-
Ibandla “Langena Enkathini Yokuthula”‘Ukunikeza Ubufakazi Obuphelele’ NgoMbuso KaNkulunkulu
-
-
1, 2. USawulu wayehlose ukwenzani eDamaseku?
LABA bantu abathukuthele sebezofika eDamaseku, lapho behlose ukwenza khona ububi. Bazokhipha abafundi bakaJesu abazondwayo ngendlov’ iyangena emizini yabo, bababophe, babukise ngabo bese bebahudulela eJerusalema bayobhekana nolaka lweSanhedrini.
2 Ubhongoza waleli viyo, okunguSawulu igama lakhe, uselichithile kakade igazi.a Usanda kubukela lapho izishoshovu zenkolo zikhanda ngamatshe uStefanu, umfundi ozinikele kaJesu. (IzE. 7:57–8:1) Enganelisiwe ukuhlukumeza abalandeli bakaJesu abahlala eJerusalema, uSawulu uba njengesikhuni esivuthayo esithungela amalangabi oshushiso. Ufuna ukuliqeda nyá leli hlelo eliwuhlupho elaziwa ngokuthi ile “Ndlela.”—IzE. 9:1, 2; bheka ibhokisi elithi “Igunya USawulu Ayenalo EDamaseku,” ekhasini 61.
-