Ukwakha Ubuntu BobuKristu Kubantwana Bethu
UNINA kaWanda, owashiywa umyeni wakhe, wasebenza kanzima ukuze akhe izimfanelo zobuKristu endodakazini yakhe. Lapho uWanda eneminyaka engu-12 ubudala, lokhu kuqeqeshwa kwavivinywa. Ngalesosikhathi, uWanda, ekanye nomfowabo omncane nodadewabo, waphoqeleka ukuba amshiye unina futhi ayohlala isikhathi esithile noyise. Uyise wayengakholwa, ngakho uWanda wayeyoziphatha kanjani lapho unina engekho ukuze ambheke?
Umphumela otholwa yibo bonke abazali abangamaKristu ufika lapho abantwana babo kudingeka bazenzele izinqumo, bevivinya ukholo lwabo siqu. Abantwana bangase bahlukaniswe nabazali babo abangamaKristu, njengoba kwenzeka ngoWanda. Esikoleni bangase babhekane nokucindezela kontanga kokuba benze okungalungile. Noma bangase babhekane nezilingo ezinzima. Abazali abangamaKristu bethemba futhi bathandazela ukuthi lapho kufika lesosikhathi, abantwana babo bayoba nobuntu bobuKristu obunamandla ngokwanele ukuba bamelane novivinyo.
Abazali bangazakha kanjani izimfanelo ezinamandla zobuKristu kubantwana babo? Ngaphambi kokuba sithole ukuthi kwenzekani kuWanda, ake sibone indlela iBhayibheli elisisiza ngayo ukuba siphendule lowombuzo. Isisekelo sempendulo sitholakala kulamazwi omphostoli uPawulu ayebhekiswe kumaKristu aseKorinte: “Akakho ongabeka esinye isisekelo, kuphela leso esibekiweyo, esinguJesu Kristu. Kepha uma umuntu akha phezu kwalesosisekelo ngegolide, nesiliva, namatshe anenani, nemithi, notshani, nenhlanga, umsebenzi walowo nalowo uyakuvela obala; ngokuba usuku luyakuwudalula, lokhu kwambulwa ngomlilo, nokuthi umsebenzi walowo nalowo unjani, umlilo uqobo uyakukuvivinya lokho.”—1 Korinte 3:11-13.
Isisekelo
Kungani uPawulu abhala lamazwi? Wayeqalise isimiso sokwakha ubuntu bobuKristu eKorinte, kodwa lesimiso saba nezinkinga. Yiqiniso, isimiso sokwakha sikaPawulu asizange sihilele abantwana bakhe abangokoqobo. Sahilela labo ababa amaKristu ngokushumayela kwakhe. Kodwa wabathatha njengabantwana abangokomoya, futhi lokho akusho kubalulekile nakubazali.—1 Korinte 4:15.
UPawulu wayeke weza eKorinte esikhathini esithile ngaphambili futhi wayemise ibandla lobuKristu lapho. Labo ababesabele ekushumayeleni kwakhe babeye benza izinguquko ezinkulu ebuntwini babo. Abanye ngaphambili babengabantu abaziphethe kabi, amasela, abakhonza izithombe nezidakwa. (1 Korinte 6:9-11) Kodwa bakwazi ukushintshela ekucabangeni kobuKristu ngoba uPawulu wayebeke isisekelo esihle. Sasiyini leso sisekelo? “Akakho ongabeka esinye isisekelo, kuphela leso esibekiweyo, esinguJesu Kristu.”—1 Korinte 3:11.
UPawulu wasibeka kanjani lesisekelo njengoba ayefundisa laba ababesanda kukholwa eKorinte? Uyasitshela: “Nami, bazalwane, ekufikeni kwami kini angifikanga ngobungcweti bokukhuluma nobokuhlakanipha, ngimemezele kini ubufakazi bukaNkulunkulu. Ngokuba nganquma ukuthi angiyikwazi okunye phakathi kwenu, kuphela uJesu Kristu, lowo obethelwe [esigxotsheni sokuhlushwa, NW].” (1 Korinte 2:1, 2; IzEnzo 18:5) Akazange alethe ukunakekela kuye ngokwakhe noma ahlobise iqiniso ukuze alenze likhange izingqondo ngendlela ekha phezulu. Kunalokho, wayisa ukunakekela kuJesu Kristu nasendleleni uJesu aye wasetshenziswa ngayo nguNkulunkulu.
Eqinisweni, uJesu uyisisekelo esiqine ngendlela enhle kakhulu sokwakha kobuKristu. Walungiselela umhlatshelo wesihlengo. Manje useyiNkosi yasezulwini futhi njengoba enjalo ngokushesha uzobhubhisa izitha zikaNkulunkulu eArmagedoni. Khona-ke uyosebenzisa ukulunga kukaNkulunkulu phakathi nokubusa kweminyaka eyinkulungwane, futhi enjengomPristi Omkhulu kaNkulunkulu, kancane kancane uyoletha uhlanga lwesintu ekupheleleni. Yisiphi esinye isisekelo umuntu abengasifuna?
Ngakho, ekwakheni ubuntu bobuKristu kubantwana bethu, senza kahle uma silingisa uPawulu futhi siqiniseke ukuthi bayawaqonda lamaqiniso abalulekile. Kusukela ebuntwaneni babo, kufanele sifundise abantwana bethu ukuba bathande uJesu ngenxa yalokho asenzela khona esikhathini esidlule nasasenzela khona.—1 Petru 1:8.
Ukwakha
Nokho, nakuba uPawulu ayebeke lesisekelo esihle, umsebenzi wokwakha wabhekana nezithiyo ezithile ngemva kokuhamba kwakhe. (1 Korinte 3:10) Inkinga yayingahlukile kulokho abazali abaningi ababhekana nakho namuhla. Bakhulisa abantwana babo okholweni lobuKristu futhi bazizwa beqiniseka ngokuthi abantwana bayaqonda ukuthi iqiniso liyini. Kodwa lapho bekhula, abantwana bayakhukhuleka noma balenqabe ukholo. Kungani kwenzeka kanjalo? Ngokuvamile kungenxa yezinto zokwakha ezisetshenzisiwe.
UPawulu wathi ubuntu bungakhiwa ngezinto zokwakha eziyigugu: igolide, isiliva namatshe anenani. Noma bungakhiwa ngezinto zokwakha ezingabizi: umuthi, utshani nenhlanga. (1 Korinte 3:12) Manje, uma umakhi esebenzisa igolide, isiliva namatshe anenani, kumelwe ukuba usuke akha uhlobo lwesakhiwo olusezingeni eliphezulu, olubaluleke kakhulu. Kodwa umakhi osebenzisa umuthi, utshani nenhlanga usuke nje akha okuthile okuyingcacamezela, okungokwesikhashana nokungabizi.
Kubonakala sengathi eKorinte kwakusetshenziswa izinto zokwakha ezingokomoya ezisezingeni eliphansi. Abanye abalandelela ekubekeni isisekelo komphostoli uPawulu babakha ngendlela engabizi, bengakhi izakhiwo eziqinile nezihlala njalo. AbaseKorinte base beqale ukubheka kubantu, futhi kwakunokungezwani, umhawu nokubanga phakathi kwabo. (1 Korinte 1:10-12; 3:1-4) Lokhu kwakungavinjelwa kanjani? Ngokuthi basebenzise izinto zokwakha ezisezingeni elingcono nezihlala njalo.
Lezi zimelela lezozimfanelo eziyigugu eziyingxenye ebalulekile yobuntu bobuKristu. Ziphi izimfanelo? Umphostoli uPetru wakhuluma ngeyodwa: ‘Ukuvivinywa [kwemfanelo, NW] yokukholwa kwenu eyigugu kunegolide.’ (1 Petru 1:6, 7) INkosi uSolomoni yakhuluma ngezinye ezimbili: ukuhlakanipha nokuqonda, ukuba nazo okuyinto ‘enhle kunenzuzo yesiliva.’ (IzAga 3:13-15) Futhi iNkosi uDavide yasikhumbuza ukuthi ukwesaba uJehova nokuqonda imiyalo yakhe ‘kunxanelekile kunegolide.’—IHubo 19:9, 10.
Lezi kanye nezinye izinto zokwakha eziyigugu zingakhelwa ebuntwini bobuKristu ukuze zisize abantwana bethu bakwazi ukumelana novivinyo. Nokho, singaqiniseka kanjani ukuthi sakha ngezinto zokwakha ezinjalo? Ngokunakekela izinhliziyo, kokubili ezethu nezabantwana bethu.
Umsebenzi Wokwakha Ophumelelayo
Indima inhliziyo yomzali enayo kulomsebenzi wokwakha ibonakala emyalweni uJehova awunikeza abazali esizweni sikaIsrayeli sasendulo: “Lawamazwi engikuyala ngawo namuhla ayakuba-senhliziyweni yakho.” Khona-ke waqhubeka wathi: “Ubafundise impela wona abantwana bakho.” (Duteronomi 6:6, 7) Ngakho, ngaphambi kokuba sakhe abanye, kumelwe sizakhe thina ngokwethu. Abantwana bethu kufanele babone ezintweni esizishoyo nesizenzayo ukuthi ubuntu bethu benziwe ngezinto zokwakha ezifanele.—Kolose 3:9, 10.
Khona-ke, ukufundisa kwethu kumelwe kufinyelele izinhliziyo zabo. UJesu, umakhi wobuntu bobuKristu ophumelela kunabo bonke, wafinyelela izinhliziyo ngokusebenzisa imifanekiso nemibuzo. (Mathewu 17:24-27; Marku 13:34) Abazali bathola ukuthi lezindlela zokufundisa ezifanayo ziphumelela kakhulu. Basebenzisa imifanekiso ukuze benze amaqiniso obuKristu akhange ezinhliziyweni zabantwana babo abancane, futhi basebenzisa imibuzo ecatshangwe kahle ukuze baqonde lokho abantwana babo asebekhulile abakucabangayo ngempela, indlela abacabanga ngayo ezinhliziyweni zabo.—IzAga 20:5.
Lapho uMose ezama ukwakha kumaIsrayeli isifiso sokuhlala ethembekile, wathi: “Ugcine imiyalo kaJehova nezimiso zakhe . . . ukuba kube-kuhle kuwe.” (Duteronomi 10:13) Ngokufanayo, abazali benza kahle uma bengagcini ngokuchazela abantwana babo ngokucacile ukuthi ziyini izindinganiso zikaNkulunkulu kodwa futhi babonise ngokuqinisekisayo ukuthi kungani izinto ezinjengokwethembeka, ukuhlanzeka ngokokuziphatha nabangane abahle zisiza bona.
Ekugcineni, uJesu wathi: “Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena-Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Lapho abantwana beqala ukwazi uJehova ngokomuntu siqu lapho besebancane, befunda ukukhuluma naye ngezinkinga zabo, futhi beba nokuhlangenwe nakho kokuba aphendule imithandazo yabo, baba nengxenye ebaluleke kakhulu yobuntu bobuKristu: ubuhlobo bomuntu siqu noMdali wabo.
Umlilo
UPawulu wathola ukuthi lapho umsebenzi wokwakha ungenziwa kahle eKorinte, izimfanelo zezwe, ezinjengokuvela kwamahlelo nokungezwani, zamukelwa. Lokhu kwakuyingozi, njengoba achaza, ngoba ‘ukuthi umsebenzi walowo nalowo unjani, umlilo uqobo uyakuvivinya lokho.’—1 Korinte 3:13.
Uyini lomlilo? Ungaba yinoma iluphi uvivinyo uSathane alulethela umKristu. Ungase ube ukucindezela kontanga, isilingo esisenyameni, izinto ezibonakalayo, ushushiso, ngisho nethonya elibhubhisayo lokungabaza. Uvivinyo olunjalo nakanjani luzofika. “Umsebenzi walowo nalowo uyakuvela obala; ngokuba usuku luyakuwudalula, lokhu kwambulwa ngomlilo.” Abazali abahlakaniphile bakha ubuntu babantwana babo bekulindele ukuthi abantwana kamuva bazolingwa. Kodwa bayaqiniseka ngokuthi ngosizo lukaJehova, abantwana babo bangamelana nokuvivinywa. Uma abazali benalesisimo sengqondo, bayobusiswa kakhulu.
Umvuzo
UPawulu wathi: “Uma umsebenzi womuntu awakhileyo kuso umi, uyakwamukela umvuzo.” (1 Korinte 3:14) Umphostoli uPawulu wathola umvuzo. Ebhalela amaKristu asemzini waseThesalonika, lapho ayekade enze umsebenzi wokwakha nakhona, wathi: “Ngokuba liyini ithemba lethu, nokuthokoza, nomqhele wokuzibonga phambi kweNkosi yethu uJesu Kristu ekufikeni kwakhe, kungeyinina na? Ngokuba nina niludumo lwethu nokuthokoza kwethu.”—1 Thesalonika 2:19, 20.
Unina kaWanda wawuthola lomvuzo. Lapho uWanda oneminyaka engu-12 ubudala ezithola ehlukanisiwe nonina, ekuqaleni wayekhala aze azumeke. Khona-ke wakhumbula iseluleko sikanina sokuthi axoxe noJehova ngomthandazo ngezinkinga zakhe. Wathandaza futhi ngokushesha wafikelwa umcabango wokuba abheke encwadini yezinombolo zocingo ukuthi babekhona yini oFakazi BakaJehova abaseduze. Wathintana nabo futhi wathola ukuthi kunomkhaya owawuhlala ezansana nje nomgwaqo indlu kayise eyayikuwo. “Ngangingeve ngijabule!” kusho uWanda.
Ekhuthazwa yilomkhaya, uWanda wahlela ukuba umfowabo omncane nodadewabo baphindele emsebenzini wobuKristu. “Nganginomthwalo wemfanelo wokulungiselela ukuba sonke siye emihlanganweni,” uyachaza. “Kwakudingeka ngihlanze izingubo zethu, ngikame izinwele zethu, futhi ngiqiniseke ukuthi sihlanzekile futhi siyabukeka.” Kwakuwumsebenzi onzima ngentombazane esencane, kodwa yakwenza. Ngesinye isikhathi uyise wazama ukubavimbela ukuba baye emihlanganweni, kodwa labantwana bamncenga, futhi wabadedela.
Kamuva, abantwana baphinde babuyiselwa kunina. Lapho uWanda eneminyaka engu-15 ubudala, waba umKristu obhapathiziwe, futhi ekugcineni wazwakalisa ukulangazelela kwakhe kokuba isithunywa sevangeli. Yebo, umsebenzi kanina kaWanda waphumelela ovivinyweni. Wajabulela umvuzo wokubona indodakazi yakhe ilimelela ngokwayo ngokuqinile iqiniso. Kwangathi bonke abazali abangamaKristu bangaba nempumelelo efanayo njengoba besebenzela ukwakha ubuntu bobuKristu kubantwana babo.
[Ibhokisi ekhasini 27]
Nakuba, njengoba lesihloko sibonisa, abazali bezama kanzima ukwakha ubuntu bobuKristu kubantwana babo, abantwana ngokwabo nabo banomthwalo wemfanelo. Nabo, njengawo wonke amaKristu, kumelwe benze umsebenzi wokwakha kubo ngokwabo. (Efesu 4:22-24) Nakuba abazali benethuba elihle lokusiza kulokhu, ekugcineni umuntu ngamunye kumelwe azenzele isinqumo sakhe siqu sokukhonza uJehova.