwabonakala ukuthi igama elithi “ihlelo” linikeza umqondo omubi kakhulu. Ngendlela efanayo, ongqondongqondo abangamaGreki ngokungalungi bamangalela umphostoli uPawulu ngokuthi ‘wayeyiphoshophosho,’ noma ngokwezwi nezwi “umcoshi wembewu.” Lokhu kwakusho ukuthi wayemane nje ezibhibhidlela, engumuntu owayecosha izingcezwana ezincane zolwazi abese eziphindaphinda. Eqinisweni, uPawulu “wayememezela izindaba ezinhle zikaJesu novuko.”—IzEnzo 17:18.
Ingabe izindlela zabaphehli benkulumo-ze ziyasebenza? Yebo. Bezilokhu ziyisici esiyinhloko ekwakheni inzondo engokobuzwe nengokwenkolo ngokusonta indlela abantu abaziqonda ngayo ezinye izizwe nezinkolo. Abaningi baye bazisebenzisa lezi zindlela ukuze balulaze izizwe ezincane ezingathandwa. U-Adolf Hitler wazisebenzisa ngokuphumelelayo lezo zindlela lapho echaza amaJuda nabanye ngokuthi “bonakele,” “babi,” nokuthi “bawusongo” eMbusweni. Ungaluvumeli lolu hlobo lokukhohlisa ukuba lonakalise ukucabanga kwakho.—IzEnzo 28:19-22.
Ungazikhohlisi
Kulula futhi ukuba sizikhohlise. Eqinisweni, kungase kube nzima kakhulu ukuhlukana noma nje ukungabaza imibono esiyikhonze kakhulu. Ngani? Ngoba sinamathela ngokomzwelo emibonweni yethu. Khona-ke singase sizikhohlise ngokuzithethelela—ngokusungula izizathu zokuthola izaba zezinkolelo eziyiphutha nezidukisa ngempela.
Lokhu kwenzeka kwamanye amaKristu angekhulu lokuqala leminyaka. Ayelazi iZwi likaNkulunkulu, kodwa awalivumelanga ukuba libuse ukucabanga kwawo. Agcina ‘esezikhohlisa ngokucabanga okungamanga.’ (Jakobe 1:22, 26) Olunye uphawu olubonisa ukuthi kungase kwenzeke siye sawela kulolu hlobo logibe lokuzikhohlisa, luwukuba sizithole sithukuthela lapho izinkolelo zethu zibekelwa inselele. Kunokuba sithukuthele, kuwukuhlakanipha ukuba sigcine izingqondo zivulekile futhi sikulalelisise lokho okushiwo abanye—ngisho nalapho sizizwa siqiniseka ukuthi umbono wethu yiwona olungile.—IzAga 18:17.
Yimba “Ulwazi NgoNkulunkulu”
Yini esingayenza ukuze sigcine ukucabanga kwethu kuqondile? Kunosizo oluningi olutholakayo, kodwa kumelwe sizimisele ukulusebenzela. Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yathi: “Ndodana yami, uma uwamukela amazwi ami futhi uyilonda kuwe imiyalo yami, ukuze unake ukuhlakanipha ngendlebe yakho, ukuze uthambekisele inhliziyo yakho ekuqondeni; uma, ngaphezu kwalokho, umemeza ufuna ukuqonda futhi uzwakalisa izwi lakho ufuna ikhono lokwahlukanisa, uma uqhubeka ukufuna njengokungathi ufuna isiliva, futhi uqhubeka ukuhlwaya njengokungathi uhlwaya ingcebo efihliweyo, uma wenza kanjalo uyokuqonda ukumesaba uJehova, futhi uyoluthola ulwazi ngoNkulunkulu.” (IzAga 2:1-5) Yebo, uma thina ngokwethu senza umzamo wokugcwalisa izingqondo nezinhliziyo zethu ngeqiniso leZwi likaNkulunkulu, siyothola ukuhlakanipha kwangempela, ukuqonda kwangempela, nekhono lokuhlukanisa langempela. Empeleni, siyobe simba izinto ezinenani elilidlula kude kakhulu inani lesiliva noma lanoma yini enye eyigugu.—IzAga 3:13-15.
Ukuhlakanipha nolwazi ngokuqinisekile kuyizici ezibalulekile ekucabangeni ngokuqondile. IZwi likaNkulunkulu lithi: “Lapho ukuhlakanipha kungena enhliziyweni yakho nolwazi luba mnandi emphefumulweni wakho, ikhono lokucabanga liyokuqapha, ukuqonda kuyokulonda, ukuze kukukhulule endleleni embi, kumuntu okhuluma izinto ezonakele, kulabo abazishiyayo izindlela zobuqotho ukuze bahambe ezindleleni zobumnyama.”—IzAga 2:10-13.
Kubaluleke nakakhulu ukuvumela imicabango kaNkulunkulu ukuba iqondise ukucabanga kwethu ngezikhathi zokucindezeleka noma lapho sisongelwa ingozi. Imizwelo enamandla enjengentukuthelo noma ukwesaba ingenza kube nzima ukucabanga ngokuqondile. “Ukucindezelwa . . . kungenza ohlakaniphileyo enze ngendlela yokusangana,” kusho uSolomoni. (UmShumayeli 7:7) Ngisho ‘nokufuthekela uJehova uqobo’ kungenzeka. (IzAga 19:3) Kanjani? Ngokusola uNkulunkulu ngezinkinga zethu nangokuzisebenzisa njengezaba zokwenza izinto ezingavumelani nemithetho nezimiso zakhe. Kunokuba sicabange ukuthi sazi kangcono njalo, kwangathi singabalalela ngokuthobeka abeluleki abahlakaniphile abafuna ukusisiza besebenzisa imiBhalo. Futhi uma kudingekile, masizimisele ukulahla ngisho nemibono esiyikhonze kakhulu lapho kuba sobala ukuthi iyiphutha.—IzAga 1:1-5; 15:22.
‘Qhubeka Ucela KuNkulunkulu’
Siphila ezikhathini ezisanganisa ikhanda neziyingozi. Umthandazo wasikhathi sonke wokucela isiqondiso sikaJehova ubalulekile uma sifuna ukwahlulela kahle futhi senze ngokuhlakanipha. UPawulu wabhala: “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga; ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda izinhliziyo zenu namandla enu engqondo ngoKristu Jesu.” (Filipi 4:6, 7) Uma sintula ukuhlakanipha kokusingatha izinkinga noma izilingo ezidida ikhanda, kudingeka ‘siqhubeke sikucela kuNkulunkulu, ngoba ubapha bonke ngesandla esivulekile ngaphandle kokusola.’—Jakobe 1:5-8.
Azi ukuthi amanye amaKristu kwakudingeka abonise ukuhlakanipha, umphostoli uPetru wanquma ‘ukuvusa amandla awo okucabanga ngokucacile.’ Wayefuna ukuba ‘akhumbule amazwi akhulunywa ngaphambili abaprofethi abangcwele nomyalo weNkosi noMsindisi,’ uJesu Kristu. (2 Petru 3:1, 2) Uma sikwenza lokhu futhi sigcina ingqondo yethu ivumelana neZwi likaJehova, siyocabanga ngokuqondile futhi senze ngokuhlakanipha.
[Izithombe ekhasini 21]
AmaKristu okuqala avumela ukuhlakanipha kukaNkulunkulu, hhayi imiqondo eyifilosofi, ukuba ilolonge ukucabanga kwawo
[Imithombo]
Philosophers left to right: Epicurus: Photograph taken by courtesy of the British Museum; Cicero: Reproduced from The Lives of the Twelve Caesars; Plato: Roma, Musei Capitolini
[Izithombe ekhasini 23]
Ukuthandaza nokutadisha iZwi likaNkulunkulu kubalulekile