Abantu ‘Ababenemizwa Efana Neyethu’
WAYEYINKOSI nomprofethi kodwa futhi engubaba onothando. Enye yamadodana akhe yakhula yaziqhenya futhi yaqhosha. Izimisele ukuzithathela ubukhosi, le ndodana yaqala impi yombango, ihlose ukuba kufe uyise. Kodwa empini eyalandela, yindodana eyabulawa. Lapho uyise ezwa ngokufa kwendodana yakhe, wahamba yedwa waya ekamelweni wakhala: “Hawu, ndodana yami Abisalomu, ndodana yami, ndodana yami Abisalomu! Sengathi nga ngifile esikhundleni sakho, Abisalomu, ndodana yami, ndodana yami!” (2 Samuweli 18:33) Lo baba kwakuyiNkosi uDavide. Njengabanye abaprofethi bakaJehova, “wayengumuntu onemizwa efana neyethu.”—Jakobe 5:17.
Ezikhathini zeBhayibheli abesilisa nabesifazane ababekhulumela uJehova babevela ezizindeni ezihlukahlukene futhi bengabantu abavamile. Njengathi, babenezinkinga futhi behlushwa ukungapheleli. Kwakungobani abanye balaba baprofethi, futhi imizwa yabo yayifana kanjani neyethu?
UMose Walahla Ukuzethemba Ngokweqile Wathobeka
Umprofethi ovelele wezikhathi ezingaphambi kobuKristu kwakunguMose. Nokho, ngisho nalapho eseneminyaka engama-40, wayengakakulungeli ukukhonza njengomkhulumeli kaJehova. Ngani? Ngesikhathi abafowabo becindezelwe uFaro waseGibithe, uMose wayekhuliswa endlini kaFaro futhi “wayenamandla emazwini nasezenzweni zakhe.” Ukulandisa kuyasitshela: “Wayecabanga ukuthi abafowabo bayoqonda ukuthi uNkulunkulu wayebanika insindiso ngesandla sakhe.” Ezethemba ngokweqile, wavikela ngesibindi isigqila esingumHeberu, wabulala umGibithe.—IzEnzo 7:22-25; Eksodusi 2:11-14.
Manje uMose wayesephoqelekile ukuba abaleke, futhi wachitha amashumi amane eminyaka eyalandela njengomalusi ezweni elikude lakwaMidiyani. (Eksodusi 2:15) Ekupheleni kwaleso sikhathi, uMose, manje owayeseneminyaka engu-80 ubudala, wathunywa uJehova njengomprofethi. Kodwa uMose wayengasazethembi ngokweqile. Wazizwa engafaneleki kangangokuthi wangabaza ukuthunywa kwakhe uJehova njengomprofethi, esebenzisa amazwi anjengathi, “Ngingubani mina ukuba ngiye kuFaro?” nathi, “Ngizakuthini?” (Eksodusi 3:11, 13) Ngesiqinisekiso sikaJehova esinothando nosizo lwakhe, uMose wafeza ukuthunywa kwakhe ngempumelelo enkulu.
Ingabe nawe njengoMose, wake wavumela ukuzethemba ngokweqile kwakwenza washo noma wenza izinto ezingenangqondo? Uma kunjalo, yamukela ukuqeqeshwa okwengeziwe ngokuthobeka. Noma ingabe wake wazizwa ungakufanelekeli ukwenza eminye imisebenzi yobuKristu? Kunokuba wenqabe, yamukela usizo olunikezwa uJehova nenhlangano yakhe. Lowo owasiza uMose angakusiza nawe.
U-Eliya Wayenemizwa Enjengeyethu Ekukhipheni Isiyalo
“U-Eliya wayengumuntu onemizwa efana neyethu, kodwa nokho emthandazweni wathandazela ukuba lingani; futhi alinanga ezweni iminyaka emithathu nezinyanga eziyisithupha.” (Jakobe 5:17) Umthandazo ka-Eliya wawuvumelana nentando kaJehova yokujezisa isizwe esasimhlubukile. Nokho, u-Eliya wayazi ukuthi isomiso ayesithandazela sasizobangela ukuhlupheka kubantu. U-Israyeli wayefuyile futhi elimile; wayethembele emazolweni nasemvuleni. Ukuqhubeka kwesomiso kwakuzodala ukucindezeleka okukhulu. Uhlaza lwaluzokusha; bangatholi sivuno. Izilwane ezifuyiwe ezazisetshenziswa kweminye imisebenzi futhi zidliwa zazizofa, futhi eminye imikhaya yayizosongelwa ukubulawa indlala. Obani ababezohlupheka kakhulu? Abantu abavamile. Umfelokazi othile watshela u-Eliya kamuva ukuthi wayesesele nokhweshe lwempuphu nengcosana yamafutha. Wayeqiniseka ukuthi yena nendodana yakhe ngokushesha babezobulawa indlala. (1 AmaKhosi 17:12) Ukuze u-Eliya athandaze njengoba enza, kwakudingeka abe nokholo oluqinile lokuthi uJehova uyozinakekela izinceku zaKhe—ezicebile nezimpofu—ezazingakulahlanga ukukhulekela kweqiniso. Njengoba ukulandisa kubonisa, u-Eliya akazange adunyazwe.—1 AmaKhosi 17:13-16; 18:3-5.
Eminyakeni emithathu kamuva, lapho uJehova ethi ngokushesha uzoletha imvula, isifiso esiqotho sika-Eliya sokubona isomiso siphela sibonakala ngokuphikelela emithandazweni ejulile ngenkathi ‘ekhothamela phansi, ebeka ubuso bakhe phakathi kwamadolo akhe.’ (1 AmaKhosi 18:42) Ngokuphindaphindiwe, wancenga inceku yakhe: “Khuphuka, ubheke ngaselwandle” ukuze ibone ukuthi zikhona yini izimpawu zokuthi uJehova uyizwile imithandazo yakhe. (1 AmaKhosi 18:43) Yeka ukuthi wajabula kanjani lapho ekugcineni, ekuphendulweni kwemithandazo yakhe, ‘izulu linikeza imvula nezwe liveza isithelo salo’!—Jakobe 5:18.
Uma ungumzali noma umdala ebandleni lobuKristu, kungase kudingeke ubonise ukucabangela okunemizwa ejulile lapho uyala. Nokho, imizwa yobuntu enjalo kudingeka ivunyelaniswe nokuqiniseka kokuthi isiyalo siyadingeka ngezinye izikhathi futhi uma sikhishwa ngothando, “sibathelela isithelo esinokuthula, okuwukuthi, ukulunga.” (Heberu 12:11) Imiphumela yokulalela imithetho kaJehova ihlale imihle. Njengo-Eliya sithandaza ngokusuka enhliziyweni ukuba ilandelwe.
UJeremiya Wabonisa Isibindi Naphezu Kokudunyazwa
Kubo bonke abalobi beBhayibheli, cishe uJeremiya nguye owabhala kakhulu ngemizwa yakhe siqu. Njengensizwa, wayengabaza ukwamukela ukuthunywa kwakhe. (Jeremiya 1:6) Nakuba kunjalo waqhubeka ngesikhulu isibindi ekumemezeleni izwi likaNkulunkulu, waphikiswa ngonya ama-Israyeli akubo—kusukela emakhosini kuya kubantu abavamile. Lokho kuphikiswa ngezinye izikhathi kwakumfikisela intukuthelo nezinyembezi. (Jeremiya 9:3; 18:20-23; 20:7-18) Ezikhathini ezihlukene wahlaselwa isixuku, washaywa, waboshelwa ogodweni lokugconwa, waboshwa, wasongelwa ngokubulawa, wafakwa phansi emgodini ongenamanzi onodaka ukuba afele khona. Ngezinye izikhathi ngisho nomyalezo kaJehova wawumbangela ubuhlungu, njengoba kuboniswa amazwi akhe: “Zibilini zami, zibilini zami, nginobuhlungu enhliziyweni yami.”—Jeremiya 4:19.
Naphezu kwalokho, wayelithanda izwi likaJehova, ethi: “Amazwi akho aba-ngukujabula kimi nokuthokoza kwenhliziyo yami.” (Jeremiya 15:16) Ngesikhathi esifanayo, ukukhungatheka kwamholela ekubeni akhale kuJehova: “Impela uyakuba-ngamanzi aphuthayo kimi, amanzi angathembekile,” njengawomfudlana asheshe ome. (Jeremiya 15:18) Nakuba kunjalo, uJehova wayiqonda imizwa yakhe ephambene futhi waqhubeka emsekela ukuze afeze ukuthunywa kwakhe.—Jeremiya 15:20; bheka nesahluko 20:7-9.
Ingabe nawe njengoJeremiya, ubhekene nokukhungatheka noma ukuphikiswa ekufezeni inkonzo yakho? Thembela kuJehova. Qhubeka ulandela isiqondiso sakhe, futhi uJehova uyoyivuza neyakho imizamo.
UJesu Wayenemizwa Efana Neyethu
Umprofethi omkhulu kunabo bonke abake baba khona kwakuyiNdodana kaNkulunkulu uqobo, uJesu Kristu. Nakuba ayephelele, akazange ayicindezele imizwa yakhe. Sijwayele ukufunda ngemizwa yakhe yangaphakathi, okumelwe ukuba yayibonakala ebusweni nangendlela ayesabela ngayo kwabanye. UJesu wayevame ‘ukuba nesihawu,’ futhi wasebenzisa amazwi afanayo ekuchazeni lezi zici emfanekisweni wakhe.—Marku 1:41; 6:34; Luka 10:33.
Kumelwe ukuba waphakamisa izwi lapho exosha abathengisi nezilwane ethempelini ngalawa mazwi: “Susani lezizinto lapha!” (Johane 2:14-16) Ukusikisela kukaPetru okuthi, “Yiba nomusa kuwe, Nkosi,” kwaholela kule mpendulo eshisayo, “Buyela emva kwami, Sathane!”—Mathewu 16:22, 23.
Kwakunabathile uJesu ayebathanda ngokukhethekile ababesondelene kakhulu naye. Umphostoli uJohane wachazwa ‘njengomfundi uJesu ayemthanda.’ (Johane 21:7, 20) Futhi siyafunda: “Manje uJesu wayebathanda oMarta nodadewabo noLazaru.”—Johane 11:5.
UJesu futhi wayedabuka. Ezwa ubuhlungu ngokufa kukaLazaru, “UJesu wakhala izinyembezi.” (Johane 11:32-36) Embula ubuhlungu benhliziyo obabangelwa ukukhashelwa uJuda Iskariyothe, uJesu wacaphuna amazwi abuhlungu kumaHubo: “Lowo obevame ukudla isinkwa sami ungiphakamisele isithende sakhe.”—Johane 13:18; IHubo 41:9.
Ngisho nalapho ezwa ubuhlungu obukhulu esigxotsheni, uJesu wabonakalisa ukujula kwemizwa yakhe. Ngomusa waphathisa ‘umfundi ayemthanda’ ukuba anakekele unina. (Johane 19:26, 27) Lapho ebona ubufakazi bokuphenduka komunye wabenzi bobubi owayebethelwe eceleni kwakhe, uJesu ngesihawu wathi: “Uyoba nami ePharadesi.” (Luka 23:43) Singase sizwe ukudedeleka ngamandla kwemizwa lapho ekhala: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni?” (Mathewu 27:46) Futhi amazwi akhe lapho esefa abonisa uthando olujulile nethemba: “Baba, ezandleni zakho ngiyawubeka umoya wami.”—Luka 23:46.
Yeka isiqinisekiso konke lokhu okusinika sona! “Ngoba lowo esinaye njengompristi ophakeme, akuyena ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kodwa [uJesu] ngovivinyiwe ezicini zonke njengathi, kodwa ongenasono.”—Heberu 4:15.
Ukuqiniseka KukaJehova
UJehova akakaze azisole ngabakhulumeli ayebakhethile. Wayekwazi ukwethembeka kwabo kuye, futhi ngesihawu akabunakanga ubuthakathaka balabo ababengaphelele. Nokho wayelindele ukuba bafeze ukuthunywa kwabo. Ngosizo lwakhe bakwazi ukwenza kanjalo.
Masibonise ngesineke ukubethemba abafowethu nodadewethu abathembekile. Bayohlala bengaphelele kulesi simiso sezinto, njengathi. Noma kunjalo, akumelwe sahlulele abazalwane bethu sithi akufanele sibathande noma sibanake. UPawulu wabhala: “Nokho, thina esiqinile kufanele sithwale ubuthakathaka balabo abangaqinile, futhi singazijabulisi thina.”—Roma 15:1; Kolose 3:13, 14.
Abaprofethi bakaJehova baba nayo yonke imizwelo esiba nayo. Noma kunjalo, babethembela kuJehova, futhi uJehova wabasekela. Ngaphezu kwalokho, uJehova wabanika izizathu zokujabula—unembeza omuhle, ukuqaphela ukuvunyelwa nguye, abangane abathembekile ababebasekela, nesiqinisekiso sekusasa elijabulisayo. (Heberu 12:1-3) Nathi masinamathele kuJehova ngokuqiniseka okugcwele njengoba silingisa ukholo lwabaprofethi basendulo, abantu ‘ababenemizwa efana neyethu.’