Ungahluleli Abanye Ngendlela Ababukeka Ngayo
“Yekani ukwahlulela ngokubonakala kwangaphandle, kodwa yahlulelani ngokwahlulela okulungileyo.”—JOH. 7:24.
1. Yini u-Isaya ayiprofetha ngoJesu futhi kungani lokhu kusikhuthaza?
ESIPROFETHWENI sakhe esimayelana neNkosi yethu uJesu Kristu, u-Isaya usinika ithemba futhi asiqinisekise. U-Isaya wabikezela ukuthi uJesu wayengeke “ahlulele ngokwanoma yikuphi okubonakala emehlweni akhe, noma amane asole ngokwento ayizwe ngezindlebe. Uyokwahlulela abantu abaphansi ngokulunga.” (Isaya 11:3, 4) Kungani lokhu kusikhuthaza? Kungenxa yokuthi siphila ezweni eligcwele abantu abakhethayo nabanobandlululo. Sonke silangazelela isikhathi lapho kuyofika uMahluleli ophelele ochazwe u-Isaya ongeke neze asahlulele ngendlela esibukeka ngayo!
2. Yini uJesu asiyala ukuba siyenze futhi yini esizoxoxa ngayo kulesi sihloko?
2 Nsuku zonke siyabahlulela abantu. Nokho, njengabantu abanesono, asikwazi ukwahlulela ngendlela ephelele njengoJesu. Ngokuvamile sithonywa esikubona ngamehlo ethu. Noma kunjalo, ngesikhathi uJesu esemhlabeni, wayala wathi: “Yekani ukwahlulela ngokubonakala kwangaphandle, kodwa yahlulelani ngokwahlulela okulungileyo.” (Joh. 7:24) Kusobala ukuthi uJesu ufuna sibe njengaye, singahluleli abanye ngendlela ababukeka ngayo. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezimo ezintathu ngokuvamile ezithonya indlela esahlulela ngayo abanye: uhlanga noma ubuzwe, ingcebo nobudala. Esimweni ngasinye, sizoxoxa ngezindlela ezingokoqobo esingalalela ngazo umyalo kaJesu.
UKWAHLULELA NGOKOBUZWE NOMA NGOKOHLANGA
3, 4. (a) Yini eyabangela ukuba umphostoli uPetru ashintshe indlela ayebheka ngayo abeZizwe? (Bheka isithombe esisekuqaleni.) (b) Yiliphi iqiniso elisha uJehova asiza uPetru ukuba aliqonde?
3 Kumelwe ukuba kuningi umphostoli uPetru ayekucabanga ngesikhathi ebizwe eKhesariya emzini kaKorneliyu owayengoweZizwe. (IzE. 10:17-29) Njengamanye amaJuda angesikhathi sakhe, uPetru wakhula ekholelwa ukuthi abeZizwe babengahlanzekile. Nokho, uPetru wayesanda kubhekana nokuthile okwamenza wahlola kabusha indlela ayecabanga ngayo. Ngokwesibonelo, uPetru wayesanda kuba nombono oyisimangaliso. (IzE. 10:9-16) Wabonani? Wabona isitsha esifana nendwangu eyayigcwele izilwane ezingcolile sehliselwa kuye futhi wezwa izwi elivela ezulwini lithi: “Vuka, Petru, hlaba udle!” UPetru wenqaba kathathu ukwenza lokho. Isikhathi ngasinye lapho enqaba, izwi lalimtshela ukuba ‘ayeke ukubiza izinto uNkulunkulu azihlanzile ngokuthi zingcolile.’ Lapho ephaphama, uPetru wayedidekile ezama ukuqonda lokho izwi elalizama ukumtshela kona. Ngaso leso sikhathi kwafika izithunywa ezivela kuKorneliyu. Ngemva kokunikezwa isiqondiso ngomoya ongcwele, uPetru wahambisana nezithunywa balibangisa emzini kaKorneliyu.
4 Ukube uPetru wayahlulele uKorneliyu ngokubukeka kwakhe wayengeke aye emzini wakhe. AmaJuda ayengalokothi angene emizini yabeZizwe. Kungani uPetru aya kulowo muzi yize ayebabandlulula abantu beZizwe? Umbono ayesanda kuwubona nesiqondiso ayesanda kusithola ngomoya ongcwele, kwamthinta ngokujulile uPetru. Ngemva kokulalela lokho okwashiwo uKorneliyu, akungabazeki ukuthi uPetru washukumiseleka ukuba athi: “Ngokuqinisekile ngiyaqonda ukuthi uNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi enze ukulunga uyamukeleka kuye.” (IzE. 10:34, 35) KuPetru, lokhu kwakuwukuqonda okusha nokujabulisayo futhi kwakuzothinta wonke amaKristu. Kodwa kwakuzowathinta kanjani?
5. (a) Yini uJehova afuna wonke amaKristu ayiqonde? (b) Ngisho noma silazi iqiniso, yimiphi imizwa esingaqhubeka sinayo?
5 Esebenzisa uPetru, uJehova wayesiza wonke amaKristu ukuba aqonde ukuthi akakhethi. UNkulunkulu akabheki abantu njengababalulekile ngenxa nje yobuzwe babo, uhlanga, izwe abahlala kulo noma ulimi abalukhulumayo. Kunalokho wamukela wonke umuntu omesabayo futhi owenza okulungile, kungakhathaliseki ukuthi owesilisa noma owesifazane. (Gal. 3:26-28; IsAm. 7:9, 10) Akungabazeki ukuthi nawe uyaqaphela ukuthi lokhu kuyiqiniso. Nokho, kuthiwani uma ukhulele endaweni noma ekhaya elinobandlululo? Nakuba ungase uzibone ungumuntu ongakhethi, kungenzeka unalo ubandlululo ekujuleni kwenhliziyo yakho. Ngisho noPetru, owaba nelungelo lokuveza ukuthi uNkulunkulu akakhethi, kamuva wabonisa ukuthi unalo ubandlululo. (Gal. 2:11-14) Singamlalela kanjani uJesu futhi siyeke ukwahlulela abanye ngendlela ababukeka ngayo?
6. (a) Yini engasisiza ukuba sisiphule iminonjana yobandlululo ezinhliziyweni zethu? (b) Yini eyembulwa umbiko womzalwane othile?
6 Kudingeka sizihlole ngokucophelela sisebenzisa iZwi likaNkulunkulu ukuze sibone ukuthi sinayo yini imizwa yobandlululo. (IHu. 119:105) Singase sidinge usizo lwabanye abangase babone inhlansi yobandlululo kithi, ngisho noma thina singaboni ukuthi sinayo. (Gal. 2:11, 14) Kungenzeka ukuthi lesi simo sengqondo sigxile kakhulu kithi kangangokuthi asiziboni ukuthi sinobandlululo. Ngokwesibonelo, cabanga ngomzalwane ophathiswe imithwalo ebandleni owathumela umbiko ngendoda nomkayo abayisibonelo abasenkonzweni yesikhathi esigcwele. Umyeni wayevela ohlangeni ngokuvamile olubukelwa phansi abanye. Kubonakala sengathi lo umzalwane wayengaboni ukuthi naye wayebabandlulula abantu balolu hlanga. Embikweni wakhe washo izinto ezinhle ngalo myeni; nokho, waphetha ngokuthi: “Nakuba [engowalolu hlanga], indlela aziphatha ngayo naphila ngayo isiza abantu baqonde ukuthi ukuba [owalolu hlanga] akusho ukuba ongcolile, ophila ukuphila okuphansi okuyinto evamile kubantu [balolu] hlanga.” Sifundani kulokhu? Kungakhathaliseki ukuthi sinamiphi imithwalo ebandleni, kumelwe sizihlole ngokucophelela futhi sikulungele ukwamukela usizo ukuze sibone iminonjana yobandlululo ezinhliziyweni zethu. Yini enye esingayenza?
7. Singabonisa kanjani ukuthi sivumela uthando lukhule ezinhliziyweni zethu?
7 Uma sivumela uthando lukhule ezinhliziyweni zethu siyokwazi ukulunqoba ubandlululo. (2 Kor. 6:11-13) Ingabe ujwayele ukuzisondeza kuphela kubantu abanebala lesikhumba elifana nelakho, abantu bohlanga lwakho, isizwe noma ulimi? Uma kunjalo, yanuleka. Kunganjani ucele abantu bohlanga oluhlukile ukuba basebenze nawe ensimini noma ubamemele esidlweni kwakho? (IzE. 16:14, 15) Uma wenza lokho, enhliziyweni yakho kuyogcwala uthando, ngeke sibe khona isikhala sobandlululo. Sikhona nesinye isimo esivame ukwahlulela kuso abanye ngendlela ababukeka ngayo. Ake sihlole indaba yokuceba.
UKWAHLULELA ABANYE NGOKUCEBA NOMA NGOKUBA MPOFU
8. ULevitikusi 19:15 ubonisa kanjani ukuthi ingcebo nobumpofu kungathinta indlela esahlulela ngayo abanye?
8 Umcebo ungenye into engathonya indlela esibheka ngayo abantu. ULevitikusi 19:15 uthi: “Akumelwe nahlulele ngokungenabulungisa. Ungambandlululi umuntu ophansi, futhi ungakhethi ubuso boyisikhulu.” Kodwa ukuceba komuntu noma ukuba mpofu kwakhe kungayithinta kanjani indlela ombheka ngayo?
9. Yiliphi iqiniso elibuhlungu uSolomoni alibhala, futhi lisifundisani?
9 Umoya ongcwele washukumisa uSolomoni ukuba alobe iqiniso elibuhlungu ngabantu abanesono. Encwadini yezAga 14:20 wathi: “Ngisho nakumuntu wakubo umuntu onokuncane uyinto yokuzondwa, kodwa baningi abangane bomuntu ocebile.” Lesi saga sisifundisani? Uma singaqaphile, singafisa ukuba abangane babazalwane abacebile kuyilapho sigwema abazalwane abampofu. Kungani kuyingozi ukubheka abanye njengababalulekile ngenxa nje yemali abanayo?
10. Iyiphi inkinga eyavezwa uJakobe?
10 Uma sahlulela abanye ngenxa yalokho abanakho noma abangenakho, singabangela ukwahlukana ebandleni. Umfundi uJakobe waxwayisa ukuthi le nkinga yayihlukanisa amabandla athile ngekhulu lokuqala. (Funda uJakobe 2:1-4.) Kumelwe siqaphe singavumeli le ndlela yokucabanga ithonye amabandla ethu namuhla. Singamelana kanjani nokwahlulela abanye ngendlela ababukeka ngayo?
11. Izinto umuntu anazo zibuthinta kanjani ubuhlobo bakhe noJehova? Chaza.
11 Kudingeka sibheke abazalwane bethu ngendlela uJehova ababheka ngayo. Ingcebo noma ubumpofu akusenzi sibaluleke kuJehova. Ubuhlobo bethu noJehova abusoze nanini bunqunywe yizinto esinazo noma esingenazo. Nakuba kuyiqiniso ukuthi uJesu wathi “kuyoba yinto enzima ngesicebi ukungena embusweni wamazulu,” akazange athi ngeke kwenzeke. (Math. 19:23) Ngakolunye uhlangothi, uJesu waphinde wathi: “Niyajabula nina enimpofu, ngoba umbuso kaNkulunkulu ungowenu.” (Luka 6:20) Nokho, lokhu akusho ukuthi bonke abantu abampofu babebusiswe ngokukhethekile noma ukuthi babezamukela izimfundiso zikaJesu. Abantu abaningi abampofu abazange bamlalele uJesu. Iphuzu liwukuthi, asikwazi ukwahlulela ubuhlobo bomuntu noJehova ngalokho anakho noma angenakho.
12. Yisiphi iseluleko esinikezwa imiBhalo kulabo abacebile nakulabo abampofu?
12 Kuyisibusiso ukuba nabafowethu nodadewethu abaningi, abacebile nabampofu, abathanda nabakhonza uJehova ngenhliziyo ephelele. ImiBhalo yeluleka labo abacebile ukuba “bangabeki ithemba labo engcebweni engaqinisekile, kodwa kuNkulunkulu.” (Funda eyoku-1 Thimothewu 6:17-19.) Ngesikhathi esifanayo, iZwi likaNkulunkulu linxusa bonke abantu bakaNkulunkulu, abacebile nabampofu, ukuba baqaphele bangayithandi imali. (1 Thim. 6:9, 10) Ngempela, lapho sibheka abafowethu ngendlela uJehova ababheka ngayo ngeke sibahlulele ngokwalokho abanakho noma abangenakho. Kodwa kuthiwani ngobudala bomuntu? Ingabe lokho kuyisizathu esizwakalayo sokwahlulela abanye? Ake sibone.
UKWAHLULELA NGOBUDALA BOMUNTU
13. Yini esiyifundiswa yimiBhalo ngokuhlonipha asebekhulile?
13 ImiBhalo ihlale isiyala ukuba sihloniphe asebekhulile. ULevitikusi 19:32 uthi: “Kufanele usukume phambi kwempunga, ubonise ukucabangela ixhegu, umesabe uNkulunkulu wakho.” Ngokufanayo izAga 16:31 zithi, “Ubumpunga bungumqhele wobuhle lapho butholakala endleleni yokulunga.” UPawulu naye wakhuthaza uThimothewu ukuba angayigxeki ngokweqile indoda esikhulile kodwa ayibheke njengobaba. (1 Thim. 5:1, 2) Nakuba ngokwezinga elithile uThimothewu ayenegunya phezu kwabazalwane asebekhulile, kwakumelwe abaphathe ngothando nangenhlonipho.
14. Kungaphansi kwaziphi izimo lapho kungase kufaneleke ukuba siyale umuntu omdala kunathi?
14 Leso simiso singasisebenzisa ngokwezinga elingakanani? Ngokwesibonelo, ingabe kufanele sizizwe sibophekile ukusekela umuntu osekhulile uma enza isono ngamabomu noma egqugquzela into engamjabulisi uJehova? UJehova ngeke ahlulele umuntu ngendlela abukeka ngayo futhi ngeke axolele umuntu owona ngamabomu ngenxa nje yokuthi usekhulile. Qaphela isimiso esitholakala ku-Isaya 65:20, esithi: “Isoni sona, nakuba sineminyaka eyikhulu siyoqalekiswa.” Isimiso esifanayo siyavela embonweni kaHezekeli. (Hez. 9:5-7) Ngakho, ngokuyinhloko, esikhathazeka ngakho kumelwe kube ukuhlonipha oMdala Wezinsuku, uJehova uNkulunkulu. (Dan. 7:9, 10, 13, 14) Uma senza kanjalo, ngeke sesabe ukulungisa umuntu odinga iseluleko kungakhathaliseki ukuthi ungakanani.—Gal. 6:1.
15. Yisiphi isifundo esisifunda kumphostoli uPawulu mayelana nokuhlonipha abazalwane abasebasha ngeminyaka?
15 Kuthiwani ngabazalwane abasebasha ngeminyaka ebandleni? Ubabheka kanjani? UPawulu wabhalela uThimothewu owayesemusha, wathi: “Makungabikho muntu nanini obukela phansi ubusha bakho. Ngokuphambene nalokho, yiba isibonelo kwabathembekile ekukhulumeni, ekuziphatheni, othandweni, okholweni, ngobumsulwa.” (1 Thim. 4:12) Ngesikhathi uPawulu ebhala la mazwi, kungenzeka uThimothewu wayesanda kweva eminyakeni engu-30. Noma kunjalo uPawulu wayemphathise imithwalo esindayo. Sifundani kulokhu? Sifunda ukuthi akumelwe sahlulele abazalwane abasebasha ngenxa nje yeminyaka yabo. Senza kahle ngokukhumbula ukuthi ngisho neNkosi yethu uJesu yafeza inkonzo yayo emhlabeni isanda kweva eminyakeni engu-30.
16, 17. (a) Abadala banquma kanjani ukuthi umzalwane uyakufanelekela yini ukutuswa njengenceku ekhonzayo noma njengomdala? (b) Imibono yomuntu noma isiko kungangqubuzana kanjani nemiBhalo?
16 Kungenzeka ukuthi endaweni esikhulele kuyo noma esihlala kuyo amadoda asemasha ngeminyaka ayadeleleka noma abukelwe phansi. Uma kunjalo abadala bebandla bangase bangabaze ukutusa amadoda asemasha afanelekayo ukuba akhonze njengezinceku ezikhonzayo noma njengabadala. Bonke abadala benza kahle ukukhumbula ukuthi imiBhalo ayisho ukuthi indoda kumelwe ibe neminyaka emingaki ukuze ifanelekele uba yinceku ekhonzayo noma umdala. (1 Thim. 3:1-10, 12, 13; Thithu 1:5-9) Uma umdala encika kakhulu emibonweni yabantu abasendaweni aphila kuyo, akenzi ngokuvumelana nemiBhalo. Amadoda asemasha kumelwe ahlolwe ngeZwi likaNkulunkulu, hhayi ngemibono yethu noma ngemibono yabantu abasendaweni esihlala kuyo.—2 Thim. 3:16, 17.
17 Cabanga indlela imibono enjalo engasekelwe eBhayibhelini engavimba ngayo abazalwane abafanelekayo. Kwelinye izwe, inceku ekhonzayo efanelekayo yayiphathiswe imithwalo esindayo. Nakuba abazalwane ebandleni babevumelana ngokuthi lo mzalwane osemusha uyahlangabezana nezimfuneko ezingokomBhalo zokuba umdala, akazange atuswe. Abadala abambalwa bathi lo mzalwane ubukeka emncane ngakho ngeke abhekwe njengomdala. Ngokudabukisayo, lo mzalwane akatuswanga ngenxa nje yendlela ayebukeka ngayo. Nakuba lesi kuyisibonelo esisodwa, imibiko ibonisa ukuthi abantu abaningi ezindaweni ezihlukahlukene emhlabeni banenkinga efanayo. Yeka ukuthi kubaluleke kanjani ukuncika emiBhalweni kunokuba sinamathele emibonweni yabantu esiphila phakathi kwabo noma emibonweni yethu! Leyo ukuphela kwendlela yokulalela uJesu nokuyeka ukwahlulela abanye ngendlela ababukeka ngayo.
YAHLULELA NGOKULUNGA
18, 19. Yini okudingeka siyenze ukuze sibheke abanye ngendlela uJehova ababheka ngayo?
18 Ngisho noma singaphelele, singafunda ukubheka abanye ngendlela engakhethi okuyindlela uJehova ababheka ngayo abanye. (IzE. 10:34, 35) Kodwa kudingeka senze umzamo oqhubekayo futhi sizikhumbuze njalo ngalokho okushiwo yiZwi likaNkulunkulu. Ngokusebenzisa lezi zikhumbuzo, siyothuthuka siwulalele kangcono umyalo kaJesu wokuyeka ukwahlulela abanye ngendlela ababukeka ngayo.—Joh. 7:24.
19 Maduze uJesu Kristu, iNkosi yethu, uzokwahlulela sonke isintu hhayi ngokwalokho akubona ngamehlo noma ngokwalokho akuzwa ngezindlebe kodwa ngokulunga. (Isaya 11:3, 4) Yeka indlela lokho okuyoba kuhle ngayo!