Ubunye Ekumemezeleni IZwi LikaJehova
“Nibe-nokuqonda kunye phakathi kwenu ngokukaKristu Jesu, ukuze nganhliziyonye nidumise ngamlomo munye uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu.”—ROMA 15:5, 6.
1. (a) Liyini ilungiselelo likaJehova lokuhlanganisa abantu bakhe? (b) Yini eboniswa yimiBhalo maqondana nesimiso salokhu kuhlanganiswa?
UJEHOVA uye waqoqela ofakazi bakhe ebunyeni obuyigugu bembulunga yonke. Lokhu kuvumelana nelungiselelo likaNkulunkulu lomkhaya umphostoli uPawulu alichaza kwabase-Efesu 1:10: “Ukuphatha ekupheleni kwezikhathi ezibekiwe, okungukuthi, ukuhlanganisela zonke izinto futhi kuKristu, izinto ezisemazulwini nezinto ezisemhlabeni.” (NW) Abaqoqwa kuqala yilabo ‘bomhlambi omncane’ wamaKristu agcotshiwe okumelwe aye ezulwini, futhi kamuva labo ‘besixuku esikhulu . . . esivela kuzo zonke izizwe’ esibheke phambili ekusindeleni ‘emhlabeni omusha’ wokulunga ngokwesithembiso sikaNkulunkulu.—Luka 12:32; IsAmbulo 7:3, 4, 9, 13-17; 21:1, 5.
2. Yini eyenza kube nakwenzeka ngoFakazi BakaJehova ukuba bakhulume ‘nganhliziyonye’?
2 “Nganhliziyonye”—yileyo indlela labofakazi bakaJehova abakhuluma ngayo isigijimi sakhe soMbuso. Kungani bekwazi ukwenza lokhu? Kungoba, kuyo yonke imbulunga yethu, babonisa ‘isimo sengqondo esifana naleso uKristu ayenaso’ lapho esemhlabeni. Wayengeyona ingxenye yalelizwe eliziphakamisayo. Kunalokho, wazithoba ekwenzeni intando kaNkulunkulu nasekwakheni ubunye obufudumele nobothando phakathi kwabafundi bakhe. Lokhu kwakuyisiqalo sobunye bembulunga yonke obahlukanisa amaKristu eqiniso emakhulwini ayezolandela.—Filipi 2:5-8; Johane 13:34, 35; 17:14.
3. (a) Imuphi umehluko omkhulu obonakalayo emhlabeni namuhla? (b) ImiBhalo isiza kanjani ekuboneni umphakathi wembulunga yonke wamaKristu eqiniso?
3 Lobubunye benhlangano buye babonakala ngokumangalisayo phakathi ‘nalezinsuku zokugcina,’ baba obuphambene kakhulu nokwehlukana okuphethe isimiso sezinto sikaSathane, lapho inzondo nokungabi namthetho kudlange khona. (2 Thimothewu 3:1-5, 13; Mathewu 24:3, 12) Akukaze ngaphambili emlandweni wesintu emhlabeni wethu, emazweni angama-203, kube nenhlangano evumelana ngokuphelele ngenkolelo, injongo nomsebenzi. Lenhlangano yembulunga yonke yabafundi bakaJesu ingase iphawulwe ngezithelo ezithelayo.—Johane 15:8; Heberu 13:15; Galathiya 5:22, 23.
Isenzo Esinobunye
4. (a) Iyiphi impikiswano eyaphakama ebandleni lekhulu lokuqala? (b) NgokwezEnzo 15:1-6, isiphi isenzo esingokwasezulwini esathathwa?
4 Isenzo esinobunye enhlanganweni kaJehova sisiboniswe kuzEnzo isahluko 15. Bheka ngeso lakho lengqondo imihlangano wofakazi bakaJehova abavuthiwe—abaphostoli abayi-12, amanye amadoda amadala ebandla laseJerusalema noPawulu noBarnaba; abadala bebandla laseAntiyokiya. EAntiyokiya naseJerusalema, amanye amakholwa phakathi kwamaJuda ayephikelela ngokuthi abantu bezizwe kumelwe basokwe futhi kumelwe bagcine uMthetho kaMose ukuze basindiswe. Ngakho, abaphostoli namadoda amadala ‘babuthene ukuze bayihlole lendaba.’—IzEnzo 15:1-6.
5-7. (a) Kwakungayiphi ingqondo kwaba khona ‘ukuphikisana okukhulu’? (b) Yibuphi ubufakazi obanikezwa? (c) ImiBhalo yavezwa kanjani ekufakazeleni indaba? (d) Imaphi amazwi ashiwo uJakobe abonisa ukuvuthwa, aholela kusiphi isinqumo sokugcina? (e) Isiphi isinyathelo esalandela?
5 Kunengxoxo evulela yonke imibono ngenkinga, nalawomadoda azinikele eyihlaziya nxazonke. Awazenzanga izinqumo kusengaphambili. Azimisele ukuhlola indaba macala onke. Kukhona ‘ukuphikisana okukhulu,’ kodwa ngokusobala anokuhleleka okuhle futhi ayilalele lwenhlonipho imibono yomunye nomunye. Umphostoli uPetru unikeza ubufakazi bokuthi uNkulunkulu uye wanikeza umoya ongcwele kubantu abangasokiwe bezizwe—ngokuqinisekile ubufakazi obunamandla bokuthi ukusokwa okungokwenyama akuseyona imfuneko ngalabo abasindiswayo. UBarnaba noPawulu bayanezela kulobufakazi, bechaza izinto eziningi ezimangalisayo uNkulunkulu aye wazifeza ngenkonzo yabo kwabezizwe.—IzEnzo 15:7-12.
6 Ngokulandelayo, uJakobe ucaphuna imiBhalo esekela iphuzu eliveziwe. Uchaza ukuthi uAmose 9:11, 12 ukhomba ekubuyiselweni komusa waphezulu ngaphansi kukaDavide oMkhulu, uJesu Kristu, nokululela kukaJehova umusa engafanele ‘kubo bonke abezizwe abaye babizwa ngegama lakhe.’ UJakobe akaboni sidingo sokukhathaza abaphendukile bakwezinye izizwe ngokuphikelela ekutheni basokwe futhi bagcine yonke imithetho ehlanganiswe eMthethweni kaMose. Nokho, kudingeka izinto ezimbalwa: Kumelwe bayeke ukukhonza izithombe, ukudla igazi nganoma iyiphi indlela nokuziphatha okubi kobulili.—IzEnzo 15:13-21.
7 Indikimba ebusayo eJerusalema ifinyelela isinqumo sobunye. Ithuma izithunywa ebandleni laseAntiyokiya nencwadi ephetha ngalesikhuthazo: “Uma nizilinda kulezozinto, noba nenza kahle. Salani kahle.”—IzEnzo 15:22-29.
Inqubo Engokwasezulwini
8. (a) INdikimba Ebusayo yanamuhla iqondiswa kanjani ekwenzeni izinqumo? (b) Iziphi ezinye izinto eziye zacaciswa muva nje?
8 Ezikhathini zanamuhla, iNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova, emelela “inceku ethembekileyo neqondayo” yeNkosi emhlabeni, ilandela inqubo efanayo yabaphostoli. (Mathewu 24:45-47) Kanjalo, okuhlangenwe nakho komKristu, iseluleko seBhayibheli, nokuhola komoya kaJehova kuqondisa leliqembu loFakazi abagcotshiwe eziphethweni ezingokwasezulwini ezindabeni ezilithinta kakhulu ibandla. Ngokwesibonelo, eminyakeni yamuva iNdikimba Ebusayo iye yalandela inqubo engokomBhalo ekuchazeni izindaba ezinjengombono weBhayibheli mayelana nelithi “ministers,” unembeza esiwunikwe uNkulunkulu, ukuphatha izikhali ezibulalayo, nangezinga izici zesiprofetho sikaIsaya ezisebenza ngalo ePharadesi elizayo emhlabeni.—Qhathanisa noJohane 14:26; 1 Korinte 2:10.
9. Iyiphi inqubo abadala okumelwe bayilandele ekusingatheni izinkinga namuhla?
9 Inqubo ekuzEnzo isahluko 15 kumelwe futhi ilandelwe abadala bebandla ekusingatheni izinkinga namuhla. Okokuqala, bathola ukulandisa okucacile ngenkinga nangamaqiniso ahlobene nayo. Ngemva kwalokho, ofakazi abanokwethenjwa mabanikeze ubufakazi bendaba obukhanyayo nobuyiqiniso. Bahlola imiBhalo ukuze bathole umbono kaJehova, basebenzise futhi usizo olungase lutholakale ezincwadini zeWatch Tower Society. Basebenza ngomthandazo ekufinyeleleni ikhambi ngobunye, ngokuvumelana nesifundiso seZwi likaJehova, elivozuzisa ibandla.—Isaya 48:17; 1 Korinte 14:33.
Ukujabula—Ngalesosikhathi Namanje
10. (a) Njengase bandleni lekhulu lokuqala, izinqumo ezingokwasezulwini kumelwe zisithinte kanjani namuhla? (b) Izenzakalo zanamuhla ziye zaphumela kanjani ekuqinisweni nasekwandeni kwabantu bakaNkulunkulu?
10 Lapho ezwa ngesinqumo sendikimba ebusayo, amalungu ebandla laseAntiyokiya ‘athokoza ngenduduzo yaso.’ Ngokufanayo namuhla, oFakazi BakaJehova bayathokoza ngokuzwa izinqumo zenhlangano nokuchazwa kwezimfundiso ezithuthukisa impilo engokomoya yabantu bakaNkulunkulu nokuqhubeka komsebenzi kaJehova. (Qhathanisa noThithu 2:1.) Kodwa akusadingekile ukuba iNdikimba Ebusayo ibhale izincwadi zesiyalezo ngesandla futhi izihambise ngezithunywa ezihamba ngezinyawo. Izindlela zesimanje zokuxhumana nezinto zokunyathelisa emagatsheni eWatch Tower angaphezu kwama-30 emhlabeni wonke zenza kube lula ukudlulisela ‘lezindaba ezinhle zezwi likaJehova’ ezigidini zabantu bakaNkulunkulu ngesikhathi esincane. Lokhu kwenziwa ngokuyinhloko ngomagazini INqabayokulinda. Kanjalo, amabandla emhlabeni wonke ayaqhubeka ‘eqiniswa ekukholweni futhi ayanda ngobuningi imihla ngemihla.’—IzEnzo 15:30–16:5..
11. UJehova uye wayisebenzisa kanjani INqabayokulinda ekugcwaliseni uIsaya 30:18-21?
11 Labo abaye bafunda INqabayokulinda eminyakeni eminingi baye bajabula futhi ngokubona ukwanda kokunyatheliswa kwayo. Eminyakeni eyi-105 yalomagazini, lokhu kuye kwenyuka kusuka komagazini abayizi-6 000 ngesiNgisi kanye ngenyanga, kuya komagazini abayizi-11 150 000 ngezilimi eziyi-102, zonke izilimi ezinkulu ziphuma kabili ngenyanga. Ngokungangabazeki, INqabayokulinda iye yasetshenziswa ngamandla uMfundisi wethu Omuhle, uJehova uNkulunkulu, ekugcwaliseni lesithembiso: “Babusisiwe bonke abamhlalelayo, . . . Nezindlebe zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho, lithi: Nansi indlela; hambani ngayo, noma niphambuka ngakwesokunene, noma niphambuka ngakwesokhohlo.”—Isaya 30:18-21.
12. (a) Kungani manje sinesizathu esengeziwe sokuthokoza? (b) Lelilungiselelo elisha kumelwe lisizuzise kanjani?
12 Manje kunesizathu esengeziwe sokuthokoza. Njengoba singena onyakeni ka-1985, INqabayokulinda isinyatheliswa ngesikhathi esifanayo, ngokwalokho ekuqukethe, ngezilimi ezingama-23!a Bonke labomagazini banesembozo esifanayo. Banochungechunge lwezihloko zokuqala ezifanayo nezihloko ezifanayo ezifundwayo. Lokhu kunikeza isimiso ‘sokondliwa’ ngokufanayo esiyohlanganisa abantu bakaJehova ekukhuleni ngokomoya ‘baze bafinyelele ubunye okholweni.’ Kumelwe kusishukumise ngokwengeziwe, ukuze ‘nganhliziyonye sidumise ngamlomo munye uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu.’—Efesu 4:13; Roma 15:6.
13. (a) Sibanzi kangakanani lesimiso? (b) Ngakho-ke ikuphi ukusetshenziswa kweyoku-1 Korinte 1:10 okungase kwenziwe?
13 Uma uphethe lomagazini esandleni sakho esifundweni sebandla samasonto onke seNqabayokulinda, ingabe akukuvusi yini amadlingozi ukwazi ukuthi abaningi babazalwane bakho emhlabeni wonke bazobe bemunye ekudleni lokhu kudla okufanayo okungokomoya ngosuku olufanayo? Yebo, lokho kuzobe kwenzeka kulo lonke elaseNyakatho naseNingizimu Melika, ezindaweni eziningi eYurophu, eJapane nasezindaweni eziningi eningizimu Afrika! Kulinganiselwa ukuthi kakade abangaphezu kwamaphesenti angama-90 balabo ababa khona esifundweni seNqabayokulinda emhlabeni wonke—abantu abangaba yizi-2 500 000 isonto ngalinye—manje bahlanganyela kulelilungiselelo ‘lokondliwa’ okufanayo ngasikhathi sinye. Bonke laba ‘bapheleliswe emqondweni munye nasekuboneni kunye.’ (1 Korinte 1:10) Uma izimo zivuma, kusazonezelwa nezinye izilimi.
14. Imikhaya iyozuza kanjani?
14 Kuze kube manje, ngenxa yokwehlukana kwezilimi, amalungu omkhaya owodwa kungenzeka abehlukene ngezinyanga ekutadisheni izihloko ezithile zeNqabayokulinda. Kodwa manje angase abe munye kulokhu. Ngokwesibonelo, abazali abajwayelene kangcono nolunye ulimi bangahlala phansi nabantwana babo abakhuluma isiZulu ukuze balungiselele isifundo sesonto elifanayo seNqabayokulinda ngazo zombili izilimi. Emikhayeni ekhuluma izilimi ezimbili, abazali bayohlonyiswa kangcono ukuba bafeze isiyalezo esikwabase-Efesu 6:4 naku-2 Thimothewu 3:14, 15.
15. (a) Enkonzweni yethu yasobala, yini manje esingayenza ngokuvumelana noIsaya 52:8, 9? (b) Yini ezokwazi ukwenzeka ngasekuqaleni kuka-1985, nasesikhathini esizayo?
15 Cabangela futhi, inkonzo yethu esiyenza kubantu bonke ngomagazini. Ngalendlela eyengeziwe, abamemezeli boMbuso kuyo yonke imbulunga manje ‘bangaphakamisa izwi, bajabule kanye kanye’ njengoba benikeza ukwaziswa okufanayo kubantu emhlabeni ngesikhathi esifanayo. (Isaya 52:8, 9) Ekufakazeni ngomagazini emgwaqweni emasimini anezilimi eziningi, abamemezeli bangabonisa omagazini abanesihloko esifanayo ngaphandle ngezilimi ezimbili noma ezengeziwe. Ake ucabange nje ngalokho! Phakathi nengxenye yokuqala ka-1985; abamemezeli boMbuso emhlabeni wonke bayobe benikeza ubufakazi obuphaphamisayo nobunobunye ngokuqondene neArmagedoni! Ngesikhathi esifanele, uJehova angase aqondise abantu bakhe ukuba benze esinye isimemezelo esinamandla nesinobunye emhlabeni wonke njengoba bekhonza ‘ngamphefumulo munye ngenxa yokholo lwezindaba ezinhle.’ (Filipi 1:27) Ukukhishwa kweNqabayokulinda ngesikhathi esifanayo ngezilimi eziningi kuyokwenza kube nokwenzeka ukumemezela okunjalo.—Qhathanisa noDaniyeli 11:44.
Ukubheka Phambili
16. (a) LeNqabayokulinda isitshelani ngomsebenzi kamagazini emakhasini 8, 9 no-22? (b) Kungani abantu bedinga omagazini bethu namuhla?
16 Phakathi nonyaka ka-1984, oFakazi BakaJehova baye basakaza omagazini ababili INqabayokulinda nePhaphama! Lomsebenzi uye wabusiswa ngokucebile uJehova, njengoba ungabona ngokwamanani akhishwe emakhasini 8, 9 no-22 kulomagazini. Emhlabeni kabanzi, ukusakazwa komagazini bethu ensimini ngo-1984 kuye kwanda ngamaphesenti angama-11,1 kuya engqikithini yezi-287 358 064, kanti izikhokhelo zomagazini eziye zatholakala ziye zanda ngamaphesenti ama-3,2 zaba isi-1 812 221. Akungabazeki ukuthi abantu abaningi ngokwandayo bafuna ukwazi isizathu sokuba izizwe zibe sosizini, “zixakeke.” (Luka 21:25, 26) Abazali bafuna abantwana babo babe nekusasa elijabulisayo—okuthile okungcono kunomhlaba owosiwe yimpi yenyukliye. Omagazini bethu baphethe ithemba eliphilayo!—Mathewu 12:18, 21; Roma 15:4.
17. Omagazini bethu bayosisiza kanjani ukuba simelane noDeveli?
17 Khona-ke, kuthiwani ngo-1985? Isigijimi esikuNqabayokulinda nePhaphama! siba ngesiqonde ngokwengeziwe. Lokhu kungalindelwa njengoba izinsuku zokugcina zezwe likaSathane zincipha. (IsAmbulo 12:12) Ungalenzi iphutha! UDeveli ufuna ukusidumaza ukuba singahlanganyeli njalo enkonzweni kaJehova. Yebo, uSathane ufuna ukusihlukanisa nendikimba yabantu bakaNkulunkulu nomsebenzi wayo, futhi ngalokho asishwabadele. (1 Petru 5:8) Kodwa singamelana naye ngokuhlanganyela njalo ukuze sithole ulwazi oluqondile, nangokusebenzisa lolulwazi olwengeziwe ekukhonzeni uJehova.—Efesu 6:11, 14-16; Kolose 1:9-11.
18. (a) Mkhulu kangakanani umthwalo wakho wemfanelo njengommemezeli woMbuso? (b) Singasisebenzisa kanjani iseluleko esikweyabaseRoma 12:10, 11; no-15:5, 6?
18 Ingabe ungummemezeli woMbuso? Uma kunjalo, unesikhundla esiphakeme emphakathini wasezulwini wanamuhla. NjengomKristu ozinikezele, ungase ube neminye imithwalo yemfanelo ebandleni. Kodwa ukuze uphile ngokuvumelana negama likaJehova, kumelwe ube yisikhonzi esishisekayo ensimini. Ngobunye othandweni lobuzalwane nasekuthandaneni, sonke masiqhubeke sivutha emoyeni njengoba ‘sikhonza uJehova.’ (Roma 12:10, 11) Kungakhathaliseki ukuthi ikuphi ukucindezela esikuthola kuSathane nasezweni lakhe, kumelwe siqhubeke njengendikimba eyodwa, yebo, ‘nganhliziyonye nangamlomo munye,’ sidumisa uJehova ngokumemezela izinjongo zakhe zoMbuso.
19. (a) Singabhekana kanjani ngokuphumelelayo nokushushiswa nezinye izinkinga? (b) Isiphi iseluleko uZefaniya 3:8, 9 asinikeza sona?
19 Abaningi bethu kumelwe babhekane nokushushiswa noma namasimu angasabeli ekushumayeleni kwethu. Nokho, masiqhubeke sibonisa isimo sengqondo esifana naleso uKristu Jesu ayenaso. (Johane 16:33; 1 Petru 4:1, 2) Njengendikimba ebumbene masibonise isibindi seqiniso—amandla angaphakathi angokomoya lawo abekezelayo futhi angapheli ngaphansi kokucindezelwa. (IHubo 27:14; Filipi 1:14) Masingalokothi siyekethise isandla ekufuneni abanjengezimvu. Masihlale ‘silindele’ uJehova nosuku lwakhe lokwahlulela, simkhonze ngobunye njengoba sincika egameni lakhe futhi sikhuluma ‘ulimi oluhlanzekile’ lweqiniso.—Zefaniya 3:8, 9.
20. (a) Singayithola kanjani injabulo yeqiniso? (b) UIsaya 11:6-9 unakuphi ukugcwaliseka okuphawulekayo?
20 Kwangathi ngobunye bonke abadumisa uNkulunkulu ‘bangembatha umuntu omusha owenziwe ngokwentando kaNkulunkulu ngokulunga kweqiniso nokwethembeka.’ (Efesu 4:24) Lokhu kuphumela enjabulweni yeqiniso. Kuboniswe encwadini kaIsaya 11:6-9, ekhuluma ngepharadesi elingokomoya manje elikhona phakathi kwabantu bakaJehova ababuyiselwe. Yeka ukuthula nokuzwana! Yeka ukuphela kokuhaha, ukuthambekela kobuntu okuyingozi! Njengesiphetho sokuchazwa kwalelipharadesi, siphawula lamazwi: “Abayikwenza okubi, bangachithi entabeni yonke yami engcwele, ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.” ‘Intaba engcwele’ kaJehova yokukhulekela okunobunye imiswe ngokuqinile namuhla kuwo wonke umhlaba. Ngani? Ngoba uJehova uye washukumisa ofakazi bakhe ukuba badumise igama lakhe nganhliziyonye nangamlomo munye. Kanjalo “umhlaba,” isimo esingokomoya sabantu baKhe, uye wagcwala “ukumazi uJehova.”
21. Kungani omagazini bethu kumelwe sibasakaze kabanzi ngangokunokwenzeka?
21 Sengathi, ngamandla uJehova awanikezayo, singasakaza kabanzi INqabayokulinda nomagazini ewumngane wayo iPhaphama! Futhi sengathi singenza kanjalo sinethemba lokuthi amagumbi omane omhlaba nayo yonke imikhaya yezizwe, ngabameleli bayo. “iyakukhumbula, iphendukele kuJehova.”—IHubo 22:27; IsAmbulo 15:4.
[Umbhalo waphansi]
a Yilezi izilimi: IsiBhunu, isiDanishi, isiDashi, isiNgisi, isiFinishi, isiFulentshi, isiJalimane, isiNtaliyane, isiJapane, isiNorwegian, isiPutukezi, iSipanishi, isiSwidi, nesiThai; izilimi zabaNsundu: isiPedi, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiVenda, isiXhosa, nesiZulu; nezilimi ezimbili emazweni lapho umsebenzi woFakazi BakaJehova uvinjelwe khona.
Ukubukeza Lesihloko—
◻ Ibandla lekhulu lokuqala lalisebenza kanjani?
◻ Iziphi izinzuzo okumelwe zitholakale ekunyathelisweni kweNqabayokulinda ngesikhathi esifanayo?
◻ Imuphi umzamo omuhle kamagazini owenziwa ngo-1984?
◻ Singachuma kanjani ngokomoya, ngisho nasezikhathini zokuvivinywa?