Ingabe Ufuna Umngane Wokuphila Kwakho Konke?
“ABUKHO ubuhlobo, ubudlelwane noma ubungane obuhle, obuthokozisayo nobujabulisayo, ngaphezu komshado omuhle.” Kushiwo kanjalo. Ngakho-ke, akumangalisi ukuthi izigidi zabantu abangashadile zingathanda ukuba nabangane bokuphila kwabo konke.
Abathile babheka icomputer njengomhleli wemishado, abanye babheka ezinkanyezini. Kodwa yeka ukuthi kungcono kanjani ukubheka kuMdali wethu, uMsunguli womshado! (Genesise 2:18-24) Isithakazelo sothando sikaNkulunkulu nokuhlakanipha kunikeza isisekelo esiqinile sokuthembela eselulekweni nasezimisweni zakhe okusisiza ukuba sazi lokho okumelwe sikubheke kumngane womshado. (IHubo 19:7) IZwi lakhe lisiyala kanje:
‘Shadani Kuphela ENkosini’
Ngani? Lokhu kungenxa yokuthi uJehova uNkulunkulu ukhathalela inhlalakahle yethu yaphakade. Iseluleko sikamphostoli uPawulu ‘sokushada kuphela eNkosini siyavumelana nenqubo yezinceku zakuqala zikaJehova ezazikhetha labo ababengabakhulekeli beqiniso njengazo babe ngabangane bazo bomshado. (1 Korinte 7:39; Duteronomi 7:3, 4) Ukwenza kanjalo kunezinzuzo eziningi futhi kumelwe zikhunjulwe.
Ngokwesibonelo, umngane womshado owesaba uNkulunkulu angaba nengxenye ekwethembekeni okuqhubekayo kuBaba wethu wasezulwini onothando. (Qhathanisa nomShumayeli 4:9-12.) Abangane bomshado abangamaKristu bangakhuthazana futhi ndawonye bangahlangabezana ngokuphumelelayo nokuvivinywa okuhlukahlukene. Ngobunye, bangamelana nokucindezela okungenza buthaka izibopho zomshado. Njengoba bobabili bebheke kuJehova futhi besebenzisa iseluleko sakhe esimangalisayo, bangalungisa izinkinga kalula ngokwengeziwe futhi basebenze ndawonye ngobunye kunokuba babe ngabancintisanayo. Imizamo yabo eqotho yokukhonza uJehova nokulolonga ukuphila kwabo ngokwezindlela zakhe kuyonikela emshadweni ophumelelayo odumisa uMdali wethu.
Eminyakeni ethile edlule, owesifazane ogama lakhe nguGloria wayeba nobuhlobo obuseduze nensizwa eyayiba khona emihlanganweni yobuKristu futhi eyayiphendula ngisho nokuphendula eSifundweni SeNqabayokulinda. Wayalwa ukuba angaqhubeki eba nobuhlobo obuseduze nalomuntu ongabhapathiziwe kodwa “wayemthanda kakhulu” kangangokuba akazange asisebenzise iseluleko. Nokho, wayazi ukuthi iseluleko sasisihle. Ngakho ngolunye usuku wathandaza kuJehova ngobuqotho, enxusa usizo lwakhe kulendaba. Ngokushesha ngemva kwalokho, kwatholakala ukuthi lensizwa yayiziphethe kabi, ngakho-ke uGloria wabunqamula ngokushesha ubuhlobo. Ekugcineni washada nensizwa ekahle engumKristu. Namuhla, ingumdala omisiwe, futhi abantwana babo ababili bayashiseka eqinisweni. Njengoba ebheka emuva, uthi: “Ngiyambonga uJehova, ngiye ngagwema izinkinga eziningi. Ngenxa yokuqondisa kwakhe, ngiye ngathola iseluleko esingcono kakhulu, esangenza ngakwazi ukuphila ukuphila okujabulisayo kanye nendoda enothando.”
Kungani Ubheka Kwenye Indawo?
Khona-ke, kungani umuntu ozinikezele kuJehova engamfuna kwenye indawo umngane womshado? Ingabe umKristu akakukholelwa ukuthi uJehova uyazi futhi ufuna okungcono kakhulu ngathi? (IzAga 3:1-7; IHubo 145:16) Kuthiwani ngawe? Uyakholelwa ukuthi uJehova “unguNkulunkulu weqiniso”? (IHubo 31:5, NW) Uma kunjalo, khona-ke ngokuqinisekile uyazi ukuthi ngaso sonke isikhathi unikeza iseluleko esithembekile esifanelekile nesizuzisayo. (Isaya 48:17, 18) Ngempela, uBaba wethu wasezulwini onothando unikeza iseluleko ekhumbula inhlalakahle yethu yaphakade, kodwa ngokuba nombono omfushane singase siphelelise imigomo yethu esikhathini esizayo esiseduze. Nokho, lapho sifuna umngane wokuphila kwethu konke, akumelwe yini sihlelele okungalé kwesikhathi esizayo esiseduze?—IHubo 37:11, 29.
Ingabe uyakholelwa ngempela ukuthi uMbuso useduze futhi ngokushesha uzohlanza umhlaba? Futhi ingabe uyazibona usePharadesi lomhlaba wonke elabikezelwa? Noma ingabe ufisa ukujabulela lesimiso sezinto samanje ngokugcwele? Ingabe ufuna umngane onamandla okukunikeza indlela enhle yokuphila? Noma ingabe ufuna lowo ogcina ukukhulekela kweqiniso kusendaweni yokuqala? (Mathewu 6:33) Eqinisweni, yini ebaluleke kakhulu ekuphileni kwakho? Kuwukuhlakanipha ngathi ukuhlola imicabango nezisusa zethu ezijulile. Khona-ke, uma kudingeka, singalungisa futhi ngaleyondlela sigweme inkambo engase yenyelise uJehova.—Qhathanisa neHubo 78:40, 41.
Inhliziyo Yethu Ekhohlisayo
UJeremiya 17:9 uxwayisa ngokuthi “inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke.” Ngakho kudingeka siyiqaphele. Kuhle futhi ukukhumbula ukuthi labo abangasinaki isiyalo seBhayibheli esiphefumlelwe nezikhumbuzo abadala bebandla nabanye abazinikeza ngothando ngokuvamile bathola usizi nokudabuka okukhulu.
‘Kodwa ungakusho kanjani lokho?’ othile angase abuze. ‘Ngiyamazi umzalwane ongazange ashade nakholwa naye, futhi manje bobabili bakhonza uJehova.’ Kuyiqiniso, ezimweni ezimbalwa kuye kwaba njalo, futhi siyajabula ngokuthi bobabili manje “bahamba eqinisweni.” (3 Johane 4) Nokho, umzalwane owashada umuntu ongabhapathiziwe wayengalaleli. Ingabe lowomoya wokuzibusa uyobuye ubonakale futhi? Ingabe kwesinye isimo uyolingeka ukuba acabange ukuthi wazi kangcono kunoNkulunkulu futhi kanjalo afulathele iseluleko seBhayibheli futhi athembele ekuhlakanipheni kwakhe siqu? Sikhuthazwa ukuba ‘sithembele kuJehova ngayo yonke inhliziyo yethu.’ (IzAga 3:5) Lokho kusho ukuvumelana ngokuzithoba nentando yaphezulu ezintweni zonke. Ngakho kumelwe sifune ukuba nenhliziyo elalelayo, eyohlangabezana novivinyo lokulalela ngisho nasezintweni ezincane. (Luka 16:10) Uma singamlaleli uNkulunkulu, luhlobo luni lwesibonelo esisibekayo? Umzalwane ongazange ‘ashade eNkosini’ mhlawumbe manje uyalibona iphutha lakhe lokwenza izinto ngendlela yakhe futhi uye wacela ukuba uJehova amthethelele. Kodwa ingabe yileyondlela ofuna ukuqalisa ngayo umshado wakho?
Othile angase athi, ‘Kodwa isoka lami seliqalile ukutadisha iBhayibheli futhi liba khona emihlanganweni yobuKristu.’ Yebo, kodwa kungani litadisha? Ukuze lizuze umngane womshado noma ukuze lifunde ngoJehova uNkulunkulu futhi limkhonze? Kuso sonke isikhathi sokuqomisana izisusa zendoda zingase zingabazise. Yini oyoyithola ngemva kosuku lomshado? Yebo, ungase ulinde kuze kube yilapho isoka lakho selibhapathizwe futhi ngokushesha ngemva kwalokho nibeke usuku lomshado. Eqinisweni, ‘ushada kuphela eNkosini.’ Kodwa ingabe wenza ngokuvumelana nomqondo walesoseluleko?
Uye waqaphela yini lapho umzalwane etuselwa amalungelo athile enkonzo? Ingabe kwanele ukuba abhapathizwe? Cha, kunalokho, umzalwane onjalo ‘uyahlolwa.’ (1 Thimothewu 3:10) Ingabe singafunda isifundo kulokho? Yebo. Yima, ubheke, futhi ulalele. Yima futhi ucabange ngokungathi sína komshado. Mbheke umuntu, hhayi ngamehlo afiphele okuthatheka, kodwa ngokumhlaziya. Futhi ulalele. Ingabe ukhuluma amazwi othando adumisa uNkulunkulu ngokusuka enhliziyweni? Ingabe uye wanikeza ubufakazi bokukhula kobuKristu, esikhathini esithile esidlule? Ngemva kokuba esebonise ukwethembeka kwakhe nezimfanelo ezingokomoya, sekuyisikhathi esifanele sokuba uqale ukumcabangela njengomngane ofanelekayo wokuphila kwakho konke? Ake sicaphune amazwi embongi ehlakaniphile:
“Zintombi! nansi ngiy’landa indaba efanele
Nakhu okuphethwe yisifundo—
Ungakhethi kuphela umngane ofanele,
Kodwa nesikhathi esihle somshado.”
Yini engenzeka uma inhliziyo yethu isibangela ukuba silahle iseluleko esihle nomqondo olungile? Imiphumela ingaba ngelimazayo. Khumbula, iBhayibheli liyaseluleka:
‘Uvuna Okuhlwanyelayo’
Cabangela lokho okwenzeka kuJacqueline. Umdala wameluleka ngobuhlobo ayebakha nensizwa ethile engaphandle kwebandla lobuKristu. Kodwa ngenxa yokuthi wayenomuzwa wokuthi abazalwane babenesandla esiqine kakhulu, akazange azishaye mkhuba izeluleko ezisekelwe eBhayibhelini. Lapho ekhumbula isimo sakhe siqu, kamuva wavuma: “Umuntu ubona lokho afuna ukukubona, hhayi lokho uJehova akubonayo nakushoyo.” Insizwa yaqala ukutadisha iBhayibheli futhi ekugcineni yabhapathizwa. Bashada phakathi nezinyanga ezintathu.
Ngokushesha kwavela izinkinga. Eqinisweni, zaqala ngeholide langemva komshado! Imikhuba engafiseleki uJacqueline ayengazange ayiqaphele noma ayeyithalalise ngamabomu ngalesosikhathi yavela obala. Wayenamaphupho omshado omuhle onobunye, kodwa, ngokudabukisayo, wathola okuphambene. Umyeni wakhe wasuswa ekuhlanganyeleni futhi wamshiya nezingane zabo ezimbili. Manje akumelwe nje kuphela ahlangabezane nokucindezela kwezomnotho kwalesimiso esiwohlokayo kodwa futhi nenselele yokukhulisa abantwana ababili, enakekela izidingo zabo ezingokwenyama nezingokomoya. Yini uJacqueline aye wayifunda kulokhu okuhlangenwe nakho okubuhlungu? “Ukulalela” kusho yena. “Nakuba iseluleko sibonakala silukhuni noma singase sibonakale singesihle kuwe, kumelwe usibheke njengesivela kuJehova futhi kumelwe usilalele ngokugcwele.”—Galathiya 6:7; IHubo 86:11.
Cabangela esinye isibonelo. UMaritza wahlangana nomyeni wakhe wesikhathi esizayo emsebenzini. Wambonisa izinto ezisemhlabeni ayengazazi—futhi zabonakala zingezimbi kangako kuye. Wayefundile, enenhlonipho, futhi wayengakhuluma ngokuhlakanipha ngezindaba eziningi. Nakuba anikezwa izixwayiso eziningi ezingokomBhalo, wamane wazishaya indiva. “Wayemthanda” kakhulu.
Ngokushesha imihlangano yobuKristu yaba nesidina kuMaritza, ingenabo ubucwazicwazi bobusuku obujabulisayo enomngane wakhe othokozisayo. Ngaphambi kokuba bashade, wathembisa ukuthi wayengeke amphazamise emihlanganweni yakhe yobuKristu, futhi kwaba njalo. Nokho, kancane kancane uMaritza wazithola ematasa kakhulu kwezinye izinto kangangokuba imisebenzi engokomoya yagudluzelwa endaweni yesibili, futhi waphola.
Kuthiwani ngalezozingxoxo ezijabulisayo? Zaphela kancane kancane, futhi ekugcineni umyeni wakhe wamdivosa, emshiya nabantwana abane abaneminyaka esukela kwemine kuya kweyisishiyagalolunye. UMaritza washaqeka kakhulu, futhi kwakungemva kweminyaka emithathu kuphela lapho azizwa enokuthula okwanele ukuba angahlaziya lokho okwakwenzekile nalokho ayeyokwenza ngokuphila kwakhe. Waqhubeka ezitshela: “Kunzima ukuphila.” Kodwa lokho akuzange kumanelise ngoba wayesalokhu ekhumbula iminyaka ayedabula ngayo, lapho ayejabulela ngisho nokushaywa umoya obandayo ngesikhathi esenkonzweni yasensimini, ehlanganyela nabanye izindaba ezinhle zoMbuso.
“Oh, yeka ubuhlungu nezinkathazo engangiyozigwema ukuba ngangiye ngalalela!” kukhala uMaritza. Ngosizo lwabantwana ababefunda nabantwana bakhe, wabuye wakwazi futhi ukuthintana noFakazi BakaJehova. Isithakazelo sakhe eqinisweni nothando lwakhe ngoJehova kwavuselelwa, futhi manje yena nabantwana bakhe bayashiseka enkonzweni yakhe. Manje uMaritza utusa ngenhliziyo epheleleyo: “Funda ukuzithoba esiqondisweni uJehova asinikezayo futhi uqaphele ukuthi uJehova usebenzisa abantu obabhekela phansi ukuba basazise intando yakhe.” Kunjengoba uJesu Kristu asho: “Anobheka ukuba nizwa kanjani.” (Luka 8:18) Yebo, yima, ubheke, futhi ulalele!
Ake uqalaze phakathi nomhlangano olandelayo eHholo LoMbuso. Ngokungangabazeki uyobona imibhangqwana eminingi ejabulayo eshade ebuKristwini futhi uyophawula intokozo yayo ekuhlanganyeleni isikhathi nokuhlangenwe nakho ndawonye. Ngakolunye uhlangothi, ungase ubone abathile abahleli bodwa ngoba benabangane abangakholwa. Oh, yeka indlela abafisa ngayo ukuthi abayeni noma amakhosikazi abo ngabe banabo! Ngokuvamile kudingeka baphuthume ekhaya ngokushesha nje ngemva komhlangano futhi kumelwe balahlekelwe izingxoxo ezakhayo nokuhlangana nabakholwa nabo. Ingabe uzimisele ukuzifaka engozini yokuzithola usesimweni esifanayo ngokungadingekile ngenxa yokunganaki umyalo ‘wokushada kuphela eNkosini’? Kunalokho, yeka ukuthi kuwukuhlakanipha kanjani ukulandela imiyalo kaJehova futhi ngaleyondlela ugweme imiphumela edabukisayo!—IHubo 119:9; IzAga 28:26.
Lindela UJehova
‘Kodwa,’ ungase usho, ‘akekho engimtholayo ebandleni. Kunabantu abambalwa kakhulu abangontanga yami.’ Lokho kungase kube yiqiniso. Kodwa ingabe uyakholwa ukuthi uNkulunkulu ufuna ukuba ujabule? “Uyanikhathalela.” (1 Petru 5:6, 7) Uyasikhumbula yini isaga esithi: “Umfazi ohlakaniphileyo uvela kuJehova”? (IzAga 19:14) Khona-ke, kungani ungacabangeli indaba yomshado ngomthandazo?—Filipi 4:6, 7.
Uyamkhumbula uHana nesifiso sakhe sokuba nomntwana? Yini ayenza? Wathululela inhliziyo yakhe kuJehova ngokunxusa, emethemba ngokuphelele. Khona-ke washiyela indaba ezandleni zakhe. Ngesikhathi esifanele, wathola impendulo emangalisayo emthandazweni wakhe—ukuzalwa kwendodana.—1 Samuweli 1:9-11, 18-20; IHubo 62:8.
Nakuba kungase kube nabantu abambalwa abangontanga yakho ebandleni lakini, kuthiwani ngemihlangano yesifunda nemihlangano yesigodi? Siba khona emihlanganweni enjalo ngezizathu ezingokomoya. Kodwa labo abenza imisebenzi yokuzithandela ngezikhathi ezinjalo, baneliswa ukukhonza abanye nokuhlangana nabazalwane nodade abakhonza uJehova ngomphefumulo wonke. Futhi ngezikhathi ezinjalo, kungenzeka ukuthi uyohlangana nomngane wesikhathi esizayo wokuphila kwakho konke.
Kodwa ngisho nakuba manje ungamtholi umngane ofanelekayo engumKristu, thembela kuJehova ngomthandazo ukuba akusize uphishekele ukuphila okumsulwa njengomuntu ongakashadi. Futhi ngesikhathi ungakashadi, hlakulela izimfanelo namakhono azokwenza ube umyeni nobaba omuhle noma inkosikazi nomama omuhle. (Galathiya 5:22, 23) Abaningi baye basizwa ukuba benze lokho kanye ngokuthatha inkonzo yesikhathi esigcwele njengamaphayona. Yeka indlela engcono yokusebenzisa isikhathi namandla akho!
Khona-ke, uma ufuna umngane wokuphila kwakho konke, kukuphi lapho uyoqala khona? Kwangathi kungaba phakathi kwabakhulekeli bakaJehova abashisekayo abakanye nawe, abanemigomo efana neyakho ekuphileni nabanesifiso esibukhali sokumkhonza kuze kube phakade. (2 Thimothewu 2:22) Futhi uma uJehova ekubusisa ngomngane wokuphila kwakho konke owesaba uNkulunkulu, kwangathi umshado wakho ungaba yilowo odumisa uNkulunkulu wethu onothando.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 29]
“Oh, yeka ubuhlungu nezinkathazo engangiyozigwema ukuba ngangiye ngalalela!”