-
Kungani Kukhona Ububi Nokuhlupheka?Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
-
-
ISIFUNDO 26
Kungani Kukhona Ububi Nokuhlupheka?
Lapho kwenzeka into ebuhlungu, kungokwemvelo ukubuza ukuthi “kungani lokhu kwenzeka?” Asive sijabula ngokuthi iBhayibheli linikeza izimpendulo ezicacile zalowo mbuzo!
1. USathane wabufaka kanjani ububi emhlabeni?
USathane uDeveli wavukela uNkulunkulu. USathane wayefuna ukubusa, ngakho wenza ukuba nabantu bokuqala, u-Adamu no-Eva, bavukele uNkulunkulu. USathane wakwenza lokhu ngokutshela u-Eva amanga. (Genesise 3:1-5) Wamenza wacabanga ukuthi uJehova wayebagodlele okuthile okuhle. Ngokwenza kanjalo, wayesho ukuthi abantu bangajabula lapho bengamlaleli uNkulunkulu. USathane waqamba amanga okuqala lapho etshela u-Eva ukuthi ngeke afe. Ngenxa yalokho, iBhayibheli libiza uSathane ngokuthi “ungumqambimanga noyise wamanga.”—Johane 8:44.
2. U-Adamu no-Eva bakhetha ukwenzani?
UJehova wayenike u-Adamu no-Eva konke ababekudinga. Wathi babengadla kuzo zonke izihlahla ezazisensimini yase-Edene ngaphandle kwesisodwa. (Genesise 2:15-17) Kodwa bona banquma ukudla isithelo sesihlahla esenqatshelwe. U-Eva “wathatha isithelo saso wasidla.” Kamuva, u-Adamu “naye wadla.” (Genesise 3:6) Bobabili abamlalelanga uNkulunkulu. Ngenxa yokuthi u-Adamu no-Eva babengenaso isono, kwakulula ngabo ukwenza okulungile. Ngokungamlaleli ngamabomu uNkulunkulu, benza isono futhi benqaba ukubuswa nguye. Leso sinqumo sabo sababangela ukuhlupheka okukhulu.—Genesise 3:16-19.
3. Isinqumo sika-Adamu no-Eva sibe namuphi umphumela kithi?
Lapho u-Adamu no-Eva bengalaleli, baba nesono, ngakho badlulisela isono kuyo yonke inzalo yabo. Ngokuqondene no-Adamu, iBhayibheli lithi: “Ngomuntu oyedwa isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono, ngaleyo ndlela ukufa kwasakazekela kubantu bonke.”—Roma 5:12.
Ziningi izizathu ezisenza sihlupheke. Ngesinye isikhathi siyahlupheka ngenxa yezinqumo ezimbi esizenzayo. Ngezinye izikhathi siyahlupheka ngenxa yezinqumo ezimbi ezenziwa abanye abantu. Kanti ngezinye izikhathi siyahlupheka ngoba isikhathi nezenzakalo ezingalindelekile zibehlela bonke.—Funda umShumayeli 9:11.
FUNDA OKWENGEZIWE
Thola ukuthi kungani kungeyena uNkulunkulu obangela ububi nokuhlupheka emhlabeni namuhla nokuthi uzizwa kanjani lapho sihlupheka.
4. Ubani obangela ukuhlupheka?
Abantu abaningi bakholelwa ukuthi nguNkulunkulu obusa izwe. Kuyiqiniso yini lokho? Dlalani IVIDIYO.
Fundani uJakobe 1:13 neyoku-1 Johane 5:19, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Ingabe uNkulunkulu ubangela ukuhlupheka nobubi?
5. Selokhu uSathane aqala ukubusa, ibe yini imiphumela?
Fundani uGenesise 3:1-6, bese nixoxa ngale mibuzo:
Yimaphi amanga ashiwo uSathane?—Bheka ivesi 4 no-5.
Yini eyashiwo uSathane esikisela ukuthi uJehova wayegodlela abantu okuhle?
Ngokusho kukaSathane, kuyadingeka yini abantu babuswe uJehova ukuze bajabule?
Fundani umShumayeli 8:9, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Njengoba kungeyena uJehova obusa umhlaba, kuye kwenzekani?
U-Adamu no-Eva babengenaso isono futhi behlala ePharadesi. Kodwa balalela uSathane bavukela uJehova
Ngemva kokuvukela, kwaba khona isono, ukuhlupheka nokufa emhlabeni
UJehova uzokuqeda ukuhlupheka, isono nokufa. Abantu bayobe bengasenaso isono futhi bephila ePharadesi
6. Ingabe uJehova akanandaba nokuthi siyahlupheka?
Ingabe uNkulunkulu uyasizwela lapho sihlupheka? Cabanga ngalokho okwabhalwa iNkosi uDavide nomphostoli uPetru. Fundani iHubo 31:7 neyoku-1 Petru 5:7, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Kukwenza uzizwe kanjani ukwazi ukuthi uJehova uyabona lapho sihlupheka futhi uyasizwela?
7. UNkulunkulu uzokuqeda konke ukuhlupheka kwabantu
Fundani u-Isaya 65:17 nesAmbulo 21:3, 4, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Kungani kududuza ukwazi ukuthi uJehova uzoyilungisa imiphumela yazo zonke izinto ezimbi ezenzeke kubantu?
Ingabe bewazi?
Lapho uSathane eqamba amanga okuqala, wanyundela uJehova. Okusho ukuthi lapho ethi uJehova akayena uMbusi onothando futhi akenzi izinto ngendlela efanele, wenza abantu bacabanga izinto ezimbi ngoJehova. Lapho uJehova eqeda ukuhlupheka kwabantu maduzane, uzohlanza igama lakhe. Ngamanye amazwi, uzobonisa ukuthi nguye okufanele abuse. Ukuhlanzwa kwegama likaJehova kuyindaba ebaluleke kunazo zonke emhlabeni nasezulwini.—Mathewu 6:9, 10.
ABANYE ABANTU BATHI: “UNkulunkulu vele nje ufuna sihlupheke.”
Ubungaphendula uthini?
UKUBUYEKEZA
USathane uDeveli nabantu ababili bokuqala ngokuyinhloko yibo abayimbangela yobubi obukhona emhlabeni. UJehova uyasizwela kakhulu lapho sihlupheka, futhi maduzane uzokuqeda konke ukuhlupheka.
Ufundeni?
Yimaphi amanga uSathane uDeveli awasho ku-Eva?
Ukuvukela kuka-Adamu no-Eva kusithinte kanjani thina?
Sazi kanjani ukuthi uJehova uyazwelana nathi lapho sihlupheka?
HLOLA OKWENGEZIWE
Funda ukuthi iBhayibheli lithi isono siyini.
Funda okwengeziwe mayelana nempikiswano eyaphakanyiswa uSathane uDeveli ensimini yase-Edene.
“Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuhlupheka?” (INqabayokulinda, Januwari 1, 2014)
Hlola izimpendulo eziduduzayo zombuzo onzima.
“Kungani KwaQothulwa Isizwe? Kungani UNkulunkulu Engakuvimbelanga?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)
Bona ukuthi indoda ethile yafundani ngokuhlupheka okwakuyizungezile.
-
-
Ukufa KukaJesu Kungasisindisa Kanjani?Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
-
-
Siyona, siyahlupheka futhi siyafa ngoba abantu bokuqala u-Adamu no-Eva abamlalelanga uNkulunkulu.a Kodwa lisekhona ithemba. UJehova usenzele indlela yokusisindisa esonweni nasekufeni ngeNdodana yakhe uJesu Kristu. IBhayibheli lisifundisa ukuthi uJesu wafa ukuze abe yisihlengo. Isihlengo yinto ekhokhwayo ukuze kukhululwe othile. UJesu wakhokha ngokuphila kwakhe okungenaso isono. (Funda uMathewu 20:28.) Lapho ngokuzithandela uJesu edela ilungelo lakhe lokuphila phakade emhlabeni, wasivulela ithuba lokuphinde sithole konke lokho u-Adamu no-Eva abakulahla. UJesu watshengisa nokuthi yena noJehova basithanda kangakanani. Lesi sifundo sizokusiza ubonise ukuthi ubonga kakhulu ngokufa kukaJesu.
1. Ukufa kukaJesu kusizuzisa kanjani namuhla?
Ngenxa yokuthi sinesono, senza izinto eziningi ezingamjabulisi uJehova. Nokho, uma sizisola ngempela ngezono esizenzile, bese sicela uJehova ngoJesu Kristu ukuba asithethelele, futhi uma senza konke esingakwenza ukuze singaziphindi lezo zono, singaba abangane abakhulu bakaNkulunkulu. (1 Johane 2:1) IBhayibheli lithi: ‘UKristu wafela izono kwaba kanye kuphela, umuntu olungile ngenxa yabangalungile, ukuze aniholele kuNkulunkulu.’—1 Petru 3:18.
2. Ukufa kukaJesu kuyosizuzisa kanjani esikhathini esizayo?
UJehova wathumela uJesu ukuba anikele ngokuphila kwakhe okungenasono “ukuze wonke umuntu obonisa ukholo [kuJesu] angabhubhi kodwa athole ukuphila okuphakade.” (Johane 3:16) Ngenxa yalokho uJesu akwenza, maduze uJehova uzolungisa zonke izinto ezimbi ezabangelwa ukungalaleli kuka-Adamu. Lokhu kusho ukuthi uma sibonisa ukholo emhlatshelweni kaJesu, siyoba nethuba lokuphila phakade emhlabeni oyipharadesi!—Isaya 65:21-23.
FUNDA OKWENGEZIWE
Funda okwengeziwe ngokuthi kungani uJesu anikela ngokuphila kwakhe nokuthi wena uzuza kanjani.
3. Ukufa kukaJesu kusikhulula esonweni nasekufeni
Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngalo mbuzo olandelayo.
U-Adamu walahlekelwa ithuba lani lapho engamlaleli uNkulunkulu?
Fundani eyabaseRoma 5:12, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Ukona kuka-Adamu kube namuphi umphumela ekuphileni kwakho?
Fundani uJohane 3:16, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Kungani uJehova athumela iNdodana yakhe emhlabeni?
U-Adamu wayengenasono kodwa akamlalelanga uNkulunkulu, ngenxa yalokho abantu bayona futhi bafe
UJesu wayengenasono, yena wamlalela uNkulunkulu, ngenxa yalokho abantu sebenethuba lokuphila phakade bengenasono
4. Ukufa kukaJesu kungazuzisa wonke umuntu
Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngalo mbuzo olandelayo.
Kungenzeka kanjani ukuba ukufa komuntu oyedwa kuzuzise bonke abantu?
Fundani eyoku-1 Thimothewu 2:5, 6, bese nixoxa ngalo mbuzo:
U-Adamu wayengenaso isono kodwa ngenxa yokuthi wona, bonke abantu bayona futhi bafe. UJesu naye wayengenaso isono. Kungayiphi indlela aba “yisihlengo sabo bonke”?
5. Isihlengo yisipho uJehova akuphe sona
Abangane bakaJehova bayazi ukuthi isihlengo siyisipho abaphe sona. Ngokwesibonelo, fundani eyabaseGalathiya 2:20, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Umphostoli uPawulu wabonisa kanjani ukuthi ubheka isihlengo njengesiyisipho esivela kuJehova?
Lapho u-Adamu ona, yena nayo yonke inzalo yakhe, bathola isigwebo sokufa. Kodwa uJehova wathumela iNdodana yakhe ukuba izosifela ukuze ube nethuba lokujabulela ukuphila okuphakade.
Njengoba ufunda la mavesi alandelayo, cabanga indlela uJehova ayezizwa ngayo ngesikhathi iNdodana yakhe izwa ubuhlungu. Fundani uJohane 19:1-7, 16-18, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Uzizwa kanjani ngalokho uJehova noJesu abakwenzele kona?
OMUNYE ANGASE AKUBUZE: “Umuntu oyedwa angabafela kanjani bonke abantu?”
Ungaphendula uthini?
UKUBUYEKEZA
Ukufa kukaJesu kwenza uJehova akwazi ukuxolela izono zethu, kusinika nethuba lokuphila phakade.
Ufundeni?
Kungani uJesu afa?
Kungayiphi indlela ukuphila kukaJesu okungenasono kwaba isihlengo sabo bonke?
Ukufa kukaJesu kukuzuzisa kanjani?
HLOLA OKWENGEZIWE
Funda ngokuthi kungani ukuphila kukaJesu okungenaso isono kubizwa ngokuthi isihlengo.
“Umhlatshelo KaJesu ‘Uyisihlengo Sabaningi’ Ngayiphi Indlela?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)
Hlola ukuthi yini okudingeka siyenze ukuze sisindiswe.
“UJesu UnguMsindisi—Kanjani?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)
Ingabe uJehova angazithethelela ngisho nezono ezinkulu?
“Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli” (INqabayokulinda, Meyi 1, 2013)
Thola ukuthi ukufunda ngomhlatshelo kaKristu kwayisiza kanjani indoda ethile ukuba ishintshe ubuntu bayo.
a Igama elithi “isono” alisho nje kuphela ukwenza okungalungile. Lisho nesono esizalwe naso.
-