KwabaseKolose
2 Ngoba ngifuna nazi ukuthi mkhulu kangakanani umshikashika engibhekene nawo ngenxa yenu nangenxa yalabo abaseLawodikeya + nangenxa yabo bonke abangakaze bangibone ubuso nobuso. 2 Lokhu kwenzeka ukuze izinhliziyo zabo ziduduzeke + nokuba bahlanganiswe ngokuvumelanayo othandweni + futhi bathole yonke ingcebo—ukuqonda iqiniso, okuyinto abaqiniseka ngokugcwele ngayo—nokuba bathole ulwazi olunembile lwemfihlo engcwele kaNkulunkulu, okungukuthi, uKristu. + 3 Kuye kufihlwe ngokucophelela yonke ingcebo yokuhlakanipha neyolwazi. + 4 Lokhu ngikusho ukuze kungabikho muntu onidukisa ngezinkulumo ezithonyayo. 5 Nakuba ngingekho nani ngokoqobo, nginani ngomoya, ngijabulela ukuzwa ngokuhleleka kwenu okuhle + nokuqina kokholo lwenu kuKristu. +
6 Ngakho-ke, njengoba namukele uKristu Jesu iNkosi, qhubekani nimunye naye, 7 nigxilile futhi nakhiwa kuye, + nisimamiswa okholweni, + njengoba nje nafundiswa, nichichima ukubonga. +
8 Xwayani ukuba kungabi namuntu onithumba* ngefilosofi nangenkohliso eyize + esekelwe esikweni labantu, ngokwezinto zokucathula zezwe hhayi ngokukaKristu; 9 ngoba zonke izimfanelo zikaNkulunkulu zigcwele kuye. + 10 Ngakho anisweli lutho ngenxa yakhe, lowo oyinhloko yabo bonke ohulumeni negunya. + 11 Ngobuhlobo benu naye, nasokwa ngokusokwa okungenziwanga ngezandla ngokuhlubula umzimba wenyama, + kodwa ngokusokwa kukaKristu. + 12 Ngoba nangcwatshwa kanye naye obhapathizweni lwakhe, + nangobuhlobo benu naye navuswa + futhi kanye naye ngokholo lwenu emsebenzini wamandla kaNkulunkulu, owamvusa kwabafile. +
13 Ngaphezu kwalokho, nakuba nanifile ngenxa yeziphambeko zenu nangenxa yokungasokwa kwenyama yenu, uNkulunkulu wanenza naphila kanye naye. + Wasithethelela ngomusa zonke iziphambeko zethu + 14 futhi wesula incwadi elotshwe ngesandla + eyayinemithetho + futhi iphikisana nathi. + Useyisusile endleleni ngokuyibethela esigxotsheni sokuhlushwa. *+ 15 Ngesigxobo sokuhlushwa,* ubahlubulile ohulumeni neziphathimandla, wabukisa ngabo obala njengezithunjwa, + ebonisa ukuthi ubanqobile.
16 Ngakho-ke ningavumeli muntu anahlulele ngokuthi nidleni nokuthi niphuzeni + noma ngokugujwa kwemikhosi noma kokwethwasa kwenyanga + noma kwesabatha. + 17 Lezo zinto ziyisithunzi sezinto ezazizofika, + kodwa okungokoqobo kungokukaKristu. + 18 Ningavumeli muntu anivimbele ukuthola umklomelo, + umuntu ojatshuliswa ukuthobeka-mbumbulu nokukhulekela izingelosi,* “omi”* ezintweni azibonile. Empeleni uzikhukhumeza ngaphandle kwesizathu esifanele ngendlela yakhe yokucabanga yabantu abanesono, 19 futhi akabambelele ngokuqinile koyinhloko, + kulowo umzimba wonke owondliwa ngaye nohlanganiswe ngokuvumelanayo ngamalunga awo nemisipha, wenziwe ukhule ngokukhula okuvela kuNkulunkulu. +
20 Uma nafa kanye noKristu ngokuqondene nezinto zokucathula zezwe, + kungani niphila njengokungathi niseyingxenye yezwe ngokuqhubeka nithobela imithetho ethi: + 21 “Ungaphathi noma unambithe noma uthinte,” 22 kushiwo izinto zonke ezishabalalayo lapho zisetshenziswa, ngokuvumelana nemiyalo nezimfundiso zabantu? + 23 Nakuba lezo zinto zibonakala zihlakaniphile ngendlela yokukhulekela abazikhethele yona kanye nokuthobeka-mbumbulu, ukuphatha kabi umzimba, + azisizi ngalutho ekulweni nokwanelisa inyama.