Ukungashadi—Umnyango Oholela Emsebenzini Ongenaziphazamiso
“Kusho ukukhonza iNkosi njalo ngaphandle kokuthikamezeka.”—1 KORINTE 7:35.
1. Yiziphi izindaba ezishaqisayo uPawulu azizwa ngamaKristu aseKorinte?
UMPHOSTOLI UPAWULU wayekhathazekile ngabafowabo abangamaKristu eKorinte, eGrisi. Cishe eminyakeni emihlanu ngaphambili, wayemise ibandla kulowo muzi ochumayo owawudume ngokuziphatha okubi. Manje, cishe ngo-55 C.E., lapho ese-Efesu, e-Asia Minor, wathola imibiko eshaqisayo evela eKorinte yokuqembuka nokubekezelelwa kwecala elibi lokuziphatha okubi. Ngaphezu kwalokho, uPawulu wayethole incwadi ivela kumaKristu aseKorinte ecela isiqondiso ngobuhlobo bobulili, ukungashadi, ukushada, ukuhlukanisa, nokuphinde ushade.
2. Ukuziphatha okubi okwakudlangile eKorinte ngokusobala kwakuwathinta kanjani amaKristu akulowo muzi?
2 Ukuziphatha okubi ngokungathi sína okwakudlangile eKorinte kwakubonakala konakalisa ibandla lakhona ngezindlela ezimbili. Amanye amaKristu ayevumela umoya wokuyekethisa ekuziphatheni futhi ayebekezelela ukuziphatha okubi. (1 Korinte 5:1; 6:15-17) Ngokusobala abanye, bezama ukunqanda ukuzitika ngokobulili okwakusakazekile kulomuzi, beqisa, batusa ukuba kugwenywe konke ukuhlangana okungokobulili, ngisho nokwabashadile.—1 Korinte 7:5.
3. UPawulu waqale wakhuluma ngani encwadini yakhe yokuqala kwabaseKorinte?
3 Encwadini ende uPawulu ayibhalela abaseKorinte, waqale wakhuluma ngenkinga yokuhlukana. (1 Korinte, izahluko 1-4) Wabanxusa ukuba bagweme ukulandela abantu, okungaholela ekuhlukaneni okulimazayo kuphela. Kufanele babe nobunye ‘njengezisebenzi ezikanye’ noNkulunkulu. Wabe esebanika iziyalezo eziqondile zokugcina ibandla lihlanzekile ngokokuziphatha. (Izahluko 5, 6) Ngemva kwalokho umphostoli waphendula incwadi yabo.
Ukungashadi Kuyatuswa
4. UPawulu wayesho ukuthini lapho ethi “kuhle ukuba indoda ingamthinti owesifazane”?
4 Waqala ngokuthi: “Manje ngokuphathelene nezinto enaloba ngazo, kuhle ukuba indoda ingamthinti owesifazane.” (1 Korinte 7:1) Lapha amazwi athi “ingamthinti owesifazane” asho ukugwema ukuthintana ngomzimba nowesifazane ngenjongo yokuzijabulisa ngokobulili. Njengoba uPawulu ayesebusolile kakade ubufebe, manje wayesebhekisela ebuhlotsheni bobulili emshadweni. Ngakho-ke, uPawulu manje wayesetusa ukungashadi. (1 Korinte 6:9, 16, 18; qhathanisa noGenesise 20:6; IzAga 6:29.) Uma eqhubeka, wabhala: “Manje kubantu abangashadile nabafelokazi ngithi, kuhle ukuba bahlale benjengami.” (1 Korinte 7:8) UPawulu wayengashadile, mhlawumbe engumfelwa.—1 Korinte 9:5.
5, 6. (a) Kungani kusobala ukuthi uPawulu wayengatusi indlela yokuphila yezindela? (b) Kungani uPawulu atusa ukungashadi?
5 Kungenzeka ukuthi amaKristu aseKorinte ayeke ezwa ngefilosofi yamaGreki, ezazi zayo ezithile zaziqokomisa ukuzila ngokuphelele, noma ukuzincisha. Kungenzeka yini ukuthi yilokho okwenza abaseKorinte babuza uPawulu ukuthi kungaba “kuhle” yini ukuba amaKristu agweme konke ukuhlangana kobulili? Impendulo kaPawulu ayizange ibonise ifilosofi yamaGreki. (Kolose 2:8) Ngokungafani nezazi zenkolo zamaKatolika, akukho lapho atusa khona ukuphila kokungashadi nokokuzila esigodlweni sezindela noma sezindelakazi, njengokungathi abantu abangashadile bangcwele kakhulu futhi bangenza ukuba basindiswe ngendlela yabo yokuphila nangemithandazo yabo.
6 UPawulu watusa ukungashadi “ngenxa yesidingo esinaso manje.” (1 Korinte 7:26) Kungenzeka wayebhekisela ezikhathini ezinzima amaKristu ayebhekene nazo, ezazingase zandiswe umshado. (1 Korinte 7:28) Iseluleko sakhe kumaKristu angashadile sasithi: “Kuhle ukuba bahlale benjengami.” Kubafelwa, wathi: “Ingabe uthukululiwe kumfazi? Yeka ukufuna umfazi.” Ngomfelokazi ongumKristu, wabhala: “Ujabula ngokwengeziwe uma ehlala enjengoba enjalo, ngokombono wami. Ngokuqinisekile ngicabanga ukuthi nami nginomoya kaNkulunkulu.”—1 Korinte 7:8, 27, 40.
Asiphoqelekile Ukuba Sihlale Singashadile
7, 8. Yini ebonisa ukuthi uPawulu wayengaphoqeleli noma yimuphi umKristu ukuba ahlale engashadile?
7 Akungabazeki ukuthi uPawulu wayeqondiswa umoya kaJehova ongcwele lapho enikeza lesi seluleko. Konke akusho ngokungashadi nokushada kubonisa ukulinganisela nokuzibamba. Akakwenzi indaba yokukholeka noma ukungakholeki. Kunalokho, kuyindaba yokuzikhethela ngokukhululekile, kodwa etusa ukungashadi kulabo abakwaziyo ukuhlala bemsulwa kuleso simo.
8 Ngemva nje kokuthi “kuhle ukuba indoda ingamthinti owesifazane,” uPawulu wanezela: “Nokho, ngenxa yokuvama kobufebe, yileyo naleyondoda mayibe nowayo siqu umfazi nalowo nalowowesifazane abe nowakhe siqu umyeni.” (1 Korinte 7:1, 2) Ngemva kokweluleka abantu abangashadile nabafelokazi ethi “bahlale benjengami,” ngokushesha wanezela: “Kodwa uma bengenakho ukuzithiba, mabashade, ngoba kungcono ukushada kunokushiswa inkanuko.” (1 Korinte 7:8, 9) Nakubafelwa, iseluleko sakhe sathi: “Yeka ukufuna umfazi. Kodwa ngisho noma ungashada, uyobe awenzi isono.” (1 Korinte 7:27, 28) Lesi seluleko esilinganiselayo sibonisa inkululeko yokuzikhethela.
9. NgokukaJesu noPawulu, kukanjani kokubili ukushada nokungashadi kuyizipho ezivela kuNkulunkulu?
9 UPawulu wabonisa ukuthi kokubili ukushada nokungashadi kuyizipho ezivela kuNkulunkulu. “Ngifisa sengathi bonke abantu bebenjengoba mina nginjalo. Noma kunjalo, yilowo nalowo unesipho sakhe siqu esivela kuNkulunkulu, omunye ngalendlela, omunye ngaleyandlela.” (1 Korinte 7:7) Ngokungangabazeki wayecabanga ngalokho uJesu akusho. Ngemva kokubonisa ukuthi umshado wavela kuNkulunkulu, uJesu wabonisa ukuthi ukungashadi ngokuzithandela ngenxa yokufeza izithakazelo zoMbuso kuyisipho esikhethekile: “Akubona bonke abantu abalitholela indawo lelizwi, kodwa yilabo abanesiphiwo kuphela. Ngoba kukhona abathenwa abazalwa benjalo kusukela ezibelethweni zonina, futhi kukhona abathenwa abenziwa abathenwa ngabantu, futhi kukhona abathenwa abaye bazenza abathenwa ngenxa yombuso wamazulu. Lowo ongase akwazi ukukutholela indawo makakutholele indawo.”—Mathewu 19:4-6, 11, 12.
Ukutholela Isipho Sokungashadi Indawo
10. Kungenzeka kanjani ukuba umuntu ‘asitholele indawo’ isipho sokungashadi?
10 Nakuba bobabili uJesu noPawulu bakhuluma ngokungashadi ‘njengokuyisipho,’ akekho kubo owathi kuyisipho esiyisimangaliso sabathile kuphela. UJesu wathi ‘akubona bonke abantu abasitholela indawo’ leso sipho, futhi wanxusa labo abangenza kanjalo ukuba ‘basitholele indawo,’ okuyilokho uJesu noPawulu abakwenza. Yiqiniso, uPawulu wabhala: “Kungcono ukushada kunokushiswa inkanuko,” kodwa wayekhuluma ngalabo ‘abangenakho ukuzithiba.’ (1 Korinte 7:9) Ezincwadini zokuqala, uPawulu wabonisa ukuthi amaKristu angakugwema ukushiswa inkanuko. (Galathiya 5:16, 22-24) Ukuhamba ngomoya kusho ukuvumela umoya kaJehova uqondise zonke izinyathelo zethu. Ingabe intsha engamaKristu ingakwenza lokhu? Yebo, uma ilandela iZwi likaJehova eduze. Umhubi wabhala: “Insizwa [noma intombi] iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na? Ngokuqaphela okwezwi lakho.”—IHubo 119:9.
11. Kusho ukuthini ‘ukuhamba ngokuvumelana nomoya’?
11 Lokhu kuhilela ukuxwaya imibono yokuyekelela esakazwa ngezinhlelo eziningi ze-TV, amabhayisikobho, izihloko zomagazini, izincwadi, nezosha zomculo. Imibono enjalo ihlobene nenyama. UmKristu osemusha wanoma yibuphi ubulili, ofuna ukutholela ukungashadi indawo, kufanele ‘angahambi ngokuvumelana nenyama, kodwa ngokuvumelana nomoya. Ngoba labo abasekuvumelaneni nenyama babeka izingqondo zabo ezintweni zenyama, kodwa labo abasekuvumelaneni nomoya [babeka izingqondo zabo] ezintweni zomoya.’ (Roma 8:4, 5) Izinto zomoya zilungile, zimsulwa, ziyathandeka, zinhle. AmaKristu, amasha namadala, enza kahle ‘ngokuqhubeka ecabanga ngalezizinto.’—Filipi 4:8, 9.
12. Ngokuyinhloko yini ehilelekile ekutholeleni isipho sokungashadi indawo?
12 Ukutholela isipho sokungashadi indawo ngokuyinhloko kuyindaba yokuba umuntu agxilise inhliziyo yakhe kulowo mgomo futhi athandazele usizo lukaJehova ekuwuphishekeleni. (Filipi 4:6, 7) UPawulu wabhala: “Uma noma ubani ezinzile enhliziyweni yakhe, engenaso isidingo, kodwa enegunya phezu kwentando yakhe siqu futhi enzé lesisinqumo enhliziyweni yakhe siqu, sokuba agcine ubumsulwa bakhe siqu bobulili, uyokwenza kahle. Ngenxa yalokho nalowo onikela ngobumsulwa bakhe bobulili emshadweni wenza kahle, kodwa lowo onganikeli ngabo emshadweni uyokwenza kangcono.”—1 Korinte 7:37, 38.
Ukungashadi Okunenjongo
13, 14. (a) Umphostoli uPawulu wenza kuphi ukuqhathanisa phakathi kwamaKristu angashadile nashadile? (b) Iyiphi okuwukuphela kwendlela umKristu ongashadile angenza ngayo “kangcono” kunalawo ashadile?
13 Ukungashadi ngokwakho akuyona into ekhethekile. Pho, kungaba “ngcono” ngamuphi umqondo? Kuxhomeke endleleni umuntu asebenzisa ngayo inkululeko okuyilethayo. UPawulu wabhala: “Ngempela, ngifuna ukuba nikhululeke ekukhathazekeni. Indoda engashadile ikhathazeka ngezinto zeNkosi, ukuthi ingakuthola kanjani ukwamukelwa yiNkosi. Kodwa indoda eshadile ikhathazeka ngezinto zezwe, ukuthi ingakuthola kanjani ukwamukelwa umkayo, futhi ihlukene phakathi. Futhi, owesifazane ongashadile, nomsulwa ngokobulili, ukhathazeka ngezinto zeNkosi, ukuze abe ngcwele kokubili emzimbeni wakhe nasemoyeni wakhe. Nokho, owesifazane oshadile ukhathazeka ngezinto zezwe, ukuthi angakuthola kanjani ukwamukelwa umyeni wakhe. Kodwa lokhu ngikusho ngokwenzuzo yenu yomuntu siqu, hhayi ukuze nginiphonsele umkhala, kodwa ukuba nginishukumisele kulokho okufanelekile nakulokho okusho ukukhonza iNkosi njalo ngaphandle kokuthikamezeka.”—1 Korinte 7:32-35.
14 UmKristu ongashadile osebenzisa isimo sakhe sokungashadi ekuphishekeleni imigomo yobugovu akenzi “kangcono” kunamaKristu ashadile. Uhlala engashadile, hhayi “ngenxa yombuso,” kodwa ngenxa yezizathu zomuntu siqu. (Mathewu 19:12) Owesilisa noma owesifazane ongashadile kufanele ‘akhathazeke ngezinto zeNkosi,’ akhathazeke ‘ngokuthola ukwamukelwa iNkosi,’ futhi ‘akhonze iNkosi njalo ngaphandle kokuthikamezeka.’ Lokhu kusho ukugxilisa konke ukunaka ekukhonzeni uJehova noKristu Jesu. Abesilisa nabesifazane abangamaKristu abangashadile benza “kangcono” kunamaKristu ashadile ngokwenza kanjalo kuphela.
Umsebenzi Ongenaziphazamiso
15. Liyini iphuzu likaPawulu eliyinhloko kweyoku-1 Korinte isahluko 7?
15 Iphuzu likaPawulu kulesi sahluko yileli: Nakuba umshado ufanelekile, futhi ngaphansi kwezimo ezithile, utuseka kwabanye, akunakuphikwa ukuthi ukungashadi kuyinzuzo kowesilisa noma owesifazane ongumKristu ofuna ukukhonza uJehova eneziphazamiso ezimbalwa. Njengoba umuntu oshadile ‘ehlukene phakathi,’ umKristu ongashadile ukhululekile ukuba agxile ‘ezintweni zeNkosi.’
16, 17. UmKristu ongashadile angagxila kanjani kangcono ‘ezintweni zeNkosi’?
16 Ziyini izinto zeNkosi umKristu ongashadile angagxila kuzo ngokukhululeke kakhudlwana kunabantu abashadile? Komunye umongo, uJesu wakhuluma ‘ngezinto zikaNkulunkulu’—izinto umKristu angenakuzinika uKesari. (Mathewu 22:21) Ngokuyinhloko lezi zinto ziphathelene nokuphila komKristu, ukukhulekela, nenkonzo.—Mathewu 4:10; Roma 14:8; 2 Korinte 2:17; 3:5, 6; 4:1.
17 Ngokuvamile abantu abangashadile bakhululeke kakhudlwana ukuba banikele ngesikhathi enkonzweni kaJehova, okungaba yinzuzo esimweni sabo esingokomoya nasezingeni lenkonzo yabo. Bangasebenzisa isikhathi esengeziwe esifundweni somuntu siqu nasekuzindleni. Ngokuvamile kungaba lula kakhudlwana ngamaKristu angashadile ukuba ahlele ukufundwa kweBhayibheli esimisweni sawo kunalawo ashadile. Angayilungiselela kangcono imihlangano nenkonzo yasensimini. Konke lokhu ‘kungokwenzuzo yawo yomuntu siqu.’—1 Korinte 7:35.
18. Abazalwane abaningi abangashadile bangabonisa kanjani ukuthi bafuna ukukhonza uJehova “ngaphandle kokuthikamezeka”?
18 Abazalwane abaningi abangashadile kakade asebekhonza njengezinceku ezikhonzayo bakhululekile ukuba bathi kuJehova: “Nangu mina; ngithume mina.” (Isaya 6:8) Bangafaka isicelo sokuya eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo, okungesezinceku ezikhonzayo nabadala abangashadile kuphela abakhululekile ukukhonza lapho kunesidingo esikhudlwana khona. Ngisho nabazalwane izimo ezingabavumeli ukuba basuke emabandleni akubo bangazenza batholakale ukuba bakhonze abafowabo njengezinceku ezikhonzayo noma abadala.—Filipi 2:20-23.
19. Babusiswa kanjani odade abaningi abangashadile, futhi iyiphi enye indlela abangaba isibusiso ngayo emabandleni?
19 Odade abangashadile, abangenayo inhloko engumuntu abangabonisana nayo futhi bathembele kuyo, bangase bathambekele kakhudlwana ‘ekuphonseni phezu kukaJehova umthwalo wabo.’ (IHubo 55:22; 1 Korinte 11:3) Lokhu kubalulekile ikakhulukazi kodade abangashadile ngenxa yothando ngoJehova. Uma ngokuhamba kwesikhathi beshada, kuyoba “kuphela eNkosini,” okungukuthi, nothile ozinikezele kuJehova. (1 Korinte 7:39) Abadala bayajabula ngokuba nodade abangashadile emabandleni abakuwo; ngokuvamile laba bavakashela abagulayo nasebekhulile futhi babasize. Lokhu kuyabajabulisa bonke abathintekayo.—IzEnzo 20:35.
20. AmaKristu amaningi abonisa kanjani ukuthi ‘akhonza iNkosi njalo ngaphandle kokuthikamezeka’?
20 Intsha eningi engamaKristu iye yahlela izimo zayo ukuze ‘ikhonze iNkosi njalo ngaphandle kokuthikamezeka.’ (1 Korinte 7:35) Ikhonza uJehova njengezikhonzi zesikhathi esigcwele ezingamaphayona, izithunywa zevangeli, noma kwelinye lamahhovisi egatsha e-Watch Tower Society. Futhi ayive iyiqembu elijabulayo! Yeka indlela ukuba khona kwayo okuqabula ngayo! Phela, kuJehova nakuJesu, ‘injengamazolo.’—IHubo 110:3.
Akusona Isifungo Sokuhlala Ungashadile
21. (a) Kungani kusobala ukuthi uPawulu akazange akhuthaze ukwenza isifungo sokungashadi? (b) Wayesho ukuthini lapho ekhuluma ‘ngokudlula kokuqhuma kobusha’?
21 Iphuzu eliyinhloko eselulekweni sikaPawulu elokuthi amaKristu ayokwenza “kahle” ngokutholela ukungashadi indawo ekuphileni kwawo. (1 Korinte 7:1, 8, 26, 37) Nokho, akalokothi awacele ukuba enze isifungo sokungashadi. Ngokuphambene, wabhala: “Uma noma ubani ecabanga ukuthi uziphatha ngokungafanele ebumsulweni bakhe bobulili, sekudlule ukuqhuma kobusha, futhi lena kuyindlela okufanele kwenzeke ngayo, makenze lokho akufunayo; akoni. Mabashade.” (1 Korinte 7:36) Igama lesiGreki (hy·peʹra·kmos) elihunyushwe ngokuthi “sekudlule ukuqhuma kobusha” ngokwezwi nezwi lisho ukuthi “ngalé kweqophelo eliphezulu” futhi libhekisela ekudluleni egagasini elinamandla lesifiso sobulili. Ngakho labo abaye bahlala iminyaka eminingi bengashadile futhi ekugcineni ababa nomuzwa wokuthi kufanele bashade bakhululeke ngokuphelele ukuba bashade nabakholwa naye.—2 Korinte 6:14.
22. Kungani kuwusizo ngezindlela eziningi ukuba umKristu angashadi esemncane kakhulu?
22 Iminyaka umKristu osemusha ayisebenzisa ekukhonzeni uJehova ngaphandle kwesiphazamiso iyinzuzo. Imnika ithuba lokuzuza ukuhlakanipha okuwusizo, okuhlangenwe nakho, nokuqonda. (IzAga 1:3, 4) Umuntu oye wahlala engashadile ngenxa yoMbuso uba sesimweni esingcono kakhulu kamuva, uma enquma ukwamukela imithwalo yokuphila kwasemshadweni futhi mhlawumbe yokuba umzali.
23. Abanye abacabangela ukushada bangase babe namuphi umbono, kodwa yimuphi umbuzo ozocatshangelwa ezihlokweni ezilandelayo?
23 Amanye amaKristu aye asebenzisa iminyaka eminingana ekhonza uJehova isikhathi esigcwele engashadile akhetha abangane bawo bomshado ngokucophelela enombono wokuqhubeka esemkhakheni othile wenkonzo yesikhathi esigcwele. Lokhu kutuseka kakhulu. Abanye bangase bacabange ngisho nokushada benombono wokuthi ngeke bavumele umshado wabo uphazamise inkonzo yabo nganoma iyiphi indlela. Kodwa ingabe umKristu oshadile kufanele azizwe ekhululekile ukugxila enkonzweni yakhe kuJehova njengoba ayenza lapho engakashadi? Lombuzo uzocatshangelwa ezihlokweni ezilandelayo.
Imibuzo Yokubukeza
◻ Kungani umphostoli uPawulu ezwa isidingo sokubhalela ibandla laseKorinte?
◻ Sazi ngani ukuthi uPawulu wayengatusi indlela yokuphila yezindela?
◻ Kungenzeka kanjani ukuba umuntu ‘akutholele indawo’ ukungashadi?
◻ Odade abangashadile bangazuza kanjani esimweni sabo sokungashadi?
◻ Abazalwane abangashadile bangayisebenzisa kanjani ngokunenzuzo inkululeko yabo yokukhonza uJehova “ngaphandle kokuthikamezeka”?