Ukugijima Emncintiswaneni Ngokukhuthazela
‘Masigijime [ngokukhuthazela, “NW”] kulokhukuncintisana esikumiselweyo.’—HEBERU 12:1.
1. (a) Yini ebekwa ngaphambi kwethu lapho sizinikezela kuJehova uNkulunkulu? (b) Luhlobo luni lomncintiswano umKristu okumelwe azilungiselele wona?
LAPHO sizinikezela kuJehova ngoJesu Kristu, uNkulunkulu wabeka phambi kwethu umncintiswano wokugijima ongokomfanekiso. Ekupheleni kwalomncintiswano, kunomklomelo oyonikwa bonke labo abawuqeda ngokuphumelelayo. Mklomelo muni? Ukuphila okuphakade! Ukuze azuze lomklomelo oyingqayizivele, umgijimi ongumKristu kudingeka angazilungiseleli nje ukusubatha ibangana elifushane, kodwa ukugijima ibanga elide. Ngakho uyodinga ukukhuthazela. Kuyodingeka akhuthazelele kokubili umshikashika omude womncintiswano ngokwawo kanye nezithiyo ezivelayo phakathi nomncintiswano.
2, 3. (a) Yini eyosisiza ekugijimeni emncintiswaneni wobuKristu size siwuqede? (b) Injabulo yamsiza kanjani uJesu ukuba agijime lomncintiswano ngokukhuthazela?
2 Yini eyosisiza ukuba sigijime emncintiswaneni onjalo size siwuqede? Nokho, yini eyasiza uJesu ukuba akhuthazele ngenkathi engumuntu emhlabeni? Wayezuza amandla angaphakathi emfanelweni yokujabula. EyamaHeberu 12:1-3 ifundeka kanje: “Ngalokho-ke nathi, lokhu sinefu elingaka lawofakazi elisihaqileyo, masilahle konke okusindayo nesono esithandela kangaka kithi, sigijime [ngokukhuthazela, NW] kulokhukuncintisana esikubekelweyo, sibhekile kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayimiselweyo wathwala [isigxobo sokuhlushwa, NW] engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu. Yebo, mqondeni yena owakhuthazela ephikwa kangaka yizoni, ukuze ningakhathali, niphele amandla emiphefumulweni yenu.”
3 Phakathi nayo yonke inkonzo yakhe yasobala, uJesu wayekwazi ukuqhubeka egijima emncintiswaneni ngenxa yenjabulo kaJehova. (Qhathanisa noNehemiya 8:10.) Injabulo yakhe yamsiza ukuba akhuthazelele ngisho nokufa okuyihlazo esigxotsheni sokuhlushwa, okwathi ngemva kwakho waba nenjabulo engenakuchazwa yokuvuka kwabafileyo nokwenyukela ngakwesokunene sikaYise, elapho ukuze aqikelele ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu uyafezeka. Ngokukhuthazela kwakhe njengomuntu ongasohlangothini lukaNkulunkulu, wabambelela elungelweni lakhe lokuphila okuphakade. Yebo, njengoba uLuka 21:19 esho: “Ngokukhuthazela kwenu niyakuzuza imiphefumulo yenu.”
4. Luhlobo luni lwesibonelo uJesu asibekela agijima kanye nabo, futhi yini okumelwe sigxilise izingqondo zethu kuyo?
4 UJesu Kristu wabekela abagijimi abakanye naye isibonelo esihle kakhulu, futhi isibonelo sakhe sisiqinisekisa ngokuthi nathi singaba abanqobi. (1 Petru 2:21) Lokho uJesu asicela ukuba sikwenze, singakwenza. Njengoba akhuthazela, nathi singakhuthazela. Futhi njengoba sibambelela ekumlingiseni ngokungaxegi, kumelwe sicabange ngaso sonke isikhathi ngezizathu zethu zokujabula. (Johane 15:11, 20, 21) Ukujabula kuyosiqinisela ukuba siphikelele ekugijimeni emncintiswaneni wenkonzo kaJehova size sizuze umklomelo okhazimulayo wokuphila okuphakade.—Kolose 1:10, 11.
5. Singajabula kanjani futhi siqiniselwe umncintiswano ongaphambi kwethu?
5 Ukuze asisize ukuba siphikelele emncintiswaneni, uJehova ulungiselela amandla angaphezu kwavamile. Lapho sishushiswa, lawomandla kanye nokwazi isizathu sokuba nelungelo lokubhekana noshushiso kuyasiqinisa. (2 Korinte 4:7-9) Noma yini esibhekana nayo ngenxa yokudumisa igama likaNkulunkulu nokuphakamisa ubukhosi bakhe kuyisizathu senjabulo esingenakuyaphucwa muntu. (Johane 16:22) Lokhu kubonisa isizathu sokuba abaphostoli, ngemva kokuba iSanhedrin yamaJuda iyale ukuba bashaywe ngenxa yokufakaza ngezinto ezimangalisayo uJehova uNkulunkulu ayezifezile ngokuqondene noJesu, bathokoze, “ngokuba bebefanele ukudunyazwa ngenxa yalelogama.” (IzEnzo 5:41, 42) Injabulo yabo ayilethwanga ukushushiswa ngokwakho kodwa yayivela ekwanelisekeni okujulile kwangaphakathi kokwazi ukuthi babejabulisa uJehova noJesu.
6, 7. Kungani umgijimi ongumKristu engajabula ngisho nakuba enezinhlupheko, futhi kube namuphi umphumela?
6 Amanye amandla asekelayo ekuphileni kwethu ithemba uNkulunkulu alibeke ngaphambi kwethu. Njengoba uPawulu akubeka: “Sinokuthula kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu, okungaye sinokungena ngokukholwa kulomusa esimi kuwo, siyazibonga ekwethembeni inkazimulo kaNkulunkulu. Kepha akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga nangezinhlupheko ngokwazi ukuthi ukuhlupheka kuveza ukukhuthazela, ukukhuthazela kuveza ukuqiniseka, ukuqiniseka kuveza ithemba; ithemba alijabhisi.”—Roma 5:1-5.
7 Izinhlupheko ngokwazo azijabulisi, nokho izithelo zokuthula ezizivezayo kamuva yizona ezijabulisayo. Lezithelo zingukukhuthazela, ukuqiniseka, ithemba, nokugcwaliseka kwalelothemba. Ukukhuthazela kwethu kuyoholela ekutheni sithole ukuvunyelwa kwaphezulu. Uma sinokuvunyelwa uNkulunkulu, singathemba ngokuqinisekile ukuthi izithembiso azenzile ziyogcwaliseka. Lelithemba lisigcina sisenkambweni yethu futhi lisikhuthaze ngaphansi kokuhlupheka kuze kube yilapho lelothemba ligcwaliseka.—2 Korinte 4:16-18.
Bayajabula Abakhuthazelayo!
8. Kungani lenkathi yokulinda ingekhona ukuchitha isikhathi ngathi?
8 Lapho sisalindele isikhathi esimiswe ngokwaphezulu sokwabela abagijimi imiklomelo, kuba nezinguquko esibhekana nazo. Lezi ziwukuthuthuka okungokomoya kithina okuwumphumela wokuhlangabezana nezilingo ngokuphumelelayo, futhi kusizuzela umusa omkhulu kuNkulunkulu. Kubonisa lokho esiyikho futhi kusinikeza ithuba lokusebenzisa izimfanelo ezifanayo ezinhle ezaboniswa abathembekile basendulo, ikakhulukazi iSibonelo sethu, uJesu Kristu. Umfundi uJakobe uthi: “Bazalwane bami, nxa nehlelwa yizilingo ngezilingo, anothi kungukuthokoza kodwa, nazi ukuthi ukuvivinywa kokukholwa kwenu kuveza ukukhuthazela. Kepha ukukhuthazela makube-nomsebenzi opheleleyo, ukuze nibe-ngabapheleleyo abangenacala abangasweli-lutho.” (Jakobe 1:2-4) Yebo, singalindela ukubhekana nezilingo ezihlukahlukene, kodwa ziyosisiza ukuba siqhubeke sihlakulela izimfanelo ezifanelekile. Ngaleyondlela sibonisa ukuthi siyohlala sikulomncintiswano size sizuze umklomelo, kungakhathaliseki ukuthi sibhekana naziphi izithiyo.
9, 10. (a) Kungani labo ababekezelela izilingo bejabula, futhi kufanele sibhekane kanjani nezilingo? (b) Ngobani abasendulo ababejabula, futhi singabalwa kanjani kanye nabo?
9 Khona-ke, akumangalisi ukuthi uJakobe wathi: “Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo”! (Jakobe 1:12) Masibhekane nezilingo singahlehli, sihlome ngezimfanelo zokwesaba uNkulunkulu eziyosiqinisela ukuba sizinqobe.—2 Petru 1:5-8.
10 Khumbula ukuthi indlela uNkulunkulu asebenzelana ngayo nathi ayiyintsha futhi ayihlukile. ‘Ifu lofakazi’ abathembekile basendulo baphathwa ngendlela efanayo naleyo ababebonisa ngayo ukwethembeka kwabo kuNkulunkulu. (Heberu 12:1) Ukuvunyelwa kwabo uNkulunkulu kulotshwe eZwini lakhe, futhi bonke sibabheka njengabajabulayo ngoba bakhuthazela ngaphansi kovivinyo. UJakobe uthi: “Misani, bazalwane, abaprofethi ababekhuluma egameni leNkosi babe-yisibonelo sokuhlupheka nokubekezela. Bhekani, babusisiwe abakhuthazelayo; nizwile ngokukhuthazela kukaJobe, nibonile impetho yeNkosi ukuthi iNkosi inesihe esikhulu nesihawu.” (Jakobe 5:10, 11) Kwabikezelwa ukuthi phakathi nalezinsuku zokugcina ezinzima, abanye ababeyokhonza uJehova ngobuqotho babeyovela emhlabeni, njengoba nalabobaprofethi benza emakhulwini eminyaka asendulo. Ingabe asijabuli yini ngokuba yilabo abenza lokho?—Daniyeli 12:3; IsAmbulo 7:9.
Ukusekelwa YiZwi LikaJehova Elikhuthazayo
11. IZwi likaNkulunkulu lingasisiza kanjani ukuba sikhuthazele, futhi kungani kungamelwe sibe njengomhlabathi onamadwala womfanekiso kaJesu?
11 UPawulu wabhekisela kokunye okungasiza ekukhuthazeleni lapho ethi “ngokukhuthazela ngokubekezela, nangesikhuthazo esitholakala emiBhalweni, singabambelela ngokuqinile ethembeni lethu.” (Roma 15:4, The Twentieth Century New Testament) Iqiniso, eliyiZwi likaNkulunkulu, kumelwe ligxile ngokujulile ngaphakathi kithi ukuze liveze kithina ukusabela okufanelekile ngaso sonke isikhathi. Asizuzi nhlobo ngokuba njengalowamhlabathi onamadwala ochazwe emfanekisweni kaJesu womhlwanyeli: “Abahlwanyelwe edwaleni yilabo abathi sebelizwile izwi, balamukele masinyane ngokuthokoza; kepha kabanampande phakathi kwabo, kodwa bahlala isikhashana nje, kuthi sekuvelé ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi, bakhubeke masinyane.” (Marku 4:16, 17) Iqiniso elivela eZwini likaNkulunkulu aligxili ngokujulile kwabanjalo; ngakho, ngezikhathi zokuhlupheka, abakwazi ukusekelwa yilo njengomthombo wangempela wamandla nethemba.
12. Yini okungamelwe sizikhohlise ngayo lapho samukela izindaba ezinhle?
12 Noma ubani owamukela izindaba ezinhle zoMbuso akufanele azikhohlise ngokuqondene nalokho okuyolandela. Uthatha inkambo yokuphila eyoletha ukuhlupheka noma ushushiso. (2 Thimothewu 3:12) Kodwa kufanele akuthathe ‘njengokuthokoza kodwa’ ukuba nelungelo lokubhekana nezilingo ezihlukahlukene ngenxa yokubambelela ngokuqinile eZwini likaNkulunkulu nangokukhuluma ngalo kwabanye.—Jakobe 1:2, 3.
13. UPawulu wathokoza kanjani futhi ngasizathu sini ngamaKristu aseThesalonika?
13 Ekhulwini lokuqala, abaphikisi eThesalonika bavusa isiyaluyalu ngenxa yokushumayela kukaPawulu. Lapho uPawulu eya eBereya, labashushisi bamlandela ukuze badale izinkinga ezengeziwe. Kulabo abathembekile ababesele eThesalonika, lomphostoli owayeshushiswa wabhala: “Simelwe ukumbonga njalo uNkulunulu ngani-bazalwane, njengokuba kufanele, ngokuba inkolo yenu iyanda kakhulu, nothando lwenu nonke omunye komunye luyakhula, kuze kuthi thina ngokwethu sizincome ngani emabandleni kaNkulunkulu ngenxa yokukhuthazela kwenu nokukholwa ekuzingelweni kwenu konke nasezinhluphekweni enibekezela kuzo, okuyisiboniso sokwahlulela okulungileyo kukaNkulunkulu, ukuze kuthiwe ningabalungele umbuso kaNkulunkulu enihlupheka ngenxa yawo.” (2 Thesalonika 1:3-5) Engakunaki ukuhlushwa kwawo yizitha, amaKristu aseThesalonika akhula ekubeni njengoKristu nangobuningi. Kwenzeka kanjani lokho? Ngoba ayethola amandla eZwini likaJehova elikhuthazayo. Ayelalela imiyalo yeNkosi futhi agijima emncintiswaneni ngokukhuthazela.—2 Thesalonika 2:13-17.
Ukuze Kusindiswe Abanye
14. (a) Yiziphi izizathu esihlala ngazo ngokujabula enkonzweni naphezu kobunzima? (b) Yini esiyikhulekelayo, futhi ngani?
14 Ukuze kulwelwe uNkulunkulu ngokuyinhloko, sikhuthazelela ubunzima nokushushiswa ngokwethembeka nangokungakhonondi. Kodwa kunesinye isizathu esingenabugovu sokuzithoba kwethu ezintweni ezinjalo: ukuba sidlulisele izindaba zoMbuso kwabanye ukuze kutholakale abamemezeli abengeziwe boMbuso kaNkulunkulu benze ‘ukuvuma kwasobala kube insindiso.’ (Roma 10:10) Labo abamatasa enkonzweni kaNkulunkulu kufanele bakhulekele ukuba iNkosi yesivuno ibusise umsebenzi wabo ngokuletha abamemezeli boMbuso abengeziwe. (Mathewu 9:38) UPawulu wabhalela uThimothewu: “Lokho okuzwileyo kimi phambi kofakazi abaningi, lokho-ke kubeke kubantu abathembekileyo abazakuba-namandla okufundisa nabanye. Hlanganyela nami ukuhlupheka njengebutho elihle likaKristu.”—2 Thimothewu 2:2, 3.
15. Kungani kumelwe siziphathise okwamasosha nabancintisanayo ‘emidlalweni’?
15 Isosha liyazehlukanisa nokuphila okungenamingcele kwabantu abavamile. Ngokufanayo, akumelwe sizithandelele ngezindaba zalabo abangekho ebuthweni leNkosi, kodwa eqinisweni abasohlangothini oluphikisayo. Ngakho, uPawulu waqhubeka ebhalela uThimothewu: “Akakho osempini olibala imidingo yalokhukuphila, aze akholeke kulowo abuthwé nguye. Futhi nxa umuntu encintisana, kaqheliswa engancintisananga ngokomthetho.” (2 Thimothewu 2:4, 5) Ekulweleni ukunqoba emncintiswaneni wokuzuza “umqhele wokuphila,” abagijimi kumelwe bazithibe futhi bagweme imithwalo nezinto ezithandelayo ezingenamsebenzi. Ngalendlela bangagxila ekuletheleni abanye izindaba ezinhle zensindiso.—Jakobe 1:12; qhathanisa neyoku-1 Korinte 9:24, 25.
16. Yini engeke iboshwe, futhi sikhuthazela ngokwenzuzo kabani?
16 Ngenxa yokuthi sithanda uNkulunkulu kanye nabanjengezimvu abamfunayo, singakhuthazelela okuningi ngenjabulo ukuze sifinyelele abanye ngezindaba ezinhle zensindiso. Izitha zingase zisibophe ngenxa yokushumayela iZwi likaNkulunkulu. Kodwa iZwi likaNkulunkulu alinakuboshwa, futhi ukukhuluma ngalo ukuze kusindiswe abanye ngeke kuboshwe ngamaketanga. UPawulu wachazela uThimothewu ukuthi kungani ayezimisele kangaka ukuhlangabezana nokulingwa: “Khumbula uJesu Kristu ovukile kwabafileyo, wenzalo kaDavide ngokwevangeli lami, engihlupheka ngalo kuze kube-sekuboshweni njengeselelesi; kepha izwi likaNkulunkulu aliboshiwe. Ngalokho ngiyakhuthazela kukho konke ngenxa yabakhethiweyo, ukuze nabo bazuze insindiso ekuKristu Jesu, kanye nenkazimulo yaphakade.” (2 Thimothewu 2:8-10) Namuhla asikhumbuli kuphela insali encane yalabo abasohlwini loMbuso wasezulwini kodwa futhi nesixuku esikhulu sezinye izimvu zikaMalusi Omuhle, uJesu Kristu, isixuku esikhulu esizuza iPharadesi lasemhlabeni ngaphansi koMbuso kaKristu.—IsAmbulo 7:9-17.
17. Kungani kungamelwe sihlehle emncintiswaneni, futhi yini eba umphumela uma siqhubeka emncintiswaneni kuze kube sekupheleni?
17 Ukuba besingahlehla, besingeke sikwazi ukuzisiza thina, nanoma ngubani omunye ukuba asindiswe. Ngokukhuthazela emncintiswaneni wobuKristu, kungakhathaliseki izithiyo esihlangabezana nazo, sizigcina ngokungahlehli sisohlwini lokuzuza umklomelo futhi singasiza abanye ngokuqondile ukuba basindiswe, kuyilapho siba yisibonelo esinamandla sokuqina kwabanye. Kungakhathaliseki ukuthi sinaliphi ithemba, elasemhlabeni noma lasezulwini, isimo sengqondo sikaPawulu ‘sokujonga emgomweni, emklomelweni’ siyisimo esihle sokulingiswa.—Filipi 3:14, 15.
Ukuqhubeka Ngokungahlehli Emncintiswaneni
18. Ukuzuza umklomelo kuxhomeke kuphi, kodwa ukuze sibambelele kuze kube sekupheleni, yini okumelwe igwenywe?
18 Ukuqeda inkambo yethu yobuKristu ngokunqoba kube ukulwelwa kukaJehova nokuzuza umklomelo asibekele wona kuxhomeke ekuqhubekeni kwethu ngokungahlehli kuwo wonke umncintiswano. Ngakho-ke, asinakukhuthazela kuze kube sekugcineni uma sizithwesa ngezinto ezingasebenzeli ukulunga. Ngisho nalapho silahlekelwa izinto ezinjalo, izimfuneko zisengabizela ngokwanele ukuba zidinge wonke amandla esingaba nawo. Ngakho-ke, uPawulu uyaluleka: “Masilahle konke okusindayo nesono esithandela kangaka kithi, sigijime [ngokukhuthazela, NW] kulokhukuncintisana esikumiselweyo.” (Heberu 12:1) NjengoJesu akufanele sigcizelele ngokweqile izinhlupheko okumelwe sizithwale kodwa kumelwe sizibheke njengenani elincane okufanele silikhokhe ukuze sizuze umklomelo ojabulisayo.—Qhathanisa namaRoma 8:18.
19. (a) Yikuphi ukuqiniseka okwaboniswa uPawulu ngasekupheleni kwenkambo yokuphila kwakhe? (b) Njengoba sisondela ekupheleni komncintiswano wokukhuthazela, yikuphi ukuqiniseka okumelwe sibe nakho ngomklomelo othenjisiwe?
19 Ngasekupheleni kwenkambo yokuphila kwakhe, uPawulu wakwazi ukuthi: “Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiqedile ibanga, ngigcinile ukukholwa; sengibekelwe umqhele wokulunga.” (2 Thimothewu 4:7, 8) Sikulomncintiswano wokukhuthazela ukuze sizuze umklomelo wokuphila okuphakade. Uma ukukhuthazela kwethu kuphela ngenxa nje yokuthi umncintiswano ubonakala sengathi mude kunalokho esasikulindele lapho siwuqala, siyokwehluleka lapho sesiseduze nokuzuza umklomelo esawuthenjiswa. Ungalenzi iphutha. Akukho kungabaza ngokuthi ukhona umklomelo.
20. Kumelwe kube yini ukuzimisela kwethu kuze kube yilapho sifinyelela ekupheleni komncintiswano?
20 Ngakho kwangathi amehlo ethu angekhathale ekulindeleni ukuba usizi olukhulu luqale, luqale ngokuletha imbubhiso eBabiloni Elikhulu bese kuba kuyo yonke inhlangano kaDeveli. (2 Petru 3:11, 12) Uma sibheka zonke izibonakaliso ezixwayisayo ezisizungezile, kwangathi singabheka phambili ngokholo. Kwangathi singabopha izinkalo zamandla ethu okukhuthazela, futhi kwangathi singaqhubeka ngesibindi emncintiswaneni uJehova uNkulunkulu asibekele wona kuze kube sekupheleni futhi sizuze umklomelo othokozisayo, kube ukulwelwa kukaJehova ngoJesu Kristu.
Ungaphendula Uthini?
◻ Luhlobo luni lomncintiswano umKristu okumelwe azilungiselele wona?
◻ Kungani ukujabula kubaluleke kangaka ekugijimeni lomncintiswano?
◻ Yiziphi izizathu eziyinhloko esihlala ngazo enkonzweni naphezu kobunzima?
◻ Kungani kungamelwe siwuyeke umncintiswano uNkulunkulu awubeke ngaphambi kwethu?
[Isithombe ekhasini 15]
Njengokungathi asemncintiswaneni wokugijima webanga elide, amaKristu kumelwe akhuthazele
[Isithombe ekhasini 17]
Ekulweleni ukufanelekela “umqhele wokuphila,” abagijimi kumelwe babonise ukuzithiba