Ukuhlanganyela Induduzo Esiyinikwa UJehova
“Ithemba lethu ngani alintengi, njengoba sazi ukuthi, njengoba nje ningabahlanganyeli bezinhlupheko, ngendlela efanayo niyohlanganyela induduzo futhi.”—2 KORINTE 1:7.
1, 2. Kuye kwaba yini okuhlangenwe nakho kwabaningi abaye baba amaKristu namuhla?
ABANINGI abafunda INqabayokulinda namuhla babekhule bengenalo ulwazi ngeqiniso likaNkulunkulu. Mhlawumbe kunjalo ngawe. Uma kunjalo, khumbula indlela owazizwa ngayo lapho amehlo akho okuqonda eqala ukuvuleka. Ngokwesibonelo, lapho uqonda okokuqala ngqá ukuthi abafileyo abahlupheki kodwa basesimweni sokungazi lutho, awuzange yini ukhululeke? Futhi lapho ufunda ngethemba ngabafileyo, ukuthi izinkulungwane zezigidi ziyovuselwa ekuphileni emhlabeni kaNkulunkulu omusha, awuzange yini ududuzeke?—UmShumayeli 9:5, 10; Johane 5:28, 29.
2 Kuthiwani ngesithembiso sikaNkulunkulu sokuqeda ububi nokuguqula lomhlaba ube ipharadesi? Lapho ufunda ngalokhu, akuzange yini kukududuze futhi kukwenze ukulindele ngamehlo abomvu? Wazizwa kanjani lapho ufunda okokuqala ukuthi kungenzeka ungafi kodwa usindele kulelo Pharadesi lasemhlabeni elizayo? Ngokungangabazeki wachichima injabulo. Yebo, wawamukele isigijimi sikaNkulunkulu esiduduzayo manje esishunyayelwa emhlabeni wonke oFakazi BakaJehova.—IHubo 37:9-11, 29; Johane 11:26; IsAmbulo 21:3-5.
3. Kungani labo abahlanganyela nabanye isigijimi sikaNkulunkulu esiduduzayo nabo bebhekana nosizi?
3 Nokho, lapho uzama ukuhlanganyela isigijimi seBhayibheli nabanye, waqaphela nokuthi “ukholo alulona olwabo bonke abantu.” (2 Thesalonika 3:2) Mhlawumbe abanye babangane bakho bakuqala bakujivaza ngoba ubonisa ukholo ezithembisweni zeBhayibheli. Kungenzeka nokuthi wabhekana nokushushiswa ngenxa yokuqhubeka utadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Kungenzeka ukuphikiswa kwaqina njengoba uqala ukwenza izinguquko ukuze uvumelanise ukuphila kwakho nezimiso zeBhayibheli. Waqala ukubhekana nosizi olulethwa uSathane nezwe lakhe kubo bonke abamukela induduzo kaNkulunkulu.
4. Iziphi izindlela ezihlukene abantu abasanda kuthakazela abangasabela ngazo osizini?
4 Ngokudabukisayo, njengoba uJesu abikezela, usizi lwenza ukuba abanye bakhubeke futhi bayeke ukuhlanganyela nebandla lobuKristu. (Mathewu 13:5, 6, 20, 21) Abanye bakhuthazelela usizi ngokugcina izingqondo zabo zigxile ezithembisweni eziduduzayo abazifundayo. Ekugcineni banikezela ukuphila kwabo kuJehova futhi babhapathizwe njengabafundi beNdodana yakhe, uJesu Kristu. (Mathewu 28:19, 20; Marku 8:34) Yebo, usizi alupheli lapho umKristu esebhapathiziwe. Ngokwesibonelo, kungase kube umzabalazo onzima kumuntu owayeziphethe kabi ngaphambili ukuba azigcine emsulwa. Abanye kudingeka babhekane nokuphikiswa okungapheli okuvela emalungwini omkhaya angakholwa. Kungakhathaliseki uhlobo losizi, bonke abaphishekela ukuphila kokuzinikezela kuNkulunkulu ngokukholeka bangaqiniseka ngento eyodwa. Bayothola induduzo nosizo lukaNkulunkulu, ngokomuntu siqu.
‘UNkulunkulu Wenduduzo Yonke’
5. Kanye nokuvivinywa okuningi uPawulu abhekana nakho, yini enye ayithola?
5 Umuntu owayeyazisa ngokujulile induduzo enikwa uNkulunkulu umphostoli uPawulu. Ngemva kokubhekana nesikhathi esivivinya ngokukhethekile e-Asiya naseMakedoniya, wathola impumuzo enkulu lapho ezwa ukuthi ibandla laseKorinte lalisabele kahle encwadini yakhe yokusola. Lokhu kwamshukumisela ukuba alibhalele incwadi yesibili, enamazwi okudumisa alandelayo: “Makatuswe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wesihe sesisa noNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduza osizini lwethu lonke.”—2 Korinte 1:3, 4.
6. Sifundani emazwini kaPawulu atholakala kweyesi-2 Korinte 1:3, 4?
6 Lamazwi aphefumulelwe aqukethe lukhulu. Ake siwahlaziye. Lapho uPawulu esho amazwi okudumisa noma okubonga kuNkulunkulu noma emnxusa ezincwadini zakhe, ngokuvamile sithola ukuthi uhlanganisa nokwazisa okujulile ngoJesu, iNhloko yebandla lobuKristu. (Roma 1:8; 7:25; Efesu 1:3; Heberu 13:20, 21) Ngakho, uPawulu uqondisa lamazwi okudumisa ‘kuNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu.’ Ngokokuqala ngqá emibhalweni yakhe, ube esesebenzisa ibizo lesiGreki elihunyushwe ngokuthi ‘isihe sesisa.’ Leli bizo lisuka egameni elisetshenziselwa ukubonisa ukudabuka ngokuhlupheka komunye. Ngaleyo ndlela uPawulu uchaza imizwa kaNkulunkulu yesisa nganoma iyiphi yezinceku zaKhe ezikholekile ezibhekene nosizi—imizwa yesisa eshukumisela uNkulunkulu ukuba azibonise isihe. Okokugcina, uPawulu wabheka kuJehova njengomthombo walemfanelo efiselekayo ngokumbiza ngokuthi “uYise wesihe sesisa.”
7. Kungani kungase kuthiwe uJehova ‘unguNkulunkulu wenduduzo yonke’?
7 ‘Isihe sesisa’ sikaNkulunkulu sibangela impumuzo kumuntu obhekene nosizi. Ngakho uPawulu uyaqhubeka echaza uJehova ngokuthi ‘unguNkulunkulu wenduduzo yonke.’ Ngakho, noma iyiphi induduzo esingayithola ngenxa yomusa wesikholwa nabo, singabheka kuJehova njengomthombo wayo. Ayikho induduzo yangempela nehlala njalo engaveli kuNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, nguye owadala umuntu ngomfanekiso wakhe, ngaleyo ndlela esenza sikwazi ukuba abaduduzi. Futhi umoya kaNkulunkulu ongcwele oshukumisa izinceku zakhe ukuba zibonise isihe sesisa kulabo abadinga induduzo.
Ukuqeqeshelwa Ukuba Abaduduzi
8. Nakuba uNkulunkulu engewona umthombo wokuvivinywa kwethu, ukukhuthazelela kwethu usizi kungasizuzisa kanjani?
8 Nakuba uJehova uNkulunkulu ekuvumela ukuvivinywa okuhlukahlukene okuza ezincekwini zakhe ezikholekile, akawona neze umthombo wokuvivinywa okunjalo. (Jakobe 1:13) Nokho, induduzo ayinikayo lapho sikhuthazelela uvivinyo ingasiqeqeshela ukuba sibe nozwela ngezidingo zabanye. Kube namuphi umphumela? “Ukuze sikwazi ukududuza labo abakunoma iluphi uhlobo losizi ngenduduzo nathi ngokwethu esiduduzwa ngayo uNkulunkulu.” (2 Korinte 1:4) Ngakho uJehova usiqeqeshela ukuba sibe abahlanganyeli abaphumelelayo benduduzo yakhe nesikholwa nabo nalabo esihlangana nabo enkonzweni yethu njengoba silingisa uKristu futhi ‘siduduza bonke abalilayo.’—Isaya 61:2; Mathewu 5:4.
9. (a) Yini eyosisiza ukuba sikhuthazelele ukuhlupheka? (b) Abanye baduduzeka kanjani lapho sikhuthazelela usizi ngokukholeka?
9 UPawulu wakhuthazelela izinhlupheko zakhe eziningi ngenxa yenduduzo enkulu ayithola kuNkulunkulu ngoKristu. (2 Korinte 1:5) Nathi singathola induduzo enkulu ngokuzindla ngezithembiso zikaNkulunkulu eziyigugu, ngokuthandazela ukusekela komoya wakhe ongcwele, nangokuthola izimpendulo zikaNkulunkulu emithandazweni yethu. Ngaleyo ndlela siyoqiniswa ukuba siqhubeke sisekela ubukhosi bukaJehova futhi sibonise ukuthi uDeveli ungumqambimanga. (Jobe 2:4; IzAga 27:11) Lapho siye sakhuthazelela ngokukholeka noma yiluphi uhlobo losizi, njengoPawulu, kufanele siyise lonke udumo kuJehova, onduduzo yakhe yenza ukuba amaKristu ahlale ekholekile ngaphansi kovivinyo. Ukukhuthazela kwamaKristu akholekile kuba nomphumela oduduzayo ebuhlotsheni bobuzalwane, kwenza abanye bazimisele ‘ukukhuthazelela izinhlupheko ezifanayo.’—2 Korinte 1:6.
10, 11. (a) Yiziphi ezinye izinto ezabangela ukuhlupheka ebandleni laseKorinte lasendulo? (b) UPawulu waliduduza kanjani ibandla laseKorinte, futhi yiliphi ithemba aliveza?
10 AbaseKorinte nabo babhekana nezinhlupheko ezehlela wonke amaKristu eqiniso. Ngaphezu kwalokho, babedinga iseluleko sokuba basuse ekuhlanganyeleni isifebe esingaphenduki. (1 Korinte 5:1, 2, 11, 13) Ukuhluleka ukuthatha lesi sinyathelo nokuphelisa izingxabano nokuhlukana kwakulethe isihlamba ebandleni. Kodwa ekugcineni basisebenzisa iseluleko sikaPawulu futhi babonisa ukuphenduka okuqotho. Ngakho, wabatusa ngokufudumele futhi wabatshela ukuthi ukusabela kwabo okuhle encwadini yakhe kwakumduduzile. (2 Korinte 7:8, 10, 11, 13) Ngokusobala, nowayesusiwe ekuhlanganyeleni wayephendukile. Ngakho uPawulu wabaluleka ukuba ‘bamthethelele futhi bamduduze, ukuze umuntu onjalo ngandlela-thile angagwinywa ukudabuka kwakhe ngokweqile.’—2 Korinte 2:7.
11 Kumelwe ukuba incwadi kaPawulu yesibili yaliduduza ngempela ibandla laseKorinte. Futhi lokhu kwakungenye yezinhloso zakhe. Wachaza: “Ithemba lethu ngani alintengi, njengoba sazi ukuthi, njengoba nje ningabahlanganyeli bezinhlupheko, ngendlela efanayo niyohlanganyela induduzo futhi.” (2 Korinte 1:7) Esiphethweni sencwadi yakhe, uPawulu wanxusa: “Qhubekani . . . niduduzwa, . . . futhi uNkulunkulu wothando nowokuthula uyoba nani.”—2 Korinte 13:11.
12. Yisiphi isidingo wonke amaKristu anaso?
12 Yeka isifundo esibalulekile esingasifunda kulokhu! Wonke amalungu ebandla lobuKristu kudingeka ‘ahlanganyele induduzo’ uNkulunkulu ayinika ngeZwi lakhe, umoya wakhe ongcwele, nenhlangano yakhe yasemhlabeni. Ngisho nabasusiwe ekuhlanganyeleni bangase badinge induduzo uma beye baphenduka balungisa inkambo yabo embi. Ngakho, “isigqila esikholekile nesiqondayo” siye sasungula ilungiselelo lomusa lokubasiza. Kanye ngonyaka abadala ababili bangase bahambele abasusiwe ekuhlanganyeleni. Kungenzeka ukuthi abasasibonisi isimo sengqondo sokuhlubuka noma abasahileleki esonweni esingathi sína futhi bangase badinge usizo ukuze bathathe izinyathelo ezidingekayo ukuze babuyiselwe ekuhlanganyeleni.—Mathewu 24:45; Hezekeli 34:16.
Usizi LukaPawulu E-Asiya
13, 14. (a) UPawulu wasichaza kanjani isikhathi sosizi olunzima abhekana nalo e-Asiya? (b) Yisiphi isenzakalo okungenzeka uPawulu wayecabanga ngaso?
13 Uhlobo lokuhlupheka ibandla laseKorinte elalibhekene nalo kuze kube yilesi sikhathi lwalungenakuqhathaniswa nezinsizi eziningi uPawulu okwadingeka azikhuthazelele. Ngakho, wayengalikhumbuza: “Asithandi ukuba nibe abangenalwazi, bafowethu, mayelana nosizi olwenzeka kithi esifundeni sase-Asiya, ukuthi sasingaphansi kokucindezeleka okudlulele okungaphezu kwamandla ethu, kangangokuthi sasingaqiniseki neze ngisho nangokuphila kwethu. Eqinisweni, saba nomuzwa kithi ngaphakathi wokuthi sasitholé isigwebo sokufa. Lokhu kwakungenjongo yokuba singathembeli kithi ngokwethu, kodwa kuNkulunkulu ovusa abafileyo. Entweni enkulu kangako enjengokufa wasophula futhi uyosophula; futhi ithemba lethu likuye ukuthi uyosophula futhi ngokuqhubekayo.”—2 Korinte 1:8-10.
14 Ezinye izazi zeBhayibheli zikholelwa ukuthi uPawulu wayekhuluma ngesiyaluyalu esasise-Efesu esasingase senze yena nabangane bakhe ababili baseMakedoniya ayejikeleza nabo, uGayu no-Aristarku, balahlekelwe ukuphila kwabo. LamaKristu amabili ayiswa ngempoqo enkundleni yezemidlalo eyayigcwele isixuku ‘esamemeza cishe amahora amabili sithi: “Mkhulu u-Arthemisi [unkulunkulukazi] wabase-Efesu!”’ Ekugcineni, isiphathimandla somuzi saphumelela ukuthulisa lesi sixuku. Lokhu kusongelwa kokuphila kukaGayu no-Aristarku kumelwe ukuba kwamcindezela kakhulu uPawulu. Eqinisweni, wayefuna ukungena abonisane nalesi sixuku esasiwotha ubomvu, kodwa wenqatshelwa ukufaka ukuphila kwakhe engozini ngalendlela.—IzEnzo 19:26-41.
15. Yisiphi isimo esinzima okungenzeka sichazwa kweyoku-1 Korinte 15:32?
15 Nokho, kungenzeka uPawulu wayechaza isimo esasinzima kakhulu kunesenzakalo esandulelayo. Encwadini yakhe yokuqala kwabaseKorinte, uPawulu wabuza: “Uma, njengabantu, ngiye ngalwa nezilo zasendle e-Efesu, kunabuhle buni kimi?” (1 Korinte 15:32) Lokhu kungase kusho ukuthi ukuphila kukaPawulu kwakungasongelwa abantu abanjengezilwane nje kuphela kodwa nayizilwane zasendle ezingokoqobo enkundleni yezemidlalo yase-Efesu. Ngezinye izikhathi izelelesi zazijeziswa ngokuphoqelelwa ukuba zilwe nezilwane zasendle phambi kwezixuku ezinequngo. Uma ngabe uPawulu wayesho ukuthi wayeye wabhekana nezilwane zasendle ezingokoqobo, kumelwe ukuba wasindiswa ngomzuzu wokugcina ekufeni okubuhlungu, njengoba noDaniyeli asindiswa emlonyeni wezingonyama ezingokoqobo.—Daniyeli 6:22.
Izibonelo Zosuku Lwanamuhla
16. (a) Kungani oFakazi BakaJehova abaningi beziqonda izinsizi uPawulu abhekana nazo? (b) Yini esingaqiniseka ngayo ngokuqondene nalabo abafa ngenxa yokholo lwabo? (c) Ukusinda ngokulambisa kwamaKristu athile kuye kwaba namuphi umphumela omuhle?
16 AmaKristu amaningi osuku lwanamuhla ayaziqonda izinsizi uPawulu abhekana nazo. (2 Korinte 11:23-27) Nanamuhla, amaKristu aye aba “ngaphansi kokucindezeleka okudlulele okungaphezu kwamandla [awo],” futhi amaningi aye abhekana nezimo lapho ‘ayengaqiniseki neze ngokuphila kwawo.’ (2 Korinte 1:8) Amanye aye afa ezandleni zababulali abaqotha imbokodo nesisekelo nabashushisi abanonya. Singaqiniseka ukuthi amandla kaNkulunkulu aduduzayo awenza akwazi ukukhuthazela nokuthi afa izinhliziyo nezingqondo zawo zigxile ekugcwalisekeni kwethemba lawo, lasezulwini noma lasemhlabeni. (1 Korinte 10:13; Filipi 4:13; IsAmbulo 2:10) Kwezinye izimo, uJehova uye waqondisa izinto, futhi abafowethu baye bophulwa ekufeni. Ngokungangabazeki labo abaye bophulwa kanjalo baye bathembela ngokwengeziwe “kuNkulunkulu ovusa abafileyo.” (2 Korinte 1:9) Kamuva, babengakhuluma ngisho nangokuqiniseka okukhulu njengoba behlanganyela nabanye isigijimi sikaNkulunkulu esiduduzayo.—Mathewu 24:14.
17-19. Yikuphi okuhlangenwe nakho okubonisa ukuthi abafowethu eRwanda baye bahlanganyela enduduzweni kaNkulunkulu?
17 Muva nje abafowethu abathandekayo eRwanda babhekana nezehlakalo ezifana nezikaPawulu nabangane bakhe. Abaningi balahlekelwa ukuphila kwabo, kodwa imizamo kaSathane yahluleka ukushabalalisa ukholo lwabo. Kunalokho, abafowethu kulelizwe baye bathola induduzo kaNkulunkulu ngezindlela eziningi ezingokomuntu siqu. Phakathi nempi yokuqothulwa kohlanga yamaTutsi namaHutu ahlala eRwanda, kunamaHutu afaka ukuphila kwawo engozini ukuze avikele amaTutsi namaTutsi avikela amaHutu. Abanye babulawa abavukeli ngenxa yokuvikela abakholwa nabo. Ngokwesibonelo, uFakazi ongumHutu okuthiwa uGahizi wabulawa ngemva kokufihla udade ongumTutsi okuthiwa uChantal. Umyeni kaChantal ongumTutsi, uJean, wayefihlwe kwenye indawo udade ongumHutu okuthiwa uCharlotte. Izinsuku ezingu-40 uJean nomunye umzalwane ongumTutsi babelokhu becashe kushimula omkhulu, bephuma isikhashana nje ebusuku. Kuso sonke lesi sikhathi, uCharlotte wayebondla ngokudla futhi ebavikela, nakuba ehlala eduze nekamu lebutho lamaHutu. Kuleli khasi, ungabona isithombe sikaJean noChantal asebephinde baba ndawonye, ababongayo ngokuthi abakhulekeli abakanye nabo abangamaHutu “bafaka engozini izintamo zabo” ngenxa yabo, njengoba uPriska no-Akwila benza ngenxa yomphostoli uPawulu.—Roma 16:3, 4.
18 Omunye uFakazi ongumHutu, uRwakabubu, wanconywa iphephandaba i-Intaremara ngenxa yokuvikela amaTutsi akholwa nawo.a Lathi: “Futhi kunoRwakabubu, omunye woFakazi BakaJehova, owaqhubeka efihla abantu ezindaweni ezihlukahlukene, phakathi kwabafowabo (babizana kanjalo abantu abakholwa ndawonye). Wayevame ukuchitha usuku lonke ebalethela ukudla namanzi nakuba enesifuba somoya. Kodwa uNkulunkulu wamenza waba namandla angaphezu kwavamile.”
19 Cabangela nombhangqwana othakazelayo ongamaHutu uNicodeme no-Athanasie. Ngaphambi kokuqubuka kwempi yokuqothulwa kohlanga, lombhangqwana oshadile wawutadisha iBhayibheli noFakazi ongumTutsi okuthiwa u-Alphonse. Ufaka ukuphila kwawo engozini, wafihla u-Alphonse emzini wawo. Kamuva waqaphela ukuthi umuzi wawo wawungeyona indawo ephephile ngoba omakhelwane bawo abangamaHutu babazi ngalomngane wawo ongumTutsi. Ngakho-ke, uNicodeme no-Athanasie bafihla u-Alphonse emgodini owawusegcekeni labo. Lesi kwakuyisinyathelo esihle ngoba omakhelwane baqala ukuza cishe nsuku zonke bezofuna u-Alphonse. Lapho ekulomgodi izinsuku ezingu-28, u-Alphonse wazindla ngokulandisa kweBhayibheli okunjengalokho okuphathelene noRahabi, owafihla ama-Israyeli amabili ophahleni lwendlu yakhe eJeriko. (Joshuwa 6:17) Namuhla u-Alphonse uyaqhubeka nenkonzo yakhe eRwanda njengomshumayeli wezindaba ezinhle, ebonga ngokuthi izifundo zakhe zeBhayibheli ezingamaHutu zafaka ukuphila kwazo engozini ngenxa yakhe. Futhi kuthiwani ngoNicodeme no-Athanasie? Manje bangoFakazi BakaJehova ababhapathiziwe futhi baqhuba izifundo zeBhayibheli ezingaphezu kuka-20 nabantu abathakazelayo.
20. UJehova uye wabaduduza kanjani abafowethu eRwanda, kodwa yisiphi isidingo esiqhubekayo abaningi babo abanaso?
20 Ngesikhathi kuqala impi yokuqothulwa kohlanga eRwanda, kwakunabamemezeli bezindaba ezinhle abangu-2 500 kulelozwe. Nakuba amakhulu alahlekelwa ukuphila kwawo noma aphoqeleka ukuba abaleke ezweni, inani loFakazi liye landa laba ngaphezu kuka-3 000. Lokho kuwubufakazi bokuthi uNkulunkulu uye wabaduduza ngempela abafowethu. Kuthiwani ngezintandane nabafelokazi abaningi phakathi koFakazi BakaJehova? Njengokulindelekile, laba basabhekene nosizi futhi badinga induduzo eqhubekayo. (Jakobe 1:27) Izinyembezi zabo ziyosulwa ngokuphelele lapho kuba novuko emhlabeni kaNkulunkulu omusha. Nakuba kunjalo, bayakwazi ukubhekana nokuphila ngenxa yokukhonzwa abafowabo nangenxa yokuthi bangabakhulekeli ‘bakaNkulunkulu wenduduzo yonke.’
21. (a) Yiziphi ezinye izindawo lapho abafowethu beye bayidinga kakhulu induduzo kaNkulunkulu, futhi iyiphi indlela sonke esingasiza ngayo? (Bheka ibhokisi elithi “Induduzo Phakathi Neminyaka Emine Yempi.”) (b) Isidingo sethu senduduzo siyokwaneliswa nini ngokuphelele?
21 Kwezinye izindawo eziningi, njengase-Eritrea, eSingapore, naseYugoslavia yangaphambili, abafowethu bayaqhubeka bekhonza uJehova ngokukholeka naphezu kosizi. Kwangathi singabasiza abafowethu abanjalo ngokubanxusela njalo ukuze bathole induduzo. (2 Korinte 1:11) Futhi kwangathi singakhuthazela ngokukholeka kuze kube yilapho uNkulunkulu ngoJesu Kristu ‘esula zonke izinyembezi emehlweni ethu’ ngomqondo ophelele. Khona-ke, ngezinga eliphelele, siyothola induduzo esiyoyinikezwa uJehova emhlabeni wakhe omusha wokulunga.—IsAmbulo 7:17; 21:4; 2 Petru 3:13.
[Umbhalo waphansi]
a INqabayokulinda ka-January 1, 1995, ikhasi 26, yalandisa okuhlangenwe nakho kwendodakazi kaRwakabubu, uDeborah, umthandazo wayo owathinta inhliziyo yamabutho amaHutu futhi wasindisa umkhaya ekubulaweni.
Uyazi?
◻ Kungani uJehova ebizwa ngokuthi ‘uNkulunkulu wenduduzo yonke’?
◻ Kufanele sizibheke kanjani izinsizi?
◻ Singayihlanganyela nobani induduzo?
◻ Isidingo sethu senduduzo siyokwaneliswa kanjani ngokuphelele?
[Isithombe ekhasini 17]
UJean noChantal, nakuba bengoFakazi abangamaTutsi, bafihlwa ezindaweni ezihlukene oFakazi abangamaHutu phakathi nokuqothulwa kohlanga eRwanda
[Isithombe ekhasini 17]
OFakazi BakaJehova bayaqhubeka behlanganyela isigijimi sikaNkulunkulu esiduduzayo nomakhelwane babo eRwanda