Masijabule Noma Sishushiswa!
“Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.”—MATHEWU 5:10.
1. Umbusi wamaRoma uNero waqalisa luphi ushushiso?
“BEMBATHISWE izikhumba zezilwane, badweshulwa izinja zabaqeda, noma babethelwe eziphambanweni, noma baphonswe emalangabini bashe, ukuze bakhanyise ebusuku, lapho selishonile ilanga.” Sabhala kanjalo isazi-mlando saseRoma uTacitus. (The Annals, INcwadi XV, isigaba 44) Futhi zazingobani lezisulu? AmaKristu—abafundi bakaJesu Kristu. Kwazwakala amahlebezi okuthi uMbusi uNero nguye owayeshise iRoma (ngo-64 C.E.), futhi wafuna ukusulela icala kubalandeli bakaJesu. Kwaqala kanjalo-ke ukushushiswa okuhlukahlukene kwamaKristu phakathi nokudlondlobala kweRoma lasendulo.
2. (a) Wathini uJesu Kristu ngalabo aba‘hlushwa ngenxa yokulunga’? (b) Ukuze bajabule noma beshushiswa, yini oFakazi BakaJehova okumelwe bayazi?
2 LawomaKristu okuqala akwazi kanjani ukukhuthazelela lokho kushushiswa kobudlova? Ngempela, ofakazi bakaJehova besikhathi esidlule nabanamuhla baye bakwazi kanjani ukujabula nakuba behlushwa noma belinyazwa ngamabomu ngenjongo yokuqeda ukholo lwabo nenkolelo? (2 Thesalonika 1:3-5) Yebo, uJesu Kristu wathi: “Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.” (Mathewu 5:10) Nokho, ukuze bajabule noma beshushiswa, oFakazi BakaJehova kumelwe bazi (1) injongo kaDeveli ekubashushiseni; (2) isizathu sokuba uJehova avumele lolusizi; (3) ukuthi kungani izinceku zikaNkulunkulu kumelwe zijabule noma zishushiswa; (4) okungenziwa ukuze kulungiselelwe ukushushiswa; (5) nokuthi kungabhekwana kanjani nakho ngokukhuthazela.
Injongo KaDeveli
3, 4. (a) Ubani ngempela obangela ukushushiswa kofakazi bakaJehova? (b) UJesu wamkhomba kanjani umbangeli omkhulu walolushushiso?
3 Ababusi baseRoma babengawesabi neze amaKristu aqotho athanda ukuthula. Labofakazi bakaJehova babezithoba ngokufanele ‘kuziphathimandla’ zikahulumeni futhi ‘benika uKesari okukaKesari, noNkulunkulu okukaNkulunkulu.’ (Roma 13:1-7; Mathewu 22:21) Ababusi baseRoma babengazi ukuthi kwakukhona othile ongabonakaliyo owayeqhubeka ephehla inzondo ngofakazi bakaJehova, enza kanjalo kuwo wonke umlando kusukela ku‘Abela olungileyo.’ (Mathewu 23:33-36; Heberu 11:4, 32-40; 12:1) Lowomphembi omubi woshushiso olunjalo kuze kube nanamuhla akuyena omunye ngaphandle kukaSathane uDeveli. Njengesitha sikaNkulunkulu, nesabantu bakaJehova, “siyahamba njengebhubesi elibhodlayo sifuna esingamgwinya.”—1 Petru 5:8.
4 UJesu wabatshela kaningi abafundi bakhe ukuthi babeyoshushiswa. Ngokwesibonelo, wathi: “Inceku ayinkulu kunenkosi yayo. Uma bengizingele mina [lokho ngempela abakwenza], nani bayakunizingela.” (Johane 15:20; 16:2; Mathewu 10:22, 23) Futhi, uKristu wambeka obala umbangeli oyinhloko walolushushiso lapho ethi kwelinye la“mabandla ayisikhombisa”: “Bheka, uSathane uzakuphonsa abanye kini etilongweni ukuba nilingwe.” (IsAmbulo 1:1, 4; 2:10) Kodwa, iyini injongo kaDeveli ekushushiseni ofakazi bakaJehova?
5. Iyini injongo kaDeveli ekushushiseni izinceku zikaJehova?
5 Injongo kaSathane ekucindezeleni nasekushushiseni izinceku zikaJehova iwukuziphoqelela ukuba zihlehle okholweni lwazo. Ufuna ukuqeda ubuhlobo obuyigugu ezinabo noYise wasezulwini. Phela, khona kanye ekuqaleni kwesono, uJehova uNkulunkulu wabikezela ubutha phakathi kwe“nyoka” no“wesifazane” kaNkulunkulu ongokomfanekiso, naphakathi kwe‘zinzalo’ zabo! (Genesise 3:14, 15) UJesu ngokungangabazeki wabonisa ukuthi inyoka uSathane futhi watshela abashushisi baKhe ukuthi babengabaka‘yise uDeveli,’ ngakho-ke, beyi“nzalo” yeSitha. (Johane 8:31-59) Kulezi‘nsuku zokugcina’ isikhathi sikaDeveli sifushane futhi ulaka lwakhe lukhulu ngempela. (2 Thimothewu 3:1-5; IsAmbulo 12:7-17) Ngakho ubutha phakathi kwe‘zinzalo’ buyaqhubeka, futhi wonke umuntu emhlabeni kumelwe ekugcineni angene ngasohlangothini lwenzalo eyesaba uNkulunkulu noma lwenzalo kaDeveli. (Qhathanisa no-1 Johane 3:10.) Ngakho-ke, uma umuntu ekhonza uJehova uNkulunkulu ngokwethembeka, uyisisulu noma uyoba isisulu sokushushiswa. USathane uDeveli uyokumelela lokho.—2 Thimothewu 3:12.
6. USathane uye waphakamisa yiphi impikiswano futhi yini aye wayiphika ngokuqondene nabantu?
6 USathane uye waphakamisa impikiswano yokubuswa kwendawo yonke, futhi uye waphika ukuthi abantu bangaba qotho uma bevivinywa. Ngokwesibonelo, ubuqotho kuNkulunkulu babuyimpikiswano lapho uSathane eqala ukushushisa indoda uJobe, leyo umkayo naba“duduzi” bayo abathathu abafeza injongo kaDeveli ngamabomu noma ngokungazi. (Jobe 1:8–2:9; 16:2; 19:22, 28) Njengoba indaba kaJobe ikhanyisa, uDeveli wabekela uJehova inselele, ethi akukho muntu emhlabeni ongathembeka kuNkulunkulu uma uSathane evunyelwe ukuvivinya lowomuntu. Ngakho-ke, uDeveli ushushisa ofakazi bakaJehova ukuze aphule ubuqotho babo futhi abonakalise inselele yakhe iyiqiniso.
7. Yini eyanele ekubeni umKristu ahlehle okholweni lwakhe, kodwa uJesu wasabela kanjani lapho elingwa kanjalo?
7 USathane uyazi ukuthi ‘isenzo esisodwa sokukhuleka’ kuye sanele ekwenzeni umKristu ukuba ahlehle okholweni lwakhe futhi asekele inselele kaDeveli yokuthi akukho muntu oyohlala ethembekile kuNkulunkulu ngaphansi kokuvivinywa noma kokushushiswa. Lapho uDeveli ebonisa uJesu “imibuso yonke yezwe nenkazimulo yayo,” yini lowomshushisi oyinhloko ayisho? “Konke lokhu ngizakunika khona, uma uziwisa phansi, ukhuleke kimi.” Kodwa ukwenqaba kukaJesu okuqinile kwasekela ukukhulekela kweqiniso, kwaphakamisa uhlangothi lukaJehova lwempikiswano yokubuswa kwendawo yonke futhi kwabonakalisa uDeveli engumqambi-manga.—Mathewu 4:8-11.
8, 9. (a) AmaKristu akuqala abonisa kanjani ukuthi ayengenaku‘khulekela’ uSathane nakanye? (b) Aye avivinywa ngayiphi indlela amaKristu athile ekhulu lama-20 ngokufanayo, futhi aye athatha kuphi ukuma?
8 Khona-ke, yeka ukuthi kufaneleke kanjani ukuthi amaKristu okuqala athembekile enqaba ukwenza ngisho nesenzo esisodwa ‘sokukhulekela’ esasiyosekela uhlangothi lukaSathane empikiswaneni enkulu! Abalandeli abathembekile bakaKristu benqaba ukushisa impepho ekudumiseni umbusi wamaRoma, ngisho nakuba lokhu kwabalahlekisela ukuphila kwabo. Ngokuqondene nalokhu, uDaniel P. Mannix wabhala: “Ambalwa kakhulu amaKristu awa, nakuba ialtare elinomlilo ovuthayo ngokuvamile lalisenkundleni evulekile ukuze libe seduze kuwona. Okwakufuneka nje ukuba isiboshwa sikwenze kwakuwukufafaza impepho eyingcosana elangabini futhi sinikezwe iSitifiketi Somhlatshelo bese sikhululwa. Futhi sasichazelwa kahle ukuthi sasingakhulekeli umbusi; kwakumane kuwukwamukela umbusi ophakeme njengenhloko yombuso waseRoma. Naphezu kwalokho, cishe akukho maKristu amukela lelothuba lokuphunyula.” (Those About to Die, ikhasi 137) Isenzo esisodwa ‘sokukhuleka’ sasiyobe sanele ekwaneliseni uSathane.
9 AmaKristu athile ekhulwini lamashumi amabili aye avivinywa ngokufanayo. Kusukela ngesikhathi sokuboshwa futhi ngezikhathi eziningi kukho konke ukuhlushwa koFakazi BakaJehova ezinkanjini zokuhlushwa zamaNazi, kuye kwenziwa imizamo yokubaphoqa ukuba baphike uJehova futhi benqabe ukuba kube khona noma ikuphi ukuxhumana nabantu bakhe. Ukuze afeze lokho amaNazi alungiselela isiphakamiso esasidluliselwa koFakazi ukuba basisayine ukuze bakhululeke. Okwakufuneka nje kwakuwukusayina. Kodwa, bambalwa oFakazi abasayina.
10. Kungani kungaba ubuwula ukuhlehla kancane ngethemba lokuthola inkululeko yokushumayela?
10 Ngokuqaphela inhloso kaSathane ekubangeleni ofakazi bakaJehova ukuba bashushiswe, masingalokothi sithambele noma isiphi isilingo sikaDeveli sokuba sibalekele impikiswano ukuze sigweme inkathazo. Masingalokothi sivumele umcabango oyiphutha wokuthi ukuhlehla okubonakala kukuncane kuyosikhulula ngokushesha ukuze senze umsebenzi wokushumayela. Noma ikuphi ukuhlehla maqondana nobuqotho bethu kungasho ukuwa kwethu okuphelele. (Qhathanisa noMathewu 13:21; Galathiya 6:12.) Uma ukuhlehla kusho ‘isenzo sokukhulekela,’ asisafaneleki ukumelela izithakazelo zoMbuso kaJehova. Nakanjani ukuthi isenzo esisodwa sokwephula ubuqotho bethu siyomjabulisa uDeveli, futhi ngokuqinisekile asifuni ukumjabulisa. Kunalokho, sifuna ukwenza inhliziyo kaJehova ijabule ngokugcina ubuqotho obuyimpendulo kuMphikisi Omkhulu.—IzAga 27:11.
Isizathu Sokuba UJehova Avumele Ushushiso
11. Kungasiphi isizathu esiyinhloko esenza uJehova avume ukuba abantu bakhe bashushiswe?
11 UBaba wethu wasezulwini angakuvimbela ukushushiswa kwabantu bakhe. Kodwa ukhetha ukukuvumela, futhi ukwazi isizathu salokho kuyosisiza ukuba sijabule noma sishushiswa. Isizathu esiyinhloko sokuvumela ushushiso siphathelene nempikiswano yokubuswa kwendawo yonke. Noma imuphi ufakazi kaJehova ogcina ubuqotho ngaphansi kokuvivinywa okulethwa uSathane ubonisa ukuthi uSathane ungumqambi-manga futhi unikeza ubufakazi bokuthi ngisho nomuntu ongaphelele angahlala ethembekile kuNkulunkulu noma evivinywa kabuhlungu noma eshushiswa. Umuntu othembekile usekela uhlangothi lukaNkulunkulu empikiswaneni futhi usekela ilungelo likaJehova lokubusa njengoMbusi Wendawo Yonke. Yeka injabulo yokunezela ebufakazini bokuthi “ubusa ngokuphakeme”!—IHubo 47:9, Today’s English Version.
12, 13. Kungasiphi isizathu esengeziwe sokuba uJehova avumele ukushushiswa kwamaKristu, futhi obani phakathi kwawo abayoba nendawo ehlala njalo elungiselelweni likaNkulunkulu?
12 UJehova uvumela futhi ukushushiswa ukuze avivinye ukwethembeka kwalabo abaye bazinikezela kuye. Uye waqoqa “abantu abazuziweyo” ukuze labo abagcotshiweyo ‘bashumayele ubukhosi bakhe.’ (1 Pet. 2:9) Futhi uNkulunkulu ‘uzamazamisa zonke izizwe’ ukuze “okunxanelekayo kwabo bonke abezizwe”—abantu abanokuvunyelwa kwaphezulu—kulethwe ‘endlini yakhe’ yokukhulekela futhi kuyigcwalise ngenkazimulo. (Hagayi 2:7; qhathanisa noZakariya 8:23.) Ngakho-ke, abantu abanethemba lasezulwini nabanye ababheke phambili ekuphileni okuphakade ePharadesi emhlabeni baye baba amaKristu azinikezele nofakazi bakaJehova.—Luka 23:43; IsAmbulo 7:1-17.
13 Kodwa obani phakathi kwawo wonke lamaKristu azinikezele ekugcineni abayoba yingxenye ye“zulu elisha nomhlaba omusha” okuthenjisiwe? (IsAmbulo 21:1) Akubona bonke. (IHubo 15:1-5; Mathewu 22:14) Ngeke ibe khona indawo yalabo abangathembekile elungiselelweni likaNkulunkulu. Ngakho-ke, nakuba uJehova engabangeli ukushushiswa, ukuvumele ukuze ahlunge phakathi kwabantu bakhe labo abangathembekile, kulapho elondoloza ngokwezigaba zabo abantu abathembeke ngokuphelele futhi abamthanda ngokusuka enhliziyweni uNkulunkulu. (Mathewu 22:37, 38; 25:31-33; 2 Korinte 13:5) Kwangathi singaba phakathi kwalabo abakhuthazelela ukushushiswa ngokwethembeka futhi kanjalo sibe ‘nelungelo eliqhubekayo lokunikela inkonzo engcwele ngokungesabi [kuJehova uNkulunkulu] ngokwethembeka nangokulunga phambi kwakhe kuzo zonke izinsuku zethu’—ngisho naphakade.—Luka 1:68, 69, 74, 75.
Isizathu Sokujabula Noma Sishushiswa
14. UJesu wavezani ngokuqondile njengesizathu sokujabula noma sishushiswa?
14 Ithemba loMbuso lavezwa ngokuqondile uJesu Kristu lapho ethi: “Bayajabula abashushiswa ngenxa yokuLunga; ngoba umbuso wezulu ungowabo!” (Mathewu 5:10, The Emphatic Diaglott) Yebo, ukuhlanganyela noKristu eMbusweni wasezulwini kuwumvuzo omangalisayo olindele abalandeli bakaJesu abagcotshiwe abakhuthazelela ukushushiswa ngokwethembeka. (Luka 12:32; IsAmbulo 2:10; 14:1; 20:6) Futhi ngofakazi bakaJehova abathembekile abanamathemba asemhlabeni kunethemba elihle lokuphila okuphakade ePharadesi emhlabeni. (Luka 23:43; Johane 10:16; 17:3; IsAmbulo 7:9, 10, 14) Khona-ke, ngokuqinisekile singajabula noma sishushiswa uma sikhumbula ithemba loMbuso.—Roma 12:12.
15. Ubukhosi bukaJehova buhlangene kanjani noMbuso, futhi konke lokhu kuhlobene kanjani nokujabula kwethu noma sishushiswa?
15 Ukubusa kukaJehova kwendawo yonke kuhlangene ngokungenakwehlukana noMbuso, ngoba uyongcwelisa ngawo igama lakhe elingcwele. Njengofakazi bakaJehova abathembekile nabamemezeli boMbuso, sisekela ubukhosi bakhe futhi kanjalo sinesizathu esengeziwe sokujabula naphezu kosizi. (Isaya 43:10-12; Mathewu 6:9, 10) Ngakho, ngosizo lukaNkulunkulu, kwangathi singalondoloza ubuqotho kuNkulunkulu kanjalo sibonakalise uDeveli engumqambimanga ongeke awasekele amazwi akhe okuthi akukho muntu oyohlala ethembekile kuJehova ngaphansi kokuvivinywa. (Jobe 27:5) Yeka ukuthi noma imuphi umKristu oshushiswayo kumelwe ajabule kanjani uma esekela uhlangothi lukaJehova empikiswaneni enkulu!—Qhathanisa nezEnzo 4:24.
16. Kungani kungathiwa unembeza omsulwa uyanezela ekujabuleni kwethu noma sishushiswa?
16 Unembenza omsulwa futhi unezela enjabulweni yommemezeli woMbuso oshushiswayo nakuba ethembekile. Nakuba othi ungumKristu engazithela ngehlazo nokukhungatheka uma ehlupheka ngenxa yokwenza okubi, umuntu ujabula kufanele uma ehlupheka ngenxa yokulunga njengofakazi kaJehova othembekile nomlandeli kaJesu Kristu. Kanjalo, ngisho nangemva kokushaywa, abaphostoli bakaJesu “basuka phambi komphakathi bethokoza, ngokuba bebefanele ukudunyazwa ngenxa yalelogama [likaKristu].” (IzEnzo 5:40, 41) Ngokufanayo, ngemva kokushaywa nokuboshwa eFilipi, uPawulu noSila babengadangele futhi bengadliwa unembeza, njengokungathi babenze okuthile okubi. Kunalokho, phakathi nobusuku “bekhuleka bemdumisa uNkulunkulu ngamahubo.” (IzEnzo 16:22-25) Ngakho-ke, nakuba ufakazi kaJehova kungamelwe aziphathe ngendlela eyomenza ajeziswe njengonecala lokuba umbulali, isela, umenzi wobubi noma ogxambukela ezindabeni zabanye odliwa unembeza, angajabula uma ehlupheka ngenxa yokulunga.—1 Petru 2:11, 12; 3:13, 14; 4:15, 16.
17. Yini eyonezela ngokukhethekile enjabulweni yethu uma sishushiswa njengabasekeli boMbuso?
17 Ukuthokozisa uJehova nokumdumisa kuyonezela ngokukhethekile enjabulweni yethu uma sishushiswa njengabasekeli boMbuso. Ngisho noma singaphansi kokuboshwa okunzima, ‘ukuhamba ngendlela yokuthokozisa uNkulunkulu’ kubalulekile enjabulweni yethu eqhubekayo njengezinceku zikaJehova. (1 Thesalonika 4:1) Ngaphezu kwalokho, uma sihlupheka njengamaKristu, kumelwe ‘sidumise uNkulunkulu ngenxa yalelogama.’ Cabanga ngalokho! Ngaphandle kokuthokozisa uJehova, uma sikhuthazelela ukushushiswa ngokwethembeka “sidumisa uNkulunkulu njalo.” (1 Petru 4:16, The New English Bible; New World Translation) Yeka isisusa esijabulisayo sokukhuthazelela ukushushiswa ngesibindi!
Masiqhubeke Njengabagcini Bobuqotho
18. OFakazi BakaJehova kumelwe bazizwe kanjani ngokugcina ubuqotho kuNkulunkulu?
18 Khona-ke, ngokukhanyayo oFakazi BakaJehova banezizathu ezizwakalayo zokujabula nakuba beshushiswa. Ngakho-ke, ngosizo lukaNkulunkulu masinqume njengomhubi uDavide, owathi: “Kepha mina ngihamba ekulungeni kwami.”—IHubo 26:11.
19. Imiphi imibuzo evelayo manje edinga ukucatshangelwa?
19 NjengamaKristu athembekile, singajabula noma sishushiswa ngoba siyayazi injongo kaSathane ekuletheni usizi olunjalo kithi. Siyasiqaphela futhi isizathu sokuba uJehova uNkulunkulu avumele abantu bakhe bashushiswe. Kodwa, nakuba sinezizathu ezinjalo zokujabula naphezu kokushushiswa, yini esingayenza ukuze sikulungele? Futhi singahlangabezana kanjani nokushushiswa okunzima noma ngisho okobudlova obukhulu ngokukhuthazela?
Imibuzo Yokubukeza
□ Iyini injongo kaDeveli ekushushiseni ofakazi bakaJehova?
□ USathane uye waphakamisa yiphi impikiswano enkulu futhi yini aye wayingabaza ngokuqondene nabantu?
□ Kungani uJehova evumela ukuba abantu bakhe bashushiswe?
□ UJesu Kristu ngokuqondile waveza siphi isizathu sokujabula lapho ‘sishushiswa ngenxa yokulunga’?
□ Yini enezela enjabulweni yethu uma sishushiswa njengezinceku zikaJehova?
[Isithombe ekhasini 15]
Lapho uJesu elingwa, wenqaba ukukhulekela uSathane
[Isithombe ekhasini 16]
Ithemba loMbuso linikeza isizathu esinengqondo sokujabula naphezu kokushushiswa