Levitikusi
17 UJehova waqhubeka wathi kuMose: 2 “Khuluma no-Aroni namadodana akhe nawo wonke ama-Israyeli, uthi kuwo, ‘Yilokhu uJehova akuyalile:
3 “‘“Uma noma yimuphi umuntu wendlu ka-Israyeli ehlaba inkunzi noma iwundlu eliyiduna noma imbuzi ekamu noma eyihlabela ngaphandle kwekamu, 4 esikhundleni sokuyiletha emnyango wetende lokuhlangana ukuze ibe umnikelo oya kuJehova phambi kwetabernakele likaJehova, lowo muntu uyoba necala legazi. Uchithe igazi futhi kumele abulawe.* 5 Lokhu kwenzelwa ukuba ama-Israyeli alethe imihlatshelo kuJehova, emnyango wetende lokuhlangana, kumpristi, imihlatshelo manje aseyenzela endle. Le mihlatshelo kufanele ayenzele uJehova njengemihlatshelo ehlanganyelwayo. + 6 Umpristi uzofafaza igazi e-altare likaJehova emnyango wetende lokuhlangana, ashunqise amanoni njengephunga elimnandi* kuJehova. + 7 Ngakho akusafanele imihlatshelo yawo ayenzele amademoni anjengezimbuzi, *+ afeba nawo. + Lokhu kuyoba umthetho waphakade kini kuzo zonke izizukulwane zenu.”’
8 “Kufanele uthi kuwo, ‘Noma yimuphi umuntu wendlu ka-Israyeli noma yisiphi isifiki esihlala phakathi kwenu, onikela umnikelo oshiswayo noma umhlatshelo 9 kodwa angawulethi emnyango wetende lokuhlangana azowunikela kuJehova, kumele abulawe. *+
10 “‘Uma noma yimuphi umuntu wendlu ka-Israyeli noma yisiphi isifiki esihlala phakathi kwenu edla noma yiliphi igazi, + nakanjani ngiyomlahla lowo odla igazi futhi ngiyombulala.* 11 Ngoba ukuphila* kwenyama kusegazini + futhi mina ngilinike nina ukuze nizenzele* isihlawulelo e-altare, + ngoba yigazi elenza isihlawulelo + ngokuphila* okukulo. 12 Yingakho ngithe kuma-Israyeli: “Akukho muntu* kini okufanele adle igazi futhi akukho sifiki esihlala phakathi kwenu + okufanele sidle igazi.” +
13 “‘Uma noma yimuphi umuntu kuma-Israyeli noma isifiki esihlala phakathi kwenu ezingela abambe isilwane sasendle esidliwayo noma inyoni edliwayo, kumele athulule igazi lako + aligqibe ngomhlabathi. 14 Ngoba ukuphila* kwayo yonke inhlobo yenyama kuyigazi layo, ngoba ukuphila kukulo. Ngenxa yalokho ngathi kuma-Israyeli: “Akumele nidle igazi lanoma yiluphi uhlobo lwenyama ngoba ukuphila kwayo yonke inhlobo yenyama kuyigazi layo. Noma ubani olidlayo uzobulawa.” *+ 15 Uma noma ubani edla isilwane esizifele noma esidwengulwe isilwane sasendle, + kungakhathaliseki ukuthi owokuzalwa noma isifiki, kumele awashe izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ongcolile kuze kuhlwe; + ngemva kwalokho uzoba ohlanzekile. 16 Kodwa uma engaziwashi izingubo zakhe futhi engagezi,* uzophendula ngenxa yesiphambeko sakhe.’” +