Ingabe Kufanele Uthandaze KuJesu?
ABANYE abantu bakubheka njengokufanelekile ukuthandaza kuJesu. EJalimane abanye bafundiswa beseyizingane ukuthi ngaphambi kokuba badle kufanele basonge izandla bese bebonga kuJesu Kristu.
Ngokusho kweBhayibheli, uJesu unesikhundla esiphakeme kakhulu ezulwini. Nokho, ingabe lokho sekusho ukuthi kufanele sithandaze kuye? Ungase ube phakathi kwalabo okuthi ngenxa yothando abanalo ngoJesu, babhekise imithandazo kuye, kodwa uJesu ngokwakhe ucabangani ngaleyomithandazo?
Okokuqala, kungani lemibuzo iphakama ngempela? Kungenxa yokuthi iBhayibheli lithi uJehova uNkulunkulu “uMuzwi wemikhuleko.” Akumangalisi-ke ukuthi izinceku zikaNkulunkulu ezikhathini zasendulo, njengama-Israyeli, zazithandaza kuJehova uNkulunkulu kuphela, uMninimandla onke.—IHubo 5:1, 2; 65:2, NW.
Izinto zashintsha yini lapho uJesu, iNdodana kaNkulunkulu, eza emhlabeni ukuzosindisa isintu esonweni nokufa? Cha, imithandazo yayisaqondiswa kuJehova. Lapho esemhlabeni uJesu ngokwakhe wayethandaza njalo kuYise wasezulwini, futhi wafundisa nabanye ukuba benze kanjalo. Cabanga nje ngomthandazo oyisibonelo, obuye ubizwe nangokuthi uMthandazo weNkosi noma uBaba Wethu, ongomunye wemithandazo eyaziwa kakhulu emhlabeni. UJesu akasifundisanga ukuba sithandaze kuye; wasinikeza lesisibonelo: “Baba wethu osezulwini‚ malingcweliswe igama lakho.”—Mathewu 6:6, 9; 26:39, 42.
Manje ake siyibhekisise ngokucophelela lendaba ngokuhlola ukuthi umthandazo uyini ngempela.
Umthandazo Uyini?
Yonke imithandazo iwuhlobo oluthile lokukhulekela. I-World Book Encyclopedia iyakufakazela lokhu, ithi: “Umthandazo uwuhlobo oluthile lokukhulekela lapho umuntu engase abonise khona ukuzinikela kwakhe, ukubonga, ukuvuma izono, noma ukunxusa kuNkulunkulu.”
UJesu wake wathi: “Kulotshiwe ukuthi: Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho‚ umkhonze yena yedwa.” UJesu wanamathela eqinisweni eliyisisekelo lokuthi ukukhulekela—ngaleyondlela nemithandazo—kumelwe kuqondiswe kuYise kuphela, uJehova uNkulunkulu.—Luka 4:8; 6:12.
Ukuqaphela UJesu Emithandazweni Yethu
UJesu wafa njengomhlatshelo wesihlengo sesintu, wavuswa nguNkulunkulu, futhi waphakanyiselwa esikhundleni esiphakeme. Njengoba ubungase ucabange, konke lokhu kwaletha ushintsho mayelana nemithandazo eyamukelwayo. Ngayiphi indlela?
Umphostoli uPawulu uchaza ithonya elikhulu isikhundla sikaJesu esinalo emthandazweni ngalendlela elandelayo: “Ngalokho-ke uNkulunkulu wamphakamisa kakhulu‚ wamnika igama eliphezu kwamagama onke‚ ukuze kuthi ngegama likaJesu amadolo onke aguqe‚ awabasezulwini‚ nawabasemhlabeni‚ nawabangaphansi komhlaba nezilimi zonke zivume ngokuthi uJesu Kristu uyiNkosi‚ kube-yinkazimulo kuNkulunkulu uYise.”—Filipi 2:9-11.
Ingabe amazwi athi “ngegama likaJesu amadolo onke aguqe” awasho ukuthi kumelwe sithandaze kuye? Cha. Inkulumo yesiGreki ehileleke lapha “isho igama abahlangane ngalo labo abaguqa ngamadolo, bonke (πᾶν γόνυ) abathandaza ngalo behlangene. Igama elatholwa uJesu lishukumisela bonke ekukhulekeleni okuhlangene.” (A Grammar of the Idiom of the New Testament, ka-G. B. Winer) Ngempela, ukuze umthandazo wamukeleke, kumelwe wenziwe “ngegama likaJesu,” kodwa noma kunjalo, usabhekiswe kuJehova uNkulunkulu futhi uyamkhazimulisa. Ngenxa yalesosizathu, uPawulu uthi: “Kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.” (Omalukeke sizenzele.)—Filipi 4:6.
Njengoba nje nendlela iholela endaweni ethile, ngakho noJesu ‘uyindlela’ eholela kuNkulunkulu uMninimandla onke. UJesu wafundisa abaphostoli: “Mina ngiyindlela‚ neqiniso‚ nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.” (Johane 14:6) Ngakho, kufanele sibhekise imithandazo yethu kuNkulunkulu ngoJesu singayibhekisi kuJesu ngokuqondile.a
Abanye bangase babuze, ‘Kodwa iBhayibheli alisho yini ukuthi bobabili umfundi uStefanu nomphostoli uJohane bakhuluma noJesu esezulwini?’ Lokho kuyiqiniso. Nokho, lezizenzakalo azizange zihilele imithandazo, njengoba uStefanu noJohane ngamunye wabo abona uJesu embonweni futhi bakhuluma naye ngokuqondile. (IzEnzo 7:56, 59; IsAmbulo 1:17-19; 22:20) Khumbula ukuthi ngisho nokukhuluma nje noNkulunkulu kukodwa akusho ukuthandaza. U-Adamu no-Eva bakhuluma noNkulunkulu, benikeza izaba zesono sabo esikhulu, lapho ebahlulela ngemva kokona kwabo e-Edene. Ukukhuluma kwabo naye ngaleyondlela kwakungewona umthandazo. (Genesise 3:8-19) Ngakho-ke, kungaba iphutha ukucaphuna ukukhuluma kukaStefanu noma okukaJohane noJesu njengobufakazi bokuthi ngempela kufanele sithandaze kuye.
‘Kubizwa’ Kanjani Egameni LikaJesu?
Ingabe unokungabaza okungapheli, usakubheka njengokufanelekile ukuthandaza kuJesu? Omunye wesifazane wabhalela ihhovisi legatsha le-Watch Tower Society: “Ngeshwa angikakholiseki ukuthi amaKristu okuqala ayengathandazi kuJesu.” Engqondweni yakhe wayecabanga ngamazwi kaPawulu akweyoku-1 Korinte 1:2, lapho ephawula khona “bonke [ababiza, NW] egameni leNkosi yethu uJesu Kristu ezindaweni zonke.” Nokho, umuntu kufanele aphawule ukuthi olimini lwakuqala, inkulumo ethi “ukubiza” ingasho nezinye izinto ngaphandle komthandazo.
Igama likaKristu ‘labizwa’ kanjani kuyo yonke indawo? Enye indlela yayiwukuthi abalandeli bakaJesu waseNazaretha bamvuma obala ukuthi unguMesiya kanye ‘noMsindisi wezwe,’ benza izenzo eziningi eziyizimangaliso ngegama lakhe. (1 Johane 4:14; IzEnzo 3:6; 19:5) Ngakho-ke, i-Interpreter’s Bible ithi inkulumo ethi “ukubiza egameni leNkosi yethu . . . isho ukuvuma ubukhosi bayo kunokuba isho ukuthandaza kuyo.”
Ukwamukela uKristu nokubonakalisa ukholo egazini lakhe elachithwa, elenza ukuthethelelwa kwezono kube nokwenzeka, nakho kusho ‘ukubiza, egameni leNkosi yethu, uJesu Kristu.’ (Qhathanisa IzEnzo 10:43 nesahluko 22:16.) Futhi silisho ngokoqobo igama likaJesu noma nini lapho sithandaza kuNkulunkulu ngaye. Ngakho-ke, nakuba sibonisa ukuthi sibiza egameni likaJesu, iBhayibheli alibonisi ukuthi kufanele sithandaze kuye.—Efesu 5:20; Kolose 3:17.
Lokho UJesu Angasenzela Khona
UJesu wathembisa abafundi bakhe ngokucacile: “Noma yini eniyakukucela egameni lami ngiyakukwenza.” Ingabe lokhu kudinga ukuba kuthandazwe kuye? Cha. Lokhu kucela kubhekiswa kuJehova uNkulunkulu—kodwa ngegama likaJesu. (Johane 14:13, 14; 15:16) Sicela kuNkulunkulu ukuba iNdodana yaKhe, uJesu isebenzise amandla negunya layo elikhulu ngenxa yethu.
UJesu uxhumana kanjani nabalandeli bakhe beqiniso namuhla? Incazelo kaPawulu ngebandla lamaKristu agcotshiwe ingase isize njengomfanekiso. Walifanisa nomzimba kanti uJesu Kristu wamfanisa nenhloko. ‘Inhloko’ inikeza amalunga omzimba ongokomoya izidingo zawo “ngamalungu nemisipha,” noma indlela namalungiselelo okunikeza ibandla lakhe ukudla okungokomoya nesiqondiso. (Kolose 2:19) Ngendlela efanayo, uJesu namuhla usebenzisa “izipho ezingabantu,” noma amadoda afanelekayo ngokomoya, ukuze ahole ebandleni, anikeze ngisho nesiqondiso uma sidingeka. Alikho ilungiselelo lokuba amalunga ebandla axhumane ngokuqondile noJesu noma ukuba athandaze kuye, kodwa ngokuqinisekile kufanele—yebo, kumelwe—ukuba athandaze kuYise kaJesu, uJehova uNkulunkulu.—Efesu 4:8-12, NW.
Umdumisa Kanjani UJesu?
Maqondana nensindiso yabantu, yeka ukuthi uJesu ufeza indima ebaluleke kangakanani! Umphostoli uPetru wathi: “Ayikho insindiso ngomunye‚ ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini‚ esimelwe ukusindiswa ngalo.” (IzEnzo 4:12) Uyakuqaphela yini ukubaluleka kwegama likaJesu?
Ngokungayibhekisi kuJesu ngokuqondile imithandazo yethu, akusho ukuthi sisibhekela phansi isikhundla sakhe. Kunalokho, uJesu uyadunyiswa uma sithandaza egameni lakhe. Futhi njengoba nje nezingane zidumisa abazali bazo ngokulalela kwazo, nathi sidumisa uJesu Kristu ngokulalela imiyalo yakhe, ikakhulukazi umyalo omusha wokuthandana.—Johane 5:23; 13:34.
Imithandazo Emukelekayo
Uyafisa yini ukwenza imithandazo emukelekayo? Ngakho-ke yiqondise kuJehova uNkulunkulu, futhi lokho ukwenze ngegama leNdodana yakhe, uJesu. Finyelela ekuyazini intando kaNkulunkulu, futhi wenze imithandazo yakho ikubonakalise lokho kuqonda. (1 Johane 3:21, 22; 5:14) Amazwi eHubo 66:20 mawakuqinise: “Makabongwe uNkulunkulu ongalahlanga umkhuleko wami nomusa wakhe kimi.”
Njengoba sesibonile, imithandazo iwuhlobo oluthile lokukhulekela okumelwe kuqondiswe kuNkulunkulu uMninimandla onke kuphela. Ngokuqondisa yonke imithandazo yethu kuJehova uNkulunkulu, sibonisa ukuthi sisifake ezinhliziyweni isiqondiso sikaJesu sokuthandaza sithi: “Baba wethu osezulwini.”—Mathewu 6:9.
[Umbhalo waphansi]
a Abanye bangase bathandaze kuJesu ngenxa yokuthi bakholelwa ukuthi unguNkulunkulu. Kodwa uJesu wayeyiNdodana kaNkulunkulu, naye ngokwakhe wayekhulekela uJehova, uYise. (Johane 20:17) Ukuze uthole incazelo eningiliziwe ngalendaba, bheka ethi Ingabe Kufanele Ukhulekele UZiqu-zintathu?, enyatheliswa i-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania.