Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Ingabe oFakazi BakaJehova bayayamukela imijovo yengxenye yegazi, njengeglobulin evikela ezifweni noma ialbumin?
Abanye bayayamukela, bekholelwa ukuthi imiBhalo ayikwenqabeli ukwamukela umjovo wengxenye encane, noma isakhi, esithathwe egazini.
UMdali wasibeka kuqala phezu kwaso sonke isintu isibopho sokugwema ukudla igazi: “Zonke izilwane eziphilayo ziyakuba-ngukudla kwenu . . . Kepha inyama okukuyo umphefumulo wayo, okungukuthi igazi layo, aniyikuyidla.” (Genesise 9:3, 4) Igazi lalingcwele ngakho lalingase lisetshenziswe emhlatshelweni kuphela. Uma lingasetshenziswa ngaleyondlela, kwakumelwe lichithwe emhlabathini.—Levitikusi 17:13, 14; Duteronomi 12:15, 16.
Lokhu kwakungekhona nje ukwenqatshelwa kwesikhashana kumaJuda. Isidingo sokuyeka igazi sabuye samiswa futhi kumaKristu. (IzEnzo 21:25) Nxazonke zawo eMbusweni waseRoma, umthetho kaNkulunkulu wawephulwa njalo, njengoba abantu babedla ukudla okwenziwe ngegazi. Wawephulwa futhi ngezizathu “zokwelapha”; uTertullian ubika ukuthi amadoda athile ayedla igazi ecabanga ukuthi lalingelapha isithuthwane. ‘Ayegambaqela igazi lezelelesi ezibulewe enkundleni.’ Wanezela: “Ngenxa yezindlela zenu ezinyanyekayo yibani namahloni phambi kwamaKristu angenalo ngisho negazi lezilwane ekudleni kwawo.” OFakazi BakaJehova namuhla bazimisele ngendlela efanayo ukungawephuli umthetho kaNkulunkulu, kungakhathaliseki ukuthi kuyinto evame kangakanani ngabanye ukudla ukudla okwenziwe ngegazi. Ngawo-1940, ukumpontshelwa ngegazi kwasetshenziswa kabanzi, futhi oFakazi babona ukuthi ukulalela uNkulunkulu kwakudinga nokuba bakugweme ukumphontshelwa ngegazi, ngisho noma odokotela babekukhuthaza.
Ekuqaleni, kwakumpontshelwa igazi eliphelele. Kamuva, abacwaningi baqala ukulihlukanisa igazi ngokwezakhi zalo eziyinhloko, ngoba odokotela baphetha ngokuthi esinye isiguli singase singazidingi zonke izingxenye eziyinhloko zegazi. Uma besinika isakhi esisodwa kuphela, kwakungasinciphisela izingozi, futhi odokotela bangalisebenzisa kaningana igazi elikhona.
Igazi lomuntu lingahlukaniswa libe ingxenye emnyama eyizingqamuzana newuketshezi oluphuzi (iplasma, noma iserum). Ingxenye eyizingqamuzana (eyakha amaphesenti angu-45) yakhiwa ilokho okubizwa ngokuvamile ngokuthi amangqamuzana abomvu, amangqamuzana amhlophe, namaplatelet. Amanye amaphesenti angu-55 awuketshezi. Amaphesenti angu-90 alokhu angamanzi, kodwa kuqukethe izimbijana zamaprotheni amaningi, amahormone, osawoti, namaenzyme. Namuhla, eliningi legazi elinikelwayo lihlukaniswa ngokwezakhi eziyinhloko. Esinye isiguli singase simpontshelwe ngoketshezi (mhlawumbe iFFP, uketshezi olusha oluyiqhwa) ekwelapheni ukwethuka. Kodwa isiguli esinegazi elintula amangqamuzana abomvu singase sinikwe agxushiwe, okungukuthi, amangqamuzana abomvu abebekiwe ayesefakwa uketshezi ayeseyampontshelwa. Amaplatelet namangqamuzana amhlophe nakho kuyampontshelwa kodwa akuvamile.
Ezikhathini zeBhayibheli abantu babengakazisunguli izindlela ezinjalo zokusebenzisa lezizakhi. UNkulunkulu wamane wathi: ‘Niyeke igazi.’ (IzEnzo 15:28, 29) Kodwa kungani noma ubani kufanele acabange ukuthi kwenza umehluko ukuthi igazi liphelele noma lihlukaniswe ngokwalezizakhi zalo? Nakuba amadoda athile ayeliphuza igazi, amaKristu ayenqaba ngisho noma kwakusho ukufa. Ucabanga ukuthi ayeyosabela ngendlela ehlukile ukuba othile wayengaqoqa igazi, aliyeke lihlukane, bese ewanika iplasma kuphela noma ingxenye engamahlule, mhlawumbe esoseshini elenziwe ngegazi? Ngempela ayengeke! Ngakho oFakazi BakaJehova abakwamukeli ukumpontshelwa ngegazi eliphelele noma ngezakhi zalo eziyinhloko (amangqamuzana abomvu, amangqamuzana amhlophe, amaplatelets, noma uketshezi) okusetshenziselwa injongo efanayo.
Nokho, njengoba umbuzo usikisela ososayensi baye bafunda ngezingxenye ezikhethekile zegazi nangendlela yokuzisebenzisa. Impikiswano evamile ihilela amaprotheni oketshezi—amaglobulin, ialbumin, nefibrinogen. Cishe, ukusetshenziswa okukhulu ekwelapheni ukujova ngeglobulin evikela ezifweni. Kungani kwenziwa lokho?
Umzimba wakho ukwazi ukukhiqiza amasosha omzimba alwa nezifo, akunike isimiso sokuvikeleka esisebenzayo. Lesi isisekelo sokugomela uvendle, uzagiga, irubella (isimungumungwane), idiphtheria, umhlathi-ngqi, ukhohlokhohlo, netyphoid fever. Nokho, uma umuntu esanda kungenwa isifo esithile esingathi sína, odokotela bangase batuse umjovo woketshezi (iantitoxin) ukuze abe nesimiso sokuvikeleka sesikhashana. Kuze kube muva nje imijovo enjalo ibiyenziwa ngokukhipha iglobulin evikela ezifweni, equkethe amasosha omzimba, kumuntu ovikelekile kakade.a Lesimiso sokuvikeleka esitholakala emjovweni asihlali njalo, ngoba lamasosha omzimba ayaphuma emzimbeni wakhe ngokuhamba kwesikhathi.
Ngenxa yomyalo othi ‘niyeke igazi,’ amanye amaKristu aye aba nomuzwa wokuthi akufanele awamukele umjovo weglobulin evikela ezifweni (iprotheni), ngisho noma ingaba ingxenye nje yegazi. Ukuma kwawo kucacile—awamukeli sakhi segazi noma siluhlobo luni noma sisingakanani.
Abanye baye baba nomuzwa wokuthi iserum (iantitoxin), njengeglobulin evikela ezifweni, equkethe ingxenye encane kakhulu yoketshezi lwegazi lalowo onikele futhi esetshenziselwa ukuqinisa ukuzivikela kwabo ezifweni, akufani nokumpontshelwa ngegazi okusekela ukuphila. Ngakho onembeza babo bangase bangabanqabeli ukwamukela iglobulin evikela ezifweni noma izingxenye ezinjalo.b Bangase baphethe ngokuthi kubona isinqumo siyoxhomeka ngokuyinhloko ekutheni bazimisele yini ukwamukela noma iziphi izingozi zempilo izihilelekile ekujovweni ngokuthile okuvela egazini labanye abantu.
Kungokuphawulekayo ukuthi isimiso segazi sowesifazane okhulelwe sihlukile kwesombungu osesibelethweni sakhe; ngokuvamile igazi labo alifani. Umama akalidluliseli igazi lakhe embungwini. Izingxenye ezakhekile (amangqamuzana) ezisegazini likamama aziweqi umngcele ongumzanyana zingene egazini lombungu, ngisho noketshezi aludluli. Eqinisweni, uma ngokulimala okuthile igazi likamama lingaxubana negazi lombungu, kamuva kungavela izinkinga zempilo (ukungafanelani kweRh noma kweABO). Nokho, ezinye izici ezivela oketshezini ziyangena esimisweni segazi sombungu. Ingabe amaprotheni oketshezi, njengeglobulin evikela ezifweni nealbumin nawo ayangena? Yebo, amanye awo ayangena.
Owesifazane okhulelwe unendlela ethile iglobulin evikela ezifweni engena ngayo egazini lombungu isuka egazini lakhe. Ngenxa yokuthi lokhu kungena kwamasosha omzimba embungwini kwenzeka kubo bonke abantu abakhulelwe, abantwana bazalwa benezinga elithile lokuvikeleka okuvamile ekuhlaselweni izifo ezithile.
Kungokufanayo nangealbumin, odokotela abangase bayiyaleze njengendlela yokwelapha ukwethuka noma ezinye izimo.c Abacwaningi sebeye bakufakazela ukuthi ialbumin yoketshezi lwegazi elisesibelethweni sikamama, iyangena embungwini wakhe ngomzanyana, nakuba kungezinga elincane.
Ukuthi ezinye izingxenye zoketshezi ezingamaprotheni ziyangena ngokwemvelo esimisweni segazi somunye umuntu (umbungu) kungaba enye into yokucatshangelwa lapho umKristu enquma ukuthi uyoyamukela yini iglobulin evikela ezifweni, ialbumin, noma umjovo onjalo wezingxenye zoketshezi. Omunye umuntu angase abe nomuzwa wokuthi yena ngonembeza omuhle angawamukela; omunye angase aphethe ngokuthi akanakuwamukela. Ngamunye kumelwe azinqumele ngokwakhe kulendaba phambi kukaNkulunkulu.
[Imibhalo yaphansi]
a Ngezindlela zokuhlukaniswa kubuywe kuhlanganiswe iDNA, noma ubunjiniyela bamagene, ososayensi bakha imikhiqizo efana nalena engenziwanga ngegazi.
b Esinye isibonelo yiRh globulin evikela ezifweni, odokotela abangase bayituse lapho kukhona ukungafanelani kweRh phakathi kowesifazane nombungu wakhe. Esinye yiFactor VIII, enikezwa amahemophiliac (abantu abopha ngokunganqamuki).
c Ubufakazi bubonisa ukuthi uketshezi olwandisayo olungelona igazi (njengehetastarch [HES]) lungasetshenziswa ngokuphumelelayo ekwelapheni ukwethuka nezinye izimo ngaphambili obekungasetshenziswa kuzo ialbumin.