Jabulisa Inhliziyo KaJehova Ngokugcina Ubuqotho!
“Noma siphila noma sifa, singabeNkosi [uJehova].”—ROMA 14:8.
1, 2. (a) Kungani oFakazi BakaJehova bezimisele ukulondoloza ubuqotho babo kuNkulunkulu? (b) Kodwa imiphi imibuzo ephakamayo?
YEKA ukuthi lawomazwi omphostoli uPawulu ayiveza kahle kanjani imizwa yabawukuphela kwabagcina ubuqotho balelikhulu lama-20! Uma siba nelungelo lokuphila futhi sibone isimiso samanje siphela phambi kwamehlo ethu, yeka ukuthi siyojabula kanjani! Kodwa uma kumelwe sihlangabezane nokufa enkonzweni kaNkulunkulu, kuyoba njalo. Kunoma ikuphi, sizimisele ukuba ngoFakazi abathembekile bakaNkulunkulu wethu, uJehova. Siyolondoloza ubuqotho bethu kuye. Kungani? Ngoba noma siphila noma sifa, yebo singabakaJehova!
2 Nokho, yini ubuqotho? Bufunani kithina? Futhi ingabe ukugcina kwethu ubuqotho kwenza umehluko kuNkulunkulu?
Ubuqotho Nalokho Obukufunayo
3. NgokweBhayibheli, kusho ukuthini ukugcina ubuqotho?
3 EZwini likaNkulunkulu, busho ukuziphatha okuhluzekile nokuphelela, ukungasoleki nokungabi naphutha. Busho ukuzinikela ngokuqinile ekulungeni. Eqinisweni, ubuqotho budinga ukuzinikela okungenakwephulwa kumuntu—kuJehova uNkulunkulu. Yebo, ukugcina ubuqotho kusho ukuqhubeka senza intando yobukhosi bukaJehova.
4. Kwakungubani owokuqala owephula ubuqotho, futhi washukumisela abantu bokuqala ababili ukuba benzeni?
4 Owokuqala owephula ubuqotho wayeyisidalwa somoya esaholela abantu bokuqala ababili enkambweni yokuhlubuka kuMdali wabo. UAdamu noEva baba nethuba lokubonisa ubuqotho babo kuJehova ngokuhlonipha umthetho kaNkulunkulu ngokuphathelene nomuthi wokwazi. Kodwa ngaphansi kokucindezela kweSitha kokubayengela ebugovwini, baba abangalaleli. Izinhliziyo zabo azizibonakalisanga zithembekile emithethweni kaJehova, futhi abazange balondoloze ubuqotho kuye.—IHubo 119:1, 80.
5. Ukuhlubuka kukaSathane kwaphakamisa yiphi impikiswano, futhi okuhlangenwe nakho kukaJobe olungileyo kukubonisa kanjani lokhu?
5 Ukuhlubuka kukaSathane kwaphakamisa impikiswano yokulunga kobukhosi bukaNkulunkulu ezidalweni zaKhe zonke, nelungelo likaJehova lokufuna ukulalela kwazo okugcwele. Ngalokho indaba yobuqotho bomuntu entandweni yobukhosi bukaNkulunkulu yaba yingxenye ebalulekile empikiswaneni yobukhosi bendawo yonke. Ubufakazi balokhu bubonakala endabeni yenceku kaJehova uJobe, umuntu ongenasici, olungileyo, nomesabayo uNkulunkulu. (Jobe 1:1) UJobe akazange aphambuke endleleni kaNkulunkulu eqondile. Ukuziphatha okubi kobulili akuzange kumthonye. Akakaze ahlulele ngokungalungile noma angamuphi umfelokazi, intandane, noma ompofu. Kunokwenza ingcebo ebonakalayo ibe ithemba lakhe, uJobe wathembela ngokuphelele koPhezukonke. (Jobe 31:7-40) Nokho uDeveli wamangalela ngamanga uJobe ngokuthi wayekhonza uNkulunkulu ngenxa yezizathu zobugovu. Nakuba uJehova amvumela uSathane ukuba aphuce uJobe impahla yakhe ngisho nabantwana bakhe, uMkhohlisi Omkhulu wehluleka ukwephula ubuqotho balowomuntu olungileyo. Ngisho nesifo esibuhlungu nokugxekwa okujivazayo ngabaduduzi bamanga kwakuyize, ngoba uJobe wazibonakalisa engogcina ubuqotho.—Jobe 1:6–2:13; 27:5, 6; 31:6; 42:8, 9.
6. Yini efuneka kulabo ‘abangabakaJehova’?
6 Ngaleyondlela abantu banelungelo elingenakulinganiswa lokunikela ekungcwelisweni kwegama elingcwele likaNkulunkulu. Kanjani? Ngokugcina ubuqotho, bebonisa ukuthi babusekela ngokwethembeka ubukhosi bukaJehova bendawo yonke. Yini-ke efuneka kulabo ‘abangabakaJehova’? Kumelwe sikhonze uNkulunkulu ngokuzinikela okuphelele, singakhohlwa neze ukuthi uJehova ‘unguNkulunkulu onomhawu.’—Eksodusi 20:5.
Singayijabulisa Inhliziyo KaJehova
7, 8. (a) Njengoba singaphelele, singabugcina kanjani ubuqotho bethu kuNkulunkulu? (b) Uma singabagcina ubuqotho, izAga 27:11 ziyosebenza kanjani kithi?
7 Njengoba sonke singaphelele, siyehluleka ukuhlangabezana ngokuphelele nezindinganiso zokulunga zikaNkulunkulu. Ngakho-ke, ukugcina kwethu ubuqotho akusho ukuphelela kwezenzo noma inkulumo. Kunalokho, kusho ukuzinikela ngenhliziyo yonke. Ngalokho, nakuba uDavide enza izono ezingathi sina, ‘wahamba ngobuqotho benhliziyo.’ (1 AmaKhosi 9:4) Lapho amukela ukusolwa, walungisa indlela yakhe futhi wabonakalisa ukuthi inhliziyo yakhe yayigcwaliswe uthando lwangempela ngoJehova. (IHubo 26:1-12) Nathi, ngokufanayo, singalubonisa uthando olunjalo, senze “ngobuqotho benhliziyo.”—IHubo 78:72.
8 Inkambo yokugcina ubuqotho ingenzeka ngoba sinokholo olujulile kuJehova uNkulunkulu futhi sithembele ngokuphelele kuye nasemandleni akhe okusisindisa. (IHubo 25:21; 41:12) Akulula ukugcina ubuqotho bethu, ngoba uSathane uDeveli—isitha esikhulu kakhulu sikaJehova, nesethu—uphuphuthekisa izingqondo zabangakholwayo futhi ‘udukisa izwe lonke.’ (IsAmbulo 12:9; 2 Korinte 4:4) Kodwa, njengoJobe, singaba abagcina ubuqotho. Nakuba singaphelele, ngaleyondlela singayijabulisa inhliziyo kaNkulunkulu wethu onothando. Njengoba izAga 27:11 zikubeka: “Ndodana yami, hlakanipha, uthokozise inhliziyo yami ukuba ngiphendule ongisolayo.” Ngokujabulisayo, njengezinceku ezithembekile zikaJehova, singamnikeza impendulo enhle eSitheni sakhe esimsolayo. Ngakho-ke ukugcina kwethu ubuqotho kuyawenza ngempela umehluko. Njengalabo abagcina ubuqotho, singajabulisa inhliziyo kaJehova. Futhi yeka injabulo lokhu okusilethela yona!
Uhlu Olude Lwabagcina Ubuqotho
9. Obani ababengabanye ‘befu’ elikhulu lofakazi bakaJehova abagcina ubuqotho, futhi ikuphi ukuvivinywa kobuqotho abakukhuthazelela?
9 Eqinisweni, oFakazi BakaJehova namuhla bayingxenye yohlu olude lwabagcina ubuqotho. Luhlehlela emuva kuAbela othembekile futhi luhlanganisa amadoda nabesifazane njengoAbela, uEnoke, uNowa, uAbrahama, uSara, ulsaka, uJakobe, uJosefa, uMose, uRahabi, uGideyoni, uBaraki, uSamsoni, uJefta, uDavide, noSamuweli. Abagcina ubuqotho oShadiraki, uMeshaki, noAbedi-Nego, abenqaba ukukhulekela isithombe esasimiswe yinkosi yaseBabiloni uNebukadinesari futhi bafakwa esithandweni somlilo esasibaselwe kakhulu, ngokusobala kwabhekiselwa kubo njengalabo ‘abacima amandla omlilo.’ Abanye oFakazi BakaJehova bangaphambi kobuKristu ‘bajivazwa, bashaywa, baboshwa, bakhandwa ngamatshe, balingwa, banqunywa ngesaha, babulawa ngenkemba, bazulazula bembethe izikhumba zezimvu nezezimbuzi, kuyilapho behlushwa, bephathwa kabi.’ Ngokuqinisekile sivumelana noPawulu, owathi: “Izwe elingabafanele bona.” Yeka ukuthi kujabulisa kanjani ukuba phakathi ‘kwefu’ elikhulu kangaka lofakazi abagcina ubuqotho!—Heberu 11:1–12:1; bheka futhi noDaniyeli, isahluko 3.
10. Umphostoli uPawulu wayijabulisa kanjani inhliziyo kaJehova?
10 Enesibindi namandla ayewanikwe nguNkulunkulu, umphostoli uPawulu wakhuthazelela ukuboshwa, ukushaywa, ukufelwa umkhumbi, izingozi eziningi, ukuqwasha ebusuku, indlala, ukoma, amakhaza, ukuhamba-ze, “nasezingozini zokufa ngezikhathi eziningi.” (2 Korinte 11:23-27) Wathola ubunzima obunjalo ngenxa yenkonzo, futhi kukho konke lokhu wajabulisa inhliziyo kaJehova njengogcina ubuqotho oyiqhawe. Nathi singakwenza.
11. Ngokuqondene nobuqotho, uJesu Kristu wabeka siphi isibonelo?
11 Ovelele phakathi kwabagcina ubuqotho “umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu,” uJesu Kristu. Lapho elingwa uDeveli ehlane, uJesu wanamathela ebuqothweni bakhe, ekugcineni ethi: “Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.” Engenamandla ngokusobala phambi kwamandla anjalo ayewanikezwe uNkulunkulu, uDeveli wamshiya uJesu. Lokhu kwakungekhona ukuhlaselwa kokugcina kukaJesu nguSathane, kodwa uDeveli wayengenamandla okwephula ubuqotho beNdodana kaNkulunkulu. ‘Ngenxa yentokozo eyayibekwe phambi kwakhe uJesu wathwala isiphambano,’ wangalokotha neze aphule ubuqotho. Kwangathi singalandela njalo isibonelo sakhe esiphakeme futhi sijabulise inhliziyo kaJehova njengabagcina ubuqotho.—Heberu 12:2, 3; Mathewu 4:1-11.
12, 13. Ikuphi ukuvivinywa kobuqotho amaKristu okuqala akwazi ukubhekana nakho ngokuphumelelayo?
12 UJesu watshela abafundi bakhe: “Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami.” (Mathewu 10:22) Yeka ukuthi lokhu kuye kwaba yiqiniso kanjani ngaso sonke isikhathi ngamaKristu eqiniso! Encwadini yakhe ethi Christianity and the Roman Government, uE. G. Hardy wabhala: “Kusobala, kokubili encwadini kaPliny nasempendulweni engokomthetho kaTrajan, ukuthi amaKristu ayengase ajeziselwe inomen [igama] kuphela, noma ukusho nje kwawo ukuthi angawobuKristu, ngaphandle kokudalulwa noma kobufakazi bamacala angempela.”
13 Yeka ukuvivinywa kobuqotho lawomaKristu okuqala akwazi ukubhekana nakho ngokuphumelelayo ngamandla ayewanikwe nguNkulunkulu! Ngokwesibonelo, ngokuqondene nawo, kuye kwathiwa: “Ngezinye izikhathi ayehlushwa aphonswe ezilwaneni zasendle ezilambile eshashalazini ukuze kujatshuliswe umphakathi.” Nokho, naphezu kokuhlushwa okunjalo kuye kwaphawulwa ukuthi “ukushushiswa kuye kwaqinisa ukholo lwawo futhi kwaphendulela abaningi enkolweni yawo.” (From the Old World to the New, kaEugene A. Colligan noMaxwell F. Littwin, 1932, amakhasi 90-1) Kungokufanayo nangoFakazi BakaJehova abagcina ubuqotho kulelikhulu lama-20. Izithunywa zikaDeveli ziye zahluleka ukubanqoba.
14, 15. Obani ‘abangofakazi ababili,’ futhi yini abahlangabezana nayo ngo-1918 nango-1919?
14 Cabangela lokho izinceku ezigcotshiwe zikaJehova, ‘ofakazi ababili,’ abangokomfanekiso, ezahlangabezana nakho ngo-1918 nango-1919, lapho izitha zabo ‘zisebenza okubi kungathi ngomthetho.’ (IsAmbulo 11:3, 7-10; IHubo 94:20) UJ. F. Rutherford (ngalesosikhathi owayengumongameli we-Watch Tower Society) nabangane bakhe abayisikhombisa baboshwa ngokungemthetho. Ngalesosikhathi, ‘ofakazi ababili’ babulawelwa ukuprofetha kwabo, futhi izitha zabo zajabula. Encwadini yakhe ethi Preachers Present Arms, uRay H. Abrams waphawula: “Ukuhlaziywa kwayo yonke indaba [ehilela uRutherford nabangane bakhe] kuholela esiphethweni sokuthi amasonto nabefundisi ekuqaleni babekhuthaza isenzo sokuqeda [abaFundi BeBhayibheli]. . . . Lapho izindaba zesigwebo seminyaka engamashumi amabili zifinyelela abahleli bezindaba ezingokwenkolo, wonke amaphephandaba abo, amakhulu namancane, asijabulela lesisenzakalo. Ngehlulekile ukuthola noma imaphi amazwi okudabuka kunoma ibaphi omagazini abavunyelwe ngokwenkolo.”
15 Nokho, ngokuhamba kwesikhathi, abaFundi BeBhayibheli abayisishiyagalombili ababeboshiwe bakhululwa futhi icala lasulwa ngokuphelele, okwadumaza kakhulu uSathane nabantu bakhe. Bephiliswe umoya kaNkulunkulu, ‘ofakazi ababili,’ lelobutho elincane labagcotshiwe, baphinda futhi baqhubeka njengabamemezeli boMbuso. (IsAmbulo 11:11) Futhi izitha zikaJehova bezilokhu zinqotshwa empini eziyilwa nabagcina ubuqotho abanjalo kusukela lapho.
16. Yini eyashiwo omunye ogcina ubuqotho osemusha?
16 Ngokwesibonelo: Cabangela amazwi akhuthazayo enye insizwa eyawabhalela umkhaya wakubo njengoba yayilindele ukufa ezandleni zabashushisi bobuNazi. Yabhala: “Sekudlulile kakade phakathi kwamabili. Ngisenaso isikhathi sokushintsha umqondo wami. Awu! Ngisengaphinda ngijabule yini kulomhlaba ngemva kokuphika iNkosi yethu? Phinde! Kodwa manje ninesiqiniseko sokuthi ngishiya lomhlaba ngenjabulo nokuthula.” Ingabe lokho kuzwakala njengowephula ubuqotho obuthakathaka, oyigwala, nonqotshiwe? Lutho neze!
17. Ukuboshwa koFakazi BakaJehova eSoviet Union kwaba namuphi umphumela emisebenzini yabo yokushumayela ngoMbuso?
17 Imizamo yokwephula ubuqotho bezinceku zikaJehova iye yaqhubeka. Ngokwesibonelo, encwadini yakhe ethi Religion in the Soviet Union, umhleli uWalter Kolarz wakhuluma ngokuboshwa koFakazi BakaJehova abaningi ekuqaleni kuka-1951 futhi wathi: “OFakazi ngokwabo balinganisela ukuthi abantu abayizi-7 000 sebebonke badingiselwa eUrals, eSiberia, eNyakatho Ekude (Vorkuta) naseKazakhstan.” Wanezela: “Lokhu kwakungekhona ukuphela ‘koFakazi’ eRashiya, kodwa kwakumane kuwukuqala kwendlela entsha emisebenzini yabo yokuphendula abantu. Bazama ngisho nokusakaza ukholo lwabo lapho bema eziteshini besendleleni eya ekuthunjweni. Ekubathumbeni uHulumeni waseSoviet wayemane ethuthukisa ukusakazwa kokholo lwabo. Besuswa edolobheni labo ababebodwa kulo ‘oFakazi’ balethwa emhlabeni obanzi, ngisho nakuba lona kwakungumhlaba wosizi onamakamu okuhlushwa nawokugqilazwa.” Lapho izinceku zikaJehova zathola abaningi abasemukela ngenjabulo isigijimi soMbuso esithokozisayo.—Qhathanisa nezEnzo 11:19-21.
Njengebutho Elinqobayo
18, 19. Kungenzeka kanjani ukuba sinqobe njengabagcina ubuqotho?
18 Ukushushiswa kwabantu bakaNkulunkulu kuyaqhubeka kuze kube namuhla. Ngakho kungenzeka kanjani ngoFakazi BakaJehova ukuba banqobe njengabagcina ubuqotho? Singenza kanjalo ngoba silalela iZwi likaNkulunkulu, futhi ‘sesinawo umqondo osulungele ukwahlukanisa okuhle nokubi.’ Njengofakazi bakaJehova abathembekile, ‘asilingisi lelizwe, kodwa siye saguqulwa isimo ngokushintsha izingqondo zethu.’ Ngenjabulo senza lokho okuthokozisa uJehova, futhi usenza sizinqobe izitha zethu, ezingamademoni nezingabantu.—Heberu 5:12-14; Roma 12:1, 2.
19 Thina ‘esingabakaJehova’ singafaniswa nebutho elinqobayo. Yebo, impi yethu ingokomoya, futhi siyaqhubeka ‘siqina eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.’ Sihlome zonke izikhali ezingokomoya zikaNkulunkulu, futhi umoya wakhe ongcwele uyasisekela. Kungakho ‘sinamandla okumelana namaqhinga kaSathane.’ (Efesu 6:10-20; 2 Korinte 10:3, 4) Yebo, futhi kungakho sizoqhubeka sinqoba njengabagcina ubuqotho.
20. Iluphi usizo nesiqiniseko esinaso njengoba sisebenzela ukugcina ubuqotho bethu?
20 Ngokuqinisekile siyibutho lempi elingajwayelekile. Phela, phakathi kwethu ngisho ‘nabesifazane ababika izindaba ezinhle bayisixuku esikhulu’! (IHubo 68:11) Nakuba sibhekene nezitha ezesabekayo, “abanathi baningi kunabanabo.” (2 AmaKhosi 6:16) Izingelosi zinathi njengoba simemezela izindaba ezinhle kwabakhileyo emhlabeni. (IsAmbulo 14:6) Futhi njengabagcina ubuqotho, sinethemba lokuthi ‘akukho sikhali esenzelwa thina esiyakuphumelela.’—Isaya 54:17.
21. Naphezu kokushushiswa esikutholayo, yini eqhubekayo?
21 Ngokungangabazeki, impi isihleliwe. Amabutho kaSathane azimisele ukumisa umsebenzi wethu wokufakaza. Ngakho-ke, kusele kithi ukuba ‘silwe ukulwa okuhle.’ (1 Thimothewu 1:18) SinoJesu Kristu okhazinyulisiwe njengoMphathi wethu noMholi, ngamunye wethu makakhonze “njengebutho elihle likaKristu.” (2 Thimothewu 2:3, 4) Nakuba sishaywa nhlangothi zonke, kumelwe—futhi sizokwenza, ngomusa kaNkulunkulu ongasifanele—sime siqinile njengabagcina ubuqotho. Ubuso bethu buyamamatheka njengoba sibona ukwanda okuqhubekayo. Izibalo ezinkulu kakhulu ‘zokunxanelekayo kwabezizwe’ ziyangena futhi zigcwalisa indlu kaJehova ngenkazimulo. (Hagayi 2:7) Naphezu kokushushiswa, ukuboshwa, ukushaywa. ukuvinjelwa komsebenzi wethu emazweni ahlukahlukene, nemizamo emikhulu yokuthulisa izindebe zethu, umsebenzi omkhulu wokwenza abafundi uyaqhubeka futhi uthola umfutho.—Mathewu 24:14; 28:19, 20.
22. Njengalabo abangabakaJehova, yini okumelwe siyenze?
22 Njengoba ubukhulu bodumo oluya kuJehova buqhubeka bukhula, lesi isikhathi sesinqumo nganoma ubani osemhlabeni. Yeka ilungelo esinalo lokusakaza izindaba ezinhle nokufundisa labo abamukela ukukhulekela kweqiniso! Ngakho-ke, njengoba “isixuku esikhulu” sanda, kwangathi singaqhubeka njengezinceku ezingamaqhawe zikaNkulunkulu oPhezukonke. (IsAmbulo 7:9) ‘Noma siphila noma sifa, singabakaJehova.’ Ngakho, masiphikelele emgomweni wokuphila, sibonge njalo ngelungelo lethu elihle lokujabulisa inhliziyo kaJehova ngokugcina ubuqotho!
Ungaphendula?
◻ Yini ubuqotho?
◻ Yini efunwa ukugcina ubuqotho kubantu bakaJehova?
◻ Kungaboniswa kanjani ukuthi ukugcina kwethu ubuqotho kwenza umehluko kuNkulunkulu?
◻ Kungaziphi izindlela abanye esikhathini esidlule abazibonisa ngazo bengabagcina ubuqotho?
◻ Kungenzeka kanjani namuhla ngoFakazi BakaJehova ukuba babe abagcina ubuqotho?
[Isithombe ekhasini 13]
Izinceku zikaJehova namuhla ziyingxenye yohlu olude lofakazi bakhe abagcina ubuqotho. Ingabe uphakathi kwabo?
UEnoke
USara
UJefta
UPawulu