ISidlo SeNkosi Sakusihlwa—Kufanele Sigujwe Kanjani?
ECACISA ngokugujwa kweSidlo SeNkosi Sakusihlwa, umphostoli uPawulu ongumKristu uyabhala: “Ngakwamukela eNkosini lokho engakudlulisela nakini, ukuthi iNkosi uJesu ngobusuku eyayizonikelwa ngabo yathatha isinkwa, futhi ngemva kokubonga, yasihlephula yathi: ‘Lokhu kusho umzimba wami ngenxa yenu. Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.’ Yenza okufanayo nangokuqondene nendebe, ngemva kokudla isidlo sakusihlwa, yathi: ‘Le ndebe isho isivumelwano esisha esenziwa ngegazi lami. Qhubekani nikwenza lokhu, njalo uma niyiphuza, njengesikhumbuzo sami.’ Ngoba njalo uma nidla lesi sinkwa futhi niphuza le ndebe, nimemezela ukufa kweNkosi, ize ifike.”—1 Korinte 11:23-26.
Njengoba uPawulu esho, uJesu wamisa iSidlo SeNkosi Sakusihlwa ‘ngobusuku uJesu ayezonikelwa ngabo’ enikelwa uJuda Iskariyothe kubaholi benkolo bamaJuda abaphoqelela amaRoma ukuba abethele uKristu. Leso sidlo saba ngoLwesine ebusuku, ngo-March 31, 33 C.E. UJesu wafela esigxotsheni sokuhlushwa ngoLwesihlanu ntambama, ngo-April 1. Ngenxa yokuthi izinsuku zekhalenda lamaJuda zazibalwa kusukela kusihlwa kuya ngakusasa kusihlwa, kokubili iSidlo SeNkosi Sakusihlwa nokufa kukaJesu Kristu kwaba ngosuku olulodwa—ngo-Nisani 14, 33 C.E.
Abadla isinkwa baphuze newayini kwakufanele ‘baqhubeke bekwenza lokhu’ bekhumbula uJesu. Ngokwenye indlela yokuhumusha, uJesu wathi: “Yenzani lokhu njengesikhumbuzo sami.” (1 Korinte 11:24, The Jerusalem Bible) ISidlo SeNkosi Sakusihlwa sibuye sibizwe ngokuthi iSikhumbuzo sokufa kukaKristu.
Kungani Kufanele Sigubhe ISikhumbuzo Sokufa KukaJesu?
Impendulo ingatholakala ngokuqonda lokho okushiwo ukufa kukaJesu. UJesu wafa njengomsekeli oyinhloko wobukhosi bukaJehova. Ngaleyo ndlela, wafakazela ukuthi uSathane wayeqamba amanga lapho ethi abantu bamane bakhonza uNkulunkulu ngezisusa zobugovu. (Jobe 2:1-5; IzAga 27:11) Ngokufa njengomuntu ophelele, uJesu ‘wanikela nangomphefumulo wakhe waba yisihlengo sabaningi.’ (Mathewu 20:28) Lapho u-Adamu ona kuNkulunkulu, walahla ukuphila njengomuntu ophelele namathemba ahambisana nako. Kodwa “uNkulunkulu walithanda izwe [lesintu] kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.” (Johane 3:16) Ngempela, “inkokhelo yesono ngukufa, kodwa isipho uNkulunkulu asinikezayo ngukuphila okuphakade ngoKristu Jesu iNkosi yethu.”—Roma 6:23.
Ngakho ukufa kukaJesu Kristu kuhilela izenzo ezimbili zokubonakaliswa okukhulu kothando—uthando olukhulu uJehova alubonisa isintu ngokunikela ngeNdodana yakhe, nothando lokuzidela uJesu alubonisa isintu ngokudela ngokuzithandela ukuphila okuphelele njengomuntu. ISikhumbuzo sokufa kukaJesu siqhakambisa lezi zenzo ezimbili zokubonakaliswa kothando. Njengoba samukela lolu thando, akufanele yini sibonise ukulwazisa? Enye indlela yokwenza kanjalo iwukuba khona emkhosini weSidlo SeNkosi Sakusihlwa.
Lokho Okushiwo Isinkwa Newayini
Lapho emisa iSidlo SeNkosi Sakusihlwa, uJesu wasebenzisa isinkwa nendebe yewayini elibomvu njengezifanekiselo. UJesu wathatha isinkwa, futhi ‘ngemva kokubonga, wasihlephula wathi: “[Lesi sinkwa sisho] umzimba wami ngenxa yenu.”’ (1 Korinte 11:24) Ukuze sidluliselwe kwabanye ukuba basidle, lesi sinkwa kwakudingeka sihleshulwe ngoba sasinjengomqathane, senziwe ngofulawa namanzi, asangafakwa mvubelo noma imbiliso. EmiBhalweni, imvubelo ifanekisela isono. (Mathewu 16:11, 12; 1 Korinte 5:6, 7) UJesu wayengenasono. Ngakho-ke, umzimba wakhe ophelele njengomuntu waba umhlatshelo wesihlengo ofanelekayo ukuze kuhlengwe isintu. (1 Johane 2:1, 2) Yeka indlela okufaneleka ngayo ukuba isinkwa esasetshenziselwa ukumelela umzimba kaKristu wenyama ongenasono singabi namvubelo!
UJesu wabuye wabonga iwayini elibomvu elingaxutshwe nalutho futhi wathi: “Le ndebe isho isivumelwano esisha esenziwa ngegazi lami.” (1 Korinte 11:25) Iwayini elibomvu endebeni limelela igazi likaJesu. Njengoba nje igazi lezinkunzi nelezimbuzi zemihlatshelo laqinisa isivumelwano soMthetho phakathi kukaNkulunkulu nesizwe sakwa-Israyeli ngo-1513 B.C.E., negazi likaJesu elachitheka lapho efa laqinisa isivumelwano esisha.
Obani Okufanele Badle Izifanekiselo?
Ukuze sithole kahle ukuthi obani abafanelekela ukudla izifanekiselo zeSikhumbuzo, kudingeka siqonde ukuthi siphathelene nani isivumelwano esisha nokuthi obani abayingxenye yaso. IBhayibheli lithi: “‘Bheka! Kuza izinsuku,’ kusho uJehova, ‘engiyokwenza ngazo isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli nendlu kaJuda . . . Ngiyofaka umthetho wami ngaphakathi kubo, ngiwulobe nasenhliziyweni yabo. Ngiyoba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami. . . . Ngizosithethelela isiphambeko sabo, nesono sabo ngeke ngisasikhumbula.’”—Jeremiya 31:31-34.
Isivumelwano esisha senza kube nobuhlobo obukhethekile noJehova uNkulunkulu. Ngalesi sivumelwano, idlanzana elithile labantu liba abantu bakhe yena abe uNkulunkulu wabo. Umthetho kaJehova ubhalwe ngaphakathi kubo, ezinhliziyweni zabo, futhi ngisho nalabo abangewona amaJuda asoke enyameni bangaba nobuhlobo besivumelwano esisha noNkulunkulu. (Roma 2:29) Umlobi weBhayibheli uLuka ubhala ngenjongo kaNkulunkulu ‘yokunaka izizwe ngokokuqala ukuze athathe kuzo isizwe segama lakhe.’ (IzEnzo 15:14) Ngokweyoku-1 Petru 2:10, ‘sasingesona isizwe, kodwa manje sesiyisizwe sikaNkulunkulu.’ ImiBhalo isibiza ngokuthi “u-Israyeli kaNkulunkulu,” okusho ukuthi, u-Israyeli ongokomoya. (Galathiya 6:16; 2 Korinte 1:21) Ngakho, isivumelwano esisha, siyisivumelwano phakathi kukaJehova uNkulunkulu no-Israyeli ongokomoya.
Ngobusuku bakhe bokugcina enabafundi bakhe, noJesu ngokwakhe wenza nabo isivumelwano esihlukile. Wabatshela: “Ngenza isivumelwano nani, njengoba nje uBaba enze isivumelwano sombuso nami.” (Luka 22:29) Inani labantu abangaphelele elingeniswa kulesi sivumelwano soMbuso lingu-144 000. Ngemva kokuvuselwa ezulwini, bayobusa noKristu njengamakhosi nabapristi. (IsAmbulo 5:9, 10; 14:1-4) Ngaleyo ndlela, labo abasesivumelwaneni esisha noJehova uNkulunkulu basesivumelwaneni soMbuso futhi noJesu Kristu. Yibo kuphela abafanelekela ukudla izifanekiselo zeSidlo SeNkosi Sakusihlwa.
Labo abafanelekela ukudla izifanekiselo zeSikhumbuzo bazi kanjani ukuthi basebuhlotsheni obukhethekile noNkulunkulu nokuthi bayizindlalifa kanye noKristu? UPawulu uyachaza: “Umoya [ongcwele] ngokwawo ufakazelana nomoya wethu [nokucabanga kwethu] ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu. Khona-ke, uma singabantwana, siyizindlalifa futhi: ngempela izindlalifa zikaNkulunkulu, kodwa izindlalifa ezikanye noKristu, uma kodwa sihlupheka kanye naye ukuze sikhazinyuliswe kanye naye.”—Roma 8:16, 17.
Ngomoya wakhe ongcwele, noma amandla asebenzayo, uNkulunkulu ugcoba izindlalifa ezikanye noKristu. Lokhu kuzenza ziqiniseke ukuthi ziyizindlalifa zoMbuso. Kwenza amaKristu agcotshiwe abe nethemba ngaphakathi kuwo lokuphila ezulwini. Azibheka njengezibhekiswe kuwo zonke izinto ezishiwo iBhayibheli ngokuphila kwasezulwini. Ngaphezu kwalokho, akulungele ukudela konke okuwahlobanisa nomhlaba, kuhlanganise nokuphila emhlabeni kanye nabo bonke ubuhlobo anabo nabantu. Nakuba amaKristu agcotshwe ngomoya azi ukuthi kuyojabulisa ukuphila emhlabeni oyiPharadesi, akulona ithemba lawo lelo. (Luka 23:43) Analeli themba lasezulwini elingenakushintshwa ngenxa yethonya lomoya kaNkulunkulu, hhayi ngenxa yemibono yenkolo engamanga, futhi ngenxa yalokho, ayakufanelekela ukudla izifanekiselo zeSikhumbuzo.
Ake sithi umuntu akaqiniseki ngokugcwele ukuthi usesivumelwaneni esisha nasesivumelwaneni soMbuso. Kuthiwani lapho nomoya kaNkulunkulu ungamfakazeli ukuthi uyindlalifa noKristu? Uyobe uyona uma edla izifanekiselo zeSikhumbuzo. Ngempela, uNkulunkulu uyothukuthela uma ngamabomu umuntu ezenza obizelwe ukuba inkosi nompristi wasezulwini kodwa empeleni engenalo ubizo olunjalo.—Roma 9:16; IsAmbulo 22:5.
Kufanele Sigujwe Kangaki?
Ingabe ukufa kukaJesu kufanele kukhunjulwe masonto onke noma ngisho nsuku zonke? UKristu wamisa iSidlo SeNkosi Sakusihlwa futhi wabulawa ngokungafanele ngoSuku LwePhasika. Njengoba laligujwa kanye kuphela ngonyaka, ngo-Nisani 14, iPhasika laliyisikhumbuzo sokukhululwa kwama-Israyeli ebugqilini baseGibhithe. (Eksodusi 12:6, 14; Levitikusi 23:5) Ngakho ukufa ‘kukaKristu oyiphasika lethu’ kufanele kukhunjulwe kanye kuphela ngonyaka, hhayi masonto onke noma nsuku zonke. (1 Korinte 5:7) Lapho egubha iSidlo SeNkosi Sakusihlwa, amaKristu alandela indlela uJesu asimisa ngayo.
Pho-ke, asho ukuthini amazwi kaPawulu: “Njalo uma nidla lesi sinkwa futhi niphuza le ndebe, nimemezela ukufa kweNkosi, ize ifike.” (1 Korinte 11:26) Kule ndaba, uPawulu wasebenzisa igama elisho ukuthi “ngaso sonke isikhathi lapho,” noma elisho ukuthi “noma nini.” Ngaleyo ndlela, wayesho ukuthi noma nini lapho amaKristu agcotshiwe edla izifanekiselo, ayobe amemezela ukholo lwawo emhlatshelweni kaJesu wesihlengo.
AmaKristu agcotshiwe ayeyokhumbula ukufa kukaKristu ‘aze afike.’ Ayeyoqhubeka egubha iSikhumbuzo aze afike uJesu ukuzokwamukela abalandeli bakhe abagcotshiwe ezulwini lapho bevukela ekuphileni komoya phakathi ‘nokuba khona’ kwakhe. (1 Thesalonika 4:14-17) Lokhu kuvumelana namazwi kaKristu kubaphostoli abathembekile abangu-11: “Uma ngihamba nginilungisela indawo, ngiyobuye ngize futhi ngizonamukela ekhaya kimi, ukuze kuthi lapho ngikhona nani nibe khona.”—Johane 14:3.
Sisho Ukuthini Kuwe?
Kudingekile yini ukuba udle izifanekiselo zeSikhumbuzo ukuze uzuze emhlatshelweni kaJesu futhi uthole ukuphila okuphakade emhlabeni? Cha. Akukho lutho eBhayibhelini olusikisela ukuthi lapho sebevuselwe emhlabeni, abantu abesaba uNkulunkulu njengoNowa, u-Abrahama, uSara, u-Isaka, uRebheka, uJosefa, uMose, noDavide bayoke bazidle izifanekiselo. Nokho, bona nabo bonke abanye abafisa ukuphila phakade emhlabeni kuyodingeka babonise ukholo kuNkulunkulu, nakuKristu, naselungiselelweni likaJehova lomhlatshelo wesihlengo kaJesu. (Johane 3:36; 14:1) Ukuze uthole ukuphila okuphakade, nawe kumelwe ubonise ukholo olunjalo. Ukuba khona kwakho eSikhumbuzweni saminyaka yonke sokufa kukaKristu kukukhumbuza lowo mhlatshelo omkhulu futhi kufanele kujulise ukuwazisa kwakho.
Umphostoli uJohane wagcizelela ukubaluleka komhlatshelo kaJesu lapho ethi: “Nginilobela lezi zinto [maKristu agcotshiwe engikanye nawo] ukuze ningasenzi isono. Kodwa nokho, uma-ke umuntu enza isono, sinomsizi kuBaba, uJesu Kristu, olungileyo. Ungumhlatshelo oyisihlawulelo wezono zethu, nokho kungezona ezethu kuphela kodwa nezalo lonke izwe.” (1 Johane 2:1, 2) Abagcotshiwe bangasho bathi umhlatshelo kaJesu uyisihlawulelo esemboza izono zabo. Kodwa futhi uwumhlatshelo oyisihlawulelo wezono zalo lonke izwe, owenza ukuba isintu esilalelayo sikwazi ukuthola ukuphila okuphakade!
Uyoba khona yini ngo-April 4, 2004, ukuze ugubhe iSikhumbuzo sokufa kukaJesu? Lesi Sikhumbuzo siyogujwa emhlabeni wonke oFakazi BakaJehova ezindaweni zabo zokuhlangana. Uma uba khona, uyozuza ngokulalela inkulumo ebaluleke kakhulu yeBhayibheli. Uyokhunjuzwa izinto eziningi uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu abasenzele zona. Kuyokuzuzisa ngokomoya futhi ukuhlangana nalabo abamhlonipha ngokujulile uNkulunkulu noKristu nomhlatshelo wesihlengo kaJesu. Lesi senzakalo singaqinisa isifiso sakho sokuthola umusa ongafanelwe kaNkulunkulu, kuholele ekuphileni okuphakade. Ungavumeli lutho lukuvimbele. Yiba khona kulesi Sikhumbuzo esithinta inhliziyo esidumisa futhi sijabulise uBaba osezulwini, uJehova uNkulunkulu.
[Isithombe ekhasini 5]
Ukufa kukaJesu kuhilela izenzo ezimbili zokubonakaliswa kothando olukhulu
[Isithombe ekhasini 6]
Isinkwa esingenamvubelo newayini yizifanekiselo ezifanelekayo zomzimba kaJesu ongenasono negazi lakhe elachitheka