‘Ningumbukwane Wasenkundleni Yemidlalo’!
1 Umphostoli uPawulu wabhala: “Siye saba umbukwane wasenkundleni yemidlalo ezweni nasezingelosini, nakubantu.” (1 Kor. 4:9) Kusho ukuthini lokhu, futhi kufanele kusithinte kanjani enkonzweni yethu namuhla?
2 Kumuntu waseKorinte, amazwi athi “umbukwane wasenkundleni yemidlalo” cishe amkhumbuza ngesenzakalo sokuphetha somncintiswano wezilwi zaseRoma, lapho abantu abagwetshiwe babenziwa umbukwane phambi kwezinkulungwane zezibukeli ngaphambi kokuba babulawe ngesihluku. Ngokufanayo, izibukeli eziningi—abantu nezingelosi—zabona ukuhlushwa kwamaKristu ekhulu lokuqala ngenxa yokufakaza ngoMbuso. (Heb. 10:32, 33) Inkambo yawo yokugcina ubuqotho yathinta abaningi ababebukele, njengoba nje kunjalo nangokukhuthazela kwethu enkundleni yemidlalo yosuku lwanamuhla. Siwumbukwane kobani?
3 Ezweni Nakubantu: Ngezinye izikhathi abezindaba bakhipha imibiko ngemisebenzi yabantu bakaJehova. Nakuba siyazisa imibiko eyiqiniso nengakhethi mayelana nomsebenzi wethu, sikulindele futhi ukuba abagxeki bethu basakaze imibiko emibi ngezinye izikhathi. Noma kunjalo, kumelwe siqhubeke sizitusa njengezikhonzi zikaNkulunkulu “ngombiko omubi nombiko omuhle.” (2 Kor. 6:4, 8) Ezibukelini ezinhliziyo ziqotho kuba sobala ukuthi singabafundi bakaJesu Kristu beqiniso.
4 Ezingelosini: Nezidalwa zomoya ziyasibukela. UDeveli namademoni akhe bayabukela—kodwa ‘ngentukuthelo enkulu,’ bafuna ukumisa ‘umsebenzi wokufakaza ngoJesu.’ (IsAm. 12:9, 12, 17) Izingelosi ezithembekile zikaNkulunkulu ziyabukela futhi zijabule lapho kuphenduka ngisho isoni esisodwa. (Luka 15:10) Kufanele kusiqinise ukwazi ukuthi izingelosi zibheka inkonzo yethu njengomsebenzi ophuthuma nozuzisa kakhulu owenziwa namuhla emhlabeni!—IsAm. 14:6, 7.
5 Lapho ubhekana nokuphikiswa noma ucabanga ukuthi inkonzo yakho ayikhiqizi, khumbula ukuthi ubhekiwe ezulwini nasemhlabeni. Ukukhuthazela kwakho ngobuqotho kusho okukhulu. Ekugcineni, ‘ukulwa kwakho okuhle kokholo’ kuyokwenza ukuba ‘ubambisise ukuphila okuphakade.’—1 Thim. 6:12.